Ukukhuphuka Ngamaphiko Njengezinkozi
UMUNTU uzizwa kanjani ngemva kokukhuthazela iminyaka emihlanu emakamu okuhlushwa amaNazi? Ingabe uzizwa edangele? Enenzondo? Efuna ukuphindisela?
Nakuba kungase kubonakale kuxaka, omunye umuntu onjalo wabhala: “Ukuphila kwami kwacetshiswa ngaphezu kwalokho engangingase ngikulindele.” Kungani ayezizwa kanjalo? Wachaza: “Ngathola isiphephelo ngaphansi kwamaphiko oPhezukonke, futhi ngabona ukugcwaliseka kwamazwi omprofethi u-Isaya, lapho ethi: ‘Abamethemba uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, . . . bahambe bengapheli amandla.’”—Isaya 40:31.
Lendoda engumKristu, emzimba wayo wakhahlazwa impatho ehlasimulisa kakhulu ongase uyicabange, yayinomoya owawukhuphuka uye phezulu ngomqondo ongokomfanekiso, umoya isihluku samaNazi esasingenakuwunqoba. NjengoDavide, yathola isiphephelo ethunzini “lamaphiko” kaNkulunkulu. (IHubo 57:1) LomKristu wasebenzisa isifaniso esasetshenziswa umprofethi u-Isaya, eqhathanisa amandla akhe angokomoya nawokhozi olundiza luye phezulu esibhakabhakeni.
Ingabe uke uzizwe ucindezelwe izinkinga? Ngokungangabazeki nawe ungathanda ukuthola isiphephelo ngaphansi kwamaphiko oPhezukonke, ‘ukukhuphuka ngamaphiko njengezinkozi.’ Ukuze uqonde ukuthi kungenzeka kanjani lokhu, kuzosiza ukwazi okuthile ngokhozi, oluvame ukusetshenziswa ekufanekiseni okuthile emiBhalweni.
Ngaphansi Kwefulege Elinokhozi
Kuzo zonke izinyoni abantu basendulo ababezibuka, mhlawumbe ukhozi lwaluthandwa kakhulu ngenxa yamandla nokundiza kwalo okuhlaba umxhwele. Amabutho empi amaningi asendulo, kuhlanganise nawaseBabiloni, ePheresiya, naseRoma, ayemasha ephethe ifulege elinokhozi. Ibutho likaKoresi Omkhulu lalingelinye lawo. IBhayibheli laprofetha ukuthi lenkosi yasePheresiya yayiyoba njengenyoni edla inyama evela empumalanga izoshwabadela uMbuso WaseBabiloni. (Isaya 45:1; 46:11) Eminyakeni engu-200 ngemva kokulotshwa kwalesi siprofetho, amabutho kaKoresi, ayephethe amafulege empi anezinkozi, ahlasela umuzi waseBabiloni ngokuzumayo njengokhozi lubhozomela inyamazane yalo.
Muva nje, amabutho anjengoCharlemagne noNapoleon namazwe anjenge-United States neJalimane nawo aye akhetha ukhozi njengophawu lwawo. Ama-Israyeli ayalwa ukuba angakhulekeli imifanekiso yezinkozi nanoma yisiphi esinye isidalwa. (Eksodusi 20:4, 5) Nokho, abalobi beBhayibheli babhekisela ezicini zokhozi ukuze benze umfanekiso ngesigijimi sabo. Ngakho ukhozi, inyoni okukhulunywa ngayo kaningi kunazo zonke emiBhalweni, lusetshenziselwa ukufanekisa izinto ezinjengokuhlakanipha, isivikelo saphezulu, nokushesha.
