“Inhliziyo Yakho Ilungelene Nenhliziyo Yami?”
“Hamba nami, ubone ukushisekela kwami uJehova.”—2 AMAKHOSI 10:16.
1, 2. (a) Isimo esingokwenkolo sika-Israyeli sashintsha kanjani saba sibi nakakhulu? (b) Ngo-905 B.C.E., yiluphi ushintsho olukhulu olwase luzokwenzeka kwa-Israyeli?
UNYAKA KA-905 B.C.E. wawuyisikhathi soshintsho olukhulu kwa-Israyeli. Eminyakeni ecishe ibe yikhulu ngaphambili, uJehova wayebangele ukuba umbuso obumbene wakwa-Israyeli uhlukane ngenxa yokuhlubuka kukaSolomoni. (1 AmaKhosi 11:9-13) Umbuso waseningizimu, uJuda, wabe usubuswa indodana kaSolomoni uRehobowamu, kanti umbuso wasenyakatho, u-Israyeli, wabuswa iNkosi uJerobowamu, yakwa-Efrayimi. Ngokudabukisayo, umbuso wasenyakatho waba nesiqalo esiyinhlekelele. UJerobowamu wayengafuni ukuba abantu bakhe behlele embusweni waseningizimu bayokhulekela ethempelini, esaba ukuthi babeyocabanga ukubuyela endlini kaDavide. Ngakho wamisa ukukhulekelwa kwethole kwa-Israyeli futhi kanjalo wamisa ukhondolo lokukhulekela izithombe olwaqhubeka phakathi nawo wonke umlando wombuso wasenyakatho ngokwezinga elithile.—1 AmaKhosi 12:26-33.
2 Izinto zaba zimbi kakhulu lapho u-Ahabi, indodana ka-Omri, eba yinkosi. Umkakhe owayengowezizwe, uJezabeli, wakhuthaza ukukhulekelwa kukaBali futhi wabulala abaprofethi bakaJehova. Naphezu kwezixwayiso ezingagwegwesi zomprofethi u-Eliya, u-Ahabi akenzanga lutho ukuze anqande umkakhe. Nokho, ngo-905 B.C.E., u-Ahabi wayesefile, futhi kwakubusa indodana yakhe, uJehoramu. Manje kwase kuyisikhathi sokuba izwe lihlanzwe. U-Elisha, owalandela u-Eliya esikhundleni, wazisa umlawuli wamabutho, uJehu, ukuthi uJehova wayegcoba yena njengenkosi yakwa-Israyeli elandelayo. Wawuyini umsebenzi wakhe? Ukubhubhisa indlu ka-Ahabi eyonayo nokuphindisela igazi labaprofethi elalichithwe uJezabeli!—2 AmaKhosi 9:1-10.
3, 4. UJehonadaba wabonisa kanjani ukuthi inhliziyo yakhe ‘yayilungelene nekaJehu’?
3 Elalela umyalo kaNkulunkulu, uJehu wayala ukuba uJezabeli omubi abulawe, ngemva kwalokho waqala ukuhlanza u-Israyeli ngokubhubhisa indlu ka-Ahabi. (2 AmaKhosi 9:15–10:14, 17) Wabe esehlangana nomsekeli. “Wafumana uJehonadaba indodana kaRekabi eza ukumhlangabeza; wambingelela, wathi kuye: Inhliziyo yakho ilungelene nenhliziyo yami njengeyami ilungelene neyakho na? Wathi uJehonadaba: E. Uma kunjalo, nginike isandla sakho. Wamnika isandla sakhe, wamkhwelisa enqoleni yakhe. Wayesethi: Hamba nami, ubone ukushisekela kwami uJehova. Base bemkhwelisa enqoleni yakhe.”—2 AmaKhosi 10:15, 16.
