Sifune Ngobuqotho Isibusiso SikaJehova
“[UNkulunkulu] uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.”—HEB. 11:6.
1, 2. (a) Abantu abaningi basifuna kanjani isibusiso sikaNkulunkulu? (b) Kungani kufanele sibe nesithakazelo ekutholeni isibusiso sikaJehova?
“UNKULUNKULU akubusise!” Kwamanye amazwe kuvamile ukuzwa abantu besho la mazwi lapho bebonga. Abefundisi bezinkolo ezihlukahlukene babusisa abantu, izilwane ngisho nezinto ezingaphili. Abahambi bamazwe bangase bayengelwe ukuba baye ezindaweni ezithile zenkolo ngethemba lokuthola isibusiso. Abezombusazwe bavame ukucela uNkulunkulu ukuba abusise isizwe sabo. Ingabe ucabanga ukuthi lezo zicelo ziyafaneleka? Ingabe ziyezwiwa? Ubani ngempela othola isibusiso sikaNkulunkulu, futhi ngani?
2 UJehova wabikezela ukuthi ezinsukwini zokugcina wayeyoba nabantu abahlanzekile nabanokuthula abavela kuzo zonke izizwe, ababeyoshumayela izindaba ezinhle zoMbuso kuwo wonke umhlaba naphezu kokuzondwa nokuphikiswa. (Isaya 2:2-4; Math. 24:14; IsAm. 7:9, 14) Thina esiye samukela umthwalo wemfanelo wokuba ingxenye yalaba bantu sifuna—empeleni siyasidinga—isibusiso sikaNkulunkulu, ngoba ngaphandle kwaso ngeke sikwazi ukuphumelela. (IHu. 127:1) Kodwa singasithola kanjani isibusiso sikaNkulunkulu?
Izibusiso Zifica Abantu Abalalelayo
3. Yini ama-Israyeli ayeyoyithola uma ayelalela?
3 Funda izAga 10:6, 7. Ngaphambi nje kokuba isizwe sakwa-Israyeli singene eZweni Lesithembiso, uJehova wabonisa ukuthi sasiyochuma ngokuphawulekayo futhi sivikeleke uma silalela izwi lakhe. (Dut. 28:1, 2) Abantu bakaNkulunkulu babengeke nje bagcine ngokuthola izibusiso zakhe kodwa ‘zaziyobafica.’ Abantu abalalelayo babeyozithola nakanjani izibusiso.
4. Ukulalela kwangempela kuhilelani?
4 Ama-Israyeli kwakufanele alalele enasiphi isimo sengqondo? UMthetho kaNkulunkulu wathi wayengeke ajabule uma abantu bakhe babehluleka ukumkhonza “ngokuthokoza nangokujabula kwenhliziyo.” (Funda uDuteronomi 28:45-47.) UJehova akafuni ukuba silalele iziqondiso esizinikezwayo nje ngoba kuyisibopho, into engenziwa nayizilwane noma amademoni. (Marku 1:27; Jak. 3:3) Ukulalela uNkulunkulu ngobuqotho kushukunyiswa uthando. Kubonakala ngenjabulo eshukunyiswa ukholo lokuthi imiyalo kaJehova ayiwona umthwalo nokuthi “uba umvuzi walabo abamfuna ngobuqotho.”—Heb. 11:6; 1 Joh. 5:3.