Iso Lokhozi
Selokhu kwathi nhló amehlo okhozi abukhali asetshenziswa njengesisho. Nakuba kuqabukela ukuba i-golden eagle ibe nesisindo esingaphezu kwamakhilogremu amahlanu, empeleni iso layo likhulu kunelomuntu, futhi libukhali kakhulu kunelomuntu. UJehova ngokwakhe, echazela uJobe ngekhono lokhozi lokucinga ukudla kwalo, wathi: “Amehlo alo akubona kusekude.” (Jobe 39:27, 29) U-Alice Parmelee, encwadini yakhe ethi All the Birds of the Bible, ubika ukuthi “ukhozi lwake lwabona inhlanzi efile intanta echibini eliqhele ngamamayela amathathu [amakhilomitha amahlanu] lwase lutshuza luqonda ngqó kuleyo ndawo. Lolu khozi alugcinanga ngokubona into encane lusebangeni elide kakhulu kunalelo umuntu ayengabona ekulo, kodwa futhi amehlo alenyoni ayelokhu ethe njó enhlanzini njengoba itshuza amamayela amathathu [amakhilomitha amahlanu].”
Ngenxa yokuba bukhali kwamehlo alo, ukhozi luwuphawu olufanelekayo lokuhlakanipha, enye yezimfanelo zikaJehova eziyinhloko. (Qhathanisa noHezekeli 1:10; IsAmbulo 4:7.) Kungani kunjalo? Ukuhlakanipha kuhilela ukubona kusengaphambili imiphumela yanoma isiphi isinyathelo esingase sisithathe. (IzAga 22:3) Ukhozi, ngekhono lalo lokubona ebangeni elide, lungabona ingozi isekude kakhulu bese luthatha izinyathelo zokuphepha, njengoba nje kwenza indoda enokuqonda emfanekisweni kaJesu, eyabona kusengaphambili ukuthi kungase kube nesivunguvungu yase yakha umuzi wayo edwaleni. (Mathewu 7:24, 25) Ngokuthakazelisayo, olimini lweSpanishi, ukuchaza umuntu ngokuthi uwukhozi kusho ukuthi unokuqonda.
Uma uke wathola ithuba lokubonela ukhozi eduze, phawula indlela olusebenzisa ngayo amehlo alo. Alukuthi jeqe nje ngeso; kunalokho, kuba sengathi luhlola isici ngasinye sokubukeka kwakho. Ngokufanayo, umuntu ohlakaniphile uhlaziya indaba ngokucophelela ngaphambi kokuba enze isinqumo kunokuba athembele emizweni yakhe. (IzAga 28:26) Njengoba amehlo okhozi abukhali elwenza lube uphawu olufanelekayo lwemfanelo yaphezulu yokuhlakanipha, ukundiza kwalo okuthakazelisayo nakho kusetshenziswa abalobi beBhayibheli ekufanekiseni okuthile.
“Indlela Yokhozi Emoyeni”
“Indlela yokhozi emoyeni” iyakhanga ngenxa yesivinini salo nangenxa yokuthi lubonakala lundiza kalula, lungalandeli ndlela emisiwe futhi lungashiyi mkhondo. (IzAga 30:19) KusiLilo 4:19 kubhekiselwa esivininini sokhozi, lapho kuchazwa amasosha aseBabiloni: “Abasixoshayo babenejubane kunezinkozi zezulu; basizingela ezintabeni, basiqamekela ehlane.” Lapho ukhozi oluzungeza phezulu lubona inyamazane yalo, lugebisa amaphiko alo bese lutshuza lushone phansi, ngalenkathi lungafinyelela ijubane elingaba amakhilomitha angu-130 ngehora, ngokwemibiko ethile. Akumangalisi ukuthi imiBhalo isebenzisa ukhozi njengesingathekiso sejubane, ikakhulukazi mayelana nebutho lempi.—2 Samuweli 1:23; Jeremiya 4:13; 49:22.
Ngakolunye uhlangothi, u-Isaya ubhekisela ekundizeni kokhozi kalula. “Abamethemba uJehova bayathola amandla amasha, bayakhuphuka ngamaphiko njengezinkozi, bagijime bengakhathali bahambe bengapheli amandla.” (Isaya 40:31) Iyini imfihlo yokuntweza kokhozi emoyeni? Ukukhuphukela phezulu kudinga umzamo omncane njengoba ukhozi lusebenzisa ama-thermal, noma izishomo zomoya ofudumele okhuphukayo. Ama-thermal awabonakali, kodwa ukhozi lunekhono lokuwathola. Uma nje seluyitholile i-thermal, ukhozi luvula amaphiko nesisila salo bese luzungeza phakathi kwaleso sishomo somoya ofudumele, esiluphakamisa njalo luye phezulu. Lapho seluphakeme ngokwanele, luyantweza luye kuyi-thermal elandelayo, lapho lufike luphinde khona lenqubo. Ngalendlela ukhozi lungahlala phezulu amahora amaningi ngaphandle kokusebenzisa amandla amaningi.
