Bazali, Tholani Injabulo Ezinganeni Zenu
“Mabathokoze uyihlo nonyoko.”—IZAGA 23:25.
1. Yini eyokwenza abazali bajabule ngezingane zabo?
YEKA ukuthi kuhle kanjani ukubona isithombo sikhula siba isizemazema somuthi owenza kube kuhle futhi kube nomthunzi—ikakhulukazi uma sitshalwe futhi sanakekelwa nguwe! Ngokufanayo, abazali abanakekela izingane ezikhula zibe izinceku zikaNkulunkulu ezivuthiwe bathola injabulo enkulu kuzo, njengoba isaga seBhayibheli sisho: “Uyise wolungileyo uyakwethaba nokwethaba, nozala ohlakaniphileyo uyathokoza ngaye. Mabathokoze uyihlo nonyoko, ethabe owakubelethayo.”—IzAga 23:24, 25.
2, 3. (a) Abazali bangalugwema kanjani usizi nokubaba? (b) Izithombo nezingane kudingani ukuze kube umthombo wenjabulo?
2 Nokho, ingane ayimane nje ibe ‘elungileyo nehlakaniphileyo.’ Kudingeka umzamo omkhulu ukuze kunqandwe izingane ekubeni zibe umthombo ‘wosizi’ “nokubaba,” njengoba nokuguqula isithombo sibe isizemazema somuthi kungahilela umsebenzi. (IzAga 17:21, 25) Ngokwesibonelo, izikhonkwane zokusekela zingaqeqesha isithombo esincane ukuba sikhule siqonde futhi siqine. Ukusinisela njalo kubalulekile, futhi kungase kudingeke ukuba isithombo sivikelwe ezinambuzaneni. Ekugcineni, ukusithena kuyasiza ekuvezeni umuthi omuhle.
3 IZwi likaNkulunkulu lembula ukuthi izingane zidinga izinto ezinjengokuqeqeshwa kokuhlonipha uNkulunkulu, ukumantiswa ngamanzi eqiniso leBhayibheli, ukuvikelwa ekuxhashazweni ngokokuziphatha, nesiyalo sothando ukuze kususwe izici ezingathandeki. Ukuze bafeze lezi zidingo, obaba kakhulu, banxuswa ukuba bakhulise izingane zabo “ngesiyalo nangokuqondisa umqondo kukaJehova.” (Efesu 6:4) Kuhilelani lokhu?
Ukugcizelela IZwi LikaJehova
4. Abazali banamuphi umthwalo wemfanelo ngezingane zabo, futhi yini edingekayo ngaphambi kokuba bawufeze?
4 Inkulumo ethi ‘ukuqondisa umqondo kukaJehova’ isho ukuqondisa umcabango wethu ukuze uvumelane nentando kaJehova. Khona-ke, abazali kufanele bagxilise ukucabanga kukaJehova ngezindaba ezingqondweni zezingane zabo. Futhi kumelwe balingise isibonelo sikaNkulunkulu sokuyala ngobubele, noma ukuqeqesha okulungisayo. (IHubo 103:10, 11; IzAga 3:11, 12) Kodwa ngaphambi kokuba abazali benze lokhu, kumelwe bona ngokwabo bamukele amazwi kaJehova, njengoba umprofethi kaNkulunkulu uMose aluleka ama-Israyeli asendulo: “Lawamazwi [avela kuJehova] engikuyala ngawo namuhla ayakuba-senhliziyweni yakho.” (Omalukeke sizenzele.)—Duteronomi 6:6.
5. Abazali abangama-Israyeli kwakumelwe bazifundise nini futhi ngayiphi indlela izingane zabo, futhi kusho ukuthini ‘ukufundisa’?
