Ningazibopheli Ejokeni Linye Nabangakholwayo
“Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo, ngokuba . . . Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?”—2 KORINTE 6:14, 15.
1. Kwenzeka kanjani ukuba omunye udade ashade nongakholwayo?
OMUNYE woFakazi BakaJehova osenkabeni yeNtshonalanga yeUnited States washonelwa umyeni wakhe engozini yemoto eminyakeni ethile edlule. “Ngazizwa ngilahliwe okokuqala,” ekhumbula, “kodwa ngangizimisele ukungakuvumeli lokhu kuphazamise inkonzo yami kuJehova. Nokho, ngemva kweminyaka ethile ngaqala ukuzizwa njengongadingekile phakathi kwemibhangqwana ebandleni. Mina nendodakazi yami sasingamenywa njalo lapho imikhaya ivakasha. Lapho ngiphawula imibhangqwana yamaKristu ibonisana uthando lomzwelo, ngazizwa ngilahlwe nangaphezulu. Akekho owayebonakala ephawula ukuthi ngangiba buthakathaka ngokomoya. Ngakho lapho indoda yezwe engangiyazela emsebenzini ingicela ukuba ngihambe nayo siyodla ukudla kwasemini, ngavuma. Ngingazelele, ngase ngithandana nayo. Ekugcineni, ngaba buthakathaka futhi nganqotshwa ukuba nesizungu kwami kangangokuthi ngavuma ukushada nayo.”
2. Kungani isifiso sokushada singesemvelo, futhi umshado wawuklanyelwe ukwakhani?
2 Yebo, isifiso sokuhlanganyela ukuphila nomngane singase sibe namandla kakhulu, futhi singokwemvelo. Njengoba uJehova ngokwakhe akubeka: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye [“umphelelisi,” okuthile okumfanele].” (Genesise 2:18, New World Translation Reference Bible, umbhalo waphansi.) Umshado wawuklanyelwe ukuba wakhe isibopho sobunye esihlala njalo phakathi kwendoda nomfazi. Akuyena uAdamu kodwa uJehova owathi: “Indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba-nyamanye.” (Genesise 2:22-24; qhathanisa noMathewu 19:4-6.) Mhlawumbe inhliziyo yakho ilangazelela umphelelisi onjalo.
3, 4. (a) IBhayibheli lixwayisa kanjani ngokwakha ubuhlobo obuseduze nabangakholwayo? (b) Iseluleko sikaPawulu ngokuqondene nokubophela izinto ezingafani singasebenza kanjani emshadweni? (c) AmaKristu aseKorinte ayengaliqonda kanjani igama elithi “abangakholwayo”? (Bheka umbhalo waphansi.)
3 Nokho, iBhayibheli lixwayisa ngokwakha ubuhlobo obuseduze nabantu abangakholwa. Njengoba umphostoli uPawulu akubeka: “Maningaboshelwa ejokeni linye [“Ningazibopheli neqembu eningafani nalo,” The Jerusalem Bible] nabangakholwayo,a ngokuba . . . unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?”b (2 Korinte 6:14, 15) Kungenzeka ukuthi uPawulu wayecabanga ngoMthetho kaMose owawenqabela ukubophela ejokeni elilodwa inkabi nembongolo ukuba zilime. (Duteronomi 22:10) Imbongolo incane futhi ayinamandla futhi yayiyohlupheka ngenxa yokuboshelwa ejokeni elilodwa nesilwane esingafani nayo. Njengoba umshado unjengejoka elihlanganisa indoda nomfazi ndawonye, ngomKristu ukuba ashade nongakholwayo kungaphumela ekubopheleni izinto ezingafani. (Mathewu 19:6, NW) Ukuboshelwa okunjalo ngokuvamile kuletha ukucindezeleka okwengeziwe emshadweni.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 7:28.
4 Nokho, njengoba okuhlangenwe nakho okusekuqaleni kubonisa, amanye amaKristu aye akhetha ukushada nabangakholwayo. Kungani abanye bekuthola kunzima ukushada ‘kuphela eNkosini’?—1 Korinte 7:39.
