UJehova UnguMsizi Wethu
“Usizo lwami luvela kuJehova, uMenzi wezulu nomhlaba.”—IHUBO 121:2.
1, 2. (a) Kungani singase sithi sonke siyaludinga usizo ngezikhathi ezithile? (b) UJehova uluhlobo luni loMsizi?
UBANI kithi ongalokothi adinge usizo? Empeleni, sonke siyaludinga usizo ngezikhathi ezithile—usizo lokubhekana nenkinga enkulu, lokubhekana nokushonelwa okubuhlungu, lokubekezelela ukulingwa okunzima. Lapho abantu bedinga usizo, ngokuvamile baya kumngane okhathalelayo. Ukuxoxela umngane onjalo ngenkinga ekukhathazayo kungayenza ithwaleke kalula. Kodwa usizo umuntu wenyama angalunikeza lulinganiselwe. Nangale kwalokho, abanye bangase bangakwazi ukusiza njalo.
2 Nokho, kukhona uMsizi onamandla angenamkhawulo. Ngaphezu kwalokho, uyasiqinisekisa ukuthi akasoze asishiya. NguYe lowo umhubi akhuluma ngaye ngokuqiniseka: “Usizo lwami luvela kuJehova.” (IHubo 121:2) Kungani lo mhubi ayeqiniseka ukuthi uJehova uzomsiza? Ukuze siphendule lowo mbuzo, masihlole iHubo 121. Ngokwenza kanjalo sizokwazi ukubona ukuthi kungani nathi singathembela kuJehova njengoMsizi wethu.
UMthombo Wosizo Ongadumazi
3. Iziphi izintaba okungenzeka umhubi wawaphakamisela kuzo amehlo akhe, futhi ngani?
3 Umhubi waqala ngokuveza ukuthi uJehova singamethemba ngoba unguMdali: “Ngizophakamisela amehlo ami ezintabeni. Usizo lwami luzovelaphi? Usizo lwami luvela kuJehova, uMenzi wezulu nomhlaba.” (IHubo 121:1, 2) Umhubi akawaphakamiselanga kunoma iyiphi intaba amehlo akhe. Lapho kubhalwa la mazwi, ithempeli likaJehova laliseJerusalema. Lowo muzi, owawuphezulu ezintabeni zakwaJuda, wawuyindawo yokuhlala kaJehova engokomfanekiso. (IHubo 135:21) Ethembele kuJehova ukuba amsize, kungenzeka umhubi waphakamisela amehlo akhe ezintabeni zaseJerusalema lapho kwakwakhiwe khona ithempeli laKhe. Kungani umhubi ayeqiniseka kangaka ukuthi uJehova angamsiza? Yingoba ‘unguMenzi wezulu nomhlaba.’ Kunjengokungathi umhubi wayethi, ‘Nakanjani akukho lutho olungavimba uMdali onamandla onke ukuba angisize!’—Isaya 40:26.
4. Umhubi wabonisa kanjani ukuthi uJehova uhlale eziphaphamele izidingo zabantu bakhe, futhi kungani lokho kududuza?
4 Umhubi wabe esechaza ukuthi uJehova uhlale eziphaphamele izidingo zezinceku zakhe: “Akunakwenzeka ukuba avumele unyawo lwakho luntengantenge. Akunakwenzeka ukuba Lowo okuqaphile ozele. Bheka! Ngeke ozele noma alale, Lowo oqaphe u-Israyeli.” (IHubo 121:3, 4) Akunakwenzeka ukuba uNkulunkulu avumele abamethembayo ‘bantengantenge’ noma bawe bangabe besakwazi ukuvuka. (IzAga 24:16) Ngani? Ngoba uJehova unjengomalusi ophapheme, oqaphe izimvu zakhe. Akududuzi yini lokho? Ngeke ayeke ngisho nomzuzwana ukunaka izidingo zabantu bakhe. Ubaqaphe imini nobusuku.