5 Ukutadisha iBhayibheli njalo, ukuzindla nomthandazo, kuhlomisa abazali ukuba benze lokho uMose ayala ngakho ngokulandelayo: “Ubafundise impela [amazwi kaJehova] abantwana bakho, uwakhulume lapho uhlezi endlini yakho, nalapho uhamba endleleni, nalapho ulala, nalapho uvuka.” (Omalukeke sizenzele.) Igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi “ubafundise” lisho “ukuphinda,” “ukusho ngokuphindelela,” “ukugcizelela ngokucacile.” Phawula indlela uMose asigcizelela ngayo ngokwengeziwe isidingo sokuqokomisa amazwi kaJehova: “Uyakuwabopha abe-luphawu esandleni sakho, abe-yisikhumbuzo phakathi kwamehlo akho. Wowaloba ezinsikeni zomnyango wendlu yakho nasemasangweni akho.” Ngokusobala, uJehova ufuna ukuba abazali banikeze izingane zabo ukunaka kwasikhathi sonke nokothando!—Duteronomi 6:7-9.
6. Abazali kwakumelwe bazifundiseni izingane zabo, futhi kube nayiphi inzuzo?
6 Yimaphi “lamazwi” kaJehova abazali okwakumelwe bawafundise izingane zabo? UMose wayesanda kuphinda lokho ngokuvamile okubizwa ngokuthi iMiyalo Eyishumi, kuhlanganise nomyalo wokungabulali, wokungaphingi, wokungebi, wokunganikezi ubufakazi obungamanga nowokungahahi. Izimfuneko ezinjalo zokuziphatha, kanye nomyalo ‘wokuthanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho, nangawo wonke umphefumulo wakho, nangawo onke amandla akho,’ zaziyilokho abazali abangama-Israyeli okwakumelwe bakufundise izingane zabo ngokukhethekile. (Duteronomi 5:6-21; 6:1-5) Awuvumi yini ukuthi lolu uhlobo lokufundiswa izingane eziludingayo namuhla?
7. (a) EBhayibhelini izingane zaziqhathaniswa nani? (b) Yini manje esizoyihlola?
7 Ubaba ongumIsrayeli watshelwa: “Umkakho uyakuba-njengomnqumo othelayo phakathi kwendlu yakho, abantwana bakho babe-njengezithombo zomnqumo, bezungeza itafula lakho.” (IHubo 128:3) Nokho, ukuze abazali bathole injabulo ‘ezithonjeni’ zabo kunokuba bathole usizi, kumelwe babe nesithakazelo somuntu siqu sansuku zonke ezinganeni zabo. (IzAga 10:1; 13:24; 29:15, 17) Ake sihlole indlela abazali abangaqeqesha ngayo, banisele ngomqondo ongokomoya, bavikele, futhi bayale ngothando izingane zabo ngendlela eyokwenza ukuba bajabule ngempela ngazo.
Ukuziqeqesha Kusukela Ziseyizinsana
8. (a) Obani ababa njengezikhonkwane zokuqeqesha uThimothewu? (b) Kwaqala nini ukuqeqeshwa, futhi kwaba namuphi umphumela?
8 Cabangela uThimothewu, owathola ukusekelwa ezikhonkwaneni ezingokomfanekiso ezimbili zokuqeqesha ezazishayelelwe zaqina—unina noninakhulu. Njengoba uyise kaThimothewu ayengumGreki futhi ngokusobala engakholwa, ngunina ongumJuda, u-Evnike, noninakhulu uLowisi, abaqeqesha lomfana ‘kusukela ewusana ngemibhalo engcwele.’ (2 Thimothewu 1:5; 3:15; IzEnzo 16:1) Inkuthalo yabo ekufundiseni uThimothewu—ngisho nalapho esengumntwana—‘ngezimangaliso uJehova azenzileyo,’ yavuzwa ngokucebile. (IHubo 78:1, 3, 4) UThimothewu waba isithunywa sevangeli emazweni akude, mhlawumbe esemusha, futhi wayenengxenye evelele ekuqiniseni amabandla obuKristu akuqala.—IzEnzo 16:2-5; 1 Korinte 4:17; Filipi 2:19-23.
