Izibusiso Noma Iziqalekiso—Ungazikhethela!
“Ngibeké phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile.”—DUTERONOMI 30:19.
1. Abantu banikezwa liphi ikhono?
UJEHOVA UNKULUNKULU wasiklama—thina zidalwa zakhe ezingabantu ezihlakaniphile—saba nenkululeko yokuzikhethela. Asidalwanga njengemishini, noma amarobhothi, kodwa sanikezwa ilungelo nomthwalo wemfanelo wokukhetha. (IHubo 100:3) Abantu bokuqala—u-Adamu no-Eva—babenenkululeko yokukhetha inkambo yabo, futhi babeyolandisa kuNkulunkulu ngokukhetha kwabo.
2. Yikuphi ukukhetha okwenziwa u-Adamu, futhi kwaba namuphi umphumela?
2 UMdali uye wenza amalungiselelo amaningi ngokuphila kwabantu okunesibusiso esingapheli emhlabeni oyipharadesi. Kungani leyo njongo ingakafinyelelwa? Ngenxa yokuthi u-Adamu wenza ukukhetha okubi. UJehova wayenike umuntu lomyalo: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.” (Genesise 2:16, 17) Ukuba u-Adamu wayekhethe ukulalela, abazali bethu bokuqala babeyobusiswa. Ukungalaleli kwaletha ukufa. (Genesise 3:6, 18, 19) Ngakho isono nokufa kuye kwadluliselwa kuyo yonke inzalo ka-Adamu.—Roma 5:12.
Izibusiso Zenziwa Zaba Nokwenzeka
3. UNkulunkulu wasinikeza kanjani isiqinisekiso sokuthi injongo yakhe ngesintu iyofezeka?
3 UJehova uNkulunkulu wasungula indlela injongo yakhe yokubusisa isintu eyayiyofezeka ngayo ekugcineni. Yena ngokwakhe wabikezela ngeNzalo, eprofetha e-Edene: “Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” (Genesise 3:15) Kamuva uNkulunkulu wathembisa ukuthi isintu esilalelayo sasiyothola izibusiso ngaleNzalo, inzalo ka-Abrahama.—Genesise 22:15-18.
4. Yiliphi ilungiselelo uJehova alenzile lokubusisa isintu?
4 Leyo Nzalo ethenjisiwe yesibusiso yaba uJesu Kristu. Ngokuqondene nendima kaJesu elungiselelweni likaJehova lokubusisa isintu, umphostoli ongumKristu uPawulu wabhala: “UNkulunkulu utusa uthando lwakhe siqu kithi ngoba, ngesikhathi siseyizoni, uKristu wasifela.” (Roma 5:8) Izibusiso ziyojatshulelwa yilabo besintu esinesono abalalela uNkulunkulu futhi bazibeke esimweni sokuzuza enanini lomhlatshelo kaJesu Kristu wesihlengo. (IzEnzo 4:12) Ingabe uyokhetha ukulalela kanye nezibusiso? Ukungalaleli kuyophumela kokuhluke ngokuphelele.
Kuthiwani Ngeziqalekiso?
5. Lisho ukuthini igama elithi “isiqalekiso”?
5 Okuphambene nesibusiso yisiqalekiso. Igama elithi “isiqalekiso” lisho ukukhuluma okubi ngomuntu noma inkulumo yokumfisela okubi. Igama lesiHeberu elithi qela·lahʹ livela emsukeni wesenzo esithi qa·lalʹ, ngokwezwi nezwi esisho ukuthi “yiba lula.” Nokho, lapho lisetshenziswa ngomqondo ongokomfanekiso lisho ‘ukuqalekisa’ noma ‘ukudelela.’—Levitikusi 20:9, qhathanisa ne-NW; 2 Samuweli 19:43.