5. Kungani kuthiwa uJehova ‘ungasesandleni sokunene’?
5 Eqiniseka ukuthi uJehova unguMvikeli oqotho wabantu bakhe, umhubi wabhala: “UJehova ukuqaphile. UJehova ungumthunzi wakho esandleni sakho sokunene. Emini ilanga ngeke likuhlabe, noma inyanga ebusuku.” (IHubo 121:5, 6) Kumuntu ohamba ngezinyawo eMpumalanga Ephakathi, indawo enomthunzi yayiba isivikelo esihle elangeni elihangulayo. UJehova unjengomthunzi kubantu bakhe, ubavikela ekushiseni okukhulu kwezinsizi. Phawula ukuthi uJehova kuthiwa ‘usesandleni sokunene.’ Empini endulo, isihlangu sasingalivikeli kangako isosha ngakwesokunene ngoba sasibanjwa ngesandla sobunxele. Umngane oqotho wayengase abe isivikelo ngokulwa emi ngakwesokunene sesosha. Njengomngane onjalo, uJehova uma ngobuqotho eceleni kwabakhulekeli bakhe, ekulungele njalo ukubasiza.
6, 7. (a) Umhubi usiqinisekisa kanjani ukuthi uJehova akasoze ayeka ukusiza abantu bakhe? (b) Kungani singaqiniseka njengomhubi?
6 Ingabe uJehova uyoke ayeke ukusiza abantu bakhe? Lutho neze. Umhubi waphetha: “UJehova uyokuqapha kuyo yonke inhlekelele. Uyoqapha umphefumulo wakho. UJehova uyoqapha ukuphuma kwakho nokungena kwakho kusukela manje kuze kube nini nanini.” (IHubo 121:7, 8) Phawula ukuthi umlobi wayeka ukukhuluma ngokwamanje wakhuluma ngokuseza. Ngaphambili, evesini 5, wayethe: “UJehova ukuqaphile.” Kodwa kula mavesi, umhubi uthi: “UJehova uyokuqapha.” Ngakho, abakhulekeli beqiniso bayaqinisekiswa ukuthi uJehova uzoqhubeka ebasiza nasesikhathini esizayo. Noma bangayaphi, noma bangabhekana nayiphi inhlekelele, abasoze baba kude kakhulu ukuba abasize.—IzAga 12:21.
7 Ngempela, umlobi weHubo 121 wayeqiniseka ukuthi uMdali onguMninimandla onke uqapha izinceku zakhe ngesisa sikamalusi okhathalelayo nangeso elibukhali lomlindi ophapheme. Sinesizathu esihle sokuqiniseka njengomhubi, ngoba uJehova akashintshi. (Malaki 3:6) Ingabe lokhu kusho ukuthi siyovikelwa njalo ngokwenyama? Cha, kodwa uma nje sisathembele kuye njengoMsizi wethu, uyosilonda kuzo zonke izinto ezingasilimaza ngokomoya. Kulindelekile ukubuza, ‘UJehova usisiza kanjani?’ Ake sihlole izindlela ezine asisiza ngazo. Kulesi sihloko, sizoxoxa ngezindlela ázisiza ngazo izinceku zakhe ngezikhathi zeBhayibheli. Kwesilandelayo, sizoxoxa ngezindlela asiza ngazo abantu bakhe namuhla.
Usizo Lwezingelosi
8. Kungani kungamangalisi ukuthi izingelosi zinesithakazelo esikhulu enhlalakahleni yezinceku zikaNkulunkulu zasemhlabeni?
8 UJehova ulawula izigidigidi zezingelosi. (Daniyeli 7:9, 10) La madodana omoya afeza intando yakhe ngokwethembeka. (IHubo 103:20) Azi kahle ukuthi uJehova ubathanda kakhulu abakhulekeli bakhe abangabantu nokuthi ufuna ukubasiza. Akumangalisi ukuthi izingelosi zinesithakazelo esikhulu enhlalakahleni yezinceku zikaNkulunkulu zasemhlabeni. (Luka 15:10) Nakanjani-ke kumelwe ukuba izingelosi ziyakujabulela ukusetshenziswa uJehova ekusizeni abantu. Iziphi izindlela uJehova ásebenzisa ngazo izingelosi ukuze asize izinceku zakhe ezingabantu endulo?
