Ilungiselelo LikaJehova, ‘Abanikelwe’
“Abezizwe bayakumela ukwalusa imihlambi yenu.”—ISAYA 61:5.
1. Kungani igama elithi “umuphi” lingasikhumbuza ngoJehova?
YEKA indlela uNkulunkulu angumuphi onomusa ngayo! Umphostoli uPawulu wathi: ‘[UJehova] ubapha bonke ukuphila nokuphefumula nakho konke.’ (IzEnzo 17:25) Ngamunye wethu angazuza ngokucabanga ‘ngezipho eziningi ezinhle neziphiwo ezipheleleyo’ esizithola kuNkulunkulu.—Jakobe 1:5, 17; IHubo 29:11; Mathewu 7:7; 10:19; 13:12; 21:43.
2, 3. (a) Kumelwe sisabele kanjani eziphweni zikaNkulunkulu? (b) Kungamuphi umqondo amaLevi ‘ayengabanikelwe’?
2 Ngesizathu esihle umhubi wazibuza ngendlela ayengamkhokhela ngayo uJehova. (IHubo 116:12) UMdali wethu empeleni akadingi noma yini abantu abangase babe nayo noma banikele ngayo. (IHubo 50:10, 12) Nokho, uJehova ubonisa ukuthi uyathokoza lapho abantu ngokwazisa bezinikela ekukhulekeleni kweqiniso. (Qhathanisa namaHeberu 10:5-7.) Bonke abantu kufanele bazidele ekuzinikezeleni kuMdali wabo, lowo, naye onganezela amalungelo engeziwe, njengoba kwaba njalo ngamaLevi asendulo. Nakuba wonke amaIsrayeli ayezinikezele kuNkulunkulu, wakhetha umkhaya ka-Aroni ongamaLevi njengabapristi ukuba wenze iminikelo etabernakele nasethempelini. Kuthiwani ngamanye amaLevi?
3 UJehova watshela uMose: “Sondeza isizwe sakwaLevi . . . Bayakugcina yonke impahla yetende lokuhlangana . . . Uyakunikela amaLevi kuAroni nakumadodana akhe; ayanikelwa [ngesiHeberu, nethu·nimʹ] ngempela kuye, evela kubantwana bakwaIsrayeli.” (Numeri 3:6, 8, 9, 41) AmaLevi ‘ayenikelwe’ kuAroni ukuba afeze imisebenzi ethile enkonzweni yasetabernakele, ngakho uNkulunkulu wayengathi: “Nginikiwe wona phakathi kwabantwana bakwaIsrayeli.” (Numeri 8:16, 19; 18:6) Amanye amaLevi ayenza imisebenzi elula; amanye athola amalungelo avelele, njengokufundisa ngemithetho kaNkulunkulu. (Numeri 1:50, 51; 1 IziKronike 6:48; 23:3, 4, 24-32; 2 IziKronike 35:3-5) Manje ake siphendulele ukunakekela kwethu kwabanye abantu ‘abanikelwe’ nasekufaneni okukhona namuhla.
AmaIsrayeli Abuya EBabiloni
4, 5. (a) Imaphi amaIsrayeli abuya ekuthunjweni eBabiloni? (b) Ezikhathini zanamuhla, yini efana nokubuya kwamaIsrayeli ekuthunjweni?
4 UEzra noNehemiya balandisa ngendlela insali yamaIsrayeli, iholwa uMbusi uZerubabele, eyabuya ngayo eBabiloni iya ezweni lakubo, ukuze ibuyisele ukukhulekela kweqiniso. Kokubili lokulandisa kubika ukuthi laba ababuya babeyingqikithi yabangu-42 360. Izinkulungwane zalelonani ‘zazingamadoda abantu bakwaIsrayeli.’ Ngokulandelayo ukulandisa kubala abapristi. Bese kuba amaLevi acishe abe ngu-350, kuhlanganise nabahlabeleli nabalindi-sango abangamaLevi. UEzra noNehemiya babhala futhi nangezinkulungwane ezengeziwe okungenzeka zazingamaIsrayeli, mhlawumbe ngisho nabapristi, kodwa ezazingenabo ubufakazi bendabuko yazo.—Ezra 1:1, 2; 2:2-42, 59-64; Nehemiya 7:7-45, 61-66.
