Imifanekiso EseBhayibhelini—Ingabe Uyayiqonda?
ISITHOMBE singasho okuningi, kodwa ngezinye izikhathi igama elilodwa noma amabili angakha isithombe. IBhayibheli liqukethe imifanekiso eminingi, noma amazwi enza umfundi ayibone ngeso lengqondo leyo nto.a Ngokwesibonelo, uJesu wasebenzisa imifanekiso ehlukahlukene engaphezu kuka-50 entshumayelweni yakhe ebizwa ngokuthi iNtshumayelo YaseNtabeni.
Kungani kufanele ube nesithakazelo kule mifanekiso? Esinye isizathu siwukuthi uma uyiqonda, izinto ozifunda eBhayibhelini ziyozwakala kakhudlwana, uzijabulele futhi ulazise nakakhulu iZwi likaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, uma ukwazi ukubona ukuthi leyo mifanekiso isho ukuthini, uyosiqonda kangcono isigijimi seBhayibheli. Empeleni, ukungawuqondi umfanekiso oseBhayibhelini kungase kungagcini ngokudida, kodwa kungaholela naseziphethweni ezingafanele.
Ukuqonda Imifanekiso
Imifanekiso ihlobanisa iphuzu elithile nelinye. Iphuzu elisuke lihlotshaniswa libizwa ngokuthi iphuzu eliyinhloko, bese okuhlotshaniswa nakho kubizwa ngokuthi okufanekiswa ngakho. Ukuhlobana kwalokhu okubili kubizwa ngokuthi isici okufana ngaso. Ngakho-ke, ukuze uqonde lokho okushiwo umfanekiso kufanele ukwazi ukubona nokuqonda ngasinye salezi zici ezintathu.
Ngezinye izikhathi, kungase kube lula impela ukubona iphuzu eliyinhloko nokufanekiswa ngakho. Kodwa kuningi okungase kushiwo ngokuqondene nesici lawo maphuzu afana ngaso. Yini engakusiza ukubone ngokuthe ngqo ukufana? Ngokuvamile, impendulo itholakala emongweni.b
Ngokwesibonelo, uJesu watshela ibandla laseSardesi: “Ngokuqinisekile ngaphandle kokuba uvuke, ngiyofika njengesela.” Lapha, uJesu wayefanisa ukuza kwakhe (iphuzu eliyinhloko) nokuza kwesela (okufanekiswa ngakho). Kodwa kukuphi ukufana? Umongo uyasisiza. UJesu waqhubeka wathi: “Ngeke wazi nhlobo ukuthi iliphi ihora engiyokufikela ngalo.” (IsAmbulo 3:3) Ngakho, lesi sifaniso asisitsheli injongo yokuza kwakhe. Wayengasho ukuthi wayezoza azontshontsha okuthile. Kunalokho, wayesho ukuthi wayeyofika engalindelwe futhi engashongo.
Nokho, ngezinye izikhathi umfanekiso ovela kwelinye ivesi leBhayibhelini ungakusiza ukuba uqonde umfanekiso ofanayo okwelinye ivesi. Ngokwesibonelo, umphostoli uPawulu wasebenzisa umfanekiso ofana nalowo owasetshenziswa uJesu. Wabhala: “Nina ngokwenu nazi kahle ukuthi usuku lukaJehova luza ngokufana ncamashí nesela ebusuku.” (1 Thesalonika 5:2) Umongo wamazwi kaPawulu awusibonisi ngokucacile ukuthi kufana ngani. Kodwa ukuhlobanisa lo mfanekiso nalowo owasetshenziswa uJesu kuyisAmbulo 3:3 kungakusiza ukuba uqonde isici okufana ngaso. Yeka ukuthi lo mfanekiso uyisikhumbuzo esinamandla kanjani sokuthi wonke amaKristu eqiniso kumelwe ahlale ephapheme ngokomoya!
Imifanekiso Esifundisa NgoNkulunkulu
Akekho umuntu ongaziqonda zonke izici zobuntu namandla oMninimandla onke. Endulo, iNkosi uDavide yabhala yathi “ubukhulu [bukaJehova] abuphenyeki.” (IHubo 145:3) Ngemva kokucabanga ngendalo kaNkulunkulu, uJobe wababaza: “Bheka! Lawa amaphethelo ezindlela zakhe, futhi yeka ukuthi okuzwakele ngaye kuwumnyenyezo omncane kangakanani wendaba! Kodwa ubani ongabonisa ukukuqonda ukuduma kwakhe okunamandla?”—Jobe 26:14.