E-Israel, ikakhulukazi eRift Valley esuka e-Ezion-geber osebeni loLwandle Olubomvu iye eDan enyakatho, kuyinto evamile ukubona izinkozi. Ziba ziningi kakhulu entwasahlobo nasekwindla lapho zifuduka. Ngeminye iminyaka kuye kwabalwa izinkozi ezicishe zibe ngu-100 000. Lapho ilanga lasekuseni lifudumeza umoya, kubonakala amakhulu ezinyoni ezidla inyama endiza phezu kwamawa asemngceleni weRift Valley.
Ukundiza kokhozi kalula kuwumfanekiso omuhle wendlela amandla kaJehova angasiphakamisa ngayo ngokomoya nangokomzwelo ukuze sikwazi ukuqhubeka nomsebenzi wethu. Njengoba nje nokhozi lungenakukhuphukela phezulu kangako ngamandla alo siqu, asinakuphumelela uma sithembela emakhonweni ethu siqu. “Nginamandla azo zonke izinto ngenxa yalowo odlulisela amandla kimi,” kuchaza umphostoli uPawulu. (Filipi 4:13) Njengokhozi olulokhu lufuna ama-thermal angabonakali, ‘siyaqhubeka sicela’ amandla kaJehova asebenzayo angabonakali ngemithandazo yethu eqotho.—Luka 11:9, 13.
Izinkozi ezifudukayo ngokuvamile zithola ama-thermal ngokubheka ezinye izinyoni ezidla inyama. Isazi sezinto zemvelo uD. R. Mackintosh sabika ukuthi kwake kwabonakala izinkozi namanqe angu-250 ezungeza ekhuphuka kuyi-thermal eyodwa. Ngokufanayo amaKristu namuhla angafunda ukuthembela emandleni kaJehova ngokulingisa izibonelo zezinye izinceku ezikholekile ezihlonipha uNkulunkulu.—Qhathanisa neyoku-1 Korinte 11:1.
Ethunzini Lamaphiko Okhozi
Enye yezinkathi eziyingozi kakhulu ekuphileni kokhozi yilapho lufunda ukundiza. Ziningi izinkozi ezifayo lapho zizama ukwenza kanjalo. Isizwe sakwa-Israyeli esasisafufusa naso sasisengozini lapho simuka eGibithe. Ngakho amazwi kaJehova kuma-Israyeli ayefaneleka kakhulu: “Nibonile lokhu engikwenzile kwabaseGibithe nokuthi nganithwala ngamaphiko okhozi, nganisondeza kimi.” (Eksodusi 19:4) Kunemibiko yezinkozi ezibeletha iphuphu isikhashana ukuze lingaphahlazeki phansi lapho lisaqala ukuzama ukundiza. UG. R. Driver, ekhuluma ngemibiko enjalo kuyi-Palestine Exploration Quarterly, wathi: “Khona-ke lomfanekiso [weBhayibheli] awuwona nje umcabango wokuziqambela kodwa usekelwe eqinisweni.”
Izinkozi zingabazali abayisibonelo nangezinye izindlela. Azigcini nje ngokunikeza iphuphu ukudla zikhathi zonke kodwa futhi ngokucophelela umama uqoba inyama elethwa ukhozi lweduna esidlekeni ukuze ichwane likwazi ukuyigwinya. Njengoba ngokuvamile izidleke zazo zakhelwe emaweni noma ezihlahleni eziphakeme, amaphuphu awavikelekile ezimweni zezulu. (Jobe 39:27, 28) Ilanga elihlabayo, elalivamile emazweni angezikhathi zeBhayibheli, lalingabangela iphuphu ukuba life uma abazali balo babengalinakekeli. Ukhozi oludala luvula amaphiko alo, ngezinye izikhathi amahora amaningi isikhathi ngasinye, ukuze lakhele iphuphu lalo eliselincane umthunzi.