5 Lensali kaIsrayeli eyayithunjiwe futhi kamuva eyabuyela eJerusalema nakwaJuda yabonisa ukuzinikela okuphawulekayo kuNkulunkulu nokuzinikela okujulile ekukhulekeleni kweqiniso. Njengoba kuphawuliwe, ezikhathini zanamuhla sibona ukufana okufanelekayo ensalini kaIsrayeli ongokomoya eyaphuma ekuthunjweni kwaseBabiloni Elikhulu ngo-1919.
6. UNkulunkulu uye wawasebenzisa kanjani amaIsrayeli angokomoya esikhathini sethu?
6 Kusukela ekukhululweni kwayo ngo-1919, insali yabafowabo bakaKristu abagcotshiwe iye yaqhubekela phambili ngentshiseko ekukhulekeleni kweqiniso. UJehova uye wabusisa imizamo yayo yokuqoqa abokugcina babangu-144 000 abakha “uIsrayeli kaNkulunkulu.” (Galathiya 6:16; IsAmbulo 7:3, 4) Njengeqembu, insali egcotshiwe yakha isigaba ‘senceku ethembekileyo neqondayo’ esisetshenziswa ekulungiseleleni inala yokudla okungokomoya okunikeza ukuphila, eye yasebenza ngokuzikhandla ukuze ikusakaze emhlabeni wonke.—Mathewu 24:45-47.
7. Obani abahlangenyela nabangcotshiwe ekukhulekeleni kweqiniso?
7 Njengoba isihloko esandulelayo sibonisile, abantu bakaJehova manje bahlanganisa nezigidi ‘zezinye izimvu,’ ezinethemba elivela kuNkulunkulu lokudlula osizini olukhulu oseluseduze. Zifisa ukukhonza uJehova phakade emhlabeni, lapho zingasayikulamba futhi zome nalapho izinyembezi zokudabuka zingasayikwehla khona. (Johane 10:16; IsAmbulo 7:9-17; 21:3-5) Ingabe ekulandiseni okuphathelene nalabo ababuya eBabiloni kukhona okuthile esikuthola kufana nokwabanjalo? Yebo!
Nabangewona AmaIsrayeli Bayabuya
8. Obani abahamba namaIsrayeli ayebuya eBabiloni?
8 Ngenkathi kukhishwa ubizo lokuba abathandi bakaJehova eBabiloni babuyele eZweni Lesithembiso, kwasabela izinkulungwane zabangewona amaIsrayeli. Ezinhlwini ezanikezwa nguEzra noNehemiya, sifunda ‘ngamaNethini’ (okusho, “Abanikelwe”) ‘nabantwana bezinceku zikaSolomoni,’ abanani labo sebebonke lalingu-392. Ukulandisa kukhuluma nangabanye abangaphezu kuka-7 500: ‘izinceku nezincekukazi,’ kuhlanganise “nabahlabeleli besilisa nabesifazane” abangewona amaLevi. (Ezra 2:43-58, 65; Nehemiya 7:46-60, 67) Yini eyashukumisela abaningi kangaka abangewona amaIsrayeli ukuba babuye?
9. Umoya kaNkulunkulu wawuhileleke kanjani ekubuyeni ekuthunjweni?
9 UEzra 1:5 ukhuluma ngabo “bonke abamoya wabo uNkulunkulu ayewuvusile ukuba bakhuphuke bakhe indlu kaJehova.” Yebo, uJehova wayeshukumise bonke labo ababuya. Wathonya umoya wabo, okungukuthi, amandla abo engqondo aqhubezelayo. Ngisho nakuba esemazulwini, uNkulunkulu wayengakwenza lokhu ngokusebenzisa umoya wakhe ongcwele, amandla akhe ayisiphekupheku. Ngaleyondlela, bonke labo ‘abakhuphuka ukuba bakhe indlu kaJehova’ basizwa ‘umoya [kaNkulunkulu].’—Zakariya 4:1, 6; Hagayi 1:14.
Okufanayo Osukwini Lwanamuhla
10, 11. Abangewona amaIsrayeli ababuya eBabiloni bangafaniswa nobani?
10 Ngobani abafanekiselwa yilabo abangewona amaIsrayeli ababuya? AmaKristu amaningi abengaphendula: ‘AmaNethini afana “nezinye izimvu” namuhla.’ Yiqiniso, kodwa hhayi amaNethini kuphela; ngoba bonke labo abangewona amaIsrayeli abuya bamelela amaKristu angeyena uIsrayeli ongokomoya namuhla.