4 UJehonadaba (noma, uJonadaba) wayengeyena umIsrayeli. Nokho, ngokuvumelana negama lakhe (elisho ukuthi “UJehova Ukulungele,” “UJehova Uphakeme,” noma “UJehova Uyephana”) wayengumkhulekeli kaJehova. (Jeremiya 35:6) Ngokuqinisekile, wayenesithakazelo esingavamile sokubona “ukushisekela [kukaJehu] uJehova.” Sazi kanjani? Phela, ukuhlangana kwakhe nenkosi yakwa-Israyeli eyayisigcotshiwe akuzange kube ngengozi. UJehonadaba ‘wayeza ukumhlangabeza,’ enza lokhu ngemva kokuba uJehu kakade esebulale uJezabeli nabanye endlini ka-Ahabi. UJehonadaba wayekwazi okwakwenzeka lapho amukela isimemo sikaJehu sokuba agibele enqoleni yakhe. Ngokungangabazeki wayengasohlangothini lukaJehu—nolukaJehova—kulokhu kushayisana kokukhulekela kwamanga nokweqiniso.
UJehu NoJehonadaba Bosuku Lwanamuhla
5. (a) Yiziphi izinguquko ezizokwenzekela isintu sonke ngokushesha? (b) Ubani uJehu Omkhulu, futhi obani abammelelayo emhlabeni?
5 Namuhla, ngokushesha izinto zizosishintshela kakhulu isintu sisonke njengoba kwenzeka ku-Israyeli emuva ngo-905 B.C.E. Manje sesisondele isikhathi lapho uJehova ezohlanza umhlaba asuse yonke imiphumela emibi yethonya likaSathane, kuhlanganise nenkolo yamanga. Ubani uJehu wanamuhla? Akekho omunye ngaphandle kukaJesu Kristu, lowo abhekiswe kuye amazwi ayisiprofetho athi: “Bophela inkemba yakho okhalweni lwakho wena-qhawe, kube-ngukuphakama kwakho nobukhosi bakho. Hlahlameleka ebukhosini bakho, uqhubeke ngenxa yeqiniso nokuthobeka nokulunga.” (IHubo 45:3, 4) UJesu umelelwa ‘u-Israyeli kaNkulunkulu’ emhlabeni, amaKristu agcotshiwe ‘agcina imiyalo kaNkulunkulu futhi anomsebenzi wokufakaza ngoJesu.’ (Galathiya 6:16; IsAmbulo 12:17) Kusukela ngo-1922 laba bafowabo bakaJesu abagcotshiwe baye baxwayisa ngokungesabi ngezenzo zikaJehova zokwahlulela ezizayo.—Isaya 61:1, 2; IsAmbulo 8:7–9:21; 16:2-21.
6. Obani abaphuma ezizweni bezosekela amaKristu agcotshiwe, futhi baye bangena kanjani enqoleni kaJehu Omkhulu ngokomfanekiso?
6 AmaKristu agcotshiwe abengewodwa. Njengoba nje uJehonadaba aphuma eyohlangabeza uJehu, abaningi abavela ezizweni baye baphuma bezosekela uJesu, uJehu Omkhulu, nabameleli bakhe basemhlabeni ekumeleleni kwabo ukukhulekela kweqiniso. (Zakariya 8:23) Njengoba uJesu ababiza ngokuthi “ezinye izimvu” zakhe, ngo-1932 baqashelwa njengoJehonadaba wanamuhla ofana nowasendulo futhi bamenywa ukuba ‘bakhwele enqoleni’ kaJehu wanamuhla. (Johane 10:16) Kanjani? ‘Ngokugcina imiyalo kaNkulunkulu’ nokuhlanganyela nabagcotshiwe ‘emsebenzini wokufakaza ngoJesu.’ Ezikhathini zanamuhla, lokhu kuhlanganisa nokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu omisiwe ngaphansi kukaJesu njengeNkosi. (Marku 13:10) Ngo-1935 lawa “maJonadaba” achazwa ‘njengesixuku esikhulu’ sesAmbulo 7:9-17.