Nakuba kunjalo, iBhayibheli lisebenzisa imifanekiso ukuze likusize ukwazi ukuziqonda ngokusesilinganisweni izimfanelo ezimangalisayo zikaNkulunkulu wethu osezulwini. UJehova uchazwa ngokuthi uyiNkosi, uMniki-mthetho, uMahluleli neQhawe—ngokusobala othile okufanele umhloniphe. Uchazwa nangokuthi unguMalusi, uMeluleki, uMfundisi, uBaba, uMphulukisi noMsindisi—umuntu ongakwazi ukumthanda. (IHubo 16:7; 23:1; 32:8; 71:17; 89:26; 103:3; 106:21; Isaya 33:22; 42:13; Johane 6:45) Ngayinye yalezi zincazelo ezilula yakha izithombe eziphilayo engqondweni futhi yenze sibone nezici eziningi okufana ngazo. Imifanekiso enjengale isitshela okuningi ngoJehova, amagama amaningi abengeke akwazi ukusitshela kona.
IBhayibheli libuye lifanise uJehova nezinto ezingaphili. Uchazwa ngokuthi “iDwala” nangokuthi ‘uyisiphephelo.’ (2 Samuweli 23:3; IHubo 18:2; Duteronomi 32:4) Kuyini ukufana lapha? Njengoba nje idwala elikhulu linganyakazi, noJehova uNkulunkulu angaba uMthombo wesivikelo.
Incwadi yamaHubo igcwele imifanekiso echaza izici ezihlukahlukene zobuntu bukaJehova. Ngokwesibonelo, iHubo 84:11 lithi “uyilanga nesihlangu” ngoba unguMthombo wokukhanya, ukuphila, amandla nesivikelo. Ngakolunye uhlangothi, iHubo 121:5 lithi “uJehova ungumthunzi wakho esandleni sakho sokunene.” Njengoba nje umthunzi ungakuvikela elangeni elikhipha umkhovu etsheni, noJehova angabavikela labo abamkhonza beshiswa yizinsizi, abanikeze isivikelo esinjengomthunzi ngaphansi ‘kwesandla’ nangaphansi ‘kwamaphiko’ akhe.—Isaya 51:16; IHubo 17:8; 36:7.
Imifanekiso Echaza UJesu
IBhayibheli libiza uJesu ngokuphindaphindiwe ngokuthi ‘uyiNdodana kaNkulunkulu.’ (Johane 1:34; 3:16-18) Abanye abantu abangewona amaKristu bakuthola kunzima ukukuqonda lokhu ngoba uNkulunkulu akanayo inkosikazi engokoqobo futhi akasona isidalwa esifana nathi. Ngokusobala, uNkulunkulu akanakuzala indodana njengoba kwenza abantu. Ngakho le nkulumo iwumfanekiso. Injongo yayo iwukusiza umfundi aqonde ukuthi ubuhlobo bukaJesu noNkulunkulu bufana nobuhlobo indodana engumuntu enabo noyise. Lo mfanekiso ugcizelela nokuthi uJesu wakunikwa uJehova ukuphila. Ngendlela efanayo, umuntu wokuqala, u-Adamu, naye ubizwa ngokuthi ‘uyindodana kaNkulunkulu.’—Luka 3:38.
UJesu wasebenzisa imifanekiso ukuze achaze izindima ezihlukahlukene anazo ekugcwalisekeni kwenjongo kaNkulunkulu. Ngokwesibonelo, wathi: “Mina ngingumvini weqiniso, uBaba ungumlimi.” Wabe esefanisa abafundi bakhe namagatsha omvini. (Johane 15:1, 4) Yimaphi amaphuzu abalulekile afundiswa yilo mfanekiso? Sifunda ukuthi ukuze ahlale ephila futhi ethela, amagatsha omvini kumelwe ahlale esesiqwini sesihlahla. Ngokufanayo, abafundi bakaKristu kumelwe bahlale bemunye naye. UJesu wathi: “Ngaphandle kwami ningenze lutho.” (Johane 15:5) Njengoba nje umlimi elindela ukuba umvini ukhiqize izithelo, noJehova ulindele ukuba labo abasebunyeni noKristu bakhiqize izithelo ezingokomoya.—Johane 15:8.