11 Incwadi ethi You May Survive Armageddon Into God’s New Worlda yaphawula: “Insali yamaIsrayeli angu-42 360 kwakungeyona yodwa eyashiya iBabiloni nombusi uZerubabele . . . Kwakukhona nezinkulungwane zabangewona amaIsrayeli . . . Ngaphandle kwamaNethini kwakukhona nabanye abangewona amaIsrayeli, izigqila, abahlabeleli besilisa nabesifazane abangochwepheshe nenzalo yezinceku zeNkosi uSolomoni.” Lencwadi yachaza: “AmaNethini, izigqila, abahlabeleli nabantwana bezinceku zikaSolomoni, bonke ababengewona amaIsrayeli, baphuma ezweni lokuthunjwa futhi babuya nensali yamaIsrayeli . . . Ngakho ingabe kulungile yini ukucabanga ukuthi namuhla abantu bobuzwe obuhlukahlukene abangewona amaIsrayeli angokomoya bebengazihlanganisa nensali kaIsrayeli ongokomoya futhi bathuthukise ukukhulekelwa kukaJehova uNkulunkulu kanye nayo? Yebo.” Abanjalo ‘baye baba amaNethini, abahlabeleli, nabantwana bezinceku zikaSolomoni abangokomfanekiso bosuku lwanamuhla.’
12. UNkulunkulu uwusebenzisa kanjani umoya wakhe ngendlela ekhethekile kumaIsrayeli angokomoya, kodwa singaqiniseka kanjani ukuthi utholakalela bonke abakhulekeli bakhe?
12 Njengasemfuziselweni wasendulo, uNkulunkulu uyabapha umoya wakhe nalaba abanethemba lokuphila phakade emhlabeni. Yiqiniso, abazalwa kabusha. Ngamunye wabangu-144 000 uzalwa kabusha kanye kuphela njengendodana kaNkulunkulu engokomoya futhi agcotshwe ngomoya ongcwele. (Johane 3:3, 5; Roma 8:16; Efesu 1:13, 14) Yebo, lokho kugcotshwa kuwubonakaliswa okuyingqayizivele komoya kaNkulunkulu emhlanjini omncane. Kodwa umoya kaNkulunkulu udingekile futhi ekufezeni injongo yakhe. Yingakho uJesu athi: ‘UYihlo osezulwini uyabapha abacela kuye umoya ongcwele.’ (Luka 11:13) Kungakhathaliseki ukuthi lowo ocelayo unethemba lasezulwini noma ungowezinye izimvu, umoya kaJehova utholakala ngobuningi ukuze kufezwe intando yaKhe.
13. Umoya ungasebenza kanjani kuzo zonke izinceku zikaNkulunkulu?
13 Umoya kaNkulunkulu washukumisela kokubili amaIsrayeli nabangewona amaIsrayeli ukuba babuyele eJerusalema, futhi uqinisa futhi usize bonke abantu bakhe abathembekile namuhla. Kungakhathaliseki ukuthi ithemba lomKristu alinikwa uNkululnkulu liwukuphila ezulwini noma emhlabeni, kumelwe ashumayele izindaba ezinhle, futhi umoya ongcwele umenza akwazi ukuthembeka kulokho. Ngamunye wethu—kungakhathaliseki ukuthi unaliphi ithemba—kumelwe ahlakulele izithelo zomoya, sonke esizidinga ngesilinganiso esigcwele.—Galathiya 5:22-26.
Banikelwe Ngenjongo Yenkonzo Ekhethekile
14, 15. (a) Phakathi kwabangewona amaIsrayeli ababuya, imaphi amaqembu amabili aqokwa? (b) Ayengobani amaNethini, futhi yini ayeyenza?
14 Phakathi kwezinkulungwane zabangewona amaIsrayeli umoya owabashukumisela ukuba babuye kwakunamaqenjana amabili iZwi likaNkulunkulu elawaqoka—amaNethini nabantwana bezinceku zikaSolomoni. Babengobani? Yini ababeyenza? Futhi lokhu kungase kusho ukuthini namuhla?
15 AmaNethini ayeyiqembu elalidabuka kwabangewona amaIsrayeli futhi ayenelungelo lokukhonza namaLevi. Khumbula abaseKhanani abavela eGibeyoni ababa “abagawuli bemithi nabakhi bamanzi kuyo inhlangano nakulo ialtare likaJehova.” (Joshuwa 9:27) Cishe abanye benzalo yabo babephakathi kwamaNethini abuya eBabiloni, kuhlanganise nabanye ababenezelwe njengamaNethini phakathi nokubusa kukaDavide nangezinye izikhathi. (Ezra 8:20) Yini amaNethini ayeyenza? AmaLevi anikelelwa ukusiza abapristi, futhi kamuva amaNethini anikelelwa ukusiza amaLevi. Ngisho nakwabezizwe abasokile, lokhu kwakuyilungelo.