5. Ukuthembela esithembisweni sikaJehova kwakuyomsiza kanjani umuntu ukuba alalele umthetho okuDuteronomi 15:7, 8?
5 Cabanga ngendlela ukulalela ngobuqotho okwakungase kuboniswe ngayo ngokugcina umthetho olotshwe kuDuteronomi 15:7, 8. (Funda.) Ukwenza ngokuvumelana nalowo mthetho kodwa umuntu ebe ekhononda kwakungaletha impumuzo ethile kwabampofu, kodwa ingabe kwakuyokwenza kube nobuhlobo obuhle futhi kube nomoya wothando phakathi kwabantu bakaNkulunkulu? Okubaluleke kakhulu, ingabe kwakuyobonisa ukholo emandleni kaJehova okunakekela izinceku zakhe nokwazisa ngethuba lokulingisa ukuphana kwakhe? Lutho neze! UNkulunkulu wayesiphawula isimo senhliziyo somuntu opha ngobuqotho futhi wayethembise ukumbusisa umuntu onjalo kukho konke akwenzayo nakuyo yonke imizamo yakhe. (Dut. 15:10) Ukuba nokholo kuleso sithembiso kwakuyoshukumisela umuntu ukuba enze okuthile futhi kuholele ezibusisweni eziningi ezicebile.—IzAga 28:20.
6. AmaHebheru 11:6 kufanele asiqinisekise ngani?
6 Ngaphezu kokuba nokholo kuJehova njengoMvuzi, amaHebheru 11:6 aqokomisa enye imfanelo edingekayo ukuze sithole isibusiso sikaNkulunkulu. Phawula ukuthi uJehova uvuza labo “abamfuna ngobuqotho.” Igama lolimi lokuqala elisetshenziswe lapha libonisa umzamo ojulile nogxilile. Yeka ukuthi ukwenza lokhu kufanele kusiqinisekise kangakanani ukuthi siyothola isibusiso! Sivela kowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, “ongenakuqamba amanga.” (Thithu 1:2) Sekuyizinkulungwane zeminyaka elokhu ebonisa ukuthi izithembiso zakhe azishayi phansi. Akushoyo akulokothi kuphuthe; kugcwaliseka njalo. (Isaya 55:11) Ngakho, singaqiniseka ngokuphelele ukuthi uma sibonisa ukholo lweqiniso, uyosivuza.
7. Singasithola kanjani isibusiso ‘ngenzalo’ ka-Abrahama?
7 UJesu Kristu waba ingxenye eyinhloko ‘yenzalo’ ka-Abrahama okwakuyotholakala ngayo isibusiso. AmaKristu agcotshiwe akha ingxenye yesibili yaleyo “nzalo” eyayibikezelwe. Aye athunywa ukuba ‘amemezele kabanzi ubuhle balowo owawabiza ukuba aphume ebumnyameni angene ekukhanyeni kwakhe okumangalisayo.’ (Gal. 3:7-9, 14, 16, 26-29; 1 Pet. 2:9) Asinakukwazi ukuba nobuhlobo obuhle noJehova uma singabaqapheli labo uJesu abamise ukuba banakekele izinto zakhe. Ngaphandle kosizo ‘lwenceku ethembekileyo neqondayo,’ besingeke sikwazi ukukuqonda ngokugcwele esikufunda eZwini likaNkulunkulu futhi besingeke sazi ukuthi singakusebenzisa kanjani. (Math. 24:45-47) Ngokwenza izinto esizifunda emiBhalweni, singaqiniseka ngokuthi uNkulunkulu uzosibusisa.
Gxila Entandweni KaNkulunkulu
8, 9. Inzalamizi uJakobe yazikhandla kanjani ngokuvumelana nezicelo zayo?
8 Umqondo wokuzikhandla ukuze sithole isibusiso sikaNkulunkulu ungase usikhumbuze inzalamizi uJakobe. Wayengazi ukuthi isithembiso sikaNkulunkulu ku-Abrahama sasiyogcwaliseka kanjani, kodwa wayekholelwa ukuthi uJehova wayeyoyandisa kakhulu inzalo kakhokho wakhe, ozalo lwakhe lwaluyoba isizwe esikhulu. Ngakho, ngo-1781 B.C.E., uJakobe walibangisa eHarana eyofuna umfazi. Wayengafuni nje umuntu okwakuyoba umngane okhangayo; kunalokho, wayefuna owesifazane onomqondo ongokomoya, ongumkhulekeli kaJehova nowayeyoba unina okahle wezingane zakhe.