Ngaleyo ndlela kufaneleka kakhulu ukuthi emiBhalweni amaphiko okhozi asetshenziswa njengophawu lwesivikelo saphezulu. UDuteronomi 32:9-12 uchaza indlela uJehova awavikela ngayo ama-Israyeli phakathi nohambo lwawo lwasehlane: “Ngokuba isabelo sikaJehova singabantu bakhe; uJakobe uyisiqephu sefa lakhe. Wamfumana ezweni eliyihlane, naseqwatheni lomkhulungwane kwahlongasibi, wamzungeza, wamnakekela, wamgcina njengenhlamvu yeso lakhe. Njengokhozi olunyakazisa isidleke salo, lubhakuza phezu kwamazinyane alo, wawelula amaphiko akhe, wabathatha, wabathwala ngezimpaphe zakhe. UJehova yedwa wamhola.” UJehova uyosinika isivikelo sothando esifanayo uma sithembela kuye.
Indlela Yokuphunyula
Ngezinye izikhathi lapho sibhekene nezinkinga, singase sizithole sifisa ukundiza sizibalekele zonke lezo zinkinga zethu. Yileyo kanye indlela uDavide ayezizwa ngayo. (Qhathanisa neHubo 55:6, 7.) Kodwa nakuba uJehova eye wathembisa ukusisiza lapho sibhekana nokulingwa nokuhlupheka kulesi simiso, akasho ukuthi siyophunyula ngokuphelele. Sinesiqinisekiso seBhayibheli: “Asikho isilingo esinificile ngaphandle kwalokho okuvamile kubantu. Kodwa uNkulunkulu ukholekile, futhi ngeke anivumele ukuba nilingwe ngokungaphezu kwalokho eningakuthwala, kodwa ngokuhambisana nalesosilingo uyokwenza nendlela yokuphuma ukuze nikwazi ukusikhuthazelela.”—1 Korinte 10:13.
‘Indlela yokuphuma’ noma ‘indlela yokuphunyula’ (King James Version) ihilela ukufunda ukuthembela kuJehova. Yilokhu uMax Liebster, esicaphune amazwi akhe ekuqaleni kwalesi sihloko akuthola. Phakathi neminyaka ayichitha emakamu okuhlushwa, wamazi uJehova futhi wathembela kuye. Njengoba uMax akuthola, uJehova uyasiqinisa ngeZwi lakhe, umoya wakhe, nenhlangano yakhe. Ngisho nasemakamu, oFakazi babefuna abakholwa nabo bese bebanika usizo olungokomoya, behlanganyela nabo amaphuzu angokomBhalo nanoma yiziphi izincwadi zeBhayibheli ezazitholakala. Futhi njengoba abakholekile abasinda beye bakufakazela kaningi, uJehova wayebaqinisa. “Ngangiqhubeka ngicela uJehova ukuba angisize,” kuchaza uMax, “futhi umoya wakhe wangisekela.”
Kungakhathaliseki ukuthi sibhekene nakuphi ukulingwa, nathi singathembela emoyeni ongcwele kaNkulunkulu, uma nje siqhubeka siwucela. (Mathewu 7:7-11) Siqiniswe ‘yilamandla angaphezu kwavamile,’ siyokhuphuka kunokuba sithenwe amandla yizinkinga zethu. Siyoqhubeka sihamba endleleni kaJehova, futhi ngeke sikhathale. Siyokhuphuka ngamaphiko njengezinkozi.—2 Korinte 4:7; Isaya 40:31.
[Amazwi acashunwe esihlokweni ekhasini 10]
Alukuthi jeqe nje ngeso
[Umthombo Wesithombe ekhasini 9]
Foto: Cortesía de GREFA
[Umthombo Wesithombe ekhasini 10]
Foto: Cortesía de Zoo de Madrid