16. Indima yamaNethini yashintsha kanjani ngokuhamba kwesikhathi?
16 Lapho leliqembu libuya eBabiloni, lalinamaLevi ambalwa, uma liqhathaniswa nabapristi noma amaNethini ‘nabantwana bezinceku zikaSolomoni.’ (Ezra 8:15-20) IDictionary of the Bible, kaDkt. James Hastings, iyaphawula: “Ngemva kwesikhathi esithile sithola [amaNethini] ezinze ngokuphelele njengesigaba esingcwele esingokomthetho, kangangokuba anikezwa amalungelo.” Umagazini wezazi othi Vetus Testamentum uyaphawula: “Kwenzeka ushintsho. Ngemva kokuBuya Ekuthunjweni, laba [abezizwe] babengasabhekwa njengezigqila zaseThempelini, kodwa njengezikhonzi kulo, bejabulela ukuma okufanayo nokwamanye amaqembu, ayenamalungelo eThempelini.”—Bheka ibhokisi elithi “Ukuma Okushintshile.”
17. Kungani amaNethini emukela okwengeziwe kokukwenza, futhi kunabuphi ubufakazi obungokweBhayibheli balokhu?
17 Yebo, amaNethini awazange alingane nabapristi namaLevi. Lamaqembu okugcinwe ngawo ayengamaIsrayeli, ayekhethwe nguJehova ngokwakhe futhi ayengeke athathelwe isikhundla ngabangewona amaIsrayeli. Nokho, iBhayibheli libonisa ukuthi ngenxa yokuncipha kwenani lamaLevi, amaNethini anikezwa okwengeziwe kokwenziwa enkonzweni kaNkulunkulu. Anikwa izindawo zokuhlala eduze nethempeli. Osukwini lukaNehemiya asebenza nabapristi ekuvuseleleni izindonga eduze nethempeli. (Nehemiya 3:22-26) Futhi inkosi yasePheresiya yayala ukuba amaNethini angayikhokhi intela, njengoba nje namaLevi ayengayikhokhi ngenxa yenkonzo yawo yasethempelini. (Ezra 7:24) Lokhu kubonisa indlela laba ‘abanikelwe’ (amaLevi namaNethini) ababehlangene ngayo ngokuseduze ngalesosikhathi ezindabeni ezingokomoya nendlela izabelo zamaNethini ezakhula ngayo ngokuvumelana nesidingo, nakuba engazange abhekwe njengamaLevi. Lapho kamuva uEzra eqoqa abathunjwa ukuba babuye, ekuqaleni ayengekho amaLevi phakathi kwabo. Ngakho waqinisa imizamo yokuqoqa athile. Lokhu kwaphumela kumaLevi angu-38 namaNethini angu-220 abuya ngenjongo yokukhonza ‘njengezinceku zendlu kaNkulunkulu.’—Ezra 8:15-20.
18. Abantwana bezinceku zikaSolomoni kungenzeka babenza muphi umsebenzi?
18 Iqembu lesibili labangewona amaIsrayeli elaqokwa kwakungabantwana bezinceku zikaSolomoni. IBhayibheli alinikezi imininingwane eminingi ngabo. Abanye ‘babengabantwana bakwaSofereti.’ UEzra unezela umunci ocacile kulelogama, olenza libe uHas·so·pheʹreth, okungenzeka kusho “umbhali.” (Ezra 2:55; Nehemiya 7:57) Ngaleyondlela kungenzeka babeyizisebenzi ezingababhali noma abakopishi, ngokunokwenzeka ababhali basethempelini/abangabaqondisi. Nakuba babevela kwabezizwe, abantwana bezinceku zikaSolomoni babonisa ukuzinikela kwabo kuJehova ngokushiya iBabiloni futhi babuye ukuze bahlanganyele ekubuyiselweni kokukhulekelwa kwaKhe.