7. AmaKristu namuhla aye abonisa kanjani ukuthi ‘inhliziyo yawo isalungelene’ nenhliziyo kaJesu?
7 Kusukela ngawo-1930, isixuku esikhulu nabafowabo abagcotshiwe baye bakubonisa ngesibindi ukusekela kwabo ukukhulekela kweqiniso. Emazweni athile eMpumalanga naseNtshonalanga Yurophu, iMpumalanga Ekude nase-Afrika, abaningi babo baye bafela ukholo lwabo. (Luka 9:23, 24) Kwamanye amazwe, baye baboshwa, bahlaselwa yizixuku, noma bashushiswa ngezinye izindlela. (2 Thimothewu 3:12) Yeka umlando wokholo abaye bawenza! Futhi uMbiko Wonyaka Wenkonzo Ka-1997 ubonisa ukuthi basazimisele ukukhonza uNkulunkulu, kungakhathaliseki okwenzekayo. ‘Inhliziyo yabo isalungelene’ nenhliziyo kaJesu. Lokhu kwabonakala phakathi no-1997, lapho abamemezeli boMbuso abangu-5 599 931, cishe bonke ‘abangamaJonadaba,’ bachitha khona ingqikithi yamahora angu-1 179 735 841 emsebenzini wokufakaza ngoJesu.
Basashumayela Ngentshiseko
8. OFakazi BakaJehova bakubonisa kanjani ukushisekela kwabo ukukhulekela kweqiniso?
8 UJehu wayenedumela lokushayela inqola yakhe ngokujaha—ubufakazi bokushisekela kwakhe ukufeza umsebenzi wakhe. (2 AmaKhosi 9:20) UJesu, uJehu Omkhulu, uchazwa ‘njengodliwa’ yintshiseko. (IHubo 69:9) Khona-ke, akumangalisi ukuthi amaKristu eqiniso namuhla ayaphawuleka ngentshiseko yawo. Kokubili phakathi kwebandla nasemphakathini, ‘ashumayela izwi enomuzwa wokuphuthuma ngenkathi evumayo, ngenkathi enzima.’ (2 Thimothewu 4:2) Intshiseko yawo yabonakala ngokukhethekile ngasekuqaleni kuka-1997 ngemva kokuba isihloko se-Nkonzo Yethu YoMbuso sikhuthaze abaningi ngangokunokwenzeka ukuba bahlanganyele enkonzweni yamaphayona asizayo. Ezweni ngalinye kwabekwa umgomo wenani lamaphayona asizayo. Kwaba njani ukusabela? Kwamangaza! Amagatsha amaningi aleqa inani eliwumgomo. I-Ecuador yabeka umgomo wenani lika-4 000 kodwa ngo-March yabika amaphayona asizayo angu-6 936. IJapane yabika ingqikithi yabangu-104 215 phakathi nalezo zinyanga ezintathu. EZambia, lapho umgomo kwakungu-6 000, kwabika amaphayona asizayo angu-6 414 ngo-March; angu-6 532 ngo-April; nangu-7 695 ngo-May. Embulungeni yonke, inani eliphakeme lamaphayona asizayo navamile ehlangene lalingu-1 110 251, okuwukwanda ngamaphesenti angu-34,2 kuno-1996!
9. Ngaphandle komsebenzi wendlu ngendlu, yiziphi ezinye izindlela oFakazi BakaJehova abathola ngazo abantu ukuze babatshele izindaba ezinhle?
9 Umphostoli uPawulu watshela abadala base-Efesu: “[Angigodlanga] ukunitshela noma yini ezintweni ezinembuyiselo nokunifundisa obala nasendlini ngendlu.” (IzEnzo 20:20) OFakazi BakaJehova namuhla balingisa isibonelo sikaPawulu ngokushumayela izindaba ezinhle ngentshiseko endlini ngendlu. Nokho, kungase kungabi lula ukuthola abantu emakhaya abo. Kungakho “isigqila esikholekile nesiqondayo” sikhuthaza abamemezeli boMbuso ukuba baye kubantu ezindaweni abasebenza kuzo, emigwaqweni, emabhishi, nasemapaki omphakathi—noma kuphi lapho abantu betholakala khona. (Mathewu 24:45-47) Imiphumela iye yaba mihle kakhulu.
