Indlela Ongaphumelela Ngayo
NJENGOBA nje abazali bekhathalela abantwana babo futhi befuna baphumelele, kanjalo noBaba wethu osezulwini uyasikhathalela futhi ufuna siphumelele. Ngesisa, usinikeza ukwaziswa okuningi ngempumelelo nangokwehluleka. Empeleni, lapho likhuluma ngomuntu olalela okushiwo uNkulunkulu, iBhayibheli linalesi siqinisekiso: “Konke akwenzayo kuyophumelela.”—IHubo 1:3.
Nokho, uma kunjalo, kungani abaningi bengaphumeleli, bengajabuli futhi benganelisekile ekuphileni? Ukulibhekisisa leli hubo kuzosinika impendulo futhi kuzosibonisa indlela esingaphumelela ngayo.
‘Iseluleko Sababi’
Umhubi uxwayisa ngengozi yokuhamba “ngeseluleko sababi.” (IHubo 1:1) USathane uDeveli ungumuntu ‘omubi’ kakhulu. (Mathewu 6:13) ImiBhalo isitshela ukuthi ‘ungumbusi waleli zwe’ nokuthi “lonke izwe lisemandleni omubi.” (Johane 16:11; 1 Johane 5:19) Ngakho, akumangalisi ukuthi izeluleko eziningi ezitholakala ezweni zibonisa ukucabanga kwalowo omubi.
Hlobo luni lweseluleko esinikezwa ababi? Ngokuvamile, ababi badelela uNkulunkulu. (IHubo 10:13) Iseluleko sabo esibonisa ukungabi nandaba noma ukudelela uNkulunkulu sitholakala yonke indawo. Imiphakathi yanamuhla igqugquzela “isifiso senyama nesifiso samehlo nokugabisa ngalokho umuntu aziphilisa ngakho.” (1 Johane 2:16) Abezindaba basifuhlela ngefilosofi ethi “thola konke ongase ukuthole ekuphileni.” Emhlabeni wonke, izinkampani zisebenzisa amaRandi angaphezu kwezigidi zezigidi ezingu-3,3 ngonyaka zigqugquzela abantu ukuba bathenge imikhiqizo yazo—kungakhathaliseki ukuthi abathengi bayayidinga noma cha. Futhi lokhu kukhangisa akuzange kugcine nje ngokushintsha imikhuba yabantu yokuthenga. Kuye kwasonta umbono wezwe ngempumelelo.
Ngenxa yalokho, ngisho noma abaningi sebenezinto eziningi ababephupha ngazo eminyakeni edlule, basalokhu benesifiso sokuthola izinto ezibonakalayo ezengeziwe. Banomuzwa wokuthi injabulo noma impumelelo yabo ixhomeke kulezi zinto kuphela. Lo mcabango awulona iqiniso futhi ‘awuveli kuBaba, kodwa uvela ezweni.’—1 Johane 2:16.
UMdali wethu uyazi ukuthi yini eyosenza siphumelele ngempela. Iseluleko sakhe sihlukile ‘eselulekweni sababi.’ Ngakho, ukuzama ukuthola isibusiso sikaNkulunkulu kuyilapho sinombono wezwe ngempumelelo kunjengokuzama ukuhamba ezindleleni ezimbili ezihlukene ngesikhathi esisodwa. Ngeke kuze kwenzeke. Yingakho iBhayibheli lixwayisa: “Ningavumi ukulolongwa izimiso zaleli zwe”!—Roma 12:2, Today’s English Version.
Ungavumi Izwe Likulolonge
Izwe elithonywa uSathane lizama ukubonakala linesithakazelo enhlalakahleni yethu. Nokho, kumelwe siqaphe. Khumbula ukuthi ngobugovu uSathane wakhohlisa owesifazane wokuqala, u-Eva, ukuze afeze izinjongo zakhe uSathane. Wabe esesebenzisa u-Eva ukuba ayengele u-Adamu esonweni. Namuhla, uSathane usasebenzisa abantu ukuba badlulisele iseluleko sakhe esibi.
