Sondela KuNkulunkulu
Wazi “Inhliziyo Yabantwana Babantu”
AKEKHO ongakaze azizwe ecindezelwe izingcindezi nezinkinga zokuphila. Ngezinye izikhathi, kuye kubonakale sengathi akekho oziqondayo izinkathazo zethu noma ubuhlungu obungokomzwelo esibuzwayo. Nokho, ukhona oyiqonda ngokugcwele imizwa yethu—uJehova uNkulunkulu. Singathola induduzo emazwini kaSolomoni akweyesi-2 IziKronike 6:29, 30.
Unyaka ngu-1026 B.C.E. Kunikezelwa ithempeli eJerusalema futhi uSolomoni uyathandaza. Emthandazweni wakhe, mhlawumbe othatha imizuzu engaba yishumi, uSolomoni utshela uJehova ukuthi unguNkulunkulu oqotho, uMgcwalisi wezithembiso noMuzwi womthandazo.—1 AmaKhosi 8:23-53; 2 IziKronike 6:14-42.
Uncenga uNkulunkulu ukuba ezwe ukunxusa kwabakhulekeli bakhe. (Ivesi 29) Nakuba uSolomoni ebala izinhlupheko eziningi (ivesi 28), uthi umkhulekeli ngamunye wazi “inhlupho yakhe” siqu futhi uzwa “ubuhlungu bakhe.” Omunye umuntu angase ahlushwe okuthile kuyilapho omunye ehlushwa okunye okuhlukile.
Kunoma yikuphi, abantu abesaba uNkulunkulu akudingeki bazithwalele izinkinga zabo bebodwa. Emthandazweni wakhe, uSolomoni ucabanga ngomkhulekeli ngamunye okungenzeka ufuna ‘ukwelula izintende zakhe’ athandaze kuJehova ngokusuka enhliziyweni.a Mhlawumbe uSolomoni ukhumbula ukuthi uyise, uDavide, lapho ecindezeleke kakhulu, wathi: “Phonsa umthwalo wakho phezu kukaJehova.”—IHubo 55:4, 22.
UJehova wayeyoyiphendula kanjani imithandazo eqotho yokucela usizo? USolomoni unxusa uJehova: “Kwangathi ungezwa wena usemazulwini, indawo yakho yokuhlala, uthethelele futhi unike ngamunye ngokuvumelana nazo zonke izindlela zakhe.” (Ivesi 30) USolomoni uyazi ukuthi ‘uMuzwi womthandazo’ ukhathalela ngamunye wabakhulekeli bakhe; akagcini nje ngokubakhathalela njengeqembu kuphela. (IHubo 65:2) UJehova unikeza usizo oludingekayo, kuhlanganise nokuthethelela isoni esibuyela kuye ngayo yonke inhliziyo.—2 IziKronike 6:36-39.
Kungani uSolomoni eqiniseka ngokuthi uJehova uyoyiphendula imithandazo yomkhulekeli ophendukile? Lapho eqhubeka nomthandazo wakhe, uthi: “Ngoba [Jehova] uyayazi inhliziyo yakhe (ngoba nguwe wedwa oyazi kahle inhliziyo yabantwana babantu).” UJehova uyayibona inhlupho noma ubuhlungu okungenzeka ukuthi umkhulekeli ngamunye ubuthwele enhliziyweni yakhe, futhi unendaba nokucindezeleka kwakhe.—IHubo 37:4.
Singathola induduzo emthandazweni kaSolomoni. Abanye bangase bangayiqondi ngokugcwele imizwa yethu esekujuleni—‘inhlupho yethu nobuhlungu bethu.’ (IzAga 14:10) Kodwa uJehova uyayazi inhliziyo yethu, futhi usikhathalela ngokujulile. Ngokuthulula isifuba sethu kuye ngomthandazo, singakwazi ukukhuthazelela izinkathazo zethu. IBhayibheli lithi: ‘Phonsani zonke izinkathazo zenu phezu kwakhe, ngoba uyanikhathalela.’—1 Petru 5:7.
[Umbhalo waphansi]
a Ngezikhathi zeBhayibheli, ‘ukwelula izintende,’ ukuphakamisa izandla izintende zibheke phezulu, kwakuwuphawu lokuthandaza.—2 IziKronike 6:13.