Isizathu Sokuba Abanye Babheke Kwenye Indawo
5. Bonisa ukuthi kungani abanye bethandana nabangakholwayo.
5 Akukhona ukuthi bazimisela ukungasinaki iseluleko sikaNkulunkulu. Cabanga ngesimo sikadade ongumKristu ongase afise ukushada. Angase afise ukuthola umyeni ongumKristu, kodwa bangabi bikho abazalwane abaningi abafanelekayo eqenjini lakhe labangane abakholwayo. Uyakhathazeka ngobudala bakhe. Angase afise ukuba nomkhaya. Uvalo lokukhula eyedwa nesidingo sokuzizwa ethandwa kungambeka engozini. Khona-ke, uma indoda engeyena umKristu ibonisa isithakazelo kuye, kungase kube nzima ukumelana nakho. Ingase ibonakale inomusa, nothando. Ingase ingabhemi noma isebenzise ulimi olubi. Khona-ke bese kufika ukuzikhohlisa: ‘Ingani muhle kunabazalwane abaningi engibaziyo!’ ‘Unesithakazelo sokuqhutshelwa isifundo.’ ‘Kunezehlakalo engizaziyo lapho udade eye washada nongakholwayo futhi ekugcineni waba ngokholwa kanye nathi.’ ‘Kuneminye imishado yamaKristu engaphumeleli!’—Bheka uJeremiya 17:9.
6, 7. (a) Omunye udade ongashadile wakuchaza kanjani ukukhungatheka kwakhe? (b) Imuphi umbuzo okudingeka siwucabangele?
6 Yebo, kungase kukhungathekise kakhulu ngomKristu ongashadile ofuna ukushada. Abanye baphelelwa ngisho nayithemba. “Inani labazalwane abafanelekayo lincane kakhulu,” kusho omunye udade ongashadile echaza isimo endaweni ahlala kuyo. “Kodwa inani lodade abangashadile likhulu kakhulu. Njengoba udade ezibona eba mdala, kufanele akhethe phakathi kokungashadi nhlobo noma ukushada nanoma ubani ofike kuqala.”
7 Noma kunjalo, iseluleko seBhayibheli sicacile: “Maningaboshelwa ejokeni linye nabangakholwayo.” (2 Korinte 6:14) Ingabe lesixwayiso saphezulu esonya noma sinokungacabangeli?
Ukubonakaliswa Kokunakekela KukaNkulunkulu Kothando
8. UJehova ubonise kanjani ukuthi unesithakazelo kithi?
8 UJehova uyikhathalela ngokujulile inhlaka-kahle yethu. Ingabe akazange yini anikele ngeNdodana yakhe ‘njengesihlengo sabaningi,’ okuyinto ebiza kakhulu kuye? (Mathewu 20:28) Ingabe akaYena ‘osifundisa okusisizayo’? (Isaya 48:17) Akathembisi yini ukuthi ‘akayikuvuma ukuba silingwe ngaphezu kwamandla ethu’? (1 Korinte 10:13) Khona-ke ngokunengqondo, lapho esitshela ukuba singazibopheli ejokeni linye nabangakholwayo, kumelwe ukuba unesithakazelo kithi! Cabangela indlela lesixwayiso esiwukubonakaliswa kokunakekela kothando ngayo ngathi.
9. (a) Isiphi isixwayiso uPawulu asinikezayo ngokwakha komKristu isibopho esiseduze nongakholwayo? (b) Lisho ukuthini igama lesiGreki elihunyushwe ngokuthi “ukuzwana,” futhi libufanekisa kanjani ubunzima obuphakamayo lapho umKristu ezibophela ejokeni linye nongakholwayo?
