Incwadi YeBhayibheli Yama-37—UHagayi
Umlobi: UHagayi
Yalotshelwa: EJerusalema
Ukuloba Kwaphela: 520 B.C.E.
Isikhathi Esihlanganisiwe: Izinsuku ezingu-112 (520 B.C.E.)
1, 2. Yikuphi ukwaziswa okunikezwayo ngomprofethi uHagayi, futhi sasiyini isigijimi sakhe esikabili?
IGAMA lakhe kwakunguHagayi; kanti ngesikhundla wayengumprofethi “nesithunywa sikaJehova,” kodwa wayedabukaphi? (Hag. 1:13) Wayengubani? UHagayi ungoweshumi kulabo okuthiwa abaprofethi abangabalulekile, futhi wayengowokuqala kwabathathu abakhonza ngemva kokuba amaJuda ebuyele ezweni lawo ngo-537 B.C.E., abanye ababili kwakunguZakariya noMalaki. Igama likaHagayi (ngesiHeberu, Chag·gaiʹ) lisho ukuthi “[Ozalwe] Ngomkhosi.” Lokhu kungase kubonise ukuthi wazalwa ngosuku lwedili.
2 Njengoba kusho inkolelo yamaJuda, kunengqondo ukuphetha ngokuthi uHagayi wazalelwa eBabiloni futhi wabuyela eJerusalema noZerubabele nomPristi Omkhulu uJoshuwa. UHagayi wakhonza ngasikhathi-sinye nomprofethi uZakariya, futhi kuEzra 5:1 naku-6:14, bobabili baboniswa bekhuthaza amadodana okuthunjwa ukuba aqalise futhi ukwakha ithempeli. Wayengumprofethi kaJehova ngezindlela ezimbili, ngokuthi wanxusa amaJuda ukuba agcwalise izibopho zawo kuNkulunkulu wabuye wabikezela, phakathi kokunye, ukuzanyazanyiswa kwabo bonke abezizwe.—Hag. 2:6, 7.
3. Yini amaJuda ayehlulekile ukuyiqaphela ngokuphathelene nenjongo yokubuya kwawo ekuthunjweni?
3 Kungani uJehova athuma uHagayi? Ngalesizathu: Ngo-537 B.C.E., uKoresi wayekhiphe isimemezelo esasivumela amaJuda ukuba abuyele ezweni lawo ayokwakha kabusha indlu kaJehova. Kodwa manje kwase kungu-520 B.C.E., futhi ithempeli lalisekude kakhulu nokuphela. Kuyo yonke leminyaka amaJuda ayevumele ukuphikisa kwesitha nokunganaki kwawo nokuthanda izinto ezibonakalayo ukuba kuwavimbele ekuqapheleni injongo yangempela yokubuyela kwawo.—Ezra 1:1-4; 3:10-13; 4:1-24; Hag. 1:4.
4. Yini eyayivimbele ukwakhiwa kwethempeli, kodwa yiziphi izenzakalo ezenzeka lapho uHagayi eqala ukuprofetha?
4 Njengoba umbhalo ogciniwe ubonisa, lapho isisekelo sethempeli singakabekwa ngisho nokubekwa (ngo-536 B.C.E.) “abantu balelozwe base bedangalisa izandla zabantu bakwaJuda, babesabisa ekwakheni, babaqashela abeluleki, bashafisa amasu.” (Ezra 4:4, 5) Ekugcineni, ngo-522 B.C.E., labaphikisi abangemaJuda baphumelela ekwenzeni ukuba umsebenzi uvinjelwe ngokomthetho. Kwakusonyakeni wesibili wokubusa kwenkosi yasePheresiya uDariyu Hystaspis, okungukuthi, ngo-520 B.C.E., lapho uHagayi eqala ukuprofetha, futhi lokhu kwakhuthaza amaJuda ukuba aqalise futhi ukwakha ithempeli lawo. Ngalokho, ababusi abangomakhelwane bathumela incwadi kuDariyu becela isiqondiso kulendaba; uDariyu wavuselela isimemezelo sikaKoresi futhi wasekela amaJuda ngokumelene nezitha zawo.
