Abaphathi Bokukhanya—Ngayiphi Injongo?
“Ngikubekile ube-ngukukhanya kwabezizwe.”—IZENZO 13:47.
1. Umphostoli uPawulu wathonywa kanjani umyalo okubhekiselwe kuwo kuzEnzo 13:47?
“INKOSI isiyalezile kanjalo ukuthi: Ngikubekile ube-ngukukhanya kwabezizwe, ube-yinsindiso kuze kube-semkhawulweni womhlaba,” kusho umphostoli uPawulu. (IzEnzo 13:47) Akazange nje asho lokho kuphela kodwa futhi waqaphela ukungathi sína kwakho. Ngemva kokuba ngumKristu, uPawulu wanikela ukuphila kwakhe ekufezeni lowomyalo. (IzEnzo 26:14-20) Ingabe lowomyalo uye wabekwa nakithina? Uma kunjalo, kungani ubalulekile osukwini lwethu?
Lapho ‘Kucima Izibani’ Esintwini
2. (a) Njengoba izwe lalingena esikhathini salo sokuphela, yini eyenzeka eyathinta ngezinga elikhulu isimo salo esingokomoya nesokuziphatha? (b) Isazi sezokuphathwa kwezwe saseBrithani sasabela kanjani kulokho esakubona kwenzeka ngoAugust 1914?
2 Ngaphambi kokuba abantu abaningi abaphilayo namuhla bazalwe, lelizwe langena esikhathini salo sokuphela. Izenzakalo ezinkulu zenzeka ngokulandelana okusheshayo. USathane uDeveli, umbangeli oyinhloko wobumnyama obungokomoya nobokuziphatha, walahlelwa phansi emhlabeni. (Efesu 6:12; IsAmbulo 12:7-12) Isintu kakade sase sicwiliswe empini yaso yezwe yokuqala. Ekuqaleni kuka-August 1914, lapho impi yayisibonakala iyinto eqinisekile, uSir Edward Grey, unobhala wezindaba zangaphandle wezwe laseBrithani, wama efasiteleni lehhovisi lakhe eLondon futhi wathi: “Izibani ziyacima kulo lonke elaseYurophu; ngeke siphinde sizibone zikhanya esikhathini sokuphila kwethu.”
3. Iyiphi impumelelo abaholi bezwe ababa nayo ekuzameni ukwenza umbono wesintu ukhanye?
3 Emzamweni wokwenza lezozibani ziphinde zikhanye, ngo-1920 kwamiswa iNhlangano Yezizwe. Kodwa izibani azizange zilokoze ngisho nakancane. Ekupheleni kwempi yezwe yesibili, abaholi bezwe bazama futhi, manje ngenhlangano yeZizwe Ezihlangene. Njengakuqala, izibani azizange zikhanye ngokugqamile. Nokho, ngenxa yezenzakalo ezenzeke muva nje, abaholi bezwe bebelokhu bekhuluma “ngohlelo lwezwe elisha.” Kodwa ngeke neze kushiwo ukuthi ‘izwe elisha’ elenziwe yibo liye lanikeza ukuthula kweqiniso nokulondeka. Ngokuphambene, ukulwa ngezikhali, umbango wezinhlanga, ubugebengu, ukusweleka komsebenzi, ubumpofu, ukungcola kwendawo ezungezile, nokugula, konke kuyaqhubeka konakalisa ukujabulela kwabantu ukuphila.
4, 5. (a) Kunini lapho ubumnyama bamboza khona umkhaya wesintu futhi kanjani? (b) Yini edingekayo ukuze kutholakale inkululeko?
4 Empeleni, izibani esintwini zacima esikhathini eside ngaphambi kuka-1914. Lokho kwenzeka eminyakeni engaba ngu-6 000 edlule e-Edene, lapho abazali bethu bokuqala abangabantu bekhetha ukuzenzela izinqumo zabo siqu bengayikhathaleli intando kaNkulunkulu eshiwo ngokuqondile. Okuhlangenwe nakho okudabukisayo kohlanga lwesintu kusukela ngalesosikhathi kumane nje kuyizenzakalo ezenzeka ngaphansi kwalokho iBhayibheli elikubiza ngokuthi ‘amandla obumnyama.’ (Kolose 1:13) Umuntu wokuqala, uAdamu, engaphansi kwethonya likaSathane uDeveli, wafaka izwe esonweni; futhi kusukela kuAdamu isono nokufa kwasakazeka kuso sonke isintu. (Genesise 3:1-6; Roma 5:12) Ngaleyondlela isintu salahlekelwa ukuvunyelwa uJehova, uMthombo wokukhanya nowokuphila.—IHubo 36:9.