6. Yisiphi isenzakalo esihilela u-Elisha esenzeka ngaseBethele lasendulo?
6 Cabangela isibonelo esivusa amadlingozi sesinyathelo esisheshayo esihilela isiqalekiso. Lokhu kwenzeka njengoba umprofethi kaNkulunkulu u-Elisha ehamba esuka eJeriko eya eBethele. Ukulandisa kuthi: “Esenyuka endleleni, kwaphuma abafana emzini, bamklolodela, bathi kuye: Yenyuka wena-mpandlandini! Yenyuka wena-mpandlandini! Wabheka emva kwakhe, wababona, wabaqalekisa egameni likaJehova. Kwase kuphuma ehlathini amabhere amabili ezinsikazi, adwengula abafana abangamashumi amane nambili kubo.” (2 AmaKhosi 2:23, 24) Akuveziwe ukuthi wathini ngempela u-Elisha lapho eqalekisa lezo zingane ezazimklolodela. Noma kunjalo, leyo nkulumo yasebenza ngoba yayishiwo egameni likaJehova, ngumprofethi kaNkulunkulu owayenza ngokuvumelana nentando yaphezulu.
7. Kwenzekani ezinganeni ezaziklolodela u-Elisha, futhi ngani?
7 Isizathu esiyinhloko sokumklolodela kubonakala sengathi sasiwukuthi u-Elisha wayegqoke ingubo ejwayelekile ka-Eliya, futhi lezo zingane zazingafuni ukubona noma yimuphi umuntu owayeyolandela lowo mprofethi esikhundleni. (2 AmaKhosi 2:13) Ukuze asabele ekubekelweni inselele ngokuba kwakhe umlandeli ka-Eliya esikhundleni futhi afundise lentsha nabazali bayo inhlonipho efanele ngomprofethi kaJehova, u-Elisha waqalekisa lelo viyo elalimklolodela, egameni likaNkulunkulu ka-Eliya. UJehova wabonisa ukwamukela kwakhe u-Elisha njengomprofethi wakhe ngokwenza ukuba amabhere amabili ezinsikazi aphume ehlathini adwengule labo bahleki bosulu abangu-42 babe yizicucu. UJehova wathatha isinyathelo esiwujuqu ngenxa yokuntuleka okukhulu kwenhlonipho ngomzila wokuxhumana ayewusebenzisa emhlabeni ngaleso sikhathi.
8. Yini abakwa-Israyeli abavuma ukuthi babezoyenza, futhi kwakunamaphi amathemba?
8 Eminyakeni eminingi ngaphambili, ama-Israyeli ayebonise ukuntula inhlonipho okufanayo ngamalungiselelo kaNkulunkulu. Nakhu okwenzeka: Ngo-1513 B.C.E., uJehova wabonisa abakwa-Israyeli umusa ngokubakhulula ebugqilini baseGibithe njengokungathi “ngamaphiko okhozi.” Ngokushesha ngemva kwalokho, bathembisa ukuthi babeyomlalela uNkulunkulu. Phawula indlela ukulalela okwakuhlangene ngayo ngokungenakuhlukaniswa nokwamukelwa uNkulunkulu. UJehova wathi ngomlomo kaMose: “Uma nilalela nokulalela izwi lami, nigcine isivumelwano sami, niyakuba-yigugu kimi kunazo zonke izizwe, ngokuba umhlaba wonke ungowami.” Ngemva kwalokho, abantu bavuma, bethi: “Konke akukhulumileyo uJehova siyakukwenza.” (Eksodusi 19:4, 5, 8; 24:3) Ama-Israyeli athi ayamthanda uJehova, ayezinikezele kuye, futhi afunga athi ayeyolilalela izwi lakhe. Ukwenza kanjalo kwakuyophumela ezibusisweni ezinkulu.
9, 10. Lapho uMose eseNtabeni iSinayi, ama-Israyeli enzani, futhi kwaba namiphi imiphumela?
9 Nokho, ngaphambi kokuba izimiso eziyisisekelo zaleso sivumelwano ziqoshwe etsheni ‘ngomunwe kaNkulunkulu,’ kwadingeka iziqalekiso ezivela phezulu. (Eksodusi 31:18) Kungani imiphumela eyinhlekelele kanjalo yayifaneleka? Ama-Israyeli ayengabonisanga yini isifiso sokwenza konke uJehova ayekushilo? Yebo, ngamazwi ayefune izibusiso, kodwa ngezenzo zawo akhetha inkambo eyayifanelwe iziqalekiso.