9. Nikeza izibonelo zezikhathi lapho uNkulunkulu anika khona izingelosi amandla okuvikela abantu abathembekile.
9 UNkulunkulu wanika izingelosi amandla okuvikela nokuhlangula abantu abathembekile. Izingelosi ezimbili zasiza uLoti namadodakazi akhe ukuba baphunyule ekubhujisweni kweSodoma neGomora. (Genesise 19:1, 15-17) Ingelosi eyodwa yabulala amasosha ase-Asiriya angu-185 000 ayesongela iJerusalema. (2 AmaKhosi 19:35) Lapho uDaniyeli ephonswa emphandwini wezingonyama, uJehova ‘wathumela ingelosi yakhe yavala umlomo wezingonyama.’ (Daniyeli 6:21, 22) Ingelosi yakhipha umphostoli uPetru ejele. (IzEnzo 12:6-11) IBhayibheli linezinye izibonelo eziningi zabantu abavikelwa izingelosi, okuqinisekisa lokho okushiwo iHubo 34:7: “Ingelosi kaJehova ikanise nxazonke zalabo abamesabayo, futhi iyabophula.”
10. UJehova wayisebenzisa kanjani ingelosi ukuze ikhuthaze umprofethi uDaniyeli?
10 Ngezinye izikhathi, uJehova wayesebenzisa izingelosi ukuze zikhuthaze futhi ziqinise abantu abathembekile. Isibonelo esithinta inhliziyo sikuDaniyeli isahluko 10. Ngaleso sikhathi, uDaniyeli mhlawumbe wayesecela eminyakeni eyikhulu ubudala. Lo mprofethi wayedangele kakhulu, ngokusobala ngenxa yokuthi iJerusalema laliyincithakalo nokuthi umsebenzi wokwakha ithempeli kabusha wawulibala. Waphazamiseka nangemva kokubona umbono owesabisayo. (Daniyeli 10:2, 3, 8) Ngothando uNkulunkulu wathumela ingelosi ukuba iyomkhuthaza. Ingelosi yamkhumbuza kaningi uDaniyeli ukuthi ‘ufiseleka kakhulu’ emehlweni kaNkulunkulu. Waba yini umphumela? Lo mprofethi owayesekhulile watshela ingelosi: ‘Ungiqinisile.’—Daniyeli 10:11, 19.
11. Isiphi esinye sezibonelo zezindlela izingelosi ezasetshenziswa ngazo ukuze ziqondise umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle?
11 UJehova wasebenzisa izingelosi futhi ukuze ziqondise umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle. Ingelosi yaqondisa uFiliphu ukuba ashumayele ngoKristu kumthenwa ongumTopiya, owabe esebhapathizwa. (IzEnzo 8:26, 27, 36, 38) Ngemva kwesikhashana, intando kaNkulunkulu kwase kuwukuba izindaba ezinhle zishunyayelwe kwabeZizwe abangasokile. Embonweni uKorneliyu, oweZizwe owayesaba uNkulunkulu, wabona ingelosi eyathi makathumele ukuba kulandwe umphostoli uPetru. Lapho izithunywa ezivela kuKorneliyu zimthola uPetru, zathi: “UKorneliyu . . . unikwe iziyalezo zaphezulu yingelosi engcwele zokuba athumele ukuba uze endlini yakhe futhi ezwe izinto ozozisho.” UPetru wathatha isinyathelo, kanjalo abeZizwe bokuqala abangasokile baba ingxenye yebandla lobuKristu. (IzEnzo 10:22, 44-48) Cabanga indlela obungazizwa ngayo uma wazi ukuthi usizwe yingelosi ukuba uthole umuntu othambekele ngokufanele!