5 Okuwukuphela kwendlela ukukhanya okwakungabuye kukhanye ngayo kunoma ubani esintwini kwakungaba ngokuzuza ukuvunyelwa uJehova uNkulunkulu, uMdali wesintu. Khona-ke, ‘isembozo esimboza abantu bonke,’ ukulahlwa ngenxa yesono, singasuswa. Kungenzeka kanjani lokhu?—Isaya 25:7.
Lowo Onikelwe ‘Njengokukhanya Kwezizwe’
6. Yimaphi amathemba amahle uJehova awenzé aba nokwenzeka kithina ngoJesu Kristu?
6 Ngisho nangaphambi kokuba uAdamu noEva baxoshwe ePharadesi, uJehova wabikezela ‘ngembewu’ eyayizoba umkhululi wabathandi bokulunga. (Genesise 3:15, qhathanisa neNW) Ngemva kokuzalwa njengomuntu kwaleyoMbewu ethenjisiwe, uJehova wabangela ukuba uSimeyoni osegugile, ethempelini laseJerusalema, ayichaze ‘njengokukhanya kokwambulela abezizwe.’ (Luka 2:29-32) Ngokuba nokholo emhlatshelweni wokuphila kukaJesu okuphelele kobuntu, abantu babengakhululwa ekulahlweni okuwumphumela wesono abazalwa naso. (Johane 3:36) Ngokuvumelana nentando kaJehova, manje babengabheka phambili ekuphileni okuphakade bephelele njengengxenye yoMbuso wasezulwini noma njengezikhonzi zawo emhlabeni oyipharadesi. Yeka ilungiselelo elimangalisayo lokho okuyilo!
7. Kungani kokubili izithembiso ezikuIsaya 42:1-4 nokugcwaliseka kwazo kwekhulu lokuqala kusenza sibe nethemba?
7 UJesu Kristu ngokwakhe uyisiqinisekiso sokugcwaliseka kwalamathemba amahle. Ngokuphathelene nokuphilisa kukaJesu abantu abahluphekile, umphostoli uMathewu wabhekisela kuye okulotshwe kuIsaya 42:1-4. Lombhalo, ngokwengxenye uthi: “Bheka inceku yami engiyisekelayo, okhethiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami; nginikele umoya wami phezu kwakhe, uyakukhiphela izizwe ukwahlulela.” Futhi ingabe lokhu akukhona yini lokho abantu bazo zonke izizwe abakudingayo? Isiprofetho siyaqhubeka: “Akayikukhala, adazuluke, angezwakalisi izwi lakhe ezitaladini. Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula, umongo othunqayo akayikuwucima.” Ngokuvumelana nalokhu, uJesu akazange abaphathe ngokhahlo abantu ababehlupheka kakade. Wababonisa isihawu, wabafundisa ngezinjongo zikaJehova, futhi wabaphulukisa.—Mathewu 12:15-21.
8. Kungamuphi umqondo uJehova eye wanikela ngoJesu ‘njengesivumelwano sabantu’ ‘nanjengokukhanya kwabezizwe’?
8 UMniki walesiprofetho uzazisa eNcekwini yakhe, uJesu, futhi uthi: “Mina-Jehova ngikubizile ngokulunga, ngiyakubamba isandla sakho, ngikugcine, ngikubeke ube-yisivumelwano sabantu nokukhanya kwabezizwe, ukuze uvule amehlo ezimpumputhe, ukhiphe iziboshwa etilongweni nabahlezi ebumnyameni etilongweni.” (Isaya 42:6, 7) Yebo, uJehova uye wanikela ngoJesu Kristu njengesivumelwano, njengesiqinisekiso esingokomthetho sesithembiso. Yeka ukuthi lokho kukhuthaza kanjani! UJesu wabonisa ukukhathalela kwangempela ngesintu lapho esemhlabeni; waze wanikela ngisho nangokuphila kwakhe ngenxa yesintu. Lona uyena uJehova aye wamphathisa ukubusa phezu kwazo zonke izizwe. Kungakho uJehova abhekisela kuye njengokukhanya kwabezizwe. UJesu ngokwakhe wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe.”—Johane 8:12.