9 UMdali wayehlose ukuba umshado wakhe isibopho esiseduze phakathi kwabantu, indoda nomfazi babe “nyamanye.” (Genesise 2:24) Ingabe kuwukuhlakanipha ngomKristu ukwakha isibopho esiseduze kanjalo nongakholwayo? UPawulu uphendula ngokuphakamisa uchungechunge lwemibuzo efinyelela inhliziyo, ngamunye wayo osikisela impendulo ephikayo: “Kunakuhlanganyela kuni ukulunga nokungalungi na? Kunabudlelwane buni ukukhanya nobumnyama na? Unakuzwana kuni [ngesiGreki, sym·phoʹne·sis] uKristu noBeliyali [uSathane] na? Unasabelo sini okholwayo nongakholwayo na?” (2 Korinte 6:14, 15) Igama lesiGreki elithi sym·phoʹne·sis ngokwezwi nezwi lisho “ukwakha umsindo ndawonye” (livela kwelithi syn, “kanye na-,” nelithi pho·neʹ, “umsindo”). Libhekisela ekuzwaneni okuvezwa izinsimbi zomculo. Yiqiniso, akukho ukuzwana phakathi kukaKristu noSathane. Ngokufanayo, lapho indoda nomfazi beboshelwe ndawonye ngokungefani, kunzima ngabo ukuba ‘bashaye amanothi afanayo.’ Banjengezinsimbi zomculo ezimbili ezingezwani, eziveza umsindo obhimbayo esikhundleni somculo.
10. Yiziphi izici ezisemqoka emshadweni ojabulisayo, futhi yiziphi izinzuzo ezikhona lapho abantu beboshelwe ndawonye ngokufana?
10 Khona-ke, umuntu womoya angakujabulela kanjani ukuzwana okuphelele nomuntu wenyama? (1 Korinte 2:14) Izinkolelo, izimiso, nemigomo efanayo kuyizici ezisemqoka emshadweni ojabulisayo. Akukho okunikeza amandla amakhulu emshadweni kunokuzinikela ngobunye kuMdali. Lapho beboshelwe ndawonye ngokufana kwabo, indoda nomfazi bangakhuthazana ekukhulekeleni. Bobabili bangabheka emiBhalweni ukuze baxazulule ukungezwani kwabo. Khona-ke, akubi yini sobala ukuthi uJehova usitshela ukuba singazibopheli ejokeni linye nabangakholwayo ngenxa yokuba efuna sijabulele ubuhlobo obuseduze ngangokunokwenzeka nabangane bethu bomshado?
11. Kungani ubuhlobo bomshado nabangebona abakhulekeli babenqatshelwe kwaIsrayeli, futhi imuphi umbuzo oshukumisa ingqondo ophakanyiswayo?
11 Ukulalela isixwayiso seBhayibheli kusivikela futhi nasemiphumeleni ebuhlungu ngokuvamile eba umphumela lapho umKristu ezibophela ejokeni linye nongakholwayo. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuba ongakholwayo aphambukise umngane okholwayo ekukhonzeni uJehova. Cabanga ngesixwayiso sikaJehova esasiya kumaIsrayeli asendulo. Ubuhlobo bomshado nabangebona abakhulekeli babunqatshelwe. Ngani? “Ngokuba uyakuphambukisa indodana yakho ekungilandeleni,” kuxwayisa uJehova, “ukuba bakhonze abanye onkulunkulu.” (Duteronomi 7:3, 4) Ubhekene nokuphikisa okuvela kumngane ongakholwa, ungase uthambekele ekubeni ungamelani nakho ngokuqinile. Kulula ukucabanga ukuthi, ‘Akunakwenzeka kimi!’ Kodwa kwenzeka endodeni ehlakaniphile uSolomoni. Ingabe okufanayo akunakwenzeka kuwe?—1 AmaKhosi 11:1-6; qhathanisa neyoku-1 AmaKhosi 4:29, 30.