9 Siyazi ukuthi uJakobe wathola isihlobo sakhe uRaheli. Wamthanda uRaheli futhi wavuma ukusebenzela uyise, uLabani, iminyaka eyisikhombisa ukuze abe umkakhe. Lena akuyona nje indaba yothando emnandi. Ngokuqinisekile, uJakobe wayazi ngesithembiso uNkulunkulu uMninimandla onke asenza kukhokho wakhe u-Abrahama futhi wasiphinda kuyise, u-Isaka. (Gen. 18:18; 22:17, 18; 26:3-5, 24, 25) U-Isaka naye watshela indodana yakhe uJakobe: “UNkulunkulu uMninimandla onke uzokubusisa akwenze uzale futhi wande, ngokuqinisekile ube yibandla lezizwe. Futhi uyokunika isibusiso sika-Abrahama, wena nenzalo yakho kanye nawe, ukuze udle ifa lezwe lobufokazi bakho, uNkulunkulu alinike u-Abrahama.” (Gen. 28:3, 4) Ngakho, ukuzikhandla kukaJakobe ukuze athole umfazi ofanelekayo futhi abe nomkhaya kwabonisa ukuthi wayenokholo kulokho uJehova ayekushilo.
10. Kungani uJehova akujabulela ukubusisa uJakobe?
10 UJakobe wayengafuni ingcebo ukuze anakekele umkhaya wakhe. Ingqondo yakhe yayigxile esithembisweni sikaJehova. Wayegxile ekufezekeni kwentando kaJehova. Wayezimisele ukwenza konke okusemandleni akhe ukuze athole isibusiso sikaNkulunkulu kungakhathaliseki ukuthi kwenzekani. Wahlale enaleso simo sengqondo kwaze kwaba sekugugeni kwakhe futhi uJehova wambusisa ngalokho.—Funda uGenesise 32:24-29.
11. Imuphi umzamo okufanele siwenze ngokuvumelana nentando kaNkulunkulu eyambuliwe?
11 NjengoJakobe, asiyazi yonke imininingwane yendlela injongo kaJehova ezofezeka ngayo. Kodwa lukhona uhlaka esilubonayo lapho sitadisha iZwi likaNkulunkulu lwalokho esingakulindela ngokuphathelene ‘nosuku lukaJehova.’ (2 Pet. 3:10, 17) Ngokwesibonelo, asazi ngokuthe ngqo ukuthi luyofika nini lolo suku kodwa siyazi ukuthi luseduze. Siyalikholelwa iZwi likaNkulunkulu lapho lithi uma sinikeza ubufakazi obuphelele ngalesi sikhathi esincane esisasele, siyozisindisa thina nalabo abasilalelayo.—1 Thim. 4:16.
12. Yini esingase siqiniseke ngayo?
12 Siyaqaphela ukuthi isiphelo singafika noma nini; isikhathi uJehova asiletha ngaso asixhomekile ekunikezeni kwethu ubufakazi kuwo wonke umuntu osemhlabeni. (Math. 10:23) Ngaphezu kwalokho, sithola isiqondiso esihle sendlela esingafeza ngayo umsebenzi wethu wokushumayela ngokuphumelelayo. Ngokholo, sihlanganyela kulo msebenzi ngokwamandla ethu, sisebenzise noma yini esinayo kuwo. Ingabe insimu yethu iyokhiqiza njalo? Lokho ngeke sikwazi kusengaphambili. (Funda uMshumayeli 11:5, 6.) Umsebenzi wethu uwukushumayela sinethemba lokuthi uJehova uzosibusisa. (1 Kor. 3:6, 7) Singaqiniseka ngokuthi uyakubona ukuzikhandla kwethu nangokuthi uyosinikeza noma isiphi isiqondiso esisidingayo ngomoya wakhe ongcwele.—IHu. 32:8.