9. Kungani uJesu engazange azinikele ekuthuthukiseni isimiso sezinto esasikhona ngalesosikhathi?
9 Kungayiphi injongo uJesu akhonza ngayo njengokukhanya kwezwe? Ngokuqinisekile kwakungengenxa yanoma iyiphi injongo yezwe noma yezinto ezibonakalayo. Wenqaba ukuzama ukulungisa isimiso sezombangazwe esasikhona ngalesosikhathi futhi wenqaba ukwamukela ubukhosi kuSathane, umbusi wezwe, noma kubantu. (Luka 4:5-8; Johane 6:15; 14:30) UJesu wabonisa isihawu esikhulu ngalabo ababehlupheka futhi wabalethela impumuzo ngezindlela abanye ababengeke bakwazi ngazo. Kodwa wayazi ukuthi impumuzo ehlala njalo yayingeke itholakale esimisweni somphakathi wesintu owawungaphansi kokulahlwa kwaphezulu ngenxa yesono ozalwe naso futhi owawusetshenziswa kabi amandla amabi emimoya angabonakalali. Enokuqonda kokwesaba uNkulunkulu, uJesu wagxilisa konke ukuphila kwakhe ekwenzeni intando kaNkulunkulu.—Heberu 10:7.
10. Kungaziphi izindlela uJesu akhonza ngazo njengokukhanya kwezwe futhi ngayiphi injongo?
10 Khona-ke, kungaziphi izindlela uJesu akhonza njengokukhanya kwezwe futhi ngayiphi injongo? Wazinikela ekushumayeleni izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. (Luka 4:43; Johane 18:37) Ngokufakazela iqiniso elimayelana nenjongo kaJehova, uJesu futhi wakhazimulisa igama likaYise wasezulwini. (Johane 17:4, 6) Ngaphezu kwalokho, njengokukhanya kwezwe, uJesu wadalula amanga angokwenkolo futhi kanjalo wanikeza inkululeko engokomoya kulabo ababesebugqilini obungokwenkolo. Wadalula uSathane njengomkhohlisi ongabonakali walabo abazivumela ukuba abasebenzise. UJesu futhi wayichaza ngokucacile imisebenzi yobumnyama. (Mathewu 15:3-9; Johane 3:19-21; 8:44) Ngendlela evelele, wabonisa ukuthi ungukukhanya kwezwe ngokubeka phansi ukuphila kwakhe kobuntu okuphelele njengesihlengo, kanjalo ebavulela indlela labo ababonisa ukholo kulelilungiselelo ukuba bathethelelwe izono, babe nobuhlobo obuhle noNkulunkulu, kanye nethemba lokuphila okuphakade njengengxenye yomkhaya kaJehova wendawo yonke. (Mathewu 20:28; Johane 3:16) Futhi ekugcineni, ngokulondoloza ukuzinikela okuphelele kokwesaba uNkulunkulu kukho konke ukuphila kwakhe, uJesu wasekela ubukhosi bukaJehova futhi wabonakalisa uDeveli engumqambimanga, ngaleyondlela enza ukuba kube nezinzuzo zaphakade kubathandi bokulunga. Kodwa ingabe uJesu wayeyoba ukuphela komphathi wokukhanya?
“Nina Ningukukhanya Kwezwe”
11. Yini abafundi bakaJesu okwakumelwe bayenze, ukuze babe abaphathi bokukhanya?
11 KuMathewu 5:14, uJesu watshela abafundi bakhe: “Nina ningukukhanya kwezwe.” Kwakumelwe balandele ezinyathelweni zakhe. Kokubili ngendlela yabo yokuphila nangokushumayela kwabo, kwakumelwe baqondise abanye kuJehova njengoMthombo wokukhanyiselwa kweqiniso. Belingisa uJesu, kwakumelwe benze igama likaJehova laziwe futhi basekele ubukhosi baKhe. Njengoba uJesu enza, nabo kwakumelwe bamemezele uMbuso kaNkulunkulu njengowukuphela kwethemba lesintu. Nabo kwakumelwe badalule amanga angokwenkolo, imisebenzi yobumnyama, kanye nomubi obangela lezizinto. Abalandeli bakaKristu kwakumelwe batshele abantu kuyo yonke indawo ngelungiselelo likaJehova lothando lensindiso ngoJesu Kristu. Yeka intshiseko amaKristu akuqala asifeza ngayo lesosabelo, okokuqala eqala eJerusalema naseJudiya futhi kamuva edlulela eSamariya, njengoba uJesu ayeyalile!—IzEnzo 1:8.
