Yenza Izingalo ZikaJehova Zaphakade Zibe Insika Yakho
“UNkulunkulu waphakade uyindawo yakho yokuhlala, futhi ngaphansi kunezingalo zaphakade.”—DUTERONOMI 33:27, American Standard Version.
1, 2. Kungani abantu bakaJehova bengaqiniseka ngokuthi uyobasekela?
UJEHOVA uyabanakekela abantu bakhe. Phela, phakathi nakho konke ukukhathazeka kwamaIsrayeli, “wahlupheka naye”! Ngothando nangesihawu, ‘wawanqukula, wawathwala.’ (Isaya 63:7-9) Ngakho uma sithembekile kuNkulunkulu, singaqiniseka ukuthi uzosisekela.
2 Umprofethi uMose wathi: “UNkulunkulu wasendulo uyisiphephelo, nangaphansi zikhona izingalo ezingunaphakade.” (Duteronomi 33:27) Enye inguqulo ithi: “UNkulunkulu waphakade uyindawo yakho yokuhlala, futhi ngaphansi kunezingalo zaphakade.” (American Standard Version) Kodwa izingalo zikaNkulunkulu zizisekela kanjani izinceku zakhe?
Kungani Kunobunzima Obuningi Kangaka?
3. Kunini lapho isintu esilalelayo siyokujabulela khona ngokugcwele “ukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu”?
3 Ukukhonza uJehova akusivikeli ebunzimeni obuvamile kubantu abangaphelele. Inceku kaNkulunkulu uJobe yathi: “Umuntu ozelwe ngowesifazane imihla yakhe mifushane, igcwele ukuyaluza.” (Jobe 14:1) Ngokuphathelene ‘nezinsuku zeminyaka yethu,’ umhubi wathi: “ukuvama kwazo kungukuhlupheka nelize.” (IHubo 90:10) Ukuphila kuyoba ngaleyondlela kuze kube yilapho ‘okudaliweyo kukhululwa ebugqileni bokubhubha, kube-ngukukhululeka kwenkazimulo yabantwana bakaNkulunkulu.’ (Roma 8:19-22) Lokho kuyokwenzeka phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. Ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo, ngalesosikhathi izikhonzi zalowoMbuso ezingabantu ziyokhululwa esonweni nasekufeni. Ngasekupheleni kweMinyaka Eyinkulungwane, uKristu kanye namakhosi angabapristi akanye naye bayobe sebesize isintu esilalelayo ukuba sifinyelele ukuphelela, futhi labo abayothembeka kuNkulunkulu phakathi novivinyo lokugcina oluvela kuSathane namademoni akhe amagama abo ayobhalwa ingunaphakade “encwadini yokuphila.” (IsAmbulo 20:12-15) Khona-ke bayoyijabulela ngokugcwele inkululeko ekhazimulayo yabantwana bakaNkulunkulu.
4. Esikhundleni sokukhononda ngezimo zethu ekuphileni, yini okufanele siyenze?
4 Okwamanje, esikhundleni sokukhononda ngezimo zethu ekuphileni, masithembele kuJehova. (1 Samuweli 12:22; Juda 16) Futhi masibonge ngalomPristi wethu Omkhulu, uJesu, esingasondela ngaye kuNkulunkulu “ukuba samukeliswe isihawu, sifumane umusa wokusiza ngesikhathi esifaneleyo.” (Heberu 4:14-16) Akufanele sifane noAdamu. Empeleni, wamangalela uJehova ngokungafanele ngokuthi umnikeze umfazi ongalungile, ethi: “Owesifazane, owangipha yena ukuba abe-nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.” (Genesise 3:12) UNkulunkulu usinikeza izinto ezinhle futhi akasiletheli ubunzima. (Mathewu 5:45; Jakobe 1:17) Ngokuvamile izinkathazo zibangelwa ukuntula kwethu ukuhlakanipha noma zibangelwe amaphutha omunye umuntu. Futhi zingase zisehlele ngenxa yokuthi sinesono futhi siphila ezweni elisemandleni kaSathane. (IzAga 19:3; 1 Johane 5:19) Nokho, izingalo zikaJehova zaphakade njalo ziyazisekela izinceku zakhe ezithembekile ezithembela kuye ngomthandazo nezisisebenzisa ekuphileni kwazo siqu iseluleko seZwi lakhe.—IHubo 37:5; 119:105.
