-
Ukugabadela Kuholela EhlazweniINqabayokulinda—2000 | Agasti 1
-
-
16. USawule wasibonisa ngayiphi indlela isimo sengqondo sokungabi nasineke?
16 Nokho, kamuva ukuthobeka kukaSawule kwaphela. Kwathi esalwa namaFilisti, wamonyuka waya eGiligali, lapho kwakulindeleke ukuba alinde khona uSamuweli aze afike ukuze amnxusele kuNkulunkulu ngemihlatshelo. Lapho uSamuweli engafiki ngesikhathi esimisiwe, uSawule ngokugabadela wanikela ngomnikelo wokushiswa. Kwathi angaqeda nje, wafika uSamuweli. “Wenzeni na?” kubuza uSamuweli. USawule waphendula: “[Ngibone] ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi awufikanga ngesikhathi esimisiweyo, . . . ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.”—1 Samuweli 13:8-12.
17. (a) Kungani izenzo zikaSawule zingaqale zibonakale zifaneleka? (b) Kungani uJehova ahlulela uSawule ngesenzo sakhe esibonisa ukungabi nasineke?
17 Uma nje uqala ukuyizwa le ndaba, izenzo zikaSawule zingabonakala zifaneleka. Angithi abantu bakaNkulunkulu ‘babesengcingweni, becindezelwe kakhulu,’ futhi bethuthumela ngenxa yesimo sabo esiphuthumayo. (1 Samuweli 13:6, 7) Akukubi neze ukuthatha isinyathelo uma izimo zidinga kwenziwe kanjalo.d Kodwa khumbula ukuthi uJehova ukwazi ukufunda izinhliziyo futhi abone izisusa ezisekujuleni kwethu. (1 Samuweli 16:7) Ngakho, kumelwe ukuba wabona izici ezithile kuSawule ezingashiwongo ngokuqondile ekulandiseni kweBhayibheli. Ngokwesibonelo, kungenzeka ukuthi uJehova wabona ukuthi ukungabi nasineke kukaSawule kwakudalwa ukuqhosha. Mhlawumbe uSawule kwakumcasula kabi ukuthi yena—inkosi yawo wonke u-Israyeli—kufanele alinde othile ayembheka njengexhegu lomprofethi elingenzi izinto ngesikhathi! Kunoma ikuphi, uSawule waba nomuzwa wokuthi ukulibala kukaSamuweli kumnikeza igunya lokuzibambela mathupha futhi awushaye indiva umyalo ocacile ayewunikeziwe. Waba yini umphumela? USamuweli akazange asituse isenzo sikaSawule. Kunalokho, wamsola uSawule, ethi: “Umbuso wakho awuyikuqhubeka . . . ngokuba ungagcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.” (1 Samuweli 13:13, 14) Nalapha futhi, ukugabadela kwaholela ehlazweni.
-
-
Ukugabadela Kuholela EhlazweniINqabayokulinda—2000 | Agasti 1
-
-
d Ngokwesibonelo, uFinehasi wathatha isinyathelo esisheshayo sokunqanda isifo esabulala amashumi ezinkulungwane zama-Israyeli, kanti noDavide wakhuthaza amadoda ayenaye ayelambile ukuba adle kanye naye izinkwa zokubukwa “endlini kaNkulunkulu.” Kulezi zenzo, asikho uNkulunkulu asilahla ngokuthi siwukugabadela.—Mathewu 12:2-4; Numeri 25:7-9; 1 Samuweli 21:1-6.
-