‘Isinqumo SikaJehova’ Asinakubhuntsha
“Mangibhekisele esinqumweni sikaJehova; uthé kimi: ‘Wena uyindodana yami . . . Cela kimi, ukuba ngikunike izizwe zibe yifa lakho.’”—IHUBO 2:7, 8.
1. Imuphi umehluko okhona phakathi kwenjongo kaNkulunkulu neyezizwe?
UJEHOVA UNKULUNKULU unenjongo ngesintu nangomhlaba. Nezizwe zinenjongo. Kodwa yeka indlela ezihluke ngayo lezi zinjongo! Kufanele sikulindele lokhu, ngoba uNkulunkulu uthi: “Njengoba nje amazulu ephakeme kunomhlaba, kanjalo izindlela zami ziphakeme kunezindlela zenu, nemicabango yami kunemicabango yenu.” Injongo kaNkulunkulu izofezeka nakanjani, ngoba uqhubeka athi: “Njengoba nje imvula ethululekayo yehla, neqhwa, kuvela emazulwini futhi kungabuyeli kuleyo ndawo kungazange empeleni kuwumatise umhlaba kuwenze ukhiqize futhi uhlume, futhi impela ohlwanyelayo anikwe imbewu, nodlayo isinkwa, liyoba njalo nezwi lami eliphuma emlonyeni wami. Ngeke libuyele kimi lingabanga namiphumela, kodwa ngokuqinisekile liyokwenza lokho engikujabulelayo, futhi liyophumelela ngokuqinisekile kulokho engilithumele kona.”—Isaya 55:9-11.
2, 3. Yini eyenziwa icace ehubweni lesibili, kodwa kuphakama miphi imibuzo?
2 Ehubweni lesibili kwenziwe kwacaca ukuthi izofezeka injongo kaNkulunkulu mayelana neNkosi yakhe enguMesiya. Umqambi walo, inkosi yakwa-Israyeli wasendulo uDavide, waphefumulelwa uNkulunkulu ukuba abikezele ukuthi kwakuyoba nesikhathi esiphawulekayo lapho izizwe zaziyoxokozela. Ababusi bazo babeyomelana noJehova uNkulunkulu noGcotshiweyo wakhe. Nokho, umhubi wahlabelela futhi: “Mangibhekisele esinqumweni sikaJehova; uthé kimi: ‘Wena uyindodana yami . . . Cela kimi, ukuba ngikunike izizwe zibe yifa lakho nemikhawulo yomhlaba ibe yimpahla yakho.’”—IHubo 2:7, 8.
3 Sisho ukuthini ‘isinqumo sikaJehova’ ezizweni? Sisithinta kanjani isintu sisonke? Yebo, zisho ukuthini lezi zenzakalo kubo bonke abafundi behubo lesibili abesaba uNkulunkulu?
Izizwe Ziyaxokozela
4. Ungawafingqa kanjani amaphuzu ayinhloko eHubo 2:1, 2?
4 Ebhekisela ezenzweni zezizwe nababusi bazo, umhubi uqala ingoma yakhe ngokuhlabelela: “Kungani izizwe ziye zaxokozela namaqembu ezizwe eye alokhu evungazela into eyize? Amakhosi omhlaba ayama nezikhulu eziphakeme zibuthene ndawonye ngobunye ngokumelene noJehova nogcotshiweyo wakhe.”—IHubo 2:1, 2.a
5, 6. Iyiphi “into eyize” izizwe eziye ‘zalokhu ziyivungazela’?
5 Iyiphi “into eyize” izizwe zanamuhla eziye ‘zalokhu ziyivungazela’? Kunokuba zamukele oGcotshiweyo kaNkulunkulu—uMesiya, noma uKristu—izizwe ziye ‘zalokhu zivungazela,’ noma zizindla, ngokuthuthukisa elazo igunya. La mazwi ehubo lesibili ásebenza nasekhulwini lokuqala C.E. lapho iziphathimandla zamaJuda namaRoma zibambisana ekubulaleni iNkosi kaNkulunkulu eyayisazobekwa, uJesu Kristu. Nokho, ukugcwaliseka okuyinhloko kwaqala ngo-1914 lapho uJesu ebekwa njengeNkosi yasezulwini. Kusukela ngaleso sikhathi, akukho nelilodwa iqembu lezombusazwe emhlabeni eliye lamukela iNkosi kaNkulunkulu ebekiwe.