Ukusekelwa Phakathi Nokugula
5. Isiphi isikhuthazo abagulayo abangasithola kumaHubo 41:1-3?
5 Ngezinye izikhathi ukugula kubangela iningi lethu ukukhathazeka. Nokho, uDavide wathi: “Ubusisiwe onakekela ohluphekayo; uJehova uyakumsindisa osukwini olubi. UJehova uyakumlondoloza, amphilise; uyakubusiswa [“kuyothiwa uyajabula,” NW] emhlabeni; awuyikumnikela entandweni yezitha zakhe. UJehova uyakumphasa ecansini egula; wena uyakuguqula ukhukho lwakhe ekuguleni kwakhe.”—IHubo 41:1-3.
6, 7. UNkulunkulu wamsiza kanjani uDavide lapho esokhukhweni, futhi lokhu kungazikhuthaza kanjani izinceku zikaJehova namuhla?
6 Umuntu ocabangelayo usiza abasweleyo. ‘Usuku olubi’ lungaba yinoma yisiphi isikhathi senhlekelele noma inkathi ende yobunzima eyenza umuntu abe buthakathaka. Uthembela kuNkulunkulu ukuba amlondoloze phakathi nokuba buthakathaka, futhi abanye ‘bathi uyajabula emhlabeni’ ngokusakaza izindaba zokusebenzelana kukaJehova naye ngomusa. UNkulunkulu wamsekela uDavide “ecansini egula,” mhlawumbe phakathi nesikhathi esicindezelayo lapho indodana kaDavide uAbisalomu ifuna ukuqhwaga ubukhosi bakwaIsrayeli.—2 Samuweli 15:1-6.
7 Njengoba uDavide ayebonise ukucabangela abahluphekile, waba nomuzwa wokuthi uNkulunkulu wayezomsekela lapho ayengenakuzisiza okhukhweni. (IHubo 18:24-26) Nakuba ayegula kakhulu, wayeqiniseka ngokuthi uNkulunkulu ‘wayeyoguqula ukhukho lwakhe,’ hhayi ngokususa ukugula ngokuyisimangaliso, kodwa ngokumqinisa ngemicabango eduduzayo. Kwakuyoba sengathi uJehova wayeguqula ukhukho lwakhe lokugula luba ukhukho lokululama. Ngokufanayo, uma sibhekene nokugula njengezinceku zikaNkulunkulu, izingalo zikaJehova zaphakade ziyosisekela.
Induduzo Kwabacindezelekile
8. Omunye umKristu ogulayo uye wakubonisa kanjani ukuthembela kwakhe kuNkulunkulu?
8 Ukugula kungase kubangele ukucindezeleka kwengqondo. Omunye umKristu ogula kakhulu, ngezinye izikhathi ontula amandla anele ngisho nawokuba afunde, uyalandisa: “Lokhu kungenza ngibe nemizwelo eminingi yokucindezeleka, imizwa yokuthi angibalulekile, futhi ngisho nezinyembezi.” Njengoba azi ukuthi uSathane ufuna ukumenza anqotshwe ukudumazeka, uyalwisana nakho, eqaphela ukuthi ngosizo lukaJehova ngeke ahluleke. (Jakobe 4:7) Lendoda iyisikhuthazo kwabanye abaziyo ukuthi ithembela kuNkulunkulu. (IHubo 29:11) Ngisho nalapho isesibhedlela, ishayela abagulayo ucingo nabanye ukuze ibakhe ngokomoya. Yona ngokwayo yakhiwa ukulalela amakhasethi ezingoma zoMbuso nezihloko ezikulomagazini kanye nomagazini angumngani wawo, iPhaphama!, kanye nokuhlangana namaKristu akanye nayo. Lomzalwane uthi: “Njalo ngikhuluma noJehova ngomthandazo, ngimcela ukuba anginike amandla, isiqondiso, induduzo, nosizo ukuze ngikhuthazele.” Uma ungumKristu oba nezinkinga zempilo ezingathi sína, thembela njalo kuJehova futhi wenze izingalo zakhe zaphakade zibe insika yakho.