9. Izingane zingafunda kanjani ukugwema izingibe zokuthanda izinto ezibonakalayo?
9 Bazali, niluhlobo luni lwezikhonkwane zokuqeqesha? Ngokwesibonelo, niyafuna yini ukuba izingane zenu zibe nombono olinganiselayo ngezinto ezibonakalayo? Khona-ke kumelwe nibeke isibonelo esihle ngokungaphishekeli yonke impahla yamuva noma ezinye izinto eningazidingi ngempela. Uma nikhetha ukuphishekela izinto ezingokwenyama, ningamangali lapho izingane zenu zinilingisa. (Mathewu 6:24; 1 Thimothewu 6:9, 10) Yebo, uma izikhonkwane zokuqeqesha zingaqondile, isithombo singakhula kanjani siqonde?
10. Isiqondiso sikabani abazali okufanele basifune ngaso sonke isikhathi, futhi kufanele babe nasiphi isimo sengqondo?
10 Abazali abathola injabulo ezinganeni zabo ngaso sonke isikhathi bayofuna usizo lwaphezulu ekuziqeqesheni, becabangela njalo lokho okuyozuzisa izingane zabo ngokomoya. Umama wezingane ezine wathi: “Ngisho nangaphambi kokuba izingane zethu zizalwe, sasithandaza njalo kuJehova ukuba asisize sibe abazali abakahle, siqondiswe iZwi lakhe, futhi silisebenzise ekuphileni kwethu.” Wanezela: “Ukuthi ‘uJehova uza kuqala’ kwakungeyona nje inkulumo evamile kodwa kwakuyindlela esasiphila ngayo.”—AbAhluleli 13:8.
“Ukunisela” Njalo
11. Izithombo nezingane kudingani ukuze kukhule?
11 Izithombo zikudinga kakhulu ukuniselwa njalo, njengoba kuboniswa indlela imithi ekhula kahle ngayo eceleni komfula. (Qhathanisa nesAmbulo 22:1, 2.) Abantwana nabo bayochuma ngokomoya uma benikezwa njalo amanzi eqiniso leBhayibheli. Kodwa abazali kudingeka bacabangele ukuthi ingane yabo iyigxilisa isikhathi eside kangakanani ingqondo. Mhlawumbe izingxenye zokufundisa eziningi ezimfushane ziyophumelela kangcono kunezimbalwa ezinde. Ungakululazi ukubaluleka kwezingxenye ezimfushane ezinjalo. Ukuchitha isikhathi esithile ndawonye kubalulekile ekwakheni ukusondelana phakathi komzali nengane, ukusondelana okukhuthazwa ngokuphindaphindiwe emiBhalweni.—Duteronomi 6:6-9; 11:18-21; IzAga 22:6.
12. Kubaluleke ngani ukuthandaza nezingane?
12 Enye yezingxenye oba nazo nezingane ingaba sekupheleni kosuku. Omunye osemusha uyakhumbula: “Abazali bami babehlala esinqeni sombhede wethu njalo ebusuku basilalele lapho sithandaza.” Ngokuphathelene nokubaluleka kokwenza lokhu, omunye uthi: “Lokhu kwangijwayeza umkhuba wokuthandaza kuJehova njalo ebusuku ngaphambi kokuba ngilale.” Lapho izingane zizwa abazali bazo bekhuluma ngoJehova futhi bethandaza kuye nsuku zonke, uba umuntu ongokoqobo kuzo. Enye insizwa yathi: “Ngangicimeza ngithandaze kuJehova, ngibone umuntu wangempela onjengomkhulu. Abazali bami bangisiza ukuba ngibone ukuthi uJehova unesandla kukho konke esikwenzayo nesikushoyo.”