12. (a) Kwakufanele kwande kuze kufinyelelephi ukukhanya okungokomoya? (b) Yini umoya kaJehova owasiza uPawulu ukuba ayiqonde ngoIsaya 42:6, futhi lesosiprofetho kufanele sikuthinte kanjani ukuphila kwethu?
12 Nokho, ukushumayela izindaba ezinhle kwakungamelwe kugcine kuleyonsimu. UJesu wayala abafundi bakhe ukuba ‘benze izizwe zonke abafundi.’ (Mathewu 28:19) Ngesikhathi sokuphenduka kukaSawulu waseTarsu, iNkosi yabonisa ngokuqondile ukuthi uSawulu (owaba umphostoli uPawulu) kwakungamelwe nje ashumayele kumaJuda kuphela kodwa futhi nakwabeZizwe. (IzEnzo 9:15) Ngosizo lomoya ongcwele, uPawulu waqonda ukuthi lokho kwakuhilelani. Ngakho, waqonda ukuthi isiprofetho esikuIsaya 42:6, esigcwaliseka ngokuqondile kuJesu Kristu, siwumyalo futhi oqondiswe kubo bonke ababonisa ukholo kuKristu. Ngakho, kuzEnzo 13:47, lapho ecaphuna kuIsaya, uPawulu wathi: “INkosi isiyalezile kanjalo ukuthi: Ngikubekile ube-ngukukhanya kwabezizwe, ube-yinsindiso kuze kube-semkhawulweni womhlaba.” Kuthiwani ngawe? Ingabe uye wasithatha ngokungathi sína lesosibopho sokuba umphathi wokukhanya? NjengoJesu noPawulu, ingabe nawe ugxilisa ukuphila kwakho ekwenzeni intando kaNkulunkulu?
Ukukhanya Neqiniso Okuvela KuNkulunkulu Kumelwe Kusihole
13. Ngokuvumelana neHubo 43:3, uyini umthandazo wethu oqotho, futhi lokhu kusivikelaphi?
13 Uma thina ngezindlela zethu esiziklamele zona besingazama ‘ukuphinde sikhanyise izibani,’ ukuze senze ikusasa lesintu likhanye, besiyobe silahlekelwa ngokungathi sína iphuzu leZwi likaNkulunkulu eliphefumlelwe. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi izwe ngokuvamile lenzani, amaKristu eqiniso abheka kuJehova njengoMthombo weqiniso wokukhanya. Umthandazo wawo unjengalowo olotshwe kumaHubo 43:3, othi: “Thuma ukukhanya kwakho neqiniso lakho, kungihole, kungiyise entabeni yakho engcwele nasezindlini zakho.”
14, 15. (a) Kungaziphi izindlela uJehova manje ethumela ukukhanya kwakhe neqiniso? (b) Singabonisa kanjani ukuthi ukukhanya kukaNkulunkulu neqiniso kuyasihola ngempela?
14 UJehova uyaqhubeka ephendula lowomthandazo wezinceku zakhe ezithembekile. Uthumela ukukhanya ngokumemezela injongo yakhe, ngokwenza ukuba izinceku zakhe ziyiqonde, nangokugcwalisa lokho akumemezele. Lapho sithandaza kuNkulunkulu, akuyona nje into ewumkhuba, eyenzelwa nje ukuba sibonakale singcwele. Isifiso sethu esiqotho siwukuba ukukhanya okuvela kuJehova kusihole, njengoba ihubo lisho. Siyawemukela umthwalo wemfanelo ohambisana nokwamukela ukukhanya uNkulunkulu akunikezayo. Njengomphostoli uPawulu, siyaqonda ukuthi ukugcwaliseka kweZwi likaJehova kuhambisana nomyalo oqondiswe kubo bonke ababonisa ukholo kulo. Sizizwa njengabantu abakweleta abanye abantu kuze kube yilapho sesibanikeze izindaba ezinhle esiziphathiswe uNkulunkulu ngaleyonjongo.—Roma 1:14, 15.