9. Yiziphi izibonelo ezibonisa ukuthi ngezinye izikhathi ukucindezeleka kwengqondo kuyabakhathaza abantu abesaba uNkulunkulu?
9 Ukucindezeleka kuyinkinga endala. Lapho engaphansi kovivinyo, uJobe wakhuluma njengomuntu ozizwa eshiyiwe uNkulunkulu. (Jobe 29:2-5) Ukukhathazeka ngesimo esiyincithakalo seJerusalema nezindonga zalo kwamdabukisa uNehemiya, futhi uPetru wacindezeleka kakhulu ngenxa yokuphika uKristu kangangokuba wakhala kalusizi. (Nehemiya 2:1-8; Luka 22:62) UEphafrodithu wacindezeleka ngoba amaKristu eFilipi ayezwé ukuthi wayegula. (Filipi 2:25, 26) Ukucindezeleka kwahlupha amanye amaKristu eThesalonika, ngoba uPawulu wanxusa abazalwane lapho ukuba ‘bathokozise abadanileyo.’ (1 Thesalonika 5:14) Ngakho uNkulunkulu ubasiza kanjani abantu abanjalo?
10. Yini engase ibe wusizo ekuzameni ukubhekana nokucindezeleka kwengqondo?
10 Kumelwe kwenziwe isinqumo somuntu siqu ngokwelapha ukucindezeleka okukhulu.a (Galathiya 6:5) Ukuphumula ngokwanele nokusebenza ngokusesilinganisweni kungase kusize. Esikhundleni sokubheka izinkinga zizonke njengenhlupheko eyodwa enkulu, umuntu ocindezelekile angase akuthole kuwusizo ukusebenzela ukuzixazulula esingatha eyodwa ngesikhathi. Usizo olududuzayo oluvela kubadala bebandla lungase lube yinzuzo kakhulu, ikakhulukazi uma lenkinga engokomzwelo ibangela ukukhathazeka okungokomoya. (Jakobe 5:13-15) Ngaphezu kwakho konke, kubalulekile ukuthembela kuJehova, ‘siphonse izinkathazo zethu zonke phezu kwakhe, ngokuba uyasikhathalela.’ Umthandazo ophikelelayo noqotho ungalethela umuntu ‘ukuthula kukaNkulunkulu okuyolondoloza inhliziyo nemicabango ngoKristu Jesu.’—1 Petru 5:6-11; Filipi 4:6, 7.
UJehova Uyasisiza Ukuba Sikhuthazelele Ubuhlungu
11-13. Yini engasiza ekunciphiseni usizi ngenxa yokushona kothandekayo?
11 Okunye okuhlangenwe nakho okubangela ukukhathazeka ukufa kothandekayo. UAbrahama wakulilela ukushona komkakhe, uSara. (Genesise 23:2) Lapho indodana yakhe uAbisalomu ifa, uDavide wezwa ubuhlungu. (2 Samuweli 18:33) Phela, ngisho nomuntu ophelele uJesu “wakhala izinyembezi” ngokufa komngane wakhe uLazaru! (Johane 11:35) Ngakho kuba nokudabuka lapho kufa othile othandekayo. Kodwa yini engasiza ekunciphiseni usizi olunjalo?