13. Izikhathi zokufundisa zasikhathi sonke zingahlanganisani?
13 Ukuze kusizwe izingane zamukele amanzi eqiniso leBhayibheli, abazali bangahlanganisa izinto eziningi eziwusizo esimisweni sokufundisa sasikhathi sonke. Abazali bezingane ezimbili bathi: “Zombili izingane zaqala ukuqeqeshwa ukuba zihlale zithule eHholo LoMbuso kusukela emasontweni ambalwa okuqala okuphila kwazo.” Ubaba uchaza lokho umkhaya wakhe owakwenza: “Sabhala zonke izincwadi zeBhayibheli emakhadini sase siprakthiza ukuzibeka ngokulandelana, sonke sishintshana. Izingane zazihlale zikulindele ngabomvu lokhu.” Imikhaya eminingi ihlanganisa nesikhathi sokufundisa esifushane ngaphambi kokudla noma ngemva kwako. Omunye ubaba wathi: “Isikhathi sokudla kwakusihlwa siye saba isikhathi esihle sokuxoxa ngetekisi losuku.”
14. (a) Yiziphi izinto ezivuzayo ngokomoya ezingase zenziwe nezingane? (b) Izingane zinaliphi ikhono lokufunda?
14 Izingane ziyakujabulela nokulalela izindaba zeBhayibheli ezicacile ezisencwadini ethi INcwadi Yami Yezindaba ZeBhayibheli.a “Lapho izingane zisencane,” kuphawula omunye umbhangqwana, “sasithi singahlanganisa isifundo esisodwa encwadini Yezindaba ZeBhayibheli, izingane zibe sezigqoka izingubo zidlale idrama emfushane ngezingxenye zendaba. Zazikuthanda lokhu futhi zazivame ukusicindezela ukuba sifunde nazo izifundo ezingaphezu kwesisodwa ngesikhathi.” Ungalibukeli phansi ikhono lengane yakho lokufunda! Izingane ezineminyaka emine ziye zabamba ngekhanda zonke izahluko zencwadi Yezindaba ZeBhayibheli zaze zafunda nokuzifundela iBhayibheli! Omunye osemusha ukhumbula ukuthi lapho eneminyaka engaba mithathu nengxenye ubudala, wayevame ukuphimisela kabi igama elithi “izahlulelo,” kodwa uyise wamkhuthaza ukuba aqhubeke eprakthiza.
15. Kungahlanganiswa ziphi izindaba lapho kuxoxwa nezingane, futhi kunabufakazi buni bokuthi izingxoxo ezinjalo zibalulekile?
15 Izingxenye oba nazo nezingane zakho zingasetshenziselwa nokuzilungiselela ukuba zihlanganyele nabanye amanzi eqiniso, njengokuphendula emihlanganweni. (Heberu 10:24, 25) “Lapho siprakthiza, kwakudingeka ngiphendule ngamazwi ami siqu,” kukhumbula omunye osemusha. “Ngangingavunyelwa ukuba ngifunde nje ngaphandle kokuqonda.” Ngaphezu kwalokho, izingane zingaqeqeshwa ukuba zihlanganyele ngokunengqondo enkonzweni yasensimini. Owesifazane owakhuliswa abazali abesaba uNkulunkulu uyachaza: “Asikaze sibe izingane ezilandelayo nje sihamba nabazali bethu emsebenzini wabo. Sasazi ukuthi sinengxenye, ngisho noma kwakumane nje kuwukungqongqoza emnyango sishiye ipheshana. Ngokulungiselela ngokucophelela ngaphambi komsebenzi wempelasonto ngayinye, sasikwazi esasizokusho. Asikaze sivuke ekuseni ngoMgqibelo sibuze ukuthi siyaya yini enkonzweni. Sasazi ukuthi siyaya.”
16. Kungani ukuqhuba isifundo somkhaya njalo nezingane kubalulekile?
16 Isidingo sokunika izingane amanzi eqiniso leBhayibheli njalo kufanele sigcizelelwe impela, okusho ukuthi isifundo seBhayibheli somkhaya samasonto onke sibalulekile. Uyise wezingane ezimbili uthi “into ezicasula okokugcina izingane ukuguquguquka.” (Efesu 6:4) Wathi: “Mina nomkami sakhetha usuku nesikhathi futhi saqhuba isifundo somkhaya ngokukholeka silandela leso simiso. Akuthathanga sikhathi eside ukuba izingane zilindele isifundo ngaleso sikhathi.” Konke ukuziqeqesha okunjalo kusukela ziseyizinsana kubalulekile, ngokuvumelana nesisho esithi, ‘Umuthi ugotshwa usemanzi.’
