“Ungesabi. Ngizokusiza Mina Mathupha”
UJESU waxwayisa abalandeli bakhe: “UDeveli uzoqhubeka ephonsa abanye kini etilongweni ukuze nivivinywe ngokugcwele.” Nokho, ngaphambi nje kwaleso sixwayiso, uJesu wayethe: “Ungazesabi izinto osazohlupheka ngazo.” Njengoba uSathane eqhubeka nokusebenzisa usongo lokusifaka emajele ukuze amise ukushumayela ngoMbuso, makhulu amathuba okuthi abanye ohulumeni bawashushise amaKristu eqiniso. (IsAm. 2:10; 12:17) Ngakho, yini eyosisiza ukuba siwalungele amaqhinga kaSathane futhi ‘singesabi’ njengoba uJesu asiyala?
Yiqiniso, iningi lethu lake lafikelwa ukwesaba okuthile. Noma kunjalo, iZwi likaNkulunkulu lisiqinisekisa ngokuthi ngosizo lukaJehova, singagwema ukunqotshwa ukwesaba. Kanjani? Enye indlela uJehova asisiza ngayo ukuba silungele ukubhekana nokuphikiswa iwukusibonisa amaqhinga asetshenziswa uSathane namanxusa akhe. (2 Kor. 2:11) Ukuze sikucacise lokhu, ake sicabangele isenzakalo esenzeka ezikhathini zeBhayibheli. Sizobuye sixoxe ngezibonelo zosuku lwanamuhla zamanye amaKristu athembekile ‘amelana ngokuqinile namaqhinga kaDeveli.’—Efe. 6:11-13.
Inkosi Eyesaba UNkulunkulu Ibhekana Nenkosi Embi
Ngekhulu lesishiyagalombili B.C.E., inkosi embi yase-Asiriya, uSaneheribi, yanqoba izizwe eziningana. Ikhukhumaliswe yilokhu, yabe isizimisela ukuhlasela abantu bakaJehova nenhloko-dolobha yabo, iJerusalema, lapho kwakubusa khona inkosi eyayesaba uNkulunkulu, uHezekiya. (2 AmaKh. 18:1-3, 13) Akungabazeki ukuthi uSathane owayefuna ukusizakala ngaleli thuba, ngokugqugquzela uSaneheribi ukuba afeze amacebo akhe okuqeda ukukhulekela kweqiniso emhlabeni.—Gen. 3:15.
USaneheribi wathumela amanxusa eJerusalema ukuze ayotshela lo muzi ukuba uzinikele kuye. Kulawo manxusa kwakukhona noRabishake, owayengumkhulumeli oyinhloko wenkosi.a (2 AmaKh. 18:17) Umgomo kaRabishake kwakuwukufaka amaJuda amanzi emadolweni ukuze acele umaluju engakalwi nakulwa. Iziphi izindlela azisebenzisa lapho ezama ukufaka ukwesaba ezinhliziyweni zamaJuda?
Ukwethembeka Nakuba Uhlukaniswe Nabanye
URabishake watshela abameleli bakaHezekiya: “Yilokhu inkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya, ekushilo: ‘Themba lini leli owethembele kulo? . . . Bheka! uthembelé ozimeni lwalo mhlanga ofohlokile, iGibhithe, okungathi uma umuntu ezimelela ngalo, nakanjani lumhlabe lungene entendeni yesandla sakhe.’” (2 AmaKh. 18:19, 21) Lokho uRabishake ayekusho kwakungamanga ngoba uHezekiya wayengenzanga sivumelwano neGibhithe. Noma kunjalo, kwakugcizelela lokho uRabishake ayefuna amaJuda akukhumbule ngokucacile: ‘Akekho oyonisiza. Aninabani.’