5. Yini ebonisa ukuthi incwadi kaHagayi ikhona ohlwini lwezincwadi zeBhayibheli?
5 Akukaze kube nokungabaza phakathi kwamaJuda ngokuthi isiprofetho sikaHagayi siphakathi kohlu lwezincwadi zeBhayibheli zesiHeberu, futhi lokhu kusekelwa ukubhekisela kuye kuEzra 5:1 njengoprofetha “ngegama likaNkulunkulu kaIsrayeli,” kanye nakuEzra 6:14. Ukuthi isiprofetho sakhe siyingxenye yayo ‘yonke imiBhalo ephefumlelwe uNkulunkulu’ kuboniswa ukusicaphuna kukaPawulu kumaHeberu 12:26: “Manje uthembisile wathi: Kusezakuba-kanye ngizamazamise kungabi-ngumhlaba wodwa, kepha nezulu futhi.”—Hag. 2:6.
6. Isiprofetho sikaHagayi siquketheni, futhi yikuphi ukugcizelela okwenziwa egameni likaJehova?
6 Isiprofetho sikaHagayi siqukethe izigijimi ezine ezanikezwa enkathini yezinsuku ezingu-112. Indlela yakhe yokuloba ilula futhi iqondile, futhi ukugcizelela kwakhe igama likaJehova kuphawuleka ngokukhethekile. Emavesini akhe angu-38, uthinta igama likaJehova izikhathi ezingu-35, izikhathi ezingu-14 ngenkulumo ethi “uJehova-Sebawoti.” Akashiyi kungabaza ngokuthi isigijimi sakhe sivela kuJehova: “Wayesekhuluma uHagayi, isithunywa sikaJehova, ngesimemezelo sikaJehova kubantu, wathi: Nginani, usho uJehova.”—1:13.
7. Yini uHagayi akhuthaza amaJuda ukuba ayenze, futhi yayiyini injongo yesigijimi sakhe?
7 Lesi kwakuyisikhathi esibaluleke kakhulu emlandweni wabantu bakaNkulunkulu, futhi umsebenzi kaHagayi waba yinzuzo kakhulu. Wayenganqikazi nakancane ekufezeni umsebenzi wakhe njengomprofethi, futhi akazange awancenge amaJuda. Akazange agunce ekuwatsheleni ukuthi kwase kuyisikhathi sokuyeka ukuchitha isikhathi nokuba abhukule asebenze. Kwase kuyisikhathi sokwakha kabusha indlu kaJehova nokubuyisela ukukhulekela okuhlanzekile uma efuna ukujabulela noma yikuphi ukuchuma okuvela esandleni sikaJehova. Usuwonke umongo wesigijimi sikaHagayi uwukuthi ukuze umuntu ajabulele izibusiso ezivela kuJehova, kumelwe akhonze uNkulunkulu weqiniso futhi enze umsebenzi uJehova ayala ukuba wenziwe.
OKUQUKETHWE INCWADI KAHAGAYI
8. Kungani uJehova engawabusisi amaJuda ngokwezinto ezibonakalayo?
8 Isigijimi sokuqala (1:1-15). Lesi siqondiswe kuMbusi uZerubabele nakumPristi Omkhulu uJoshuwa, kodwa abantu bezwa. Abantu bebethi, “Akukabi-yisikhathi sokuza, isikhathi sokwakha indlu kaJehova.” UJehova ngoHagayi ubuza umbuzo wokuzihlola: “Kuyisikhathi sokuba nihlale ezindlini zenu ezembesiweyo, lendlu iseyize, na?” (1:2, 4) Baye bahlwanyela okuningi ngokwezinto ezibonakalayo, kodwa kwabazuzisa ukudla, isiphuzo, nezambatho okuyingcosana. “Bekani ezinhliziyweni zenu izindlela zenu,” kuyala uJehova. (1:7) Sekuyisikhathi sokuba balethe imithi bakhe indlu, ukuze uJehova akhazinyuliswe. AmaJuda azinakekela kahle izindlu zawo siqu, kodwa indlu kaJehova iyize. Ngakho-ke, uJehova uwabambile amazolo ezulu nesithelo emasimini nesibusiso sakhe kumuntu nasemsebenzini wakhe.
9. UJehova uwavuselela kanjani amaJuda ukuba aqalise umsebenzi?
9 Ah, bayalithola iphuzu! UHagayi akaprofethelanga ize. Ababusi nabantu baqala ‘ukulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wabo.’ Ukwesaba uJehova kuthatha indawo yokwesaba umuntu. Nasi isiqinisekiso sikaJehova ngesithunywa sakhe uHagayi: “Nginani.” (1:12, 13) UJehova ngokwakhe ovuselela umoya wombusi, umoya wompristi omkhulu, nomoya wensali yabantu baKhe. Bayawuqalisa umsebenzi, ezinsukwini ezingu-23 kuphela ngemva kokuqala kokuprofetha kukaHagayi naphezu kokuvimbela okungokomthetho kombuso wasePheresiya.