10, 11. Abamemezeli basemazweni amabili baye bakubonisa kanjani ukukulungela kahle ukuthatha isinyathelo ekutholeni abanesithakazelo abangatholakali emakhaya ngokuvamile?
10 ECopenhagen, eDenmark, iqembu elincane labamemezeli belifakaza emigwaqweni engaphandle kweziteshi zezitimela. Kusukela ngo-January kuya ku-June, lahambisa omagazini abangu-4 733, laba nezingxoxo ezinhle kakhulu, futhi lenza izimpindelo eziningi. Abamemezeli abaningana kulelozwe baye bavula imizila kamagazini ezitolo. Elinye idolobha liba nendali enkulu njalo ngoLwesihlanu, kube nezinkulungwane zezivakashi. Ngakho ibandla liye lahlela ukufakaza kwasendalini zikhathi zonke. Kwenye indawo kuvakashelwa izikole nesethi yezincwadi ezilungele othisha besikole ngokukhethekile.
11 EHawaii nakhona kuye kwenziwa imizamo yokufinyelela labo abangatholakali emakhaya. Amasimu akhethekile ahlanganisa izindawo zomphakathi (imigwaqo, amapaki, izindawo zokupaka nezitobhi zamabhasi), izindawo zamabhizinisi, izikhungo zezitolo nezikhumulo zezindiza, ukufakaza ngocingo, izinto zokuthutha umphakathi (ukushumayela emabhasini), namagceke amakolishi. Kuyaqikelelwa ukuthi kwabelwa inani elilingene loFakazi ensimini ngayinye nokuthi labo ababelwe baqeqeshwe kahle. Emazweni amaningi kubikwa imizamo ehleleke kahle njengalena. Ngenxa yalokho, kuthintwana nabantu abathakazelayo okungenzeka bebengasoze batholakale enkonzweni yendlu ngendlu.
Bama Beqinile
12, 13. (a) Yiliphi isu uSathane alisebenzisa lokumelana noFakazi BakaJehova phakathi no-1997? (b) Inkulumo-ze engamanga yakufeza kanjani okuphambene nokwakuhlosiwe kwelinye izwe?
12 Emazweni amaningana ngo-1997, oFakazi BakaJehova babeyizisulu zenkulumo-ze engamanga nenonya eyabhebhezelwa ngenjongo ebonakala iwukuba bathathelwe izinyathelo zomthetho uma kungenzeka. Kodwa abazange bahlehle! (IHubo 112:7, 8) Bakhumbula umthandazo womhubi: “Abazidlayo baqamba amanga ngami; ngenhliziyo yonke yami ngiyakugcina iziyalezo zakho.” (IHubo 119:69) Ukusakaza amanga okunjalo emphakathini kumane kuwubufakazi bokuzondwa kwamaKristu eqiniso njengoba kwaprofetha uJesu. (Mathewu 24:9) Futhi ngezinye izikhathi kuye kwafeza okuphambene nokusuke kuhlosiwe. Indoda yaseBelgium yafunda isihloko esijivaza oFakazi BakaJehova ephephandabeni elidumile lansuku zonke. Ishaqiswe amazwi okunyundela, yaya emhlanganweni eHholo LoMbuso ngeSonto elilandelayo. Yahlela ukutadisha iBhayibheli noFakazi futhi yaqhubeka ithuthuka ngokushesha. Ngaphambili, lendoda yayikade iyilungu leqembu lezigilamkhuba. Isifundo sayo seBhayibheli sayisiza ukuba ihlanze ukuphila kwayo, okuyinto abayiqaphela abantu abayizungezile. Ngokuqinisekile, umlobi waleso sihloko esinyundelayo wayengacabangi ngomphumela onjalo!
