Umbiko Oqondile Kafakazi Wokuzibonela
Umbhalo wesiUgarit (KTU 1.161) onyatheliswe muva nje uqinisekisa ukwethembeka kweyesi-2 AmaKhosi 10:19, 20. Ukuze ibhubhise abakhulekeli bakaBali, iNkosi uJehu yayaleza: “Mngcweliseleni uBali (Unkulunkulu wamanga, ngokunokwenzeka owayemelelwe umfanekiso ongakwesobunxele) umhlangano womkhosi.” NgokweVetus Testamentum, umagazini onyatheliswa eNetherlands,lamazwi ‘awulimi oluqondile lwamaKhanani’ futhi asho “ ‘iqembu elizehlukanisile” noma ubani ongesiye owaleliqembu wayengajeziswa ngokuqalekiswa.” “Manje siyabona ukuthi umlobi walengxenye ekweyesi-2 AmaKhosi ngokusobala ubonisa ukuthi unolwazi oluhle lolimi olungokwenkolo lwamaKhanani,” kukhulumela iVetus Testamentum.
[Umthombo Wesithombe ekhasini 25]
Louvre Museum, Paris