17. Yini ebaluleke njengokunikeza izingane amaqiniso eBhayibheli?
17 Ukunika izingane amaqiniso eBhayibheli kubalulekile, kodwa isibonelo sabazali sibaluleke ngendlela efanayo. Izingane zakho ziyakubona yini utadisha, uya njalo emihlanganweni, uhlanganyela enkonzweni yasensimini, yebo, ukujabulela ukwenza intando kaJehova? (IHubo 40:8) Kubalulekile ukuba zikubone. Ngokuphawulekayo, indodakazi ethile yathi ngonina owayekhuthazelele ukuphikisa komyeni wakhe, futhi owayekhulise izingane eziyisithupha zaba oFakazi abakholekile: “Okwasihlaba umxhwele kakhulu kwakuyisibonelo sikamama—sakhuluma kangcono kunamazwi.”
Ukuvikela Izingane
18. (a) Abazali bangazinikeza kanjani izingane isivikelo ezisidingayo? (b) Izingane kwa-Israyeli zazifundiswani ngezitho zomzimba zokuzala?
18 Njengoba ngokuvamile izithombo zidinga ukuvikelwa ezinambuzaneni eziyingozi, kulesi simiso sezinto esibi, izingane zidinga ukuvikelwa ‘kubantu ababi.’ (2 Thimothewu 3:1-5, 13) Abazali bangasinikeza kanjani lesi sivikelo? Ngokuzisiza ukuba zithole ukuhlakanipha kwaphezulu! (UmShumayeli 7:12) UJehova wayala ama-Israyeli—kuhlanganise “nabantwana” bawo—ukuba alalele ukufundwa koMthetho wakhe, owawuhlanganisa ukuhlukanisa ukuziphatha kobulili okufanele nokungafanele. (Duteronomi 31:12, omalukeke sizenzele; Levitikusi 18:6-24.) Kukhulunywa ngokuphindaphindiwe ngezitho zomzimba zokuzala, kuhlanganise “amasende” kanye ‘nesitho sobulili.’ (Levitikusi 15:1-3, 16, qhathanisa ne-NW; 21:20; 22:24, qhathanisa ne-NW; Numeri 25:8, qhathanisa ne-NW; Duteronomi 23:10.) Ngenxa yokonakala okukhulu kwezwe lanamuhla, izingane kudingeka zikwazi ukusetshenziswa okufanele nokungafanele kwalezo zitho zomzimba ezihlanganisiwe ekudaleni uNkulunkulu akubiza ngokuthi “kuhle kakhulu.”—Genesise 1:31; 1 Korinte 12:21-24.
19. Iyiphi imfundo efanele okumelwe inikezwe izingane ngokuqondene nezitho zangasese zomzimba wazo?
19 Okutusekayo ukuthi bobabili abazali ndawonye, noma umuntu omdala ngamunye okhulisa ingane, kufanele bachazele ingane ngezitho zangasese zomzimba wayo. Ngemva kwalokho kufanele bachaze ukuthi akekho omunye umuntu okufanele avunyelwe athinte lezi zitho. Njengoba abaxhaphazi bezingane bevame ukuhlola ukuthi izingane zisabela kanjani uma bezisondeza kuzo ngezindlela zobuqili ezisikisela ubulili, ingane kufanele ifundiswe ukuba yenqabe ngokuqinile futhi ithi, “Ngizokuceba!” Fundisa izingane zakho ukuthi ngaso sonke isikhathi kufanele zicebe noma ubani ozama ukuzithinta ngendlela eyenza zizizwe zingakhululekile, kungakhathaliseki ukuthi lowo muntu uzesabisa kanjani.
Ukunikeza Isiyalo Sothando
20. (a) Isiyalo sifana kanjani nokuthena? (b) Isiyalo simthinta kanjani umuntu ekuqaleni, kodwa uba yini umphumela?