6 Kwakushiwo ukuthini lapho umhubi ebuza ukuthi ‘kungani izizwe zivungazela into eyize’? Yinjongo yazo eyize; iwudwadwa oluzobhuntsha nakanjani. Ngeke zikwazi ukuletha ukuthula noxolo kulo mhlaba. Kodwa ziyaqhubeka nezenzo zazo zize ziphikise ukubusa kukaNkulunkulu imbala. Empeleni, ngobunye ziye zaviva, zabuthana zimelana noPhezukonke noGcotshiweyo wakhe. Yeka ubuwula!
INkosi KaJehova Enqobayo
7. Lapho bethandaza, abalandeli bakaJesu bokuqala balisebenzisa kanjani iHubo 2:1, 2?
7 Abalandeli bakaJesu báwasebenzisa kuye amazwi eHubo 2:1, 2. Lapho beshushiselwa ukholo lwabo, bathandaza: “Nkosi Engumbusi [Jehova], nguWe owenza izulu nomhlaba nolwandle nazo zonke izinto ezikukho, nguwe futhi ngomoya ongcwele owasho ngomlomo kakhokho wethu uDavide, inceku yakho, wathi, ‘Kungani izizwe zixokozela nabantu bezindla ngezinto eziyize na? Amakhosi omhlaba ema nababusi babuthana ngobunye bemelene noJehova nogcotshiwe wakhe.’ Noma kunjalo, bobabili uHerode [Antipase] noPontiyu Pilatu kanye nabantu bezizwe nabantu bakwa-Israyeli babuthana ngokoqobo kulo muzi bemelene nenceku yakho engcwele uJesu, owayigcoba.” (IzEnzo 4:24-27; Luka 23:1-12)b Yebo, ekhulwini lokuqala inceku kaNkulunkulu egcotshiwe, uJesu, yakhelwa uzungu. Nokho, leli hubo lalizogcwaliseka nangenye indlela ngemva kwamakhulu eminyaka.
8. IHubo 2:3 lisebenza kanjani ezizweni zanamuhla?
8 Lapho u-Israyeli wasendulo ebuswa inkosi engumuntu, njengoDavide, izizwe nababusi bamaqaba babebuthana bamelane noNkulunkulu nogcotshiweyo wakhe owayesesihlalweni sobukhosi. Kodwa kuthiwani ngesikhathi sethu? Izizwe zanamuhla azifuni ukuzivumelanisa nezimfuneko zikaJehova noMesiya. Ngakho, zivezwa zithi: “Masigqabule izibopho zabo sizilahle kude nathi izintambo zabo!” (IHubo 2:3) Noma imiphi imingcele ebekwa uNkulunkulu noGcotshiweyo wakhe bayoyiphikisa ababusi nezizwe. Kodwa-ke vele, noma imiphi imizamo yokugqabula lezo zibopho nokulahla lezo zintambo iyoba yize.
UJehova Ubahleka Usulu
9, 10. Kungani uJehova ezihleka usulu izizwe?
9 Ayimkhathazi uJehova imizamo yababusi bezizwe yokumisa obabo ubukhosi. Ihubo lesibili liyaqhubeka: “Yena kanye ohlezi emazulwini uyohleka; uJehova uyobahleka usulu.” (IHubo 2:4) UNkulunkulu uqhubeka nenjongo yakhe njengokungathi bawubala laba babusi. Uyakuhleka ukwedelela kwabo; ubahleka usulu. Mabaqholoshe ngalokho abakuhlosile. KuJehova bayinhlekisa. Uyayihleka imizamo yabo eyize yokumphikisa.
10 Kwenye indawo emahubweni akhe, uDavide ubhekisela emadodeni nasezizweni eziyizitha, ahlabelele: “Wena, Jehova Nkulunkulu wamabutho, unguNkulunkulu ka-Israyeli. Vuka ukuze unake zonke izizwe. Ungabi namusa kunoma yimaphi amambuka alimazayo. Balokhu bebuya kusihlwa; balokhu bekhonkotha njengenja bajikeleze umuzi. Bheka! Umlomo wabo uyaphuphuma; kukhona izinkemba ezindebeni zabo, ngoba ngubani olalele? Kodwa wena, Jehova, uyobahleka; zonke izizwe uyozihleka usulu.” (IHubo 59:5-8) UJehova uyakuhleka ukuqhosha nokudideka kwezizwe enkambweni yazo ewubuwula yokumelana naye.