10 Phakathi nenkathi yezinsuku ezingu-40 lapho uMose amukela iMiyalo Eyishumi eNtabeni iSinayi, ama-Israyeli aphula isithembiso ayesenzile sokuthembeka kuJehova. Ukulandisa kuthi: “Abantu sebeboné ukuthi uMose ulibele ukwehla entabeni, abantu babuthana kuAroni, bathi kuye: Vuka usenzele onkulunkulu abazakuhamba phambi kwethu, ngokuba uMose lowo, umuntu owasikhuphula ezweni laseGibithe, asazi ukuthi wehlelwe yini.” (Eksodusi 32:1) Lesi esinye isibonelo sesimo sengqondo sendelelo esaboniswa ngenxusa elingumuntu uJehova ayelisebenzisa ngaleso sikhathi ekuholeni nasekuqondiseni abantu bakhe. Ama-Israyeli ayengelwa ekulingiseni ukukhonza izithombe kwaseGibithe futhi avuna kalusizi lapho angaba ngu-3 000 kuwo ewa ngenkemba ngosuku olulodwa.—Eksodusi 32:2-6, 25-29.
Ukumenyezelwa Kwezibusiso Neziqalekiso
11. Yiziphi iziyalezo ngokuphathelene nezibusiso neziqalekiso ezagcinwa uJoshuwa?
11 Ngasekupheleni kohambo luka-Israyeli lweminyaka engu-40 ehlane, uMose wanikeza uhlu lwezibusiso ezaziyovunwa ngokukhetha inkambo yokulalela uNkulunkulu. Wabala neziqalekiso ama-Israyeli ayeyozithola uma ekhetha ukungamlaleli uJehova. (Duteronomi 27:11–28:10) Ngokushesha ngemva kokuba u-Israyeli engene eZweni Lesithembiso, uJoshuwa wagcina iziyalezo zikaMose ezihilela lezi zibusiso neziqalekiso. Izizwe eziyisithupha zakwa-Israyeli zama ngaphansi kweNtaba i-Ebali, ezinye eziyisithupha zama phambi kweNtaba iGerizimu. AmaLevi ama esigodini esimaphakathi. Ngokusobala, izizwe ezazimi phambi kweNtaba i-Ebali zathi “Amen” eziqalekisweni ezafundwa kubhekwe ngakuzo. Ezinye zasabela ezibusisweni amaLevi azifunda ebheke ngakuzo ngaphansi kweNtaba iGerizimu.—Joshuwa 8:30-35.
12. Yiziphi ezinye zeziqalekiso ezamenyezelwa amaLevi?
12 Ake ucabange uzwa amaLevi ethi: “Makaqalekiswe umuntu owenza isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo, isinengiso kuJehova, umsebenzi wezandla zengcweti, asimise ngasese. . . . Makaqalekiswe odelela uyise noma unina. Makaqalekiswe osusa isikhonkwane somakhelwane wakhe. . . . Makaqalekiswe ophundula impumputhe endleleni. . . . Makaqalekiswe ophendukezela isahlulelo somfokazi, nesentandane, nesomfelokazi. . . . Makaqalekiswe olala nomkayise, ngokuba wambulile umphetho wengubo kayise. . . . Makaqalekiswe olala nesilwane. . . . Makaqalekiswe olala nodadewabo, indodakazi kayise noma indodakazi kanina. . . . Makaqalekiswe olala nomkhwekazi. . . . Makaqalekiswe obulala umakhelwane wakhe ngasese. . . . Makaqalekiswe owamukela umvuzo ukuba abulale ongenacala, achithe igazi lakhe. . . . Makaqalekiswe ongawaqinisi amazwi alomthetho ukuba awenze.” Ngemva kwesiqalekiso ngasinye, izizwe eziphambi kweNtaba i-Ebali zithi, “Amen.”—Duteronomi 27:15-26.
13. Ngamazwi akho, ungazibeka kanjani izibusiso ezithile ezamenyezelwa amaLevi?
13 Manje cabanga uzwa labo abaphambi kweNtaba iGerizimu bephendula esibusisweni ngasinye njengoba amaLevi ememeza: “Uyakubusiswa emzini, ubusiswe nasensimini. Iyakubusiswa inzalo yesisu sakho, nezithelo zomhlaba wakho, nenzalo yezilwane zakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho. Kuyakubusiswa iqoma lakho, nomkhombe wakho wokuxova isinkwa. Uyakubusiswa ekungeneni kwakho, ubusiswe nasekuphumeni kwakho.”—Duteronomi 28:3-6.