15 Ukukhanya neqiniso uJehova aye wakuthumela osukwini lwethu kwenza kubonakale ukuthi uJesu Kristu ubusa ngokoqobo esesihlalweni sakhe sobukhosi sasezulwini. (IHubo 2:6-8; IsAmbulo 11:15) UJesu wabikezela ukuthi phakathi nokuba-khona kwakhe kobukhosi, lezizindaba ezinhle zoMbuso zaziyoshunyayelwa kuwo wonke umhlaba owakhiwe kube ubufakazi. (Mathewu 24:3, 14) Lowomsebenzi uyenziwa manje, futhi wenziwa ngamandla, kuyo yonke imbulunga. Uma lowomsebenzi siwenza ube yinto ebaluleke kakhulu ekuphileni kwethu, khona-ke ukukhanya kukaNkulunkulu neqiniso kuyasihola, njengoba umhubi asho.
Yona Kanye Inkazimulo KaJehova Iye Yakhanya
16, 17. UJehova wayenza kanjani inkazimulo yakhe yakhanya phezu kwenhlangano yakhe enjengomfazi ngo-1914, futhi yimuphi umyalo ayinikeza wona?
16 Ngolimi olushukumisa inhliziyo, imiBhalo ichaza indlela ukukhanya kwaphezulu okusakazwa ngayo kubantu kuyo yonke indawo. UIsaya 60:1-3, obhekiswe ‘kumfazi,’ (NW) kaJehova, noma inhlangano yakhe yasezulwini yezinceku ezithembekile, uthi: “Vuka ukhanye, ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza; inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho. Ngokuba bheka, ubumnyama buyasibekela umhlaba, nesigayegaye abantu; kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho, nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho. Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwakho, namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho.”
17 Inkazimulo kaJehova yakhanya enhlanganweni yakhe yasezulwini enjengomfazi ngonyaka ka-1914, lapho ngemva kwesikhathi eside sokulinda, izala uMbuso wobuMesiya, noJesu Kristu njengeNkosi. (IsAmbulo 12:1-5) Ukukhanya kukaJehova okukhazimulayo kukhanya phezu kwalowo hulumeni ngokuvunyelwa njengofanelekile emhlabeni wonke.
18. (a) Kungani ubumnyama busibekela umhlaba, njengoba kwabikezelwa kuIsaya 60:2? (b) Abantu ngabanye bangakhululwa kanjani ebumnyameni bomhlaba?
18 Ngokuphambene, ubumnyama busibekele umhlaba futhi isigayegaye sisibekele amaqembu ezizwe. Ngani? Ngoba izizwe ziyawenqaba uhulumeni weNdodana kaNkulunkulu ethandekayo zikhetha ukubusa kwabantu. Zicabanga ukuthi ngokususa uhlobo oluthile lukahulumeni futhi zimise olunye, ziyozixazulula izinkinga zazo. Kodwa lokhu akuyilethi impumuzo ezinethemba lokuyithola. Ziyehluleka ukubona ukuthi ubani lona ongabonakali osendaweni yomoya oshukumisa izizwe. (2 Korinte 4:4) Zilahla uMthombo wokukhanya kweqiniso ngakho zisebumnyameni. (Efesu 6:12) Nokho, kungakhathaliseki ukuthi izizwe zenzani, abantu ngabanye bangakhululeka kulobo bumnyama. Ngayiphi indlela? Ngokuba nokholo oluphelele eMbusweni kaNkulunkulu nokuzithoba kuwo.
19, 20. (a) Kungani inkazimulo kaJehova iye yakhanya phezu kwabalandeli bakaJesu abagcotshiwe futhi kanjani? (b) Kungenxa yasiphi isizathu uJehova eye wenza abagcotshiweyo bakhe baba abaphathi bokukhanya? (c) Njengoba kwabikezelwa, “amakhosi” ‘nezizwe’ aye adonseleka kanjani ekukhanyeni okuvela kuNkulunkulu?
