-
Bheka UMenzi Wezimangaliso!INqabayokulinda—2001 | Ephreli 15
-
-
Izisekelo zawo zabekwa phezu kwani na? Ngubani owabeka itshe lawo legumbi?”—Jobe 38:4-6.
-
-
Bheka UMenzi Wezimangaliso!INqabayokulinda—2001 | Ephreli 15
-
-
Njengokungathi umhlaba wethu uyisakhiwo, uNkulunkulu wabuza: “Ngubani owabeka itshe lawo legumbi?” Siyazi ukuthi umhlaba uqhelelene nelanga ngebanga elifanele ukuze siphile futhi siphatheke kahle. Futhi mkhulu ngokufanele. Ukube ubumkhulu kakhulu kunalokho oyiko, isisi i-hydrogen besingeke sikwazi ukuphuma emkhathini wethu futhi bekungeke kuphile lutho kuyiplanethi yethu. Kusobala ukuthi othile “wabeka itshe lawo legumbi” endaweni efanele. Ingabe nguJobe okwakufanele atuswe ngalokho? Noma yithi? Noma ingabe nguJehova uNkulunkulu?—IzAga 3:19; Jeremiya 10:12.
Yimuphi Umuntu Onezimpendulo?
12. Umbuzo okuJobe 38:6 usenza sicabange ngani?
12 UNkulunkulu wabuza futhi: “Izisekelo zawo zabekwa phezu kwani na?” Akuwona yini umbuzo omuhle lowo? Cishe siyijwayele le nkulumo uJobe ayengayazi—amandla adonsela phansi (gravity). Iningi lethu liyaqonda ukuthi amandla adonsela phansi abangelwa yisisindo esikhulu selanga agcina umhlaba wethu usendaweni efanele, njengokungathi izisekelo zawo zibekwe phezu kokuthile. Noma kunjalo, ubani owaqonda ngokugcwele amandla adonsela phansi?
13, 14. (a) Yini okumelwe ivunywe ngamandla adonsela phansi? (b) Kufanele sisabele kanjani esimweni esiqokonyiswa uJobe 38:6?
13 Incwadi esanda kunyatheliswa enesihloko esithi The Universe Explained iyavuma ukuthi ‘amandla adonsela phansi angamandla emvelo ajwayeleke kunawo wonke, nokho kuncane kakhulu esikuqondayo ngawo.’ Iyanezela: “Amandla adonsela phansi kubonakala sengathi ahamba ngokuphazima kweso endaweni engenalutho, ingekho into esobala ahamba ngayo. Nokho, eminyakeni yamuva, izazi zesayensi ziye zaqala ukucabangela ukuthi kungenzeka amandla adonsela phansi ahamba ngamaza akhiwa yizinhlayiyana okuthiwa ama-graviton . . . Kodwa akekho oqiniseka ngempela ukuthi zikhona.” Cabanga ukuthi kusikiselani lokho.
14 Isayensi seyithuthuke iminyaka engu-3 000 kusukela uJehova abuza uJobe leyo mibuzo. Kodwa namanje, akekho kithi noma kochwepheshe abayizazi zesayensi ongawachaza ngokugcwele amandla adonsela phansi, agcina umhlaba wethu uzungeza emzileni ofanele, endaweni efanele ukuze sikwazi ukujabulela ukuphila lapha. (Jobe 26:7; Isaya 45:18) Lokhu akusho ukuthi sonke kudingeka sizikhandle sicwaninge ngokujulile ngezimfihlakalo zamandla adonsela phansi. Kunalokho, ukunaka lesi sici esisodwa nje sezimangaliso zikaNkulunkulu kufanele kuthonye indlela esimbheka ngayo. Ingabe kukwenza ukwesabe ukuhlakanipha nolwazi lwakhe, futhi uyaqaphela yini ukuthi kungani kudingeka sifunde okwengeziwe ngentando yakhe?
-