14. Ukuthola kwama-Israyeli izibusiso kwakuxhomeke kuphi?
14 Kwakuxhomeke kuphi ukwamukela lezi zibusiso? Ukulandisa kuthi: “Uma ulalela nokulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, uqaphele ukuyenza yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla, uJehova uNkulunkulu wakho akuphakamise phezu kwazo zonke izizwe zomhlaba. Zonke lezizibusiso ziyakufika phezu kwakho, zikufice, uma ulilalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho.” (Duteronomi 28:1, 2) Yebo, isihluthulelo sokujabulela izibusiso zaphezulu sasiwukulalela uNkulunkulu. Kodwa kuthiwani ngathi namuhla? Ingabe thina ngabanye siyokhetha izibusiso kanye nokuphila ngokuqhubeka ‘silalela izwi likaJehova’?—Duteronomi 30:19, 20.
Ake Sihlaziye
15. Yiliphi iphuzu elavezwa esibusisweni esilotshwe kuDuteronomi 28:3, futhi singazuza kanjani kulo?
15 Ake sicabange ngezibusiso ezithile umIsrayeli ayengazijabulela ngokulalela uJehova. Ngokwesibonelo, uDuteronomi 28:3 uthi: “Uyakubusiswa emzini, ubusiswe nasensimini.” Ukubusiswa uNkulunkulu akuyi ngendawo noma isabelo. Abanye bangase bazizwe beboshwe izimo zabo, mhlawumbe ngenxa yokuthi bahlala endaweni enobumpofu noma ezweni elicekelwe phansi yimpi. Abanye bangase bafise ukukhonza uJehova kwenye indawo. Abanye besilisa abangamaKristu bangase badunyazwe ukuthi abamisiwe njengezinceku ezikhonzayo noma njengabadala ebandleni. Ngezinye izikhathi, abesifazane abangamaKristu bazizwa bedangele ngoba bengakwazi ukuhlanganyela enkonzweni yesikhathi esigcwele njengamaphayona noma izithunywa zevangeli. Nokho, wonke umuntu ‘olalela izwi likaJehova futhi akwenze ngokucophelela konke akufunayo’ uyobusiswa manje nasesikhathini esizayo esinganqunyiwe.
16. Isimiso esikuDuteronomi 28:4 sisebenza kanjani enhlanganweni kaJehova namuhla?
16 UDuteronomi 28:4 uthi: “Iyakubusiswa inzalo yesisu sakho, nezithelo zomhlaba wakho, nenzalo yezilwane zakho, nesanda sezinkomo zakho, namazinyane ezimvu zakho.” Ukusetshenziswa kwesabizwana sesiHeberu esisebunyeni esihunyushwe ngokuthi “-akho” kubonisa ukuthi lokhu kwakuyoba okuhlangenwe nakho komuntu siqu komIsrayeli olalelayo. Kuthiwani ngezinceku zikaJehova ezilalelayo namuhla? Ukwanda okuqhubekayo nokwandisa enhlanganweni yoFakazi BakaJehova emhlabeni wonke kuwumphumela wesibusiso sikaNkulunkulu emizamweni yobuqotho yabamemezeli abangaphezu kuka-5 000 000 bezindaba ezinhle zoMbuso. (Marku 13:10) Futhi ithuba lokwanda okukhulu nakakhulu liyabonakala ngoba abangaphezu kuka-13 000 000 baba khona ekugujweni kweSidlo SeNkosi Sakusihlwa ngo-1995. Ingabe uyazijabulela izibusiso zoMbuso?
Ukukhetha Kuka-Israyeli Kwasho Lukhulu
17. ‘Ukuficwa’ izibusiso noma iziqalekiso kwakuxhomeke kuphi?
17 Eqinisweni, izibusiso zaziyolandela umIsrayeli olalelayo. Kwakuthenjisiwe: “Zonke lezizibusiso ziyakufika phezu kwakho, zikufice.” (Duteronomi 28:2) Ngokufanayo, kwathiwa ngeziqalekiso: “Zonke leziziqalekiso zikwehlele, zikufice.” (Duteronomi 28:15) Ukuba wawungumIsrayeli wezikhathi zasendulo, ingabe ‘wawuyoficwa’ izibusiso noma iziqalekiso? Lokho kwakuyoxhomeka ekutheni ulalelé uNkulunkulu yini noma awumlalelanga.