12. Umthetho kaNkulunkulu onqabela imishado nabafokazi waba kanjani isivikelo kumaIsrayeli? Fanekisa.
12 Ngisho noma okholwayo engase angaphambukiswa ekukhulekeleni kweqiniso, kusekhona izinkinga nokucindezeleka ezivame ukuba khona emkhayeni ohlukene phakathi ngokwenkolo. Cabanga, futhi, ngomthetho kaNkulunkulu kuIsrayeli. Ake sithi intombazane engumIsrayeli ivuma ukushada nendoda engumKhanani. Ithambekele emikhubeni yobulili eyayandile ezweni laseKhanani, lendoda yayiyoba nenhlonipho engakanani ngomthetho kaNkulunkulu waleyontombazane? Ngokwesibonelo, ingabe yayiyokuyeka ngokuzithandela ukuba nobuhlobo bobulili nayo lapho iya esikhathini, njengoba kwakufunwa uMthetho kaMose?c (Levitikusi 18:19; 20:18; qhathanisa noLevitikusi 18:27.) Endabeni yendoda engumIsrayeli eyayingashada nentombazane engumKhanani, yayiyoyisekela kangakanani lapho ihamba iya eJerusalema kathathu njalo ngonyaka ukuba iyohlanganyela emikhosini yezikhathi ezithile zonyaka? (Duteronomi 16:16) Ngokusobala, umthetho kaNkulunkulu onqabela imishado enjalo wawuyisivikelo kumaIsrayeli.
13. (a) Kungani umuntu wezwe engenaye unembeza wobuKristu oqeqeshwe ngeBhayibheli? (b) Ikuphi ukucindezeleka nezinkinga abanye ababhekana nazo emakhaya ahlukene ngokwenkolo?
13 Kuthiwani namuhla? Izindinganiso zokuziphatha zabantu bezwe zihluke ngokuphelele kulezo eziseBhayibhelini. Kungakhathaliseki ukuthi abanye abantu bezwe bangase babonakale bebahle kangakanani, abanawo unembeza wobuKristu, oqeqeshwe ngeBhayibheli. Abazange bachithe iminyaka eminingi betadisha iZwi likaNkulunkulu, ‘benza izingqondo zabo zibe zintsha’ futhi ‘bekhumula umuntu omdala.’ (Roma 12:2; Kolose 3:9) Ngakho, umKristu ozibophela ejokeni linye nongakholwayo ngokuvamile uzichaya ebuhlungwini benhliziyo obukhulu nosizi. Abanye babhekana nokucindezeleka okuphindaphindiwe kokuhlanganyela emikhubeni yobulili eyonakele noma bagubhe amaholide ezwe. Futhi abanye bakhononda nangokuba nesizungu. Njengoba omunye udade abhala: “Isizungu osizwa lapho ushade nomuntu ongamthandi uJehova singesibi kakhulu ongasicabanga. Uyabona, awunamuntu ongahlanganyela naye iqiniso, okuyinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwakho.”
14. (a) Ekhayeni elihlukene phakathi, kungani kunzima ukukhulisa abantwana “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi”? (b) Ungaba yini umphumela kubantwana abasekhaya elihlukene phakathi?
14 Ekhayeni elihlukene, kungaba nzima kakhulu ukukhulisa abantwana “ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.” (Efesu 6:4) Ngokwesibonelo, ingabe ongakholwayo uyobavumela ngokuzithandela abantwana ukuba baye emihlanganweni noma bahlanganyele enkonzweni yasensimini? Ngokuvamile abantwana bagcina behlukene phakathi othandweni lomzwelo—bayabathanda bobabili abazali, kodwa umzali oyedwa kuphela othanda uJehova. Omunye udade owashada nongakholwayo wathi: “Ngadlula ebuhlungwini benhliziyo obukhulu phakathi nomshado wami weminyaka engama-20. Amadodana ami akhula ngesiphithiphithi nangokuphazamiseka okukhulu ngokomzwelo futhi manje ayingxenye yezwe. Indodakazi yami ngokuvamile iphatheka kabi njengoba kumelwe ihlukane nami izikhathi eziningi ngenxa yamalungelo kayise okuvakasha. Zonke lezinkinga zikhona ngoba lapho ngineminyaka eyi-18 ubudala, ngakhetha ukungasinaki esinye sezimiso zikaJehova.” Siphi isimiso? Ningazibopheli ejokeni linye nabangakholwayo!
