IZwi LikaJehova Liyaphila
Amaphuzu Avelele Encwadi YabaHluleli
UJEHOVA wenzenjani lapho abantu bakhe bemfulathela, baqale ukukhulekela onkulunkulu bamanga? Wenzenjani uma bemshiya ngokuphindaphindiwe, bamkhumbule kuphela lapho behlupheka? Ingabe uyabenzela indlela yokuphunyula yize kunjalo? Incwadi yabaHluleli iphendula le mibuzo neminye ebalulekile. Njengoba umprofethi uSamuweli ayiqeda cishe ngo-1100 B.C.E., ihlanganisa izenzakalo zeminyaka engaba ngu-330—kusukela ekufeni kukaJoshuwa kuya ekubekweni kwenkosi yokuqala yakwa-Israyeli.
Incwadi yabaHluleli ibaluleke kakhulu kithi, kwazise iyingxenye yezwi likaNkulunkulu elinamandla, noma umyalezo wakhe. (Hebheru 4:12) Izenzakalo ezithakazelisayo ezilotshwe kuyo zisenza siqonde ubuntu bukaNkulunkulu. Izifundo esizifunda kuzo zisiqinisa ukholo, zisisize sikubambisise “ukuphila kwangempela,” ukuphila okuphakade ezweni elisha elithenjiswe uNkulunkulu. (1 Thimothewu 6:12, 19; 2 Petru 3:13) Izenzo zokusindisa uJehova azenzela abantu bakhe zinikeza umbono wokukhulula okukhulu okuzokwenziwa iNdodana yakhe, uJesu Kristu, esikhathini esizayo.
KUNGANI KWAKUDINGEKA ABAHLULELI?
Ngemva kokuba ama-Israyeli aholwa uJoshuwa enqobe amakhosi ezwe laseKhanani, izizwe ezihlukahlukene zakwa-Israyeli ziya emazweni ayifa lazo ziwathathe. Nokho, ama-Israyeli awazisusi izakhamuzi zalawo mazwe. Ukuziyeka kwawo kuba ugibe olukhulu ku-Israyeli.
Isizukulwane sangemva kwezinsuku zikaJoshuwa ‘asimazi uJehova noma umsebenzi awenzelé u-Israyeli.’ (AbaHluleli 2:10) Ngaphezu kwalokho, abantu bashadiselana namaKhanani bakhonze nonkulunkulu bawo. Ngakho uJehova unikela ama-Israyeli ezandleni zezitha zawo. Nokho, lapho ingcindezelo iba nkulu, abantwana bakwa-Israyeli babiza uNkulunkulu weqiniso bacele usizo. Zinjalo izinto ngokwenkolo, ngokwenhlalo, nangokwezombusazwe lapho kwenzeka izenzakalo ezihilela uhlu lwabahluleli uJehova abavusa ukuze basindise abantu bakhe ezitheni zabo.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
1:2, 4—Kungani uJuda enziwa abe isizwe sokuqala esithatha isabelo saso sezwe? Ngokuvamile, leli lungelo laliyotholwa isizwe sakwaRubeni, izibulo likaJakobe. Kodwa esiprofethweni sakhe esezokufa, uJakobe wabikezela ukuthi uRubeni wayengeke avelele, ngoba wayelahle ilungelo lakhe lobuzibulo. USimeyoni noLevi, ababebonise unya, babezosakazeka kwa-Israyeli. (Genesise 49:3-5, 7) Ngakho, olandelayo kwakunguJuda, indodana kaJakobe yesine. USimeyoni, owahamba noJuda, wathola iziqeshana zezwe ezisakazeke kuyo yonke indawo enkulu yakwaJuda.a—Joshuwa 19:9.
1:6, 7—Kungani amakhosi anqotshiwe ayenqunywa izithupha noqukulu? Umuntu ongasenazo izithupha noqukulu ngokusobala wayengenakulwa empini. Uma isosha lingasenazithupha, lalingayibamba kanjani inkemba noma umkhonto? Futhi ukunqunywa oqukulu kwakuyolenza lingakwazi ukuzimelela kahle.
Izifundo Esizitholayo:
2:10-12. Kumelwe sibe nesimiso sokutadisha iBhayibheli njalo ukuze ‘singazikhohlwa izenzo zikaJehova.’ (IHubo 103:2) Abazali kudingeka baligxilise iqiniso leZwi likaNkulunkulu ezinhliziyweni zezingane zabo.—Duteronomi 6:6-9.