18. Ama-Israyeli ayengazigwema kanjani iziqalekiso?
18 KuDuteronomi 28:15-68, imiphumela ebuhlungu yokungalaleli ivezwe njengeziqalekiso. Eminye iphambene ngokuphelele nezibusiso zokulalela ezibalwe kuDuteronomi 28:3-14. Ngokuvamile abakwa-Israyeli babevuna imiphumela ebuhlungu yeziqalekiso, ngoba babekhetha ukuhlanganyela ekukhulekeleni kwamanga. (Ezra 9:7; Jeremiya 6:6-8; 44:2-6) Yeka inhlekelele! Imiphumela enjalo yayingagwenywa ngokwenza ukukhetha okufanele kokulalela imithetho nezimiso zikaJehova ezinhle, ezikuveza ngokucacile okuhle nokubi. Abaningi namuhla babhekana nobuhlungu nenhlekelele ngoba beye bakhetha ukwenza okuphambene nezimiso zeBhayibheli ngokuqhuba inkolo yamanga, ukuhlanganyela ekuziphatheni okubi kobulili, ukusebenzisa izidakamizwa ezingemthetho, ukuzitika ngophuzo oludakayo, nokunye okunjalo. Njengaku-Israyeli nakuJuda wasendulo, ukwenza ukukhetha okunjalo okubi kuphumela ekulahlweni kwaphezulu nasebuhlungwini benhliziyo obungadingekile.—Isaya 65:12-14.
19. Chaza izimo ezazijatshulelwa lapho uJuda no-Israyeli bekhetha ukulalela uJehova.
19 Izibusiso zaziba yinala futhi kuvame ukuthula, kuphela uma u-Israyeli elalela uJehova. Ngokwesibonelo, ngokuqondene nezinsuku zeNkosi uSolomoni, siyafunda: “OJuda noIsrayeli babebaningi ngangesihlabathi solwandle ngobuningi, bedla, bephuza, bejabula. . . . OJuda noIsrayeli bahlala belondekile, kwaba-yilowo nalowo phansi komvini wakhe nomkhiwane wakhe, kusukela kwaDani kuze kube-seBeri-Sheba, zonke izinsuku zikaSolomoni.” (1 AmaKhosi 4:20-25) Ngisho nasesikhathini seNkosi uDavide, esasigcwele ukuphikisa okukhulu kuvela ezitheni zikaNkulunkulu, isizwe sezwa ukusekela nesibusiso sikaJehova lapho sikhetha ukulalela uNkulunkulu weqiniso.—2 Samuweli 7:28, 29; 8:1-15.
20. Yini uNkulunkulu aqiniseka ngayo ngabantu?
20 Ingabe uyomlalela uNkulunkulu, noma ngeke umlalele? Ama-Israyeli ayengenza ukukhetha. Nakuba sonke sizuze njengefa ukuthambekela esonweni kuka-Adamu, samukele nesipho senkululeko yokuzikhethela. Nakuba kukhona uSathane, leli lizwe elibi, nobuthakathaka bethu, singenza ukukhetha okufanele. Ngaphezu kwalokho, uMdali wethu uyaqiniseka ukuthi naphezu kwakho konke ukuvivinywa nokulingwa, bayoba khona abenza ukukhetha okufanele, hhayi ngamazwi kuphela kodwa nangezenzo. (1 Petru 5:8-10) Ingabe uyoba phakathi kwabo?
21. Yini ezohlolwa esihlokweni esilandelayo?
21 Esihlokweni esilandelayo, sizokwazi ukucabangela izimo zengqondo kanye nezenzo zethu siqhathanisa nezibonelo zesikhathi esidlule. Kwangathi ngamunye wethu angasabela ngokubonga emazwini kaNkulunkulu awasho ngoMose: “Ngibeké phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile.”—Duteronomi 30:19.
Ungaphendula Kanjani?
◻ UJehova uye wakwenza kanjani kwaba nokwenzeka ukuba abantu abanesono bathole izibusiso?
◻ Ziyini iziqalekiso?
◻ Ama-Israyeli ayengazithola kanjani izibusiso esikhundleni seziqalekiso?
◻ Yiziphi izibusiso u-Israyeli azijabulela ngokulalela uNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 15]
Ama-Israyeli ebuthene phambi kweNtaba iGerizimu neNtaba i-Ebali
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.