Ukuzinikela Kwethu Namuhla
19. Buyini ubuhlobo phakathi kwabagcotshiwe namuhla nabezinye izimvu?
19 Esikhathini sethu, uNkulunkulu uye wayisebenzisa ngokunamandla insali egcotshiwe ekuholeni ukukhulekela okumsulwa nasekumemezeleni izindaba ezinhle. (Marku 13:10) Yeka indlela laba abaye bajabula ngayo ukubona amashumi ezinkulungwane, amakhulu ezinkulungwane, kanye nezigidi zezinye izimvu zizihlanganisa nabo ekukhulekeleni! Futhi yeka ukubambisana okujabulisayo okuye kwaba khona phakathi kwensali nezinye izimvu!—Johane 10:16.
20. Ikuphi ukuqonda okusha okunengqondo mayelana nokwakufanekiselwa amaNethini nabantwana bezinceku zikaSolomoni? (IzAga 4:18)
20 Bonke abangewona amaIsrayeli ababuya ekuthunjweni eBabiloni lasendulo bafana nezinye izimvu manje ezikhonza nensali kaIsrayeli ongokomoya. Nokho, kuthiwani ngeqiniso lokuthi iBhayibheli liqoka amaNethini nabantwana bezinceku zikaSolomoni? Kulomfuziselo amaNethini nabantwana bezinceku zikaSolomoni babenikezwe amalungelo angalé kwawalabo abangewona amaIsrayeli ababuya. Lokhu kwakusenokufanekisela ukuthi namuhla uNkulunkulu uye wanikeza ezinye izimvu ezivuthiwe nezizimisele amalungelo nemisebenzi eyengeziwe.
21. Abanye abazalwane abanethemba lasemhlabeni baye bayithola kanjani imisebenzi eyengeziwe namalungelo?
21 Amalungelo engeziwe amaNethini ayehlangene ngokuqondile nemisebenzi engokomoya. Abantwana bezinceku zikaSolomoni ngokusobala bemukela imithwalo yemfanelo yokuqondisa. Ngokufanayo namuhla, uJehova uye wabusisa abantu bakhe ‘ngezipho ezingabantu’ ukuze zinakekele izidingo zabo. (Efesu 4:8, 11, 12, qhathanisa neNW.) Okuhlanganiswa kulelilungiselelo amakhulu amaningi abazalwane abavuthiwe, abanokuhlangenwe nakho abahlanganyela ‘ekwaluseni imihlambi,’ abakhonza njengababonisi bezifunda nabezigodi nasemaKomitini Egatsha emagatsheni angu-98 eWatch Tower Society. (Isaya 61:5) Endlunkulu yomhlaba wonke yeNhlangano, ngaphansi kokuqondisa ‘kwenceku ethembekileyo’ neNdikimba yayo Ebusayo, amadoda afanelekayo athola ukuqeqeshwa ukuze asize ekulungiseleleni ukudla okungokomoya. (Luka 12:42) Ezinye izisebenzi zokuzithandela esezinesikhathi eside ziye zaqeqeshelwa ukuba ziqondise amakhaya aseBethel namafekthri nokwengamela izimiso zokwakhiwa kwezakhiwo ezintsha zamagatsha namahholo okukhulekela kobuKristu emhlabeni wonke. Ziye zenza kahle ngokukhethekile ekukhonzeni njengabasizi abaseduze bensali egcotshiwe, eyakha ingxenye yobupristi bobukhosi.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 4:17; 14:40; 1 Petru 2:9.
22. Kungani kufanelekile ukuba abanye bezinye izimvu banikezwe amalungelo anzima manje, futhi kufanele sisabele kanjani kulokhu?
22 Ezikhathini zasendulo, abapristi namaLevi baqhubeka bekhonza phakathi kwamaJuda. (Johane 1:19) Nokho, namuhla insali kaIsrayeli ongokomoya emhlabeni kumelwe iqhubeke incipha. (Qhathanisa noJohane 3:30.) Ekugcineni, ngemva kokubhujiswa kweBabiloni Elikhulu, bonke abangu-144 000 ‘ababekwe uphawu’ bayobe sebesezulwini emshadweni weWundlu. (IsAmbulo 7:1-3; 19:1-8) Kodwa manje ezinye izimvu kumelwe ziqhubeke zikhula. Iqiniso lokuthi abanye bazo, abafaniswa namaNethini nabantwana bezinceku zikaSolomoni, manje babelwa imithwalo yemfanelo enzima ngaphansi kokwengamela kwensali egcotshiwe alibenzi baqhoshe noma bazizwe bebalulekile. (Roma 12:3) Lokhu kusinikeza isiqinisekiso sokuthi njengoba abantu bakaNkulunkulu ‘bephuma osizini olukhulu,’ kuyoba namadoda anokuhlangenwe nakho—“izikhulu”—alungele ukuhola phakathi kwezinye izimvu.—IsAmbulo 7:14; Isaya 32:1; qhathanisa nezEnzo 6:2-7.