Sithole Kahle Isici Amaphuzu Afana Ngaso
Singase sithole okungeyikho ngokumane sifunde umfanekiso kodwa singatholi ukuthi uqondeni. Ngokwesibonelo, amazwi akweyabaseRoma 12:20 athi: “Uma isitha sakho silambile, siphe ukudla; uma somile, sinike okokuphuza; ngoba ngokwenza lokhu uyonqwabelanisa amalahle avuthayo phezu kwekhanda laso.” Ingabe ukunqwabelanisa amalahle avuthayo phezu kwekhanda lomuntu kusho ukuziphindiselela? Cha, akunjalo uma siliqonda ngempela iphuzu eliqondiwe. Lo mfanekiso ususelwa enqubweni yasendulo yokuncibilikisa insimbi. Insimbi engahluziwe yayifakwa esithandweni somlilo, kufakwe namalahle ngaphansi nangaphezu kwayo. La malahle ayeyishisisa kakhulu insimbi eqinile ize incibilike iphume emanyeleni ensimbi engahluziwe. Ngokufanayo, ukubonisa umuntu ophikisayo umusa kuyothambisa isimo sakhe sengqondo, kumenze aveze izimfanelo ezinhle.
Ukuyiqonda ngokunembile imifanekiso akugcini nje ngokuyicacisa, kodwa kuthinta nezinhliziyo zethu. Sizwa ukusinda kwesono lapho sifaniswa necala elinjengesikweletu. (Luka 11:4) Kodwa lapho uJehova esithethelela futhi esula amacala ethu anjengesikweletu, yeka impumuzo esiyitholayo! Lapho sitshelwa ukuthi uJehova ‘umboza’ futhi ‘usula’ izono zethu—njengokungathi usula isiledi—sithola isiqinisekiso sokuthi ngeke asikhumbuze amaphutha ethu esikhathini esizayo. (IHubo 32:1, 2; IzEnzo 3:19) Yeka indlela okududuza ngayo ukwazi ukuthi uJehova angazenza zibe mhlophe njengeqhwa izono ebezibomvu okwegazi!—Isaya 1:18.
Lena imifanekiso embalwa kweminingi etholakala eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Ngakho-ke, lapho ufunda iBhayibheli lakho, yinake ngokukhethekile imifanekiso. Zinike isikhathi ukuze uthole ukuthi iqondeni bese uzindla ngakho. Ukwenza kanjalo kuyokwenza uyiqonde futhi uyazise nakakhulu imiBhalo.
[Imibhalo yaphansi]
a Igama elithi “imifanekiso” njengoba lisetshenziswe kulesi sihloko, lihlanganisa zonke izifenqo—izingathekiso, izifaniso nezinye izinkulumo ezinjalo.
b I-encyclopedia yeBhayibheli i-Insight on the Scriptures etholakala ngemiqulu emibili futhi enyatheliswa oFakazi BakaJehova, inokwaziswa okuningi okucwaningisisiwe, ezikhathini eziningi okusizayo ekuchazeni isici okufana ngaso.
[Ibhokisi ekhasini 13]
Indlela Imifanekiso Esiza Ngayo
Imifanekiso isisiza ngezindlela eziningi. Iphuzu elinzima lingase lifaniswe nokuthile esikuqonda kahle. Kungase kusetshenziswe umfanekiso ongaphezu kowodwa ukuze kucaciswe izici eziningana zendaba ethile. Amaphuzu abalulekile angase agcizelelwe ngokusebenzisa imifanekiso noma angase enziwe akhange ngokwengeziwe.
[Ibhokisi ekhasini 14]
Thola Izici Ezihlukahlukene
UMFANEKISO: “Nina ningusawoti womhlaba.” (Mathewu 5:13)
IPHUZU ELIYINHLOKO: Nina (Abafundi bakaJesu)
OKUFANEKISWA NGAKHO: Usawoti
ISICI OKUFANA NGASO: Ukulondoloza
ISIFUNDO: Abafundi babeshumayela isigijimi esasingalondoloza ukuphila kwabantu abaningi
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 15]
“UJehova unguMalusi wami. Ngeke ngintule lutho.”—IHUBO 23:1