19 ELobukholwa alizange libe nokholo eMbusweni kaNkulunkulu futhi alizange lizithobe kuwo. Kodwa abalandeli bakaJesu Kristu abagcotshwe ngomoya bakwenzile lokho. Ngenxa yalokho, ukukhanya kukaJehova okunokuvunyelwa kwaphezulu kuye kwakhanya kulabameleli ababonakalayo bomfazi wakhe wasezulwini, futhi inkazimulo yakhe iye yabonakala kubo. (Isaya 60:19-21) Bajabulela ukukhanya okungokomoya okungekho nguquko esimweni sezwe sezombangazwe noma sezomnotho engakususa. Baye babona ukukhululwa uJehova eBabiloni Elikhulu. (IsAmbulo 18:4) Bajabulela ukuvunyelwa nguye ngoba baye bamukela isiyalo sakhe futhi baye basekela ubukhosi bakhe ngokwethembeka. Banamathemba amahle ngekusasa, futhi bayathokoza ngethemba alibeke phambi kwabo.
20 Kodwa kungenxa yayiphi injongo uJehova eye wasebenzelana nabo ngalendlela? Njengoba yena ngokwakhe asho kuIsaya 60:21, ukwenzela ukuba ‘adunyiswe,’ ukuze igama lakhe lihlonishwe futhi abanye badonseleke kuye njengowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso—futhi lokho kuphumele ezinzuzweni zaphakade kubona. Ngokuvumelana nalokhu, ngo-1931 labakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso bamukela igama elithi oFakazi BakaJehova. Ngenxa yokufakaza kwabo, ingabe “amakhosi” adonseleka ekukhanyeni ababekubonisa, njengoba uIsaya abikezela? Yebo! Hhayi abaholi bezwe bezombangazwe, kodwa inani elalisasele lalabo abasohlwini lokubusa njengamakhosi noKristu eMbusweni wakhe wasezulwini. (IsAmbulo 1:5, 6; 21:24) Futhi kuthiwani ‘ngezizwe’? Ingabe kuye kwazikhanga lokhu kukhanya? Ngokuqinisekile kunjalo! Asikho isizwe esisodwa sezombangazwe esiye sakhangeka, kodwa isixuku esikhulu sabantu abaphuma kuzo zonke izizwe siye sathatha ukuma kwaso ngasohlangothini loMbuso kaNkulunkulu, futhi silindele ngentshiseko ukukhululelwa ezweni elisha likaNkulunkulu. Kuyoba yizwe elisha ngempela okuyogcwala kulo ukulunga.—2 Petru 3:13; IsAmbulo 7:9, 10.
21. Singabonisa kanjani ukuthi asilahlekelwanga injongo yomusa kaJehova ongasifanele ngokusinikeza ukuqonda intando yakhe?
21 Ingabe ungomunye walesosixuku esikhulayo sabaphathi bokukhanya? UJehova uye wasinikeza ukuqonda intando yakhe ukuze nathi, njengoJesu, sibe ngabaphathi bokukhanya. Ngokubonisa intshiseko emsebenzini uJehova awuphathise izinceku zakhe osukwini lwethu, kwangathi sonke singabonisa ukuthi asilahlekelwanga injongo yomusa ongasifanele uNkulunkulu aye wasibonisa wona. (2 Korinte 6:1, 2) Awukho umsebenzi obaluleke kakhulu kunalona osukwini lwethu. Futhi alikho ilungelo elikhulu esingaba nalo kunelokudumisa uJehova ngokubonisa abanye ukukhanya okukhazimulayo okuvela kuye.
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Ziyini izimbangela eziwumsuka wezinkinga ezidabukisayo zesintu?
◻ Kungaziphi izindlela kokubili uJesu nabalandeli bakhe ‘bengukukhanya kwezwe’?
◻ Ukukhanya kukaJehova neqiniso kusihola kanjani?
◻ UJehova uye wayenza kanjani inkazimulo yakhe yakhanya phezu kwenhlangano yakhe?
◻ Kungenxa yayiphi injongo uJehova eye wenza abantu bakhe baba abaphathi bokukhanya?
[Izithombe ekhasini 9]
Isenzakalo sase-Edene sisisiza ukuba siqonde izinkinga ezidabukisayo zesintu namuhla
[Imithombo]
Tom Haley/Sipa
Paringaux/Sipa