13 Abanye abantu abanhliziyo ziqotho eBelgium baye bakhuluma obala ngokumelene nenkulumo-ze edukisayo. Phakathi kwabo kunowayengundunankulu, owavuma ukuthi ubahlonipha kakhulu oFakazi BakaJehova ngalokho abaye bakufeza. Elinye ilungu lesishaya-mthetho labhala: “Ngokuphambene nezinkulumo ezijivazayo eziye zisakazwe ngezikhathi ezithile, kimina [oFakazi BakaJehova] ababonakali nakancane beyingozi eMbusweni. Bayizakhamuzi ezithanda ukuthula, eziqotho nezihlonipha iziphathimandla.” Ahlakaniphile ngempela amazwi omphostoli uPetru athi: “Londolozani ukuziphatha kwenu kukuhle phakathi kwezizwe, ukuze kuthi, entweni ezikhuluma kabi ngani kuyo njengokungathi ningabenzi bokubi, zikhazimulise uNkulunkulu ngosuku lokuhlola kwakhe ngenxa yemisebenzi yenu emihle ezingofakazi bayo bokuzibonela.”—1 Petru 2:12.
Umkhosi WeSikhumbuzo Ophawulekayo
14. Yimiphi eminye yemibiko ejabulisayo yamanani ababa khona eSikhumbuzweni ngo-1997?
14 Kuyafaneleka ukuba labo abafakaza ngoJesu babheke iSikhumbuzo sokufa kwakhe njengesenzakalo esisemqoka onyakeni. Ngo-1997, kwaba khona abangu-14 322 226 ngo-March 23 bezogubha lesi senzakalo. Leli kwakuyinani elilidlula ngo-1 400 000 elango-1996. (Luka 22:14-20) Emazweni amaningi inani lababekhona eSikhumbuzweni lalilidlula kude elabamemezeli boMbuso, okubonisa amathuba amahle okwanda esikhathini esizayo. Ngokwesibonelo, eHaiti, ngo-1997 kwaba nenani eliphakeme labamemezeli abangu-10 621, kanti eSikhumbuzweni kwakunabangu-67 259. Ungahlola umbiko wonyaka emakhasini 18 kuya ku-21 ubone ukuthi mangaki amanye amazwe nawo aba namanani aphakeme uma kuqhathaniswa nenani labamemezeli.
15. Kwamanye amazwe, abafowethu bazinqoba kanjani izinkinga ezinzima ukuze bagubhe iSikhumbuzo?
15 Kwakungelula kwabanye ukuya eSikhumbuzweni. E-Albania kwakunomthetho wewashi oqala ngo-7:00 ntambama ngenxa yezibhelu zomphakathi. Emaqenjini amancane angu-115 kulo lonke lelozwe, iSikhumbuzo saqala ngo-5:45 ntambama. Ilanga lashona ngo-6:08 ntambama, okwakusho ukuqala kuka-Nisan 14. Izifanekiselo zadluliswa cishe ngo-6:15 ntambama. Ezimweni eziningi umthandazo wokugcina wenziwa ngo-6:30 ntambama, futhi ababekhona baphuthuma emakhaya ngaphambi kokuba kuqale umthetho wewashi. Noma kunjalo, ababekhona eSikhumbuzweni babengu-3 154, kanti inani eliphakeme labamemezeli lingu-1 090. Kwelinye izwe lase-Afrika, izibhelu zomphakathi zenza ukuba kungafinyeleleki eHholo LoMbuso, ngakho abadala ababili banquma ukuhlangana emzini womdala wesithathu ukuze bahlele ukugubha lomkhosi ngamaqembu amancane. Ukuze bafike kulomuzi, laba badala ababili kwadingeka beqe umsele wamanzi. Nokho, kwakulwiwa kuleyo ndawo, futhi abadubuli abacashile babedubula noma ubani ozama ukweqa lomsele. Umdala wokuqala wadlula egijima kwangenzeka lutho. Owesibili wayeseqa lapho ezwa kuqhuma isibhamu. Waziphonsa phansi wahuquzela ngesisu waze wayofika endaweni ephephile izinhlamvu zilokhu zidlula ngaphezu kwakhe. Umhlangano wabadala waqhutshwa ngokuphumelelayo, futhi izidingo zebandla zanakekelwa.