12 UNkulunkulu usiza abantu bakhe ukuba bakhuthazelele ubuhlungu obukhulu bokushonelwa. IZwi laKhe lithi kuyoba novuko. Ngakho, ‘asidabuki njengabanye abangenalo ithemba.’ (1 Thesalonika 4:13; IzEnzo 24:15) Umoya kaJehova uyasisiza ukuba sibe nokuthula nokholo futhi sizindle ngekusasa elimangalisayo elithenjiswe eZwini lakhe, ukuze singanqotshwa ngokuphelele yimicabango yokudabuka ngothandekayo ofile. Induduzo iyatholakala futhi ekufundeni imiBhalo nokuthandaza ‘kuNkulunkulu wenduduzo yonke.’—2 Korinte 1:3, 4; IHubo 68:4-6.
13 Singathola induduzo ethembeni lovuko njengoba kwenza uJobe owesaba uNkulunkulu, owathi: “Sengathi ungangifihla [Jehova] endaweni yabafileyo, ungisithe kuze kudlule intukuthelo yakho, unginqumele isikhathi, ungikhumbule. Uma umuntu efa, uyakubuye aphile na? Bengiyakulinda zonke izinsuku zomshikashika wami, kuze kufike ukumuka kwami. Ubuyakubiza, mina ngiphendule; ubuyakulangazelela umsebenzi wezandla zakho.” (Jobe 14:13-15) Asivamile ukudabuka kakhulu lapho umngane esimthandayo ethatha uhambo, ngoba silindela ukuphinda simbone. Ubuhlungu obujulile obubangelwa ukushona kothandekayo bungase ngandlela-thile bunciphe uma sibheka ukufa komKristu othembekile ngendlela efanayo. Uma ebenethemba lasemhlabeni, uyovuswa ebuthongweni bokufa lapha emhlabeni phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane. (Johane 5:28, 29; IsAmbulo 20:11-13) Futhi uma sinethemba lokuphila emhlabeni phakade, singase sibe lapha ukuze sihlangabeze abathandekayo bethu abavusiwe.
14. Abafelokazi ababili abangamaKristu babhekana kanjani nokufa kwabayeni babo?
14 Ngemva kokushona komyeni wakhe, udade othile waqonda ukuthi kwakumelwe aqhubeke nemisebenzi yakhe yokuphila enkonzweni kaNkulunkulu. Ngaphezu kokuzigcina ematasa ‘ngokuvama njalo emsebenzini weNkosi,’ wathunga ingubo yokwendlala ngeziqephu ezingu-800. (1 Korinte 15:58) “Lona kwakuwumsebenzi omuhle,” esho, “ngoba ngaso sonke isikhathi engangisebenza ngaso ngangilalela izingoma zoMbuso namakhasethi eBhayibheli, okwakugcina ingqondo yami imatasa.” Ukukhumbula ngothando ukuvakashelwa umdala onokuhlangenwe nakho nomkakhe. Efunda eBhayibhelini, lomdala waveza ukuthi uNkulunkulu ubanakekela ngempela abafelokazi. (Jakobe 1:27) Omunye owesifazane ongumKristu akazange azivumele ukuba anqotshwe ukudumala lapho umyeni wakhe eshona. Wakwazisa ukusekela kwabangane futhi waba nesithakazelo esikhulu ngokwengeziwe kwabanye. Uthi: “Ngathandaza kaningi ngokwengeziwe futhi ngaba nobuhlobo obuseduze kakhudlwana noJehova.” Futhi yeka isibusiso okuyiso ukusekelwa yizingalo zikaNkulunkulu zaphakade!
Usizo Lapho Sona
15. Uyini umongo wamazwi kaDavide akumaHubo 19:7-13?
15 Nakuba siwuthanda umthetho kaJehova, ngezinye izikhathi siyona. Ngokungangabazeki lokhu kusenza sikhathazeke, njengoba kwenzeka kuDavide, lowo imithetho kaNkulunkulu, izikhumbuzo, imiyalo, nezinqumo zokwahlulela okwakuthandeka kakhulu kuye kunegolide. Wathi: “[I]nceku yakho iyayalwa ngayo; oyigcinayo uyakuba-nomvuzo omkhulu. Ngubani owazi iziphosiso zakhe na? Ngithethelele kwezisithekileyo. Yilonde inceku yakho nasezonweni ezihlazisayo [‘ezenzweni zokugabadela,’ NW]; mazingabusi phezu kwami. Yikhona ngiyakube ngiphelele, ngingabe ngisaba-necala eziphambekweni ezinkulu.” (IHubo 19:7-13) Make siwahlaziye lamazwi.
