Sondela KuNkulunkulu
UMahluleli Onamathela Kokulungile
ABAHLULELI abangabantu bangase bakhiphe izahlulelo ezingenabo ubulungisa noma babe nesandla esiqine ngokweqile, kodwa akunjalo ngoJehova uNkulunkulu—“umthandi wobulungisa.” (IHubo 37:28) Nakuba ebekezela, akatotosi. Unamathela kokulungile. Ake ubone indlela akusingatha ngayo ukuxabana nokudlubundela okulandiswa kuNumeri isahluko 20.
Ngasekupheleni kohambo lwawo lwasehlane, ama-Israyeli ahlaselwa isomiso.a Abantu baqala ukulwa noMose no-Aroni, bathi: “Nililetheleni ibandla likaJehova kuleli hlane ukuba sifele khona thina nezilwane zethu ezithwalayo?” (Ivesi 4) Abantu bakhononda bathi ihlane ‘laliyindawo embi’ engenawo “amakhiwane nemivini namahalananda”—zona kanye izithelo izinhloli zama-Israyeli ezazibuye nazo eZweni Lesithembiso ngaphambidlana—futhi bakhononda ngokuthi ‘ayengekho namanzi okuphuza.’ (Ivesi 5; Numeri 13:23) Eqinisweni, babesola uMose no-Aroni ngokuthi ihlane lalingafani nezwe elenile isizukulwane sangaphambili esikhonondayo esasenqabe ukungena kulo!
UJehova akabalahlanga labo bantu abathanda ukukhononda. Kunalokho, wayala uMose ukuba enze izinto ezintathu: ukuba athathe induku yakhe, abize bonke abantu, bese ‘ekhuluma nedwala phambi kwamehlo abo ukuba likhiphe impela amanzi alo.’ (Ivesi 8) UMose wayilalela imiyalo emibili, kodwa akawulalelanga owesithathu. Kunokukhuluma nedwala enokholo kuJehova, wakhulumisa abantu ngesankahlu, wathi: “Yizwani manje, nina zidlubulundi! Ingabe sizonikhiphela amanzi kuleli dwala?” (Ivesi 10; IHubo 106:32, 33) UMose wabe eseshaya idwala kabili, “kwaqala ukuphuma amanzi amaningi.”—Ivesi 11.
Lesi senzo sikaMose no-Aroni sasiyisono esibi kakhulu. UNkulunkulu wathi kubo: “[Nina madoda] nadlubulunda emyalweni wami.” (Numeri 20:24) Ngokungalaleli umyalo kaNkulunkulu, uMose no-Aroni baba yikho kanye lokho ababesola ngakho abantu—izidlubulundi. Isahlulelo sikaNkulunkulu sasicacile: UMose no-Aroni babengeke bawangenise ama-Israyeli eZweni Lesithembiso. Ingabe lesi sahlulelo sasiqine kakhulu? Cha, sasingaqinile futhi kunezizathu eziningi zalokho.
Okokuqala, uNkulunkulu wayengazange atshele uMose ukuba akhulume nabantu, ingasaphathwa-ke eyokubahlulela njengezidlubulundi. Okwesibili, uMose no-Aroni abazange bakhazimulise uNkulunkulu. UNkulunkulu wathi: “Anizange . . . ningingcwelise.” (Ivesi 12) Lapho uMose ethi “sizonikhiphela amanzi,” wakhuluma njengokungathi nguye no-Aroni—hhayi uNkulunkulu—ababenze ukuba lawo manzi aphume ngokuyisimangaliso. Okwesithathu, lesi sahlulelo sasingahlukile kulezo uNkulunkulu ayeke wazikhipha ngaphambili. Wenqabela isizukulwane sangaphambili ukungena eKhanani, ngakho wenza okufanayo nakuMose no-Aroni. (Numeri 14:22, 23) Okwesine, uMose no-Aroni babengabaholi bama-Israyeli. UNkulunkulu ulindele okukhulu kulabo abaphathise okukhulu.—Luka 12:48.
UJehova unamathela kokulungile. Ngenxa yokuthi uthanda ubulungisa, akakwazi ukukhipha izahlulelo ezenzelelayo noma ezingenabulungisa. Ngokusobala, lo maHluleli uyakufanelekela ukwethenjwa nokuhlonishwa.
[Umbhalo waphansi]
a Ngemva kokuphuma eGibhithe, ama-Israyeli ayemagange ukungena eKhanani, izwe uNkulunkulu ayelithembise u-Abrahama. Kodwa lapho izinhloli eziyishumi zibuya nombiko omubi, abantu bakhononda ngoMose. UJehova wabe esebajezisa ngokuthi babezochitha iminyaka engu-40 ehlane—isikhathi eside ngokwanele ukuba kufe sonke leso sizukulwane esivukelayo.