Umbono WeBhayibheli
Ingabe UNkulunkulu Uyakujabulela Ukusibona Sihlupheka?
NJENGOBA izabalaza ithwele isiphambano sokhuni esikhulu esisindayo, indoda iyakhubeka phakathi kwezixuku njengoba kuconsa igazi emqheleni wameva osekhanda layo. Lapho isisendaweni “ezobulawelwa” kuyo, ilaliswa phezu kwesiphambano; kuqonqothelwa izipikili ezinkulu ezandleni zayo. Iyazibhonqa ngenxa yezinhlungu njengoba izipikili zibhoboza inyama. Lapho isiphambano siphakanyiswa, ubuhlungu buba obunjunjuthayo. Ngokwe-Panorama, umagazini wasePhilippines, imikhuba yenkolo ezwisa ubuhlungu kanjalo ivamile ukwenziwa phakathi nemikhosi yeSonto Elingcwele ePhilippines.
Lokho okusanda kuchazwa umbukiso womdlalo wosuku lwanamuhla wokuhlupheka kukaJesu. Kodwa lendoda ayidlali nje isigcawu esithile kulowomdlalo. Izipikili, igazi, ubuhlungu—konke kungokoqobo.
Kwezinye izindawo, abakhulekeli abashisekayo bamaRoma Katolika bangabonakala obala bezibhaxabula benesifiso sokuzwa ubuhlungu obazwiwa uKristu. Ngani? Abanye bakwenza lokhu benenkolelo yokuthi ukuhlupheka kwabo kuyoveza izimangaliso, njengokuphulukiswa kwabathandekayo babo abagulayo. Abanye bakwenza ukuze bahlawulele izono, abesaba ukuthi azinakuthethelelwa uma kungachitheki igazi labo siqu. Incwadi ethi The Filipinos iyachaza: “Ubuhlungu buyihlanza kahle ingqondo nomphefumulo. . . . Isoni kufanele siphume ebuhlungwini sihlanzwe izono futhi sethulwe imithwalo.”
Nokho, ukuzizwisa ubuhlungu akugcini kuphela kumaKatolika asePhilippines. Abantu bezinkolo namazwe ahlukahlukene bakholelwa ukuthi ukuzizwisa ubuhlungu kuhle ngandlela-thile kuNkulunkulu.
Ngokwesibonelo, lapho efuna iqiniso, uBuddha, uSiddhārtha Gautama, washiya umkakhe nendodana yakhe waya ehlane, lapho ahlala khona iminyaka eyisithupha ephila ngokuzincisha injabulo. Wayehlala kabuhlungu amahora amaningi futhi kamuva wathi wayephile isikhathi eside ngohlamvu lwelayisi ngosuku, wonda kangangokuba wathi: “Ngahwabheka ngaba ngangothi lokuvungula.” Kodwa asikho isilinganiso sobuhlungu azizwisa bona esakwazi ukuletha ukukhanyiselwa ayekufuna.
Ngokufanayo, ama-fakir amaHindu aseNdiya ayezijezisa ngezindlela ezihlukahlukene ngezinye izikhathi ezazizimbi kakhulu—ukulala emlilweni, ukugqolozela ilanga aze abe izimpumputhe, ukuma isikhathi eside ngomlenze owodwa noma ngezinye izindlela ezinzima. Ubuhle babanye abazincisha injabulo kwakucatshangwa ukuthi bukhulu kangangokuba babungavikela idolobha ekuhlaseleni kwesitha.
Ngokufanayo, iBhayibheli likhuluma ngabakhulekeli bakaBali ababezisika “ngawomese nangemikhonto ngomthetho wabo, kwaze kwatshaza igazi kubo” bezama ukuthola ukunakekela kukankulunkulu wabo kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya.—1 AmaKhosi 18:28.
“Kumelwe Nihluphe Imiphefumulo Yenu”
Nakuba kuyiqiniso ukuthi uJehova wayala isizwe sakhe esikhethiweyo: “kumelwe nihluphe imiphefumulo yenu,” ngokuvamile lokhu kuqondwa njengokusho ukuzila ukudla. (Levitikusi 16:31, NW) Ukuzila ukudla okunjalo kwakuwukubonakaliswa kokudabuka nokuphenduka ezonweni noma sasikwenza lapho singaphansi kwezimo ezicindezelayo. Ngakho, ukuzila ukudla kwakungeyona indlela yokuzijezisa kodwa kwakumelela ukuzithoba komuntu kuNkulunkulu.—Ezra 8:21.