“Siphuma Kuzo Zonke Izizwe Nezizwana . . . Nezilimi”
16. Isigaba sesigqila esikholekile nesiqondayo siye sakuhlela kanjani ukuba izindaba ezinhle zisakazwe emaqenjini ezilimi amancane?
16 Umphostoli uJohane wathi isixuku esikhulu sasiyophuma “kuzo zonke izizwe nezizwana nabantu nezilimi.” (IsAmbulo 7:9) Ngakho, iNdikimba Ebusayo ihlela ukuba zande ngokuqhubekayo izilimi okutholakala ngazo izincwadi—kuhlanganise nalezo ezikhulunywa izizwana eziqhelile namaqembu amancane abantu. Ngokwesibonelo, eMozambique, ipheshana elithi Ukuphila Ezweni Elisha Elinokuthula lakhululwa ngezilimi ezinhlanu ezengeziwe. ENicaragua, incwajana ethi Jabulela Ukuphila Emhlabeni Phakade! yenziwa yatholakala ngolimi lwamaMiskito—incwadi yokuqala ye-Watch Tower Society ngalolo limi. AmaNdiya amaningi angamaMiskito ayamukela ngesasasa elikhulu lencwajana lapho ebona okuthile ngolimi lwawo siqu. Ngo-1997 iNhlangano yagunyaza izincwadi zezilimi ezengeziwe ezingu-25 futhi yanyathelisa omagazini abangaphezu kwezigidi eziyinkulungwane.
17. Iqembu laluphi ulimi elasizwa eKorea, futhi ama-videotape aye ayisiza kanjani kakhulu lengxenye yabantu?
17 EKorea kwasizwa iqembu lolunye ulimi. Ngo-1997 kwaba nomhlangano wokuqala ngqá ngolimi lwezandla lwaseKorea. EKorea kunamabandla angu-15 olimi lwezandla anabamemezeli abangu-543, kodwa bangu-1 174 ababa khona emhlanganweni, kwabhapathizwa abangu-21. Ukuze kusizwe abayizithulu abangayiqondi kalula inkulumo noma okubhaliwe, kukhiqizwa izincwadi ezikuma-videotape ngezilimi zezandla ezihlukahlukene ezingu-13. Ngakho, abayizithulu basizwa ukuba ‘bafunde’ futhi batadishe imbala izindaba ezinhle, kube nemiphumela emihle. E-United States, ngaphambili kwakungathatha neminyaka emihlanu ngomuntu oyisithulu ukuba athuthuke aze abhapathizwe. Manje, njengoba sekunama-video athile atholakala ngoLimi Lwezandla LwaseMelika, kwabanye abayizithulu, leso sikhathi sesinciphe saba cishe unyaka owodwa.
‘Ukuhlala Enqoleni’
18. Ngemva kokuhlangana noJehonadaba, yini uJehu aqala ukuyenza?
18 Emuva ngo-905 B.C.E., ngemva kokuhlangana noJehonadaba, uJehu waqala ukubhubhisa ukukhulekela kwamanga. Wamema bonke abakhulekeli bakaBali: “Mngcweliseleni uBali umhlangano womkhosi.” Wabe esethumela ezweni lonke ukuba kuqinisekwe ukuthi kwakungekho mkhulekeli kaBali osele. Njengoba izixuku zitheleka ethempelini elikhulu likankulunkulu wamanga, kwaqikelelwa ukuthi akukho mkhulekeli kaJehova owayelapho. Ekugcineni, uJehu nebutho lakhe bacoboshisa abakhulekeli bakaBali. “UJehu wamchitha-ke uBali kwaIsrayeli.”—2 AmaKhosi 10:20-28.