Usizo Olutholakala Ngomoya Ongcwele
12, 13. (a) Kungani abaphostoli bakaJesu babenesizathu esihle sokukholwa ukuthi umoya ongcwele wawungabasiza? (b) Umoya ongcwele wawanikeza kanjani amaKristu ekhulu lokuqala amandla?
12 Ngaphambi nje kokuba afe, uJesu waqinisekisa abafundi bakhe ukuthi babengeke basale dengwane. UYise wayezobanika “umsizi, umoya ongcwele.” (Johane 14:26) Abaphostoli babenesizathu esihle sokukholwa ukuthi umoya ongcwele ungabasiza. Kakade, imiBhalo ephefumulelwe inezibonelo eziningi ezibonisa izindlela uJehova asebenzisa ngazo umoya ongcwele, amandla amakhulu kunawo wonke, ukuze asize abantu bakhe.
13 Ezimweni eziningi, umoya ongcwele wasetshenziselwa ukunika abantu amandla okwenza intando kaJehova. Umoya ongcwele wanika abaHluleli amandla okukhulula u-Israyeli. (AbaHluleli 3:9, 10; 6:34) Wona futhi lo moya wanika amaKristu ekhulu lokuqala amandla okuqhubeka eshumayela ngesibindi naphezu kokuphikiswa okuhlukahlukene. (IzEnzo 1:8; 4:31) Impumelelo yala maKristu lapho efeza inkonzo yawo yaba ubufakazi obunamandla bokusebenza komoya ongcwele. Kwakungabuye kube yini enye eyenza abantu “abangafundile nabavamile” bakwazi ukusakaza isigijimi soMbuso kulo lonke izwe elalaziwa ngaleso sikhathi?—IzEnzo 4:13; Kolose 1:23.
14. UJehova uye wawusebenzisa kanjani umoya wakhe ongcwele ukuze akhanyisele abantu bakhe?
14 UJehova wasebenzisa umoya ongcwele ukuze futhi akhanyisele abantu bakhe. Ngosizo lomoya kaNkulunkulu, uJosefa wakwazi ukuchaza amaphupho kaFaro ayisiprofetho. (Genesise 41:16, 38, 39) Ngomoya wakhe, uJehova wazenza zembuleka kwabathobekile izinjongo zakhe kodwa zafihleka kwabaqhoshayo. (Mathewu 11:25) Ngakho, mayelana nezinto uJehova azilungiselela “labo abamthandayo,” umphostoli uPawulu wathi: “UNkulunkulu uzambulele thina ngomoya wakhe.” (1 Korinte 2:7-10) Usizo lomoya ongcwele yilona kuphela olwalungenza umuntu ayiqonde kahle intando kaNkulunkulu.
Usizo LweZwi LikaNkulunkulu
15, 16. UJoshuwa watshelwa ukuba enzeni ukuze enze ngokuhlakanipha?
15 IZwi likaJehova eliphefumulelwe ‘linenzuzo yokufundisa,’ futhi lenza izinceku zikaNkulunkulu zikwazi ‘ukufaneleka ngokugcwele, ziyihlomele ngokuphelele yonke imisebenzi emihle.’ (2 Thimothewu 3:16, 17) IBhayibheli linezibonelo eziningi zezindlela abantu bakaNkulunkulu basendulo abasizwa ngazo izingxenye zeZwi lakhe ezase zibhaliwe kakade.
16 ImiBhalo yasiza ekunikezeni isiqondiso esihlakaniphile kubakhulekeli bakaNkulunkulu. Lapho uJoshuwa ephathiswa umthwalo wemfanelo wokuhola u-Israyeli, watshelwa: “Le ncwadi yomthetho [eyayilotshwe uMose] akufanele isuke emlonyeni wakho, futhi kumelwe uyifunde ngezwi eliphansi ubusuku nemini, ukuze uqaphele ukwenza ngokuvumelana nakho konke okulotshwe kuyo; ngoba uma wenza kanjalo uyoyiphumelelisa indlela yakho futhi uyokwenza ngokuhlakanipha.” Phawula ukuthi uNkulunkulu akamthembisanga uJoshuwa ukumnika ukuhlakanipha ngokuyisimangaliso. Kunalokho, uma uJoshuwa ayefunda ‘incwadi yomthetho’ azindle ngayo, wayeyokwazi ukwenza ngokuhlakanipha.—Joshuwa 1:8; IHubo 1:1-3.