15. Kungani uJehova eseluleka ukuba singazibopheli ejokeni linye nabangakholwayo?
15 Ngokucacile, uJehova ufuna ukuba sizuze kakhulu ekuphileni. Lokho akucelayo, kuhlanganise neseluleko sakhe sokuba singazibopheli ejokeni linye nabangakholwayo, kungokwenzuzo yethu. (Duteronomi 10:12, 13) Ukushada nongakholwayo kuwukusishaya indiva iseluleko esingokomBhalo, ukuhlakanipha okunenzuzo, nokuhlangenwe nakho kwabanye okubuhlungu.
Imibuzo Evame Ukubuzwa
16, 17. (a) Uma singaqaphele, umzwelo ungakuphazamisa kanjani ukucabanga okunengqondo? (b) Ingabe kufanele iseluleko sikaNkulunkulu sishaywe indiva ngenxa yezimo ezihlukile lapho umKristu eye washada nongakholwayo futhi bobabili bakhonza uJehova? Chaza.
16 Nokho, uma singaqapheli, umzwelo ungase uphazamise ukucabanga okunengqondo. Singase siqale ukuzizwa sinombono wokuthi indaba yethu ingehlukile. Cabangela eminye yemibuzo evame ukubuzwa.
17 Kuthiwani ngezimo lapho umzalwane noma udade ashada khona nongakholwayo, futhi manje bobabili bekhonza uJehova? Noma kunjalo, izimiso zikaJehova zaphulwa. Ingabe umphumela wenza isenzo sifaneleke? Okufanekisela umbono kaNkulunkulu ngalabo abangasinaki iseluleko sakhe indaba yamaJuda ayevela ekuthunjweni eBabiloni. Lapho amanye ethatha abafazi abangamaqaba, abalobi beBhayibheli uEzra noNehemiya bageqa amagula ekumelaneni nezenzo zawo. LawomaJuda ‘ayephambukile,’ enza “okubi kakhulu,” futhi aba ‘necala.’ (Ezra. 10:10-14; Nehemiya 13:27) Okunye okumelwe kucatshangelwe: Lapho sisishaya indiva iseluleko sikaNkulunkulu, singase sizilimaze ngokomoya senza onembeza bethu babe nezibazi. Omunye udade omyeni wakhe ongakholwayo ekugcineni waba ngokholwayo, wathi: ‘Ngisalwisana nezibazi ezingokomzwelo. Angikwazi ukuchaza indlela engizizwa kabi ngayo lapho abanye besikhomba futhi bethi, “Kodwa bona kwabalungela.”’
18. Iyiphi inkambo ewukuhlakanipha uma ukhangwa othile ongakabhapathizwa, futhi ngalokho uyobe ubonisani?
18 Kuthiwani uma ukhangwa ngothile ofundelwa iBhayibheli futhi oba khona emihlanganweni, nakuba engakabhapathizwa? Siyajabula lapho othile ebonisa isithakazelo eqinisweni leBhayibheli. Nokho, umbuzo uwukuthi: Ingabe kufanele ulandele ukuthambekela kwakho? Ngobuqotho, inkambo yokuhlakanipha iwukulinda kuze kube isikhathi esithile ngemva kokuba umngane wakho esebhapathiziwe futhi ethuthuka ekubonakaliseni izithelo zomoya kaNkulunkulu ngaphambi kokuba nikhulume ngezothando. (Galathiya 5:22, 23) Kungase kungabi lula ukusebenzisa iseluleko esinjalo, kodwa ngokwenza kanjalo uyobonisa ukuzinikela ezimisweni zeBhayibheli; lokhu kuyobeka isisekelo esihle senjabulo yangempela emshadweni. Uma umngane wakho ekuthanda ngempela futhi efinyelela ekumthandeni ngempela uJehova, ngokungangabazeki uyozimisela ukulinda kuze kube yilapho nobabili ‘niseNkosini’—nizinikezele nabhapathizwa—ngaphambi kokuba nithandane. Khumbula futhi, ukuthi uthando lweqiniso aluncishiswa ukuhamba kwesikhathi.—1 Korinte 7:39; Genesise 29:20.