Nokho, kwakunamanye amaJuda enza iphutha ngokucabanga ukuthi bona kanye ubuhlungu obabuhilelekile ekuhlupheni umphefumulo babubuhle futhi buphoqa uNkulunkulu ukuba naye awanikeze okuthile. Lapho umvuzo onjalo ungatholakali, ngokugabadela abuza uNkulunkulu ngenkokhelo ayecabanga ukuthi ayeyifanele: “Sizileleni ukudla, ungaboni, na? Sizihlupheleni izinhliziyo [“imiphefumulo,” NW] zethu, ungakwazi, na?”—Isaya 58:3.
Kodwa ayenephutha. Ukuzila ukudla okufanele ngokwenkolo kwakungahileli ukuzincisha injabulo, ukuhlupha umzimba ngendlala njengokungathi ubuhlungu bomzimba noma ukuphatheka kabi ngokwakho kwakukuhle ngandlela-thile. Umzwelo onamandla wawungase unciphise ukulamba kwawo. Uma ingqondo igxile ezinkingeni ezicindezelayo, umzimba ungase ungakufisi ukudla. Lokhu kubonisa uNkulunkulu imizwa enamandla yalowo ozile ukudla.
Ingabe UNkulunkulu Uyajabula Lapho Umuntu Ezizwisa Ubuhlungu?
Kuyamjabulisa yini uMdali onothando ukubona abantu bezihlukumeza? Nakuba kuyiqiniso ukuthi ngezinye izikhathi amaKristu angase aphoqeleke ukuba abe ‘abahlanganyeli ezinhluphekweni zikaKristu,’ lokhu akusho ukuthi ahamba ephehla udweshu noma efuna ukufa njengabafel’ ukholo.—1 Petru 4:13.
Ngokuqinisekile, uJesu wayengeyena nakancane umuntu ozincisha injabulo. Abaholi benkolo bakhononda ngoba abafundi bakhe babengakuzili ukudla, futhi baze bammangalela ngokuba “umuntu ominzayo nojwayele ukuphuza iwayini.” (Mathewu 9:14; 11:19) UJesu wabonisa ukulinganisela kuzo zonke izinto futhi akazange afune ukuba yena noma abanye benze okungaphezu kwalokho ababengakwenza.—Marku 6:31; Johane 4:6.
Akukho ndawo emiBhalweni lapho sithola khona isisekelo sokuzincisha injabulo, njengokungathi ukuzincisha izinto esizidingayo noma ngisho ukunethezeka kokuphila kungasilethela umusa kaNkulunkulu. Qaphela amazwi kamphostoli uPawulu ngokuphathelene nemikhuba enjalo ebuhlungu: “Ngempela, zona kanye lezozinto zinokubonakala kokuhlakanipha ngendlela yokukhulekela abazimisele yona nokuthobeka-mbumbulu, ukuphatha umzimba kanzima; kodwa azisizi ngalutho ekulwisaneni nokwanelisa inyama.”—Kolose 2:23.
UMartin Luther, lapho eseyindela, wazihlukumeza ngokoqobo. Nokho, kamuva wamelana nemikhuba enjalo, ethi ikhuthaza umqondo wokuthi kunezindlela ezimbili eziya kuNkulunkulu, ephakeme nephansi, kuyilapho imiBhalo ifundisa indlela eyodwa kuphela eyisa ensindisweni—ukuba nokholo kuJesu Kristu nakuYise, uJehova. (Johane 17:3) Ngakolunye uhlangothi, imikhuba yenkolo ebangela ubuhlungu yayibhekwa abanye njengendlela yokuzisindisa.
Incwadi ethi Church History in Plain Language ithi ngokuzincisha injabulo: “Ukusekela wonke lomzamo kwakuwumbono onephutha ngomuntu. Izindela zithi umphefumulo uboshelwe esidunjini njengesiboshwa. Lowo akuwona umbono weBhayibheli ngokuphila komuntu.” Yebo, wona kanye umbono wokuthi ukuzizwisa ubuhlungu kungamjabulisa uNkulunkulu awuhambisani nemiBhalo. Usekelwe emangeni obuGnostic wokuthi yonke into ehlobene nomuntu yimbi futhi kufanele ixhashazwe kakhulu ngangokunokwenzeka ukuze umuntu athole insindiso.
Njengoba uJehova efuna ukuba sijabule, ukukhonza uNkulunkulu onjalo ojabulayo akuyona indaba yokuzincisha injabulo. (UmShumayeli 7:16) Ngakho, akukho ndawo emiBhalweni lapho sitshelwa khona ukuthi ukuzizwisa ubuhlungu kuyindlela eyisa ensindisweni. Ngokuphambene, iZwi likaNkulunkulu likwenza kucace ukuthi okusihlanza kuzo zonke izono igazi likaKristu, kanye nokukholelwa kwethu kulo.—Roma 5:1; 1 Johane 1:7.