Ezenzakalweni zamuva, abaphikisi bokukhulekela kweqiniso baye basebenzisa usongo lokuhlukanisa umKristu weqiniso kwamanye ukuze bafake ukwesaba enhliziyweni yakhe. Udade othile owaboshelwa ukholo lwakhe futhi wahlukaniswa namanye amaKristu iminyaka eminingi, kamuva walandisa ngalokho okwamsiza ukuba anganqotshwa ukwesaba. Wathi: “Ukuthandaza kwangisiza ukuba ngisondelane noJehova . . . Ngakhumbula isiqinisekiso esiku-Isaya 66:2, esithi uNkulunkulu uyambona ‘ohluphekile nodabukile emoyeni.’ Lokhu kwakungiqinisa njalo futhi kungiduduza kakhulu.” Ngokufanayo, umzalwane owagqunywa yedwa esitokisini iminyaka eminingi wathi: “Ngaqaphela ukuthi lesi sitokisi esincane singaba izulu nomhlaba kumuntu onobuhlobo obuhle noNkulunkulu.” Yebo, ukuba nobuhlobo obuhle noJehova kwanikeza la maKristu amabili amandla ayewadinga ukuze abhekane nokuhlukaniswa nabanye. (IHu. 9:9, 10) Abashushisi bawo babengawahlukanisa nomkhaya, abangane namanye amaKristu, kodwa lab’ oFakazi ababeboshiwe babazi ukuthi abaphikisi babo babengasoze babahlukanisa noJehova.—Roma 8:35-39.
Ngakho, yeka ukuthi kubaluleke kangakanani ukusebenzisa wonke amathuba okuqinisa ubuhlobo bethu noJehova! (Jak. 4:8) Njalo kufanele sizibuze: ‘UJehova ungokoqobo kangakanani kimi? Ingabe ngiwacabangela ngokujulile amazwi akhe lapho ngenza izinqumo, ezincane nezinkulu, ekuphileni kwami kwansuku zonke?’ (Luka 16:10) Uma sizikhandla ukuze silondoloze ubuhlobo bethu obuhle noNkulunkulu, asinasizathu sokwesaba. Ekhulumela amaJuda ahluphekile, umprofethi uJeremiya wathi: “O Jehova, ngimemezé igama lakho ngisemgodini wohlobo oluphansi impela . . . Usondelile ngosuku engaqhubeka ngikubiza ngalo. Wathi: ‘Ungesabi.’”—IsiL. 3:55-57.
Ukutshala Ukungabaza Akuphumeleli
URabishake wasebenzisa ubuqili ukuze azame ukutshala ukungabaza. Wathi: “Akuyena yini [uJehova] ozindawo zakhe eziphakeme futhi oma-altare akhe uHezekiya akususile? . . . UJehova ngokwakhe uthé kimi, ‘Khuphuka ulwe naleli zwe, ulichithe.’” (2 AmaKh. 18:22, 25) Ngakho, uRabishake wagomela ngokuthi uJehova wayengeke abalwele abantu baKhe ngoba wayengajabule ngabo. Kodwa lokho kwakungamanga aluhlaza cwe. UJehova wayejabule ngoHezekiya namaJuda ayephendukele ekukhulekeleni kweqiniso.—2 AmaKh. 18:3-7.
Namuhla, abashushisi abanobuqili bangase bafune ukuthola into ezosenza sivumelane ngayo nabo ngokusho okuthile okuyiqiniso kodwa bakunonge ngamanga, ngethemba lokutshala ukungabaza. Ngokwesibonelo, ngezinye izikhathi abafowethu nodadewethu ababoshiwe baye batshelwa ukuthi umzalwane othile oholayo ezweni labo uye walahla ukholo lwakhe, ngakho kuyoba okufanele nangabo ukuba benze okufanayo futhi balahle izinkolelo zabo. Nokho, lawo maqhinga awaphumeleli ekutshaleni ukungabaza kumaKristu anokuqonda.
Cabanga ngalokho okwenzeka komunye udade phakathi neMpi Yezwe II. Lapho esejele, waboniswa amazwi abhaliwe omzalwane othile onomthwalo wemfanelo ebandleni abonisa ukuthi wayeseluphikile ukholo lwakhe. Umshushisi wabe esembuza ukuthi wayemethemba yini lowo Fakazi. Udade waphendula, “Naye ungumuntu nje ongaphelele.” Wabe esenezela ngokuthi ngenkathi lo mzalwane esaphila ngezimiso zeBhayibheli, wayesetshenziswa uNkulunkulu. “Kodwa njengoba amazwi akhe ayesephambukile eBhayibhelini, akaseyena umfowethu.” Lowo dade othembekile wahlakanipha, walalela iseluleko seBhayibheli: “Ningabeki ithemba lenu ezicukuthwaneni, noma endodaneni yomuntu wasemhlabeni, okungekhona okwayo ukusindisa.”—IHu. 146:3.