Ngokwesibonelo, uDavid, okukhulunywe ngaye esihlokweni esandulele, kwakulindeleke ukuba asebenze amahora amaningi futhi ahambe kakhulu ngenxa yebhizinisi. UDavid wathi: “Ngangihamba ekuseni kakhulu ngoMsombuluko ngibuye ngoLwesine kusihlwa.” Ngenxa yokuthi bacabanga ukuthi kudingeka umuntu azidele ukuze aphumelele ngokwezwe, abangane abaqotho, amalungu omndeni nasebenza nabo bakhuthaza uDavid: “Yenzela umkhaya wakho.” Bathi wayezokwenza iminyaka embalwa lokhu bese ezimela. UDavid wachaza: “Bathi lokhu kwakuyozuzisa umkhaya wami ngoba ngangizoletha imali eningi ekhaya—ngangizophumelela kakhulu. Nakuba ngangingahlali nomkhaya wami, abangane bami bangiqinisekisa ngokuthi empeleni kuningi engangikwenzela umkhaya wami.” NjengoDavid, abaningi bayazikhandla ukuze benzele imikhaya yabo yonke into abacabanga ukuthi iyayidinga. Kodwa ingabe ukusebenzisa leso seluleko kuholela empumelelweni? Yini ngempela umkhaya oyidingayo?
Ngesinye isikhathi esahanjiswe umsebenzi wakhe, uDavid wakwazi okwakudingwa umkhaya wakhe. UDavid wathi: “Lapho ngixoxa ocingweni no-Angelica, indodakazi yami, wathi: ‘Baba, yini ungafuni ukuhlala nathi ekhaya?’ Ngashayeka.” Amazwi endodakazi yakhe asiqinisa isifiso sakhe sokuyeka emsebenzini. UDavid wanquma ukunika umkhaya wakhe lokho owawukudinga ngempela—yena uqobo.
Ukusebenzisa Iseluleko SikaNkulunkulu Kuletha Impumelelo
Ungamelana kanjani nenkulumo-ze edukisayo evame kangaka kuleli zwe? Umhubi usitshela ukuthi umuntu ophumelelayo nojabulayo yilowo ‘onjabulo yakhe isemthethweni kaJehova, futhi ofunda umthetho wakhe ngezwi eliphansi imini nobusuku.’—IHubo 1:2.
Lapho uNkulunkulu emisa uJoshuwa ukuba ahole isizwe sakwa-Israyeli, wathi kuye: ‘Kumelwe ufunde iZwi likaNkulunkulu ngezwi eliphansi ubusuku nemini.’ Yebo, kwakubalulekile ukufunda nokuzindla ngeZwi likaNkulunkulu, kodwa uJoshuwa kwakudingeka nokuba ‘aqaphele ukwenza ngokuvumelana nakho konke okwakulotshwe kulo.’ Yiqiniso, ukufunda iBhayibheli kukodwa ngeke kwenze umuntu aphumelele ngokuyisimangaliso. Kumelwe ukusebenzise lokho okufundayo. UJoshuwa watshelwa: “Uma wenza kanjalo uyoyiphumelelisa indlela yakho futhi uyokwenza ngokuhlakanipha.”—Joshuwa 1:8.
Ake ucabange ngomntwana omomothekayo ogone kumzali onothando njengoba befunda ndawonye indaba ayithandayo. Kungakhathaliseki ukuthi sebake bayifunda kangaki ngaphambili, bayazijabulela lezi zikhathi eziyigugu. Ngokufanayo, umuntu othanda uNkulunkulu uthola injabulo ngokufunda iBhayibheli nsuku zonke—isikhathi esimnandi asichitha noYise osezulwini. Ngokusebenzisa iseluleko nesiqondiso sikaJehova, lowo muntu “[uba] njengomuthi otshalwe ngasemifudlaneni yamanzi, othela isithelo sawo ngenkathi yaso nomahlamvu awo angabuni, futhi konke akwenzayo kuyophumelela.”—IHubo 1:3.
Umuthi ochazwa umhubi awumane nje uzikhulele. Utshalwa ngokucophelela ngasemthonjeni futhi umlimi uyawunakekela. Ngokufanayo, uBaba wethu osezulwini ulungisa futhi aqondise ukucabanga kwethu ngeseluleko esitholakala emiBhalweni. Ngenxa yalokho, siyaqhakaza futhi sithele izithelo zokwesaba uNkulunkulu.
Nokho, “ababi kabanjalo.” Yiqiniso, kungase kubonakale sengathi bayachuma okwesikhashana, kodwa ekugcineni kubahambela kabi. “Ngeke bame ekwahlulelweni.” Kunalokho, “indlela yababi iyoshabalala.”—IHubo 1:4-6.