2:14, 21, 22. UJehova uzivumela ngesizathu izinto ezimbi ukuba zenzeke kubantu bakhe abangalaleli—ukuze abayale, abacwenge, futhi abashukumisele ukuba babuyele kuye.
UJEHOVA UVUSA ABAHLULELI
Ukulandisa okuthakazelisayo kokunqoba kwabahluleli kuqala lapho u-Otheniyeli ekhipha u-Israyeli ejokeni lenkosi yaseMesophothamiya aselibekezelele iminyaka engu-8. Ngesu elibonisa isibindi, uMahluleli u-Ehudi ubulala u-Egiloni, inkosi ekhuluphele yakwaMowabi. UShamgari oyiqhawe ubulala amaFilisti angu-600 eyedwa esebenzisa ukhandi lwezinkomo. Ekhuthazwa uDebora, ongumprofethikazi, futhi esekelwa uJehova, uBharaki nebutho lakhe lamadoda ayizinkulungwane eziyishumi angahlomile kangako banqoba ibutho elinamandla likaSisera. UJehova uvusa uGideyoni njengomahluleli futhi amsize ukuba anqobe abakwaMidiyani enebutho lakhe lamadoda angu-300.
NgoJefta, uJehova ukhulula u-Israyeli kwabakwa-Amoni. Emadodeni angu-12 ahlulela u-Israyeli kukhona noThola, uJayire, u-Ibhizani, u-Eloni, no-Abhidoni. Inkathi yabaHluleli iphela ngoSamsoni olwa namaFilisti.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
4:8—Kungani uBharaki aphikelela ethi umprofethi uDebora makahambe naye ukuya empini? Ngokusobala, uBharaki wayengazethembi ngokwanele ukuba ayolwa nebutho likaSisera eyedwa. Ukuba nalo mprofethikazi kwakuyomqinisekisa yena nebutho lakhe ukuthi babeqondiswa uNkulunkulu futhi kwakuyobazimazisa. Ngakho, ukuphikelela kukaBharaki ukuba uDebora ahambe naye kwakungelona uphawu lokuba buthakathaka kodwa kwakungolokuba nokholo oluqinile.
5:20—Izinkanyezi zamlwela kanjani uBharaki zisezulwini? IBhayibheli alisho ukuthi lokhu kwakuhilela usizo lwezingelosi yini, noma ukuwa kwezinto emkhathini okwabhekwa izihlakaniphi zikaSisera njengokusho inhlekelele, noma mhlawumbe izibikezelo zezinkanyezi ezikhohlisa uSisera. Nokho, ngokungangabazeki uNkulunkulu wangenela ngandlela-thile.
7:1-3; 8:10—Kungani uJehova athi ibutho likaGideyoni lamadoda angu-32 000 lalilikhulu kakhulu lapho lizolwa nebutho labangu-135 000? Lokhu kwakungenxa yokuthi uJehova wayezomsiza uGideyoni nebutho lakhe ukuba banqobe. UNkulunkulu wayengafuni bacabange ukuthi banqobe abakwaMidiyani ngamandla abo.
11:30, 31—Lapho uJefta enza isifungo sakhe, ingabe wayekhuluma ngomhlatshelo ongumuntu? UJefta wayengeke neze ayicabange into enjalo, ngoba uMthetho wawuthi: “Akufanele kutholakale kuwe noma ubani odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni.” (Duteronomi 18:10) Kodwa kona uJefta wayecabanga ngomuntu, hhayi isilwane. Izilwane ezifanelekela ukwenziwa umhlatshelo cishe zazingahlali endlini kwa-Israyeli. Futhi umnikelo wesilwane wawungeke ube into ekhethekile. UJefta wayazi ukuthi umuntu oyophuma endlini yakhe ezomhlangabeza kwakungase kube indodakazi yakhe. Wayezonikela ngalowo muntu ‘njengomnikelo wokushiswa’ ngokuthi lowo muntu wayeyonikelwa ekukhonzeni uJehova kuphela endlini engcwele.
Izifundo Esizitholayo:
3:10. Ukuphumelela ezintweni ezingokomoya akuxhomekile ekuhlakanipheni komuntu, kodwa kuxhomeke emoyeni kaJehova.—IHubo 127:1.