Ukuba nolwazi olunembile lweZwi likaNkulunkulu nokusebenzisa iseluleko salo kuyosisiza ukuba siqaphe ukucabanga okukhohlisayo okunganciphisa ukuzimisela kwethu ukukhuthazela. (Efe. 4:13, 14; Heb. 6:19) Ngakho, ukuze sizilungiselele ukuba sicabange ngokuhluzekile lapho sicindezelekile, kudingeka senze ukufunda iBhayibheli nsuku zonke nesifundo somuntu siqu kube izinto eziza kuqala. (Heb. 4:12) Yebo, manje isikhathi sokuba sijulise ulwazi futhi siqinise ukholo lwethu. Omunye umzalwane owakhuthazela iminyaka eminingi egqunywe yedwa esitokisini wathi: “Ngithanda ukukhuthaza wonke umuntu ukuba abonise ukwazisa okufanele ngakho konke ukudla okungokomoya esikunikwayo, ngoba asazi ukuthi kuyosisiza kangakanani ngesinye isikhathi.” Ngempela, uma silitadisha ngokucophelela iZwi likaNkulunkulu nezincwadi ezilungiselelwa isigaba senceku namuhla, lapho sibhekene nezikhathi ezinzima ekuphileni, umoya ongcwele ‘uyosikhumbuza’ lezo zinto esizifundile.—Joh. 14:26.
Ukuvikelwa Lapho Sesatshiswa
URabishake wazama ukwesabisa amaJuda. Wathi: “Sizani nibheje nenkosi yami inkosi yase-Asiriya, ngininike amahhashi ayizinkulungwane ezimbili ukuze ngibone ukuthi nizokwazi yini ukubeka abagibeli phezu kwawo. Pho ningabubuyisela kanjani emuva ubuso bombusi oyedwa wezinceku ezincane kunazo zonke zenkosi yami?” (2 AmaKh. 18:23, 24) Ngokubona komuntu, uHezekiya nabantu bakhe babengenawo amathuba okumelana nebutho lase-Asiriya elinamandla.
Namuhla abashushisi bangabonakala benamandla kakhulu, ikakhulukazi lapho uMbuso ubasekela ngokugcwele. Yilokho kanye okwenzeka kubashushisi abangamaNazi phakathi neMpi Yezwe II. Bazama ukwesabisa izinceku zikaNkulunkulu eziningi. Omunye umzalwane, owayeseneminyaka eminingi esejele, kamuva wachaza indlela asongelwa ngayo. Ngesinye isikhathi, esinye isikhulu sambuza: “Ubonile indlela umfowenu adutshulwe ngayo? Ufundeni-ke kulokho?” Wasiphendula: “Ngingufakazi kaJehova futhi ngiyohlale nginguye.” Sasongela: “Uma kunjalo, nguwe ozomlandela.” Noma kunjalo, umfowethu wama waqina futhi isitha sayeka ukuzama ukumesabisa. Yini eyamenza wakwazi ukubhekana nalezo zinsongo? Waphendula: “Ngathembela egameni likaJehova.”—IzAga 18:10.
Ngokuba nokholo oluphelele kuJehova, siba nesihlangu esikhulu esisivikela kuzo zonke izinto uSathane azisebenzisayo ukuze asilimaze ngokomoya. (Efe. 6:16) Ngakho, siyobe senza kahle ngokucela uJehova ngomthandazo ukuba asisize siqinise ukholo lwethu. (Luka 17:5) Kudingeka futhi siwasebenzise kahle amalungiselelo aqinisa ukholo esiwalungiselelwa isigaba senceku ethembekile. Lapho sibhekene nokusongelwa, kuyasiqinisa ukukhumbula isiqinisekiso sikaJehova asinikeza umprofethi uHezekeli, okwadingeka asebenzelane nabantu abalukhuni. UJehova wathi kuye: “Ngenzé ubuso bakho baqina bafana ncamashí nobuso babo nebunzi lakho laqina lafana ncamashí nebunzi labo. Ngenzé ibunzi lakho laba njengedayimane, laba lukhuni kunensengetsha.” (Hez. 3:8, 9) Uma kudingeka, uJehova angasisiza ukuba siqine njengedayimane njengoba kwakudingeka ngoHezekeli.