10. Amanye amaJuda azizwa kanjani ngethempeli alakhayo, kodwa yini uJehova ayithembisayo?
10 Isigijimi sesibili (2:1-9). Kudlula isikhathi esingaphansi kwenyanga ngemva kokuba umsebenzi wokwakha uvuselelwe, futhi uHagayi unikeza isigijimi sakhe sesibili esiphefumlelwe. Lesi siqondiswe kuZerubabele, kuJoshuwa, nasensalini yabantu. Ngokusobala amanye amaJuda abuya ekuthunjweni futhi ayelibonile ithempeli likaSolomoni langaphambili aba nomuzwa wokuthi lelithempeli lalingayikusondela ngisho nokusondela kulo ngobuhle. Kodwa uthini uJehova-Sebawoti? ‘Qinani nisebenze, ngoba nginani.’ (2:4) UJehova ubakhumbuza isivumelwano sakhe nabo, futhi ubatshela ukuthi bangesabi. Ubaqinisa ngesithembiso sokuthi uyozamazamisa bonke abezizwe futhi enze ukuba okunxanelekayo kwabo kufike nokuthi uyogcwalisa indlu yakhe ngenkazimulo. Inkazimulo yalendlu yokugcina iyoba nkulu kuneyokuqala, futhi kulendawo uyonikeza ukuthula.
11. (a) UHagayi ukuveza ngamuphi umfanekiso ukudebesela kwabapristi? (b) Uye waba yini umphumela walokho?
11 Isigijimi sesithathu (2:10-19). Ezinyangeni ezimbili nezinsuku ezintathu kamuva, uHagayi ukhuluma nabapristi. Usebenzisa umfanekiso ukuze agcizelele iphuzu lakhe. Ingabe ukuphatha kompristi inyama engcwele kuyokwenza noma yikuphi okunye ukudla akuthintayo kube-ngcwele? Impendulo ingucha. Ingabe ukuthintwa kwento engcolile, njengesidumbu, kwenza umuntu oyithintayo angcole? Impendulo inguyebo. Khona-ke uHagayi usebenzisa umfanekiso. Abantu bezwe bangcolile ngenxa yokudebeselela kwabo ukukhulekela okuhlanzekile. Noma yini abayinikelayo ibonakala ingcolile kuJehova uNkulunkulu. Kungenxa yalokhu, uJehova engayibusisanga imisebenzi yabo, futhi ngaphezu kwalokho uye wathumela kubo ukuhwamuka, isikhutha, nesichotho. Mabashintshe izindlela zabo. Khona-ke uJehova uyobabusisa.
12. Yisiphi isigijimi sokugcina uHagayi asiqondisa kuZerubabele?
12 Isigijimi sesine (2:20-23). UHagayi ukhipha lesigijimi ngosuku olufanayo nolwesigijimi sesithathu, kodwa siqondiswe kuZerubabele. UJehova uyaphinda futhi ukhuluma ‘ngokuzamazamisa izulu nomhlaba’ kodwa manje wenabisa lesihloko ukuze sihlanganise ukuchithwa okuphelele kwemibuso yabezizwe. Eminingi iyokuwa “kube-yileyo naleyo ngenkemba yomfowabo.” (2:21, 22) UHagayi uphetha isiprofetho sakhe ngokuqinisekisa uZerubabele ngomusa kaJehova.
ISIZATHU SOKUBA IBE NENZUZO
13. Kwakunayiphi inzuzo yangalesosikhathi ukuprofetha kukaHagayi?
13 Izigijimi zikaJehova ezine ezadluliselwa ngoHagayi zazinenzuzo kumaJuda alolosuku. Akhuthazwa ukuba aqonde emsebenzini, futhi eminyakeni emine nengxenye, ithempeli lase liqediwe ukuze kuqhutshwe ukukhulekela kweqiniso kwaIsrayeli. (Ezra 6:14, 15) UJehova wabusisa umsebenzi wawo wentshiseko. Kwakuphakathi nalesikhathi sokwakhiwa kwethempeli lapho uDariyu inkosi yasePheresiya ahlola khona imibhalo egciniwe yombuso futhi wasiqinisa kabusha isimemezelo sikaKoresi. Ngaleyondlela umsebenzi wethempeli waqedwa ngokusekela kwakhe okungokomthetho.—Ezra 6:1-13.