19. Uma kucatshangelwa okusazokwehlela isintu, yimuphi umoya okufanele siwubonise, futhi yimuphi umsebenzi okufanele siwukhuthalele?
19 Namuhla, ukwahlulelwa kokugcina kwayo yonke inkolo yamanga kusemnyango. Ngaphansi kokuqondisa kwezingelosi amaKristu amemezela izindaba ezinhle kubo bonke abantu, ebakhuthaza ukuba besabe uNkulunkulu nokuba bazihlukanise nenkolo yamanga. (IsAmbulo 14:6-8; 18:2, 4) Abathobekileyo bakhuthazwa ukuba bazithobe eMbusweni kaNkulunkulu ngaphansi kweNkosi kaJehova ebekwe esihlalweni sobukhosi, uJesu Kristu. (IsAmbulo 12:10) Kulesi sikhathi esijabulisayo, akumelwe sivumele intshiseko yethu idambe njengoba simelela ukukhulekela kweqiniso.
20. Yini ozozimisela ukuyenza phakathi nonyaka wenkonzo ka-1998?
20 Ngesinye isikhathi, lapho iNkosi uDavide icindezeleke kakhulu, yathandaza: “Inhliziyo yami [igxilile, NW], Nkulunkulu; inhliziyo yami [igxilile, NW]; ngizakuhlabelela, ngihube. Ngizakukubonga, Nkosi, phakathi kwabantu.” (IHubo 57:7, 9) Kwangathi nathi singaba abagxilile. Phakathi nonyaka wenkonzo ka-1997, naphezu kwezinkinga eziningi, kwakhuphuka imvunge enkulu yokudumisa kwaba yinkazimulo kuJehova uNkulunkulu. Kwangathi kungezwakala imvunge efanayo, enkulu kakhulu, phakathi nalonyaka wenkonzo. Futhi kwangathi lokhu kungenzeka kungakhathaliseki ukuthi uSathane uzamani ukuze asidikibalise noma asiphikise. Kanjalo, siyobonisa ukuthi inhliziyo yethu isalokhu ilungelene nenhliziyo kaJehu Omkhulu, uJesu Kristu, futhi siyosabela ngomphefumulo wethu wonke ekunxuseni okuphefumulelwe: “Jabulani kuJehova, nethabe nina-balungileyo, nethabe nina nonke-baqotho ngenhliziyo.”—IHubo 32:11.
Ungachaza?
◻ Yiziphi izinguquko ezenzeka kwa-Israyeli ngo-905 B.C.E.?
◻ Ubani uJehu wanamuhla, futhi “isixuku esikhulu” siye sabonisa kanjani ukuthi ‘inhliziyo yaso ilungelene’ nenhliziyo yakhe?
◻ Yimiphi imininingwane embikweni wonyaka ebonisa intshiseko oFakazi BakaJehova abayibonisa phakathi nonyaka wenkonzo ka-1997?
◻ Yimuphi umoya esizowubonisa phakathi nonyaka wenkonzo ka-1998 kungakhathaliseki ukuthi uSathane wenzani kithi?
[Ishadi ekhasini 18-21]
UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-1997 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE
(See bound volume)
[Isithombe ekhasini 15]
Inani eliphawulekayo lababa khona eSikhumbuzweni libonisa amathuba amahle okwanda esikhathini esizayo
[Isithombe ekhasini 16]
Njengoba uJehonadaba asekela uJehu, kanjalo “isixuku esikhulu” namuhla sisekela uJehu Omkhulu, uJesu Kristu, nabafowabo abagcotshiwe