3:21. U-Ehudi wasebenzisa inkemba yakhe ngekhono nangesibindi. Thina kumelwe sihlakulele ikhono ekusebenziseni ‘inkemba yomoya, okuwukuthi, izwi likaNkulunkulu.’ Lokhu kusho ukuthi kumelwe sisebenzise imiBhalo ngesibindi enkonzweni yethu.—Efesu 6:17; 2 Thimothewu 2:15.
6:11-15; 8:1-3, 22, 23. Ukuthobeka kukaGideyoni kusifundisa izifundo ezintathu ezibalulekile: (1) Lapho sinikwa ilungelo lenkonzo, kufanele sicabange ngomthwalo wemfanelo ohilelekile kulo kunokugxila ekuveleleni noma udumo olungase luhambisane nalo. (2) Lapho sisebenzelana nalabo abathanda ingxabano, ukubonisa ukuzithoba kuyinkambo yokuhlakanipha. (3) Ukuthobeka kusenza singakhathaleli kakhulu isikhundla.
6:17-22, 36-40. Nathi kumelwe siqaphele ukuba ‘singakholwa yizo zonke izinkulumo eziphefumulelwe.’ Kunalokho, kudingeka ‘sizivivinye izinkulumo eziphefumulelwe ukuze sibone ukuthi zivela kuNkulunkulu yini.’ (1 Johane 4:1) Ukuze aqiniseke ukuthi iseluleko ahlose ukusinikeza sisekelwe ngokuqinile eZwini likaNkulunkulu, umdala omusha ongumKristu wenza ngokuhlakanipha lapho ebonisana nomdala onokuhlangenwe nakho.
6:25-27. UGideyoni wasebenzisa ukuqonda ukuze angathukuthelisi abaphikisi bakhe ngokungadingekile. Lapho sishumayela izindaba ezinhle, kumelwe siqaphele ukuba singacasuli abanye ngokungadingekile ngendlela esikhuluma ngayo.
7:6. Ekukhonzeni uJehova, kufanele sibe njengebutho likaGideyoni lamadoda angu-300—sibe abaphapheme nabaqaphile.
9:8-15. Yeka ukuthi kuwubuwula kanjani ukwenza ngokuqhosha futhi ufukamele isifiso sokuvelela ngesikhundla noma ngethonya!
11:35-37. Akungabazeki ukuthi isibonelo esihle sikaJefta saba neqhaza elikhulu ekusizeni indodakazi yakhe ukuba ibe nokholo oluqinile nomoya wokuzidela. Abazali namuhla bangazibekela isibonelo esinjalo izingane zabo.
11:40. Ukutusa umuntu obonisa umoya wokuzimisela enkonzweni kaJehova kuyamkhuthaza lowo muntu.
13:8. Lapho befundisa izingane zabo, abazali kufanele bathandaze kuJehova bacele isiqondiso sakhe bese besilandela.—2 Thimothewu 3:16.
14:16, 17; 16:16. Ukucindezela umuntu ngokukhala noma ngokufundekela kungalimaza ubuhlobo.—IzAga 19:13; 21:19.
EZINYE IZONO EZENZIWA KWA-ISRAYELI
Ingxenye yokugcina yencwadi yabaHluleli inezindaba ezimbili eziphawulekayo. Eyokuqala eyendoda okuthiwa uMika, emisa isithombe emzini wayo bese iqasha umLevi ukuba abe umpristi wayo. Ngemva kokubhubhisa umuzi waseLayishi, noma iLeshemu, abakwaDani bazakhela owabo umuzi bawuqambe ngokuthi kukwaDani. Besebenzisa isithombe sikaMika nompristi wakhe, baqala okunye ukukhulekela kwaDani. Ngokusobala, umuzi waseLayishi udliwa ngaphambi kokufa kukaJoshuwa.—Joshuwa 19:47.
Isenzakalo sesibili senzeka ngemva nje kokufa kukaJoshuwa. Iqembu lamadoda athile asemzini waseGibheya wabakwaBhenjamini enza isenzo sokunukubeza ngokobulili esibangela ukuba kucishe kuqothulwe sonke isizwe sakwaBhenjamini—kusala amadoda angu-600 kuphela. Nokho, ilungiselelo elenzelwa ukulungisa le nkinga liwenza akwazi ukuthola abafazi, futhi inani lawo likhuphuka lize licishe lifike emabuthweni angu-60 000 lapho sekubusa uDavide.—1 IziKronike 7:6-11.