Ngakho ungalivumeli izwe ukuba lilolonge imigomo nezindinganiso zakho. Nakuba kungenzeka ukuthi unamakhono futhi unamathuba okuphumelela kuleli zwe, yiqaphelisise indlela osebenzisa ngayo amakhono akho noma indlela ovumela ngayo izwe ukuba liwasebenzise. Ukuphishekela izinto ezibonakalayo okuyize kungenza umuntu ‘abune.’ Ngakolunye uhlangothi, ukuba nobuhlobo obuhle noNkulunkulu kuholela empumelelweni nasenjabulweni yeqiniso.
Indlela Ongaphumelela Ngayo
Kungani lapho umuntu esebenzisa iseluleko sikaNkulunkulu, konke akwenzayo kuyophumelela? Umhubi wayengakhulumi ngempumelelo yaleli zwe. Impumelelo yomuntu onokwesaba kokuhlonipha uNkulunkulu ihlobene nokuthi wenza intando kaNkulunkulu—futhi intando kaNkulunkulu iyaphumelela njalo. Ake sibone indlela ukusebenzisa izimiso zeBhayibheli okungakwenza ngayo uphumelele.
Umkhaya: ImiBhalo iyala amadoda ukuba “athande omkawo njengemizimba yawo siqu,” nomfazi ongumKristu uyalwa ukuba “abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.” (Efesu 5:28, 33) Abazali bakhuthazwa ukuba bachithe isikhathi nabantwana babo, bazijabulise nabo futhi babafundise izinto ezibalulekile ekuphileni. (Duteronomi 6:6, 7; UmShumayeli 3:4) IZwi likaNkulunkulu libuye liyale abazali: “Ningabacasuli abantwana benu.” Lapho sisetshenziswa lesi seluleko, kuba lula ngabantwana ukuba ‘balalele abazali babo’ futhi ‘bahloniphe uyise nonina.’ (Efesu 6:1-4) Ukusebenzisa lesi seluleko sikaNkulunkulu kungenza ukuphila komkhaya kube okuphumelelayo.
Abangane: Iningi labantu lifuna abangane. Sinekhono elingokwengqondo nelingokomzwelo lokuthanda nesidingo sokuthandwa. UJesu watshela abalandeli bakhe ukuthi kufanele ‘bathandane.’ (Johane 13:34, 35) Phakathi kwabo, sithola abangane esingabathanda futhi sibethembe—esingabatshela ngisho nemicabango nemizwa yethu ejulile. (IzAga 18:24) Okuhle kunakho konke ukuthi ngokusebenzisa izimiso zeBhayibheli, ‘singasondela kuNkulunkulu’ futhi njengo-Abrahama sibizwe nangokuthi ‘singabangane bakaJehova.’—Jakobe 2:23; 4:8.
Injongo Ekuphileni: Kunokuba bazizwe bedukuza oswini, labo abaphumelela ngempela banenjongo ekuphileni. Ukuphila kwabo akusekelwe ezimweni ezintengantengayo zalesi simiso sezinto. Imigomo yabo iholela ekwanelisekeni kwangempela nokuhlala isikhathi eside ngoba igxile kuyo kanye injongo yokuphila. Yini eyenza umuntu abe nenjongo ekuphileni? “Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu.”—UmShumayeli 12:13.
Ithemba: Ukwenza uJehova abe uMngane wethu kusinika nethemba ngekusasa. Umphostoli uPawulu wanxusa amaKristu ukuba ‘angabeki ithemba lawo engcebweni engaqinisekile, kodwa kuNkulunkulu.’ Ngale ndlela, ayeyobe “ezibekelela ngokulondekile isisekelo esihle sesikhathi esizayo, ukuze [abambisise] ukuphila kwangempela.” (1 Thimothewu 6:17-19) Lokhu kuphila kwangempela kuzoba khona maduze lapho uMbuso kaNkulunkulu wasezulwini ubuyisela iPharadesi kulo mhlaba.—Luka 23:43.
Uma usebenzisa izimiso zeBhayibheli akusho ukuthi ngeke usaba nazo izinkinga, kodwa uyokwazi ukugwema inhliziyo ebuhlungu nosizi ababi abazilethela lona. UDavid, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, nezigidi ezinjengaye baye bathola izinzuzo zokusebenzisa izimiso zeBhayibheli ekuphileni kwabo. Ngemva kokuba ethole umsebenzi omenza abe nesikhathi, uDavid wathi: “Ngiyajabula ngobuhlobo enginabo nomkami nabantwana kanye nelungelo lokukhonza uJehova uNkulunkulu njengomdