Umbono WeBhayibheli
Ingabe Ikusasa Lakho Selanqunywa?
Abantu abaningi bakholelwa ukuthi ukuphila nekusasa labo kunqunywa othile ophakeme. Banomuzwa wokuthi kusukela lapho sizalwa size siyongena egodini, sonke sinenkambo esinqunyiwe emqondweni kaNkulunkulu. Bathi: ‘Phela, uNkulunkulu unamandla onke futhi wazi konke, noma ukhona kuyo yonke indawo, ngakho ngokuqinisekile kumelwe ukuba wazi yonke into ngenkathi edlule, yamanje, nezayo.’
WENA ucabangani? Ingabe uNkulunkulu unquma inkambo yokuphila kwethu nesiphetho sethu kusengaphambili? Ngamanye amazwi, ingabe sinenkululeko yokuzikhethela ngempela noma siyazikhohlisa? Lithini iBhayibheli?
Ingabe Wazi Konke Noma Uyakukhetha Afuna Ukukwazi?
IBhayibheli lisishiya singangabazi ukuthi uNkulunkulu wazi izinto kusengaphambili. U-Isaya 46:10 uthi wazi “isiphetho kwasekuqaleni.” Waze wasebenzisa nababhali abangabantu ukuze babhale iziprofetho eziningi. (2 Petru 1:21) Ngaphezu kwalokho, lezo ziprofetho ziyafezeka njalo ngoba uNkulunkulu unokuhlakanipha namandla okuzigcwalisa ngokuphelele. Ngakho, uNkulunkulu akagcini ngokwazi izenzakalo kusengaphambili kuphela kodwa anganquma nokwenzeka kwazo noma nini uma ekhetha ukwenza kanjalo. Kodwa, ingabe uNkulunkulu unquma ikusasa lawo wonke umuntu ngisho nalo lonke inani labayothola insindiso? Akunjalo ngokusho kweBhayibheli.
IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu uyakukhetha lokho afuna ukukunquma ngesikhathi esizayo. Ngokwesibonelo, uNkulunkulu wabikezela ukuthi kwakuyoba “nesixuku esikhulu” sabantu abalungile esasiyosinda lapho kubhujiswa ababi ekupheleni kwesimiso sezinto samanje. (IsAmbulo 7:9, 14) Kodwa phawula ukuthi uNkulunkulu akazange alinqume inani lesixuku esikhulu. Ngasiphi isizathu? Akabanqumeli abantu kusengaphambili. UNkulunkulu unjengobaba onothando onomkhaya omkhulu. Uyazi ukuthi okungenani ezinye zezingane zakhe ziyomthanda nazo, kodwa akanqumi kusengaphambili ukuthi zingaki.
Qhathanisa indlela uNkulunkulu akusebenzisa ngayo ukunquma izinto nendlela awasebenzisa ngayo amandla akhe. NjengoMninimandla onke, uNkulunkulu unamandla angenamkhawulo. (IHubo 91:1; Isaya 40:26, 28) Kodwa ingabe usebenzisa amandla akhe ngendlela engalawuleki? Cha. Ngokwesibonelo, wazibamba ekuthatheni isinyathelo ngokumelene neBhabhiloni, isitha sama-Israyeli asendulo, kwaze kwafika isikhathi esifanele. UNkulunkulu wathi: “Ngaqhubeka ngizithiba.” (Isaya 42:14) Isimiso esifanayo siyasebenza endleleni akusebenzisa ngayo ukwazi kwakhe kusengaphambili nokunquma. UJehova uyazithiba ukuze ahloniphe inkululeko yokuzikhethela asinike yona.
Ukulawula kukaNkulunkulu amandla akhe akumbekeli imingcele noma kumenze angapheleli. Empeleni, kuphakamisa ubukhulu bakhe, kumenza simthande, ngoba kubonisa ukuthi ngempela ubukhosi bakhe abulawulwa nje ukuba khona kwakhe nolwazi lwayo yonke into namandla akhe kodwa nawuthando nenhlonipho ngenkululeko yokuzikhethela yezidalwa zakhe ezihlakaniphile.