16. Kungani kufanele sigweme ukugabadela?
16 Izenzo zokugabadela ziyizono ezingathi sína ukwedlula amaphutha. USawulu walahlwa njengoba ayeyinkosi ngenxa yokunikela umhlatshelo ngokugabadela nangenxa yokusindisa inkosi yama-Amaleki uAgagi kanye nempango engcono kakhulu, nakuba uNkulunkulu ayeyale ukuba ama-Amaleki abhujiswe. (1 Samuweli 13:8-14; 15:8-19) Inkosi u-Uziya yashaywa ngochoko ngenxa yokuthatha ngokugabadela imisebenzi yabapristi. (2 IziKronike 26:16-21) Lapho uMphongolo wesivumelwano uyiswa eJerusalema futhi izinkomo ezazidonsa inqola zicishe ziwuwisa, uNkulunkulu washaya u-Uza wambulala ngenxa yokubamba umphongolo ngokungahloniphi ukuze ungawi. (2 Samuweli 6:6, 7) Ngakho, uma singazi ukuthi kumelwe senzeni noma ukuthi sinalo yini igunya lokwenza okuthile, kufanele sibonise ukuthobeka futhi sithintane nalabo abanokuqonda. (IzAga 11:2; 13:10) Yebo, uma sake saba ngabagabadelayo, kufanele sithandaze sicele ukuthethelelwa futhi sicele ukuba uNkulunkulu asisize siqaphele ukugabadela esikhathini esizayo.
17. Izono ezifihliwe zingamthinta kanjani umuntu, kodwa kungatholakala kanjani ukuthethelelwa nempumuzo?
17 Izono ezifihliwe zingase zibangele ukukhathazeka. NgokweHubo 32:1-5, uDavide wazama ukufihla isono sakhe, kodwa wathi: “Kwathi ngithule, amathambo ami aguga ngokububula kwami usuku lonke. Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami, uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo.” Ukuzama ukucindezela unembeza onecala kwamkhathaza uDavide, futhi usizi lwamqeda amandla njengomuthi ulahlekelwa umswakama onikeza ukuphila phakathi nesomiso noma ngesikhathi sokushisa kwasehlobo esingenamvula. Ngokusobala wahlushwa imiphumela emibi engqondweni nasemzimbeni futhi walahlekelwa injabulo ngenxa yokwehluleka ukuvuma isono. Ukuvuma isono kuNkulunkulu kuphela okungaletha ukuthethelelwa nempumuzo. UDavide wathi: “Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe, osono sakhe sisibekelwe. . . . Ngasivuma isono sami kuwe, angisifihlanga isiphambeko sami; ngathi: Ngizakuzivuma izono zami kuJehova; wena wathethelela icala lesono sami.” Usizo lothando oluvela kubadala abangamaKristu lungasiza ukuthuthukisa ukusimama okungokomoya.—IzAga 28:13; Jakobe 5:13-20.
18. Sinabuphi ubufakazi bokuthi isono singaba nemiphumela ehlala isikhathi eside, kodwa yini engaba umthombo wenduduzo ezimweni ezinjalo?