17. UDaniyeli neNkosi uJosiya basizwa kanjani izingxenye zemiBhalo ezazitholakala?
17 IZwi likaNkulunkulu elilotshiwe lasiza nasekwambuleni injongo nentando yakhe. Ngokwesibonelo, uDaniyeli wathola emibhalweni kaJeremiya ukuthi iJerusalema lalizohlala isikhathi esingakanani liyincithakalo. (Jeremiya 25:11; Daniyeli 9:2) Cabanga nangalokho okwenzeka lapho kubusa iNkosi uJosiya kwaJuda. Ngaleso sikhathi, isizwe sase siphambukile kuJehova, namakhosi ngokusobala engazenzeli ikhophi yoMthetho futhi awugcine. (Duteronomi 17:18-20) Kodwa lapho kulungiswa ithempeli, kwatholakala “yona kanye incwadi yomthetho,” okungenzeka yayilotshwe uMose uqobo. Mhlawumbe lena kwakuyincwadi yokuqala ngqa, eyayiqedwe eminyakeni engaba ngu-800 ngaphambili. Ngemva kokuyizwa ifundwa, uJosiya wabona ukuthi isizwe sase siphambuke kangakanani entandweni kaJehova, wabe esethatha izinyathelo eziqinile zokwenza okwakulotshwe encwadini. (2 AmaKhosi 22:8; 23:1-7) Akucacile yini ukuthi abantu bakaNkulunkulu endulo basizwa izingxenye zemiBhalo Engcwele ezazitholakala?
Usizo Olutholakala Ngamanye Amakholwa
18. Kungani sithi njalo lapho umkhulekeli weqiniso esiza omunye, lolo sizo lusuke luvela kuJehova?
18 Usizo uJehova alunikezayo luvame ukutholakala ngamanye amakholwa. Empeleni, njalo lapho umkhulekeli weqiniso esiza omunye, lolo sizo lusuke luvela kuNkulunkulu. Kungani sisho kanjalo? Kungenxa yezizathu ezimbili. Okokuqala, kuhileleke umoya ongcwele kaNkulunkulu. Lowo moya uthela izithelo kulabo abafuna ukuthonywa yiwo, izithelo ezihlanganisa uthando nobuhle. (Galathiya 5:22, 23) Ngakho, lapho enye yezinceku zikaNkulunkulu ishukumiseleka ukuba isize enye, lokho kuwubufakazi bokusebenza komoya kaJehova. Okwesibili, senziwe ngomfanekiso kaNkulunkulu. (Genesise 1:26) Lokhu kusho ukuthi siyakwazi ukubonakalisa izimfanelo zakhe, ezihlanganisa umusa nesihawu sakhe. Ngakho njalo lapho inceku kaJehova isiza enye, uMthombo wangempela walolo sizo kusuke kuyilowo okubonakaliswa umfanekiso wakhe.
19. NgokweBhayibheli, uJehova walunikeza kanjani usizo ngamanye amakholwa?
19 Ngezikhathi zeBhayibheli, uJehova wayelunikeza kanjani usizo ngamanye amakholwa? Ngokuvamile uJehova wayebangela ukuba enye yezinceku zakhe inikeze enye iseluleko, njengalapho uJeremiya enikeza uBharuki iseluleko esasindisa ukuphila kwakhe. (Jeremiya 45:1-5) Ngezinye izikhathi, abakhulekeli beqiniso babeshukumiseleka ukuba babasize ngokwenyama labo abakholwa nabo, njengalapho amaKristu aseMakedoniya nase-Akhaya ebonisa ukuzimisela ukusiza abafowabo abaswele eJerusalema. Umphostoli uPawulu wathi umusa onjalo ‘uyisenzo sokubonisa ukubonga kuNkulunkulu.’—2 Korinte 9:11.