Ukufuna Umoya Ongcwele
13, 14. Kuye kwabonakala kanjani ukuthi umoya ongcwele kaNkulunkulu unamandla okwenza izinceku zakhe zifaneleke?
13 Yini okufanele siyenze uma sinomuzwa wokuthi asikufanelekeli ukufeza isabelo esithile noma ukuhlanganyela emsebenzini wokushumayela? Kufanele sicele uJehova ukuba asinike umoya wakhe ongcwele ukuba uthuthukise noma imaphi amakhono esinawo enkonzweni yakhe. (Funda uLuka 11:13.) Umoya kaNkulunkulu ungenza abantu bafanelekele umsebenzi noma amalungelo enkonzo kungakhathaliseki izimo zabo zangaphambili noma ulwazi abanalo. Ngokwesibonelo, ngemva nje kokuphuma eGibhithe, umoya kaNkulunkulu wenza ukuba abantu ababengabelusi nezigqila banqobe izitha zabo naphezu kokuba babengenakho okuhlangenwe nakho kwezempi. (Eks. 17:8-13) Ngemva nje kwalokho, wona lowo moya wahlomisela uBhezaleli no-Oholiyabe ukuba balandele amapulani ayinkimbinkimbi ayephefumulelwe uNkulunkulu okwakha itabernakele.—Eks. 31:2-6; 35:30-35.
14 Lowo moya onamandla wahlomisa izinceku zikaNkulunkulu zosuku lwanamuhla ukuba zinakekele izidingo zenhlangano ngenkathi kudingeka ukuba ziqale ukuzinyathelisela izincwadi. Kwenye incwadi, umqondisi wefektri wangaleso sikhathi, uMfoweth’ uR. J. Martin wachaza lokho okwase kufeziwe ngo-1927. Wathi: “Ngesikhathi esifanele, iNkosi yavula umnyango; yasigidlabeza ngomshini omkhulu wokunyathelisa, bheka-ke ufikela kubantu abangazi lutho ngokuthi wakhiwe futhi usebenza kanjani. Kodwa iNkosi iyazi ukuthi ingawusheshisa kanjani umqondo wabazinikele ngokuphelele kuyo. . . . Ngamasonto ambalwa nje, sase sikwazi ukuwusebenzisa kahle; futhi usasebenza namanje, wenza umsebenzi ngisho nabakhiqizi bawo ababengazi ukuthi ungawenza.” UJehova uye waqhubeka ebusisa imizamo yokuzikhandla enjalo kuze kube namuhla.
15. AmaRoma 8:11 angabakhuthaza kanjani labo ababhekene nesilingo?
15 Umoya kaJehova usebenza ngezindlela ezihlukahlukene. Zonke izinceku zikaNkulunkulu zingawuthola lo moya futhi uzisiza ukuba zinqobe izithiyo ezinjengentaba. Yini okumelwe siyenze uma sinomuzwa wokuthi isilingo esibhekene naso singaphezu kwamandla ethu? Singathola amandla emazwini kaPawulu akumaRoma 7:21, 25 nesahluko 8:11. Yebo, “umoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo” ungasebenza nakithi, usinike amandla okunqoba izifiso zenyama. Lelo vesi lalibhalelwe amaKristu agcotshwe ngomoya, kodwa isimiso esikulo sisebenza kuzo zonke izinceku zikaNkulunkulu. Sonke sithola ukuphila ngokubonisa ukholo kuKristu, ngokuzikhandla ekubulaleni izifiso ezingafanele nangokuphila ngokuvumelana nesiqondiso somoya.