11. Kwenzekani lapho izizwe zizama ukumelana nenjongo kaNkulunkulu?
11 Amazwi eHubo 2 aqinisa ukholo lwethu ekutheni uNkulunkulu anganqoba noma iyiphi inselele. Singaqiniseka ukuthi uyayifeza njalo injongo yakhe futhi akalokothi azishiye izinceku zakhe ezithembekile. (IHubo 94:14) Ngakho-ke, kwenzekani lapho izizwe zizama ukumelana nenjongo kaJehova? Ngokwaleli hubo, uNkulunkulu “uyokhuluma [nazo] ngentukuthelo yakhe,” njengokungathi ngomsindo wezulu eliduma liqeqebule. Ngaphezu kwalokho, “ngokucasuka kwakhe okuvuthayo,” njengokungathi ngokubaneka okukhulu, ‘uyoziphazamisa.’—IHubo 2:5.
INkosi KaNkulunkulu Iyamiswa
12. IHubo 2:6 libhekisela ekubekweni kukabani esihlalweni sobukhosi?
12 Akungabazeki ukuthi lokho uJehova akushoyo ngokulandelayo ngomhubi kuyaziphazamisa izizwe. UNkulunkulu uthi: “Mina, yebo mina, ngiyimisile inkosi yami eZiyoni, intaba yami engcwele.” (IHubo 2:6) INtaba YaseZiyoni kwakuyintaba eseJerusalema uDavide amiswa kuyo njengenkosi ka-Israyeli wonke. Kodwa iNkosi EnguMesiya ngeke ihlale esihlalweni sobukhosi esikulowo muzi noma ndawana thile emhlabeni. Empeleni, uJehova usemmisile kakade uJesu Kristu njengeNkosi EnguMesiya ayikhethile eNtabeni YaseZiyoni esezulwini.—IsAmbulo 14:1.
13. Isiphi isivumelwano uJehova asenza neNdodana yakhe?
13 Manje sekukhuluma iNkosi EnguMesiya. Ithi: “Mangibhekisele esinqumweni sikaJehova [owenze isivumelwano soMbuso neNdodana yakhe]; [uJehova uNkulunkulu] uthé kimi: ‘Wena uyindodana yami; mina, namuhla, mina ngikuzele.’” (IHubo 2:7) UKristu wabhekisela esivumelwaneni soMbuso lapho etshela abaphostoli bakhe: “Nina aningishiyanga ekulingweni kwami; ngenza isivumelwano nani, njengoba nje uBaba enze isivumelwano sombuso nami.”—Luka 22:28, 29.
14. Kungani kungase kuthiwe uJesu ufaneleka ngokungenakuphikiswa ukuba yinkosi?
14 Njengoba kubikezelwe kuyiHubo 2:7, uJehova wavuma ukuthi uJesu uyiNdodana yaKhe ngokukusho lapho ebhapathizwa nangokumvusela ekuphileni komoya. (Marku 1:9-11; Roma 1:4; Hebheru 1:5; 5:5) Yebo, iNkosi yoMbuso wasezulwini yiNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa. (Johane 3:16) Njengoba engowozalo lwasebukhosini lweNkosi uDavide, uJesu ufaneleka ngokungenakuphikiswa ukuba yinkosi. (2 Samuweli 7:4-17; Mathewu 1:6, 16) Ngokwaleli hubo, uNkulunkulu utshela iNdodana yakhe: “Cela kimi, ukuba ngikunike izizwe zibe yifa lakho nemikhawulo yomhlaba ibe yimpahla yakho.”—IHubo 2:8.
15. Kungani uJesu ecela izizwe ukuba zibe yifa lakhe?
15 INkosi—iNdodana kaNkulunkulu uqobo—isesikhundleni esiseduze kakhulu noJehova. UJesu uye watholakala ethembekile futhi enokwethenjelwa phambi kukaJehova. Ngaphezu kwalokho, uJesu unefa njengeZibulo likaNkulunkulu. Empeleni, uJesu Kristu ‘ungumfanekiso kaNkulunkulu ongabonakali, izibulo layo yonke indalo.’ (Kolose 1:15) Kudingeka nje acele bese uNkulunkulu ‘emnika izizwe zibe yifa lakhe nemikhawulo yomhlaba ibe yimpahla yakhe.’ UJesu wenza lesi sicelo ngoba ‘izinto azithandayo ziphathelene namadodana abantu’ nangenxa yesifiso sakhe esijulile sokufeza intando kaYise wasezulwini mayelana nomhlaba nesintu.—IzAga 8:30, 31.