20, 21. Kwakwenze njani lapho umphostoli uPawulu eqiniswa abazalwane baseRoma?
20 Akuve kuthinta inhliziyo ukulandisa okuphathelene nezinceku zikaJehova ezasizana ngokuqinisana nokukhuthazana. Cabanga ngesibonelo somphostoli uPawulu. Lapho eya eRoma eyisiboshwa, uPawulu wahamba ngomgwaqo omkhulu waseRoma obizwa ngokuthi i-Appian Way. Ingxenye yokugcina yalolu hambo yayingathandeki neze, ngoba umhambi kwakudingeka ehlele phansi emaxhaphozini.a Abazalwane basebandleni laseRoma babazi ukuthi uPawulu uyeza. Babezokwenze njani? Ingabe babezolinda ezindlini zabo ezithokomele emzini aze afike uPawulu, bese kuba yimá beyombingelela?
21 Umlobi weBhayibheli uLuka, owayenoPawulu kulolu hambo, usixoxela okwenzeka: “Kusuka lapho [eRoma], lapho bezwa izindaba ngathi, abazalwane baze bafika eSigcawini sika-Aphiyo naseTresi Thaberne besihlangabezile.” Uyakubona lokhu ngengqondo? Njengoba lalazi ukuthi uPawulu uyeza, ithimba labazalwane lalisuke eRoma layomhlangabeza. Abanye kuleli thimba babelinde eSigcawini sika-Aphiyo, isiteshi sokuphumula esaziwayo esingamakhilomitha angaba ngu-74 ngaphambi kokuba ufike eRoma. Bonke abanye abazalwane babelinde eTresi Thaberne, isiteshi esasingamakhilomitha angaba ngu-58 ngaphambi kokuba ufike emzini. Wenze njani uPawulu? ULuka uthi: “Lapho ebabona, uPawulu wabonga uNkulunkulu, wama isibindi.” (IzEnzo 28:15) Cabanga—ukubabona nje labo bazalwane ababezikhandlile bahamba yonke leyo ndlela kwamqinisa futhi kwamduduza uPawulu! Futhi uPawulu wabonga bani ngalolu sizo olwamsekela? Wabonga uMthombo walo, uJehova uNkulunkulu.
22. Uthini umbhalo wethu wonyaka ka-2005, futhi kuzoxoxwa ngani esihlokweni esilandelayo?
22 Kusobala ukuthi ukulandisa okuphefumulelwe kwezenzo zikaNkulunkulu kuyazisho. UnguMsizi ongenakuqhathaniswa. Ngokufanelekayo, umbhalo wonyaka ka-2005 woFakazi BakaJehova kuzoba amazwi eHubo 121:2: “Usizo lwami luvela kuJehova.” Kodwa uJehova usisiza kanjani namuhla? Sizoxoxa ngalokhu esihlokweni esilandelayo.
[Umbhalo waphansi]
a Imbongi engumRoma uHorace (yango-65 kuya ku-8 B.C.E.), eyake yaluthatha lolu hambo, yakhuluma ngezindlela ehlukumeza ngazo le ngxenye yohambo. UHorace wathi iMakethe, noma iSigcawu, sika-Aphiyo “sinesiminyaminya samatilosi nabanikazi bamahhotela abancishanayo.” Wakhononda “ngezimbuzane namaxoxo ayisiqalekiso” nangamanzi “amabi.”
Uyakhumbula?
Iziphi izindlela uJehova ánikeza ngazo usizo—
• esebenzisa izingelosi?
• ngomoya wakhe ongcwele?
• ngeZwi lakhe eliphefumulelwe?
• ngamanye amakholwa?
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 15]
Umbhalo wonyaka ka-2005 uzothi: “Usizo lwami luvela kuJehova.”—IHubo 121:2.
[Isithombe ekhasini 16]
UPawulu wabonga uNkulunkulu ngosizo aluthola kubazalwane baseRoma