23. Kungani kumelwe sonke sihlakulele umoya wokupha ngokuphathelene nenkonzo kaNkulunkulu?
23 Bonke labo ababuya eBabiloni babezimisele ukusebenza ngokuzikhandla futhi babonakalise ukuthi ukukhulekelwa kukaJehova kwakuyinto eza kuqala engqondweni nasenhliziyweni yabo. Kungokufanayo nanamuhla. Kanye nensali egcotshiwe, ‘abezizwe bamile balusa imihlambi.’ (Isaya 61:5) Ngakho kungakhathaliseki ukuthi sinaliphi ithemba esilinikwe uNkulunkulu, futhi kungakhathaliseki ukuthi imaphi amalungelo angase anikwe abadala abamiswe umoya ngaphambi kosuku lokulwelwa kukaJehova eArmagedoni, sonke masihlakulele umoya ongenabugovu, onempilo, wokupha. Nakuba singeke simkhokhele uJehova ngazo zonke izinzuzo zakhe ezinhle, kwangathi singenza noma yini esiyenzayo enhlanganweni yakhe ngomphefumulo wonke. (IHubo 116:12-14; Kolose 3:23) Ngakho sonke singazinikela ngenxa yokukhulekela kweqiniso, njengoba ezinye izimvu zikhonza ngokuseduze nabagcotshiwe, abamiselwe ukuba “babuse emhlabeni.”—IsAmbulo 5:9, 10.
[Umbhalo waphansi]
a Amakhasi 142-8; eyakhishwa yiWatchtower Bible and Tract Society of New York, Inc.
Amaphuzu Okumelwe Akhunjulwe
◻ Kungayiphi indlela amaLevi ‘ayengabanikelwe’ kwaIsrayeli wasendulo?
◻ Ibaphi abangewona amaIsrayeli ababuya ekuthunjweni, befanekisela obani?
◻ Iluphi ushintsho okubonakala sengathi lwenzeka kumaNethini?
◻ Ngokuphathelene namaNethini nabantwana bezinceku zikaSolomoni, ikuphi ukufana okuqondakalayo manje?
◻ Ikuphi ukuqiniseka okuvezwa ukubambisana okuphakathi kwabagcotshiwe nezinye izimvu?
[Ibhokisi ekhasini 14]
UKUMA OKUSHINTSHILE
Izichazamazwi zeBhayibheli eziningi namaencyclopedia kuphawula ngoshintsho olwenzeka kwabanye abangewona amaIsrayeli ababuya ekuthunjweni. Ngokwesibonelo, ngaphansi kwesithi “Ushintsho esikhundleni sabo,” iEncyclopædia Biblica ithi: “Isimo sabo emphakathini, njengoba sekubonisiwe kakade, ngesikhathi esifanayo senyuka ngokufanelekile. [AmaNethini] awasabonakali njengezigqila ngomqondo ongokoqobo walelogama.” (Eyahlelwa nguCheyne noBlack, Umqulu III, ikhasi 3399) KuyiCyclopædia of Biblical Literature, uJohn Kitto uyabhala: “Kwakungamelwe kulindelwe ukuba amaningi awo [amaNethini] abuyele kulesisimo esiphansi ePalestina . . . Ukuzinikela ngokuzithandela okwabonakaliswa kanjalo yilabantu kwasenyusa ngokuphawulekayo isikhundla samaNethini.” (Umqulu II, ikhasi 417) I-International Standard Bible Encyclopedia iyaphawula: “Ngombono walenhlangano nesizinda sayo ngenkathi kaSolomoni, kungathathwa ngokuthi izinceku zikaSolomoni zazinemithwalo yemfanelo ebalulekile ethempelini lesibili.”—Ehlelwe nguG. W. Bromiley, Umqulu 4, ikhasi 570.
[Isithombe ekhasini 15]
Lapho amaIsrayeli ebuya eyokwakha iJerusalema kabusha, izinkulungwane zabangewona amaIsrayeli zahamba nawo
[Umthombo]
Pictorial Archive (Near Eastern History) Est.
[Isithombe ekhasini 17]
IKomiti Yegatsha eKorea. Njengoba kwenza amaNethini asendulo, amadoda ezinye izimvu anemithwalo yemfanelo esindayo ekukhulekeleni kweqiniso namuhla