Isinqumo SikaJehova Esimelene Nezizwe
16, 17. NgokweHubo 2:9, zilindelwe yini izizwe?
16 Njengoba ihubo lesibili ligcwaliseka manje, phakathi nokuba khona kukaJesu Kristu okungabonakali, zilindelwe yini izizwe? Maduze iNkosi izofeza lesi simemezelo sikaNkulunkulu: “Uyozaphula [izizwe] ngentonga yensimbi, uziphahlaze zibe izicucu njengokungathi isitsha sombumbi.”—IHubo 2:9.
17 Izintonga zamakhosi asendulo zaziwuphawu lwegunya lobukhosi. Ezinye izintonga zaziyinsimbi, njengalena eshiwo kuleli hubo. Umfanekiso osetshenziswa lapha ubonisa indlela iNkosi enguKristu eyozibhubhisa kalula ngayo izizwe. Igalelo elinamandla lentonga yensimbi laliyosiphahlaza siphele isitsha sombumbi.
18, 19. Ukuze amakhosi omhlaba amukeleke kuNkulunkulu, bekungadingeka enzeni?
18 Ingabe ababusi bezizwe kuyadingeka baze baphahlazwe babhujiswe kanjena? Cha, ngoba umhubi uyabanxusa: “Manje, makhosi, bonisani ukuqondisisa; O bahluleli bomhlaba, kuvumeni ukuqondiswa.” (IHubo 2:10) Amakhosi acelwa ukuba alalele, abonise ukuqondisisa. Kufanele acabange ngokuba yize kwamacebo awo, ngokungafani nalokho uMbuso kaNkulunkulu oyokwenzela isintu.
19 Ukuze amukelwe nguNkulunkulu, amakhosi omhlaba kungadingeka ashintshe inkambo yawo. Ayalwa ukuba ‘akhonze uJehova ngokwesaba futhi ajabule ngokuthuthumela.’ (IHubo 2:11) Bekungenzekani uma enza kanjalo? Kunokuba axokozele, noma aphithane ngokukhathazeka, abengajabulela amathemba anikezwa yiNkosi EnguMesiya. Bekungadingeka ababusi bomhlaba bayeke ukuqhosha nokuzazisa abakubonisa ekubuseni kwabo. Ngaphezu kwalokho, bekungadingeka bangapholisi maseko, bashintshe futhi babonise ukuqonda mayelana nobukhosi bukaJehova obungenakuqhathaniswa kanye namandla angenakuvinjelwa kaNkulunkulu neNkosi yakhe enguMesiya.
“Yangani Indodana”
20, 21. Kusho ukuthini ‘ukwanga indodana’?
20 IHubo 2 manje lidlulisela isimemo esinesihe kubabusi bezizwe. Kunokuba babuthane bamelane neNkosi emisiwe, bayelulekwa: “Yangani indodana, ukuze [uJehova uNkulunkulu angavuthi] ngolaka futhi ningashabalali endleleni, ngoba intukuthelo [yakhe] igqamuka kalula.” (IHubo 2:12a) INkosi EnguMbusi uJehova kufanele ilalelwe lapho ikhipha isinqumo. Lapho uNkulunkulu ebeka iNdodana yakhe esihlalweni sobukhosi, ababusi bomhlaba kwakufanele bayeke ‘ukuvungazela into eyize.’ Kwakufanele bavume ngokushesha ukuthi iyiNkosi futhi bayithobele ngokugcwele.
21 Kungani kufanele ‘bayange indodana’? Lapho kuqanjwa leli hubo, ukwanga kwakuwukubonakaliswa kobungane futhi kwakuyindlela yokwamukela izivakashi ekhaya, lapho zazingajabulela khona ukubungazwa. Ukwanga futhi kwakungaba isenzo esibonisa ubuqotho, noma ukwethembeka. (1 Samuweli 10:1) Kuleli vesi lehubo lesibili, uNkulunkulu uyala izizwe ukuba zange, noma zamukele, iNdodana yakhe njengeNkosi egcotshiwe.