20 Izingane ziyazuza esiyalweni sothando, njengoba nomuthi uzuza ngokuthenwa. (IzAga 1:8, 9; 4:13; 13:1) Lapho kunqunywa amagatsha angathandeki, kukhuthazwa ukukhula kwamanye. Ngakho uma izingane zakho zigxile kakhulu ezintweni ezibonakalayo noma zithambekele kubangane ababi noma ekuzijabuliseni okungekuhle, lokhu kuthambekela okubi kunjengamagatsha adinga ukunqunywa. Ukususwa kwako, kuyosiza izingane zakho ukuba zikhule ngasohlangothini olungokomoya. Ekuqaleni, isiyalo esinjalo singase singabonakali sithokozisa, njengoba nokuthena kungawuphazamisa umuthi. Kodwa umphumela omuhle wesiyalo uwukukhula okuvuselelwe ngasohlangothini ofuna ingane yakho ikhule ngalo.—Heberu 12:5-11.
21, 22. (a) Yini ebonisa ukuthi akumnandi ukunikeza noma ukwamukela isiyalo? (b) Kungani abazali kungafanele bagodle isiyalo?
21 Kuyinto eyaziwayo ukuthi akumnandi ukunikeza noma ukwamukela isiyalo. Omunye ubaba waphawula: “Indodana yami yayichitha isikhathi esiningi nosemusha abadala ababengixwayise ngokuthi akayena umngane omuhle. Kwakufanele ngithathe isinyathelo ngokushesha kunalokho engakwenza. Nakuba indodana yami ingazange ihileleke ngokuqondile ebubini obungathi sína, kwathatha isikhathi ukulungisa ukucabanga kwayo.” Indodana yaphawula: “Lapho ngihlukaniswa nomngane wami omkhulu, ngadumala.” Kodwa iyanezela: “Lesi kwakuyisinqumo esihle, ngoba ngokushesha ngemva kwalokho wasuswa ekuhlanganyeleni.”
22 ‘Ukusola ngokulaya kuyindlela yokuphila,’ kusho iZwi likaNkulunkulu. Ngakho kungakhathaliseki ukuthi kungase kube nzima kangakanani ukunikeza isiyalo, ungakugodleli izingane zakho. (IzAga 6:23; 23:13; 29:17) Ngokuhamba kwesikhathi, ziyobonga ngokuthi waziqondisa. “Ngikhumbula ngibathukuthelela kakhulu abazali bami lapho ngiyalwa,” kukhumbula osemusha. “Manje bengizothukuthela ngisho nakakhulu uma ngabe abazali bami abanginikezanga leso siyalo.”
Umvuzo Owufanele Umzamo
23. Kungani konke ukunaka kothando okunikezwa izingane kuwufanele umzamo?
23 Akungabazeki ukuthi izingane ezijabulisa abazali nabanye, ziwumkhiqizo wokunaka okukhulu kothando nokwansuku zonke. Nokho, wonke umzamo owenziwayo ngenxa yazo—noma ngabe ziyizingane ezingokwenyama noma ezingokomoya—uwufanele umvuzo ongase utholakale. Umphostoli uJohane osekhulile wakubonisa lokhu lapho ebhala: “Anginaso isizathu esikhulu sokubonga kunalezizinto, ukuba ngizwe ukuthi abantwana bami baqhubeka behamba eqinisweni.”—3 Johane 4.
[Umbhalo waphansi]
a Inyatheliswa yi-Watchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Uyakhumbula?
◻ Izithombo nezingane kudingani ukuze kube kuhle?
◻ Abazali bangaba kanjani izikhonkwane zokuqeqesha eziphumelelayo?
◻ Kungahlanganiswani ezingxenyeni zokufundisa izingane, futhi kufanele zifundiswe ukumelana nani?
◻ Isiyalo singayizuzisa kanjani ingane, njengoba nokuthena kuzuzisa umuthi?
[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]
Courtesy of Green Chimney’s Farm