Ngakolunye uhlangothi, uma kuwukuthi uNkulunkulu unquma yonke into kusengaphambili, kuhlanganise nazo zonke izingozi ezimbi nezenzo ezimbi ezake zenziwa, besingenakumsola kufanele yini ngalo lonke usizi nokuhlupheka okukhona ezweni? Ngakho, lapho sihlolisisa, imfundiso yokunqunyelwa ayimdumisi uNkulunkulu, kodwa iyamlulaza. Imveza njengononya, ongenabulungisa nongenalo uthando—okungqubuzana ngokuphelele nalokho iBhayibheli elikushoyo ngaye.—Duteronomi 32:4.
Unelungelo Lokuzikhethela
Ngenceku yakhe uMose, uNkulunkulu watshela isizwe sakwa-Israyeli: “Ngibeke ukuphila nokufa phambi kwakho, . . . kumelwe ukhethe ukuphila . . . ngokuthanda uJehova uNkulunkulu wakho, ngokulalela izwi lakhe nangokunamathela kuye; ngoba ungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho.” (Duteronomi 30:19, 20) Ukube uNkulunkulu wayesenqume kusengaphambili ukuthi umIsrayeli ngamunye wayezomthanda futhi azuze ukuphila noma angamlaleli futhi afanelwe ukufa, lokho ayekushilo kwakuyobe kungenanjongo futhi kuwukuzenzisa. Ingabe ukholelwa ukuthi uNkulunkulu, ‘ongumthandi wobulungisa,’ nowukwenziwa samuntu kothando uqobo, ubengenza ngaleyo ndlela engafanele?—IHubo 37:28; 1 Johane 4:8.
Ukunxusa kukaNkulunkulu izinceku zakhe ukuba zikhethe ukuphila kusebenza nakakhulu kithi namuhla, ngoba ukugcwaliseka kweziprofetho zeBhayibheli kubonisa ukuthi sisondela ngokushesha ekupheleni kwesimiso sezinto samanje. (Mathewu 24:3-9; 2 Thimothewu 3:1-5) Sikukhetha kanjani ukuphila? Ngokuyinhloko lokho sikwenza ngendlela ama-Israyeli asendulo enza ngayo.
‘Ungakukhetha Kanjani Ukuphila’?
Sikhetha ukuphila “ngokuthanda uJehova,” “ngokulalela izwi lakhe,” “nangokunamathela kuye.” Yiqiniso, lezi zinto singazenza kuphela uma sazi uNkulunkulu njengomuntu futhi sikuqonda lokho akufunayo kithi. Ethandaza kuNkulunkulu, uJesu Kristu wathi: “Lokhu ukuphila okuphakade, ukwazi wena, owukuphela kukaNkulunkulu weqiniso, nalowo omthumile—uJesu Kristu.”—Omalukeke sizenzele; Johane 17:3, Phillips.
Lolo lwazi oluyigugu lungatholakala eBhayibhelini Elingcwele, elibizwa ngokufanele ngokuthi iZwi likaNkulunkulu. (Johane 17:17; 2 Thimothewu 3:16) Yebo, lesi sipho esingokomoya siwubufakazi obusobala bokuthi uNkulunkulu akalinqumanga ikusasa lethu kodwa ufuna ukuba sizikhethele ngemva kokuthola ulwazi olusekelwe ekwazisweni asinike kona.—Isaya 48:17, 18.
NgeBhayibheli, uNkulunkulu empeleni uthi kithi: ‘Lena injongo yami ngesintu nomhlaba, futhi nakhu okufanele nikwenze ukuze nizuze ukuphila okuphakade. Kukini-ke manje ukunquma ukuthi nizongilalela yini noma ngeke ninginake.’ Yebo, yeka indlela ephelele uNkulunkulu avumelanisa ngayo amandla akhe okunquma nokuhlonipha kwakhe inkululeko yethu yokuzikhethela! Ingabe uyokhetha ukuphila “ngokulalela izwi [likaNkulunkulu] nangokunamathela kuye”?
WAKE WAZIBUZA?
◼ UNkulunkulu ulisebenzisa ngezinga elingakanani ikhono lakhe lokwazi kusengaphambili?—Duteronomi 30:19, 20; Isaya 46:10.
◼ Kungani uNkulunkulu engenakunquma yonke into kusengaphambili, kuhlanganise nezinto ezimbi ezehlela abantu?—Duteronomi 32:4.
◼ Yini eyonquma ikusasa lethu ekugcineni?—Johane 17:3.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
IBhayibheli lifundisa ukuthi uNkulunkulu uyakukhetha lokho afuna ukukunquma ngesikhathi esizayo