14. Yisiphi iseluleko esihlakaniphile sosuku lwethu uHagayi asinikezayo?
14 Lesiprofetho futhi siqukethe iseluleko esihlakaniphile sosuku lwethu. Kanjani? Phakathi kokunye, sigcizelela isidingo sokuba indalo ibeke izithakazelo zokukhulekelwa kukaNkulunkulu ngaphambi kwezithakazelo zayo siqu. (Hag. 1:2-8; Math. 6:33) Sigcizelela futhi iphuzu lokuthi ubugovu buwukuzibhubhisa, ukuthi kuyize ukuphishekela izinto ezibonakalayo; ukuthula nesibusiso sikaJehova esicebisayo. (Hag. 1:9-11; 2:9; IzAga 10:22) Sigcizelela futhi ukuthi inkonzo kaNkulunkulu ngokwayo ayenzi umuntu ahlanzeke ngaphandle kokuba imsulwa futhi ingeyomphefumulo wonke, nokuthi akumelwe ingcoliswe ukuziphatha okungcolile. (Hag. 2:10-14; Kol. 3:23; Roma 6:19) Sibonisa ukuthi izinceku zikaNkulunkulu akumelwe zibe nombono ofiphele, zibheke emuva “ezinsukwini ezimnandi zakudala,” kodwa kumelwe zibheke phambili, ‘zibeke izinhliziyo zazo ezindleleni zazo’ futhi zifune ukuletha inkazimulo kuJehova. Khona-ke uJehova uyoba nazo.—Hag. 2:3, 4; 1:7, 8, 13; Fil. 3:13, 14; Roma 8:31.
15. Yini incwadi kaHagayi eyibonisayo ngemiphumela yokulalela ngentshiseko?
15 Lapho eseqalile ukuba matasa emsebenzini wethempeli, amaJuda athola umusa kaJehova, futhi achuma. Izihibe zanyamalala. Umsebenzi wafezwa ngesikhathi esifanele. Umsebenzi wesibindi, wentshiseko kuJehova uyovuzwa ngaso sonke isikhathi. Ubunzima, obungokoqobo noma obucatshangelwayo, bunganqotshwa ngokubonisa ukholo olunesibindi. Ukulalela “izwi likaJehova” kuba nemiphumela.—Hag. 1:1.
16. Isiprofetho sikaHagayi sihlobene kanjani nethemba loMbuso, futhi kumelwe sisishukumisele kuyiphi inkonzo namuhla?
16 Kuthiwani ngesiprofetho sokuthi uJehova ‘uyozamazamisa izulu nomhlaba’? Umphostoli uPawulu ubonisa ukusebenza kukaHagayi 2:6 ngalamazwi: “Kepha manje [uNkulunkulu] uthembisile wathi: Kusezakuba-kanye ngizamazamise kungabi-ngumhlaba wodwa, kepha nezulu futhi. Lokho kokuthi: Kusezakuba-kanye kutshengisa ukuguqulwa kwezinto ezinyakaziswayo, njengokuba zenziwe, ukuze lezo ezinganyakaziswayo zime. Ngakho-ke, lokhu samukeliswa umbuso ongenakunyakaziswa, masibonge ngesingamkhonza ngakho uNkulunkulu ngokumthokozisa, nangokumhlonipha, nangokuthuthumela, ngokuba uNkulunkulu wethu ungumlilo oqothulayo.” (Heb. 12:26-29) UHagayi ubonisa ukuthi ukuzamazamisa kwenziwa ngenjongo ‘yokugumbuqela isihlalo sobukhosi semibuso, nokuchitha amandla emibuso yabezizwe.’ (Hag. 2:21, 22) Ekucaphuneni lesiprofetho, ngokuphambene uPawulu ukhuluma ngoMbuso kaNkulunkulu “ongenakunyakaziswa.” Khona-ke, lapho sizindla ngalelithemba loMbuso, ‘masiqine sisebenze,’ sinikeze uNkulunkulu inkonzo engcwele. Futhi, masikhumbule ukuthi ngaphambi kokuba uJehova agumbuqele izizwe zomhlaba, kukhona okuthile okuyigugu okumelwe kunyakaziswe futhi kumelwe kuphume kuzo, ukuze kusinde: “Ngizamazamise nabo bonke abezizwe, kufike okunxanelekayo kwabo bonke abezizwe, ngiyigcwalise lendlu ngenkazimulo, usho uJehova-Sebawoti.”—2:4, 7.