16. Yini okumelwe siyenze ukuze sithole umoya ongcwele kaNkulunkulu?
16 Ingabe singalindela ukuba uNkulunkulu asinike amandla akhe asebenzayo sibe singenzi lutho? Cha. Ngaphezu kokuwucela ngomthandazo, kumelwe sikhuthalele ukuzondla ngeZwi likaNkulunkulu eliphefumulelwe. (IzAga 2:1-6) Umoya kaNkulunkulu utholakala nangebandla lobuKristu. Ukuba khona njalo emihlanganweni yebandla kubonisa ukuthi sinesifiso ‘sokuzwa lokho umoya okushoyo emabandleni.’ (IsAm. 3:6) Ngaphezu kwalokho, kumelwe sizithobe senze lokho esikufundayo. IzAga 1:23 ziyaseluleka: “Buyani lapho nginisola. Khona-ke ngiyokwenza ukuba umoya wami uniphuphumele.” Ngempela, uNkulunkulu umoya wakhe ongcwele uwunikeza “labo abamlalelayo njengombusi.”—IzE. 5:32.
17. Singase siwufanise nani umphumela wesibusiso sikaNkulunkulu emizamweni yethu?
17 Nakuba kudingeka umzamo oqotho ukuze sithole isibusiso sikaNkulunkulu, masikhumbule ukuthi akukhona ukuzikhandla kuphela okuholela ensadeni yezinto ezinhle uJehova aye wazinika abantu bakhe. Umphumela wesibusiso sakhe emizamweni yethu ungafaniswa nendlela imizimba yethu ezuza ngayo ekudleni okunomsoco. UNkulunkulu wadala imizimba yethu ngendlela yokuba sikujabulele ukudla futhi sithole umsoco obalulekile kukho. Nguye futhi osinika ukudla. Asiyazi ngokugcwele indlela ukudla okuthola ngayo umsoco, futhi iningi lethu alikwazi ukuchaza indlela imizimba yethu esebenzisa ngayo ukudla esikudlayo ukuze ikhiqize amandla. Esikwaziyo nje ukuthi le nqubo iyasebenza nokuthi sibambisana nayo ngokudla. Uma sikhetha ukudla okunomsoco, sithola imiphumela engcono nangokwengeziwe. Ngendlela efanayo, uJehova ubeka izimfuneko zokuphila okuphakade futhi usinika usizo esiludingayo ukuze sihlangabezane nazo. Kusobala ukuthi uyena owenza ingxenye enkulu futhi kufanele simdumise. Noma kunjalo, ukuze sithole isibusiso kumelwe sibambisane naye, senze ngokuvumelana nentando yakhe.—Hag. 2:18, 19.
18. Yini ozimisele ukuyenza, futhi ngani?
18 Yenza zonke izabelo zakho ngenhliziyo yakho yonke. Ngaso sonke isikhathi, cela usizo lukaJehova ukuze uphumelele. (Marku 11:23, 24) Uma wenza kanjalo, qiniseka ukuthi “wonke umuntu ocelayo uyamukela.” (Math. 7:8) Abagcotshwe ngomoya bayobusiswa ngokuthola “umqhele wokuphila” ezulwini. (Jak. 1:12) “Ezinye izimvu” zikaKristu, ezilwela ukuthola isibusiso ngenzalo ka-Abrahama, ziyojabula lapho zimuzwa ethi: “Wozani, nina enibusiswe nguBaba, nizuze ifa lombuso enawulungiselelwa kusukela ekusungulweni kwezwe.” (Joh. 10:16; Math. 25:34) Yebo, ‘ababusiswa uNkulunkulu bayodla ifa lomhlaba, futhi bayohlala kuwo kuze kube phakade.’—IHu. 37:22, 29.
Ungachaza?
• Ukulalela kwangempela kuhilelani?
• Yini edingekayo ukuze sithole isibusiso sikaNkulunkulu?
• Singawuthola kanjani umoya ongcwele kaNkulunkulu, futhi ungasenzelani?
[Izithombe ekhasini 9]
UJakobe wabambana nengelosi ukuze athole isibusiso sikaJehova
Ingabe nawe uzikhandla ngokufanayo?
[Isithombe ekhasini 10]
Umoya ongcwele kaNkulunkulu wahlomisa uBhezaleli no-Oholiyabe ukuba benze umsebenzi oncomekayo