Izimpendulo Zemibuzo YemiBhalo
17:6; 21:25—Uma ‘yilowo nalowo ayenza okulungile emehlweni akhe,’ ingabe lokhu kwakukhuthaza isiyaluyalu? Akunjalo, ngoba uJehova wenza amalungiselelo anele ukuze aqondise abantu bakhe. Wabanika uMthetho nabapristi ukuze babafundise indlela yakhe. Nge-Urimi neThumimi, umpristi omkhulu wayengabuza kuNkulunkulu mayelana nezindaba ezibalulekile. (Eksodusi 28:30) Futhi umuzi ngamunye wawunamadoda amadala ayenganikeza iseluleko esinengqondo. Lapho umIsrayeli ewasebenzisa la malungiselelo, wayeba nesiqondiso esinengqondo esingasiza unembeza wakhe. Ukwenza kwakhe “okulungile emehlweni akhe” ngale ndlela kwakuba nomphumela omuhle. Ngakolunye uhlangothi, uma umuntu ayengawunaki uMthetho azenzele ezakhe izinqumo mayelana nokuziphatha nokukhulekela, umphumela wawuba mubi.
20:17-48—Kungani uJehova avumela abakwaBhenjamini ukuba banqobe ezinye izizwe kuze kube kabili, yize bona ngokwabo babedinga ukujeziswa? Ngokuqale avumele izizwe ezithembekile ukuba zilimale kakhulu, uJehova wavivinya ukuzimisela kwazo ukuqothula ububi kwa-Israyeli.
Izifundo Esizitholayo:
19:14, 15. Ukungafuni kwabantu baseGibheya ukungenisa izihambi kwakubonisa ukushiyeka endleleni yokuphatha abanye abantu. AmaKristu ayalwa ukuba ‘alandele inkambo yokungenisa izihambi.’—Roma 12:13.
Ukukhululwa Okuseza
Maduze nje, uMbuso kaNkulunkulu ophethwe uKristu Jesu uzobhubhisa leli zwe elibi futhi ulethe ukukhululwa okukhulu kwabaqotho nabangasoleki. (IzAga 2:21, 22; Daniyeli 2:44) Ngaleso sikhathi ‘zonke izitha zikaJehova ziyoshabalala, abamthandayo babe njengalapho ilanga liphuma ngamandla alo.’ (AbaHluleli 5:31) Masibe phakathi kwabamthandayo uJehova ngokusebenzisa lokho esikufundile encwadini yabaHluleli.
Iqiniso eliyisisekelo elivezwa ngokuphindaphindiwe ezindabeni zabaHluleli yileli: Ukulalela uJehova kuholela ezibusisweni ezicebile, kanti ukungamlaleli kona kuletha imiphumela emibi. (Duteronomi 11:26-28) Yeka indlela okubaluleke ngayo ukuba ‘siyilalele ngokusuka enhliziyweni’ intando kaNkulunkulu embuliwe!—Roma 6:17; 1 Johane 2:17.
[Umbhalo waphansi]
a AmaLevi awanikwanga ifa eZweni Lesithembiso ngaphandle kwemizi engu-48 eyayisakazeke kulo lonke elakwa-Israyeli.
[Ibalazwe ekhasini 25]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
“UJehova wayevusa abahluleli, bamsindise [u-Israyeli] esandleni sababemgcugca.”—AbaHluleli 2:16
ABAHLULELI
1. U-Otheniyeli
2. U-Ehudi
3. UShamgari
4. UBharaki
5. UGideyoni
6. UThola
7. UJayire
8. UJefta
9. U-Ibhizani
10. U-Eloni
11. U-Abhidoni
12. USamsoni
KWADANI
KWAMANASE
KWANAFETALI
KWA-ASHERI
KWA-ZEBHULONI
KWA-ISAKARE
KWAMANASE
KWAGADI
KWA-EFRAYIMI
KWADANI
KWABHENJAMINI
KWARUBENI
KWAJUDA
[Isithombe ekhasini 26]
Isiphi isifundo ositholile ekuphikeleleni kukaBharaki ukuba uDebora aye empini?