18 Isono singase sibe nemiphumela ehlala isikhathi eside. Saba kanjalo kuDavide, owaphinga noBati-Sheba, wenza iqhinga lokubulawa komyeni wakhe, wabe eseshada nalomfelokazi okhulelwe. (2 Samuweli 11:1-27) Nakuba uNkulunkulu abonisa isihe ngenxa yesivumelwano soMbuso, ukuphenduka kukaDavide, nokuphatha kwakhe abanye ngesihe, uDavide wavelelwa ‘okubi endlini yakhe.’ (2 Samuweli 12:1-12) Ingane eyazalwa ngokuphinga yafa. Indodana kaDavide uAmnoni yadlwengula uTamari udadewabo ngomzali oyedwa futhi yabulawa ngokomyalo womfowabo uAbisalomu. (2 Samuweli 12:15-23; 13:1-33) UAbisalomu wamhlaza uDavide ngokuba nobuhlobo bobulili nezancinza zikaDavide. Wazama ukuqhwaga ubukhosi kodwa wabulawa. (2 Samuweli 15:1–18:33) Namanje isono sisenayo imiphumela. Ngokwesibonelo, umenzi wobubi osusiwe angase aphenduke futhi abuyiselwe ebandleni, kodwa kungase kuthathe iminyaka ukuqeda idumela elonakele nokulimala okungokomzwelo okubangelwa isono. Okwamanje, yeka indlela okududuza ngayo ukuthethelelwa uJehova nokusekelwa yizingalo zakhe zaphakade!
Ukuhlengwa Ekucindezelekeni Esinakho
19. Umoya kaNkulunkulu ungasisiza kanjani lapho sivivinywa kanzima?
19 Lapho sivivinywa kanzima, singase sintule ukuhlakanipha okwanele namandla okwenza isinqumo futhi sisifeze. Esimweni esinjalo, umoya kaNkulunkulu “uyasisiza ebuthakathakeni bethu; ngokuba asikwazi esingakucela ngokufaneleyo, kodwa uMoya uqobo usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.” (Roma 8:26) Uma uJehova enza ushintsho ezimweni, kufanele sibonge. Nokho, ingalo yakhe ingase isisindise ngenye indlela. Uma sithandazela ukuhlakanipha, uJehova ngomoya wakhe angase asibonise lokho okufanele sikwenze futhi asinikeze amandla adingekayo okukwenza. (Jakobe 1:5-8) Ngosizo lwakhe, singakhuthazela lapho ‘sidabukiswa ngezilingo eziyizinhlobonhlobo’ futhi sidlule kuzo ngokholo oluvivinyekile noluqinile.—1 Petru 1:6-8.
20. Yini esiyoyijabulela uma ngempela senza izingalo zikaJehova zaphakade zibe insika yethu?
20 Masingalokothi sikhathale ukuphendukela kuNkulunkulu ngomthandazo. “Amehlo ami akuye uJehova njalo, ngokuba nguyena okhipha izinyawo zami enetheni,” kusho uDavide. “Phendukela kimi, ube-nomusa kimi, ngokuba nginesizungu, ngihluphekile. Izinsizi zenhliziyo yami zikhulile; ngikhiphe ezinhluphekweni zami. Bheka ukuhlupheka kwami nosizi lwami, ungithethelele zonke izono zami.” (IHubo 25:15-18) NjengoDavide, siyojabulela ukukhululwa kwaphezulu, ukuvunyelwa, nokuthethelelwa uma ngempela senza izingalo zikaJehova zaphakade zibe insika yethu.
[Umbhalo waphansi]
a Bheka izihloko ezikhuluma ngokucindezeleka kwengqondo kuPhaphama! kaNovember 8, 1987, amakhasi 17-30, neAwake! kaNovember 8, 1987, amakhasi 12-16.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ UJehova uzisiza kanjani izinceku zakhe ezigulayo?
◻ Yini engase ibe wusizo lapho sizama ukubhekana nokucindezeleka kwengqondo?
◻ Yini engasiza ekunciphiseni usizi ngenxa yokushona kothandekayo?
◻ Labo abafihla izono zabo bangayithola kanjani impumuzo?
◻ Abantu bakaJehova bangathola luphi usizo lapho bevivinywa kanzima?
[Isithombe ekhasini 16, 17]
Singathola induduzo ethembeni lovuko, njengoba kwenza uJobe owesaba uNkulunkulu