Umbono WeBhayibheli
Ukuzindla Okuzuzisayo
“AMAZWI OMLOMO WAMI NOKUZINDLA KWENHLIZIYO YAMI MAKUTHANDEKE EBUSWENI BAKHO, JEHOVA, DWALA LAMI NOMHLENGI WAMI.”—IHUBO 19:14.
KUSHO ukuthini “ukuzindla” kuwe? Uma ulandela izimfundiso zezinkolo ezithile zaseMpumalanga, ungase ukholelwe ukuthi kungokuthile okuvula ingqondo noma okuletha ukukhanyiselwa okukhethekile. Ukuzindla kobuBuddha kukhuthaza abantu ukuba bakhiphe yonke imicabango engqondweni. Kuthiwa ezinye izinhlobo zokuzindla zikhuthaza umuntu ukuba agcwalise ingqondo yakhe “ngamaqiniso okuhlakanipha endawo yonke.”
Umbono weBhayibheli ngokuzindla uhlukile kulena. Ngayiphi indlela? Cabangela isibonelo saseBhayibhelini sendoda okuthiwa u-Isaka, eyayinokuningi okwakufanele izindle ngakho lapho isineminyaka engu-40 ubudala. UGenesise 24:63 uthi: “U-Isaka waphuma ntambama ukuyozindla endle.” Asikho isizathu sokucabanga ukuthi u-Isaka wayikhipha yonke imicabango engqondweni yakhe noma wayemane ecabanga ‘ngeqiniso lokuhlakanipha lendawo yonke’ elingaqondakali. Ngokunokwenzeka u-Isaka wayenezinto ayecabanga ngazo ngokuqondile, njengekusasa lakhe, ukushonelwa unina, noma ukuthi ubani owayezoba umkakhe. Cishe wasebenzisa isikhathi sakhe esithile kusihlwa ukuze azindle ngezinto ezinjalo ezibalulekile. EBhayibhelini, ukuzindla kusho okungaphezu nje kokuzula kwengqondo.
Ukuzindla Kusho Okwengeziwe
Cabangela isibonelo somhubi uDavide. Wabhekana nezinkinga eziningi ezazibonakala zingenakunqotshwa, futhi wayazi kahle ukuthi njengomuntu ongaphelele, wayedinga usizo lukaNkulunkulu ukuze aziphathe kahle. Yini eyaqinisa uDavide phakathi nezimo ezinzima? Njengoba kulotshwe kumaHubo 19:14, uDavide wathi: “Amazwi omlomo wami nokuzindla kwenhliziyo yami makuthandeke ebusweni bakho, Jehova, dwala lami nomhlengi wami.” Igama lesiHeberu elihunyushwe lapha ngokuthi “ukuzindla” lisuselwa egameni ngokwezwi nezwi elisho “ukukhuluma wedwa.” Yebo, uDavide ‘wakhuluma yedwa’ ngoJehova, ngezenzo zakhe, imisebenzi yakhe, imithetho yakhe nokulunga kwakhe.—IHubo 143:5.
Ngokufanayo, amaKristu akuqala ayekubheka njengengxenye yokukhulekela kweqiniso ukubekela eceleni isikhathi sokuzindla ngezinto ezingokomoya. Umphostoli uPawulu wayala: “Noma iziphi izinto eziyiqiniso, noma iziphi izinto ezinokubaluleka okungathi sína, noma iziphi izinto ezilungileyo, noma iziphi izinto ezimsulwa, noma iziphi izinto ezithandekayo, noma iziphi izinto okukhulunywa kahle ngazo, noma yibuphi ubuhle obukhona nanoma yini ekhona ekufanelekelayo ukudunyiswa, qhubekani nicabanga ngalezizinto.” (Filipi 4:8) Ngokuqinisekile, ukuze sicabange imicabango eyakhayo, lezi “zinto” uPawulu akhuluma ngazo kudingeka zingene ezingqondweni zethu. Kanjani?
Umhubi uyaphendula. IHubo 1:1, 2 lithi: “Ubusisiwe umuntu ongahambi ngeziluleko zababi . . . Okuthokoza kwakhe kusemthethweni kaJehova, ozindla ngomthetho wakhe imini nobusuku.” Yebo, umhubi wayefunda umthetho kaNkulunkulu njalo. Khona-ke, wayengazindla ngezinto ayezifundile ngoMdali.
Ukuzindla Namuhla
Ukufunda iBhayibheli kubalulekile, kodwa ngemva kokulifunda, kumelwe sizindle, sicabange ngokujulile, noma “sikhulume sodwa” ngalokho esikufundile. Njengoba kudingeka ukuba ukudla esikudlayo kugayeke ukuze sizuze ngokugcwele kukho, ukuzindla kuyadingeka ukuze lokho esikufunda eBhayibhelini kugxile. Ukuzindla okufanele akususi nje imicabango engemihle kuphela. Kusinikeza nethuba lokucabangela amakhambi ezinkinga zethu asekelwe eBhayibhelini. Ukuzindla okunjalo kungasisiza ukuba sibhekane kangcono nezinkinga zokuphila kwansuku zonke.—Mathewu 6:25-32.
Umhubi uDavide wayiqaphela indima efezwa ukuzindla ekujabuliseni uNkulunkulu. Wathi: “Umlomo wolungileyo ushumayela ukuhlakanipha.” (IHubo 37:30) Yebo, ukuzindla kuwuphawu lomkhulekeli othembekile. Kuyisibusiso sangempela ukubhekwa uNkulunkulu njengolungile, futhi kuletha izinzuzo ezingokomoya. Ngokwesibonelo, iBhayibheli lithi “umkhondo wabalungileyo unjengokukhanya kokusa okuqhubeka ngokukhanya njalo kuze kube semini.” (IzAga 4:18) Ngakho, umKristu othobekile ‘oshumayela ukuhlakanipha’ angalindela ukuba ukuqonda kwakhe iBhayibheli kukhule.
IBhayibheli liyala amaKristu ukuba azindle nangemithwalo yawo yemfanelo engokomBhalo. Umphostoli uPawulu watshela uThimothewu: “Zindla ngalezizinto; ugxile kuzo, ukuze intuthuko yakho ibonakale kubo bonke abantu. Zinake njalo wena nokufundisa kwakho. Hlala kulezizinto, ngoba ngokwenza lokhu uyosindisa kokubili wena nabakulalelayo.” (1 Thimothewu 4:15, 16) Yebo, lokho esikushoyo nesikwenzayo kungaba nethonya elikhulu kwabanye.
Kusobala ukuthi sinezizathu eziningi zokucabanga ngokujulile ngezinto ezibalulekile. Kubalulekile ukucabanga ngezinto esiye sabhekana nazo, sizindle ngezinto ezenzeka manje, futhi sicabangele ikusasa lethu. Kodwa ngaphezu kwakho konke, ukuzindla kwethu kuyosilethela ukukhanyiselwa okukhulu uma imicabango yethu igxilé ekuhlakanipheni koMdali wethu, uJehova uNkulunkulu.
[Isithombe ekhasini 20]
Umfanekiso kaRodin obizwa ngokuthi “The Thinker”