Ukumelana Nezilingo
Abaphikisi bathole ukuthi uma zonke ezinye izinto zingaphumeleli, ukuthembisa umuntu izinzuzo ezinkulu ngezinye izikhathi kungamenza abephule ubuqotho bakhe. NoRabishake walisebenzisa leli cebo. Wathi kulabo ababeseJerusalema: “Yilokhu inkosi yase-Asiriya ekushilo: ‘Zinikeleni kimi, niphume nize kimi . . . ngize ngifike futhi impela nginithathe nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lokusanhlamvu newayini elisha, izwe lesinkwa nezivini, izwe leminqumo noju; niqhubeke niphila ningafi.’” (2 AmaKh. 18:31, 32) Ithemba lokudla isinkwa esisanda kubhakwa nokuphuza iwayini elisha kumelwe ukuba lazwakala likhanga kakhulu kulabo bantu ababevaleleke emzini ovinjezelwe!
Ithemba elinjalo lake lasetshenziswa emzamweni wokwenza buthaka ukuzimisela kwesithunywa sevangeli esasiboshiwe. Satshelwa ukuthi sasizokhishwa siyiswe “ekhaya elithokomele, elinengadi enhle” izinyanga eziyisithupha ukuze siyocabangisisa kahle. Noma kunjalo, lo mzalwane wahlala eqaphile ngokomoya, akazange ayekethise ezimisweni zakhe zobuKristu. Yini eyamsiza? Kamuva wachaza: “Ngangihlale ngicabanga ngoMbuso njengethemba langempela. . . . Angizange ngizanyazanyiswe ngoba ngangiqiniswa ulwazi ngoMbuso kaNkulunkulu, ngiqiniseka ngawo futhi ngingawungabazi nakancane.”
Ungokoqobo kangakanani uMbuso kaNkulunkulu kithi? Inzalamizi u-Abrahama, umphostoli uPawulu, ngisho noJesu, bonke bakwazi ukukhuthazelela uvivinyo olunzima ngoba uMbuso wawungokoqobo kubo. (Fil. 3:13, 14; Heb. 11:8-10; 12:2) Uma siqhubeka sibeka uMbuso kuqala ekuphileni kwethu futhi sihlale sicabanga ngezibusiso zawo zaphakade, nathi singamelana nesilingo sokwamukela ukukhululwa okwesikhashana ovivinyweni.—2 Kor. 4:16-18.
UJehova Ngeke Asishiye
Naphezu kwayo yonke imizamo kaRabishake yokuwesabisa amaJuda, uHezekiya nezikhonzi zakhe bathembela ngokugcwele kuJehova. (2 AmaKh. 19:15, 19; Isaya 37:5-7) UJehova wayiphendula imithandazo yabo yokucela usizo wathumela ingelosi eyabulala amabutho angu-185 000 ekamu lama-Asiriya ngobusuku obubodwa. Ngakusasa, uSaneheribi wabuyela enhloko-dolobha yakubo, iNineve, ehlazekile nebutho lakhe elincane elalisele.—2 AmaKh. 19:35, 36.
Kuyacaca ukuthi uJehova akazange abalahle labo ababethembele kuye. Izibonelo zanamuhla zabafowethu nodade abangantengantengi lapho bevivinywa zibonisa ukuthi uJehova akabalahli nanamuhla. Yingakho-ke uBaba wethu osezulwini esiqinisekisa: “Mina, Jehova uNkulunkulu wakho, ngibambé isandla sakho sokunene, Mina engithi kuwe, ‘Ungesabi. Ngizokusiza mina mathupha.’”—Isaya 41:13.
[Umbhalo waphansi]
a Elithi, “Rabishake” laliyisiqu sesikhulu esiqavile e-Asiriya. Ukulandisa akusitsheli ukuthi lalingubani igama lalo muntu langempela.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 13]
EZwini lakhe, uJehova uqinisekisa izinceku zakhe izikhathi ezingaphezu kuka-30: ‘Ningesabi’
[Isithombe ekhasini 12]
Amacebo asetshenziswa izitha zabantu bakaNkulunkulu namuhla afana kanjani nakaRabishake?
[Izithombe ekhasini 15]
Ukuba nobuhlobo obuhle noJehova kusenza sikwazi ukugcina ubuqotho lapho sivivinywa