19. Yini okufanele uyikhumbule uma unobunzima ekutholeni umngane womshado phakathi kokholwa nabo?
19 Kuthiwani uma unenkinga ekutholeni umngane womshado ofanelekayo phakathi kokholwa nabo? “Ngineminyaka engama-26 ubudala, angishadile, futhi nginesizungu ngempela,” kusho omunye udade. Yiqiniso, ukuba wedwa kungase kube nzima ngawe, kodwa izinkinga ezingumphumela wokuboshelwa emshadweni nomuntu ongafani nawe zingaba nzima ngokungaphezulu! Ukulalela iseluleko sikaNkulunkulu kungase kudinge ukholo, ukuzithiba, nokubekezela, kodwa qiniseka ukuthi uNkulunkulu wazi okungcono kakhulu ngawe futhi ukufisela khona. (1 Petru 5:6, 7) Kucabangele ngomthandazo, futhi lindela uJehova. (IHubo 55:22) Kulesimiso sezinto, akekho onokuphila okwanelisa ngokuphelele. Inhliziyo yakho ingase ilangazelele umngane. Nokho, abanye banezinkinga zabo, ezinye ezingenalo ikhambi kulesimiso. Kusezweni elisha elizayo kuphela lapho “ukufisa kwakho konke okuphilayo” kuyokwaneliswa khona ngokuphelele.—IHubo 145:16.
20. Omunye udade ongashadile wakuzwakalisa kanjani ukuzimisela kwakhe, futhi ngokuzimisela ngendlela efanayo, ikuphi ukwaneliseka ongase ube nakho?
20 Okwamanje, zimisele ukuba ungazibopheli ejokeni linye nongakholwayo. Udade ongashadile oneminyaka engama-36 ubudala wazwakalisa ukuzimisela kwakhe ngalendlela: “Ngithandaza kuJehova nsuku zonke ngicela umngane womshado. Anginaso isifiso sokubheka ngaphandle kwenhlangano kaJehova, kodwa izilingo zisekhona. Okwamanje, ngihlela ukusebenzela ezimfanelweni eziyongithuthukisa njengomuntu ukuze ngibe uhlobo lowesifazane ongokomoya lowo owesilisa ongokomoya amfunayo.” Ingabe nawe uzimisele ngaleyondlela? Uma kunjalo, ungaba nokwaneliseka okuza ngenxa yokubonakalisa ukuthembela kwakho kuNkulunkulu wokulunga kwaphezulu.—IHubo 37:27, 28.
[Imibhalo yaphansi]
a Kweyoku-1 Korinte 14:22, uPawulu wasebenzisa igama elithi “abangakholwayo” ngokuphambene nelithi “abakholwayo,” noma abantu ababhapathiziwe. Khona-ke, abaseKorinte babeyoqonda igama elithi “abangakholwayo” njengelibhekisela kubantu abangabhapathiziwe.—Bheka IzEnzo 8:13; 16:31-34; 18:8.
b “Ngendlela eyeluliwe lesimiso singase sibekwe ngalendlela: ‘Ningakhi nanoma yibuphi ubuhlobo, kungakhathaliseki ukuthi obesikhashana noma obuhlala njalo, nabangakholwayo obuyoholela ekuyekethiseni izindinganiso zobuKristu noma bufake engozini ukungaguquki kobufakazi bokuba amaKristu. Futhi kungani kunokwehlukanisa okunjalo? Ngenxa yokuthi ongakholwayo akanazo izindinganiso, isihawu, noma imigomo yobuKristu.’”—The Expositor’s Bible Commentary, UMqulu 10, ikhasi 359.
c Bheka INqabayokulinda kaJanuary 15, 1973, amakhasi 46-7.
Ungachaza?
◻ IBhayibheli lixwayisa kanjani ngokwakha ubuhlobo obuseduze nabangakholwayo?
◻ Kungani amanye amaKristu azinikezele ebheka ngaphandle kwebandla ukuze athole umngane womshado?
◻ Kungayiphi indlela isixwayiso sikaJehova ngokungabopheli izinto ezingafani kuwukubonakaliswa kokusinakekela kwakhe kothando kwangempela?
◻ Imiphi imibuzo evame ukubuzwa mayelana nokuthola umngane, futhi ubungayiphendula kanjani?