22. Isiphi isixwayiso ababusi bezizwe okufanele basilalele?
22 Labo abenqabayo ukuqaphela igunya leNkosi ekhethwe nguNkulunkulu bayamedelela uJehova. Bayabenqaba ubukhosi bendawo yonke bukaJehova uNkulunkulu negunya nekhono lakhe lokukhetha iNkosi engumbusi wesintu ongcono kakhulu. Ababusi bezizwe bayothola ukuthi ulaka lukaNkulunkulu lubafikela ngokushesha, besazama ukufeza amacebo abo. ‘Intukuthelo yakhe igqamuka kalula,’ noma ivutha ngokushesha futhi inganqandeki. Ababusi bezizwe kufanele basamukele ngokwazisa lesi sixwayiso futhi benze ngokuvumelana naso. Ukwenza kanjalo kusho ukuphila.
23. Abantu basenesikhathi sokwenzani?
23 Leli hubo eliphawulekayo liyaphetha: “Bayajabula bonke abaphephela [kuJehova].” (IHubo 2:12b) Sisekhona isikhathi sokuba abantu bathole ukulondeka. Ngisho nababusi ngabanye abebesekela amacebo ezizwe basenaso. Bangabalekela kuJehova, onikeza isiphephelo ngaphansi kokubusa koMbuso. Kodwa kumelwe bathathe isinyathelo ngaphambi kokuba uMbuso KaMesiya uphahlaze izizwe eziphikisayo.
24. Singaphila kanjani ukuphila okwanelisa ngokwengeziwe ngisho nakuleli zwe elinezinkathazo?
24 Uma sitadisha imiBhalo ngenkuthalo futhi sisebenzise iseluleko sayo ekuphileni, singaphila ukuphila okwanelisa kakhudlwana ngisho kwamanje kuleli zwe elinezinkathazo. Ukusebenzisa iseluleko semiBhalo kuphumela ebuhlotsheni obujabulisayo bomkhaya nasekukhululekeni ezinkathazweni nasekwesabeni okuningi okukhungethe leli zwe. Ukulandela iziqondiso zeBhayibheli kusenza siqiniseke ukuthi siyamjabulisa uMdali. Akekho omunye ngaphandle koMbusi Wendawo Yonke onganikeza isiqinisekiso “sokuphila kwamanje nalokho okuzayo” ngemva kokuba ebasusile emhlabeni labo abaphikisa okulungile ngokwenqaba ukubusa koMbuso.—1 Thimothewu 4:8.
25. Njengoba ‘isinqumo sikaJehova’ singenakubhuntsha, yini esingayilindela esikhathini sethu?
25 ‘Isinqumo sikaJehova’ asinakubhuntsha. NjengoMdali wethu, uNkulunkulu uyakwazi okusilungele kahle kakhulu isintu futhi uyoyifeza injongo yakhe yokubusisa abantu abalalelayo ngokuthula, ukwaneliseka, nokulondeka okuhlala njalo ngaphansi koMbuso weNdodana yakhe ethandekayo. Mayelana nesikhathi sethu, umprofethi uDaniyeli wabhala: “Ezinsukwini zalawo makhosi uNkulunkulu wezulu uyomisa umbuso ongeke neze uchithwe. . . . Uyochoboza uqede yonke le mibuso, wona uqobo ume kuze kube nini nanini.” (Daniyeli 2:44) Ngakho, manje yiso kanye isikhathi ‘sokwanga indodana’ nokukhonza iNkosi EnguMbusi, uJehova!
[Imibhalo yaphansi]
a Ekuqaleni “ogcotshiweyo” kwakuyiNkosi uDavide, “amakhosi omhlaba” kungababusi bamaFilisti abaqoqa amabutho abo ukuze balwe nayo.
b Nezinye izingxenye zemiBhalo YamaKristu YesiGreki zibonisa ukuthi nguJesu ongoGcotshiweyo kaNkulunkulu okubhekiselwa kuye ehubweni lesibili. Lokhu kubonakala ngokuqhathanisa iHubo 2:7 nezEnzo 13:32, 33 namaHebheru 1:5; 5:5. Bheka neHubo 2:9 kanye nesAmbulo 2:27.
Ungaphendula Kanjani?
• Iyiphi “into eyize” izizwe eziye ‘zalokhu ziyivungazela’?
• Kungani uJehova ezihleka usulu izizwe?
• Siyini isinqumo sikaNkulunkulu ezizweni?
• Kusho ukuthini ‘ukwanga indodana’?
[Isithombe ekhasini 16]
UDavide wahlabelela ngeNkosi enqobayo enguMesiya
[Isithombe ekhasini 17]
Ababusi nabantu bakwa-Israyeli bámakhela uzungu uJesu Kristu
[Isithombe ekhasini 18]
UKristu ubekwe njengeNkosi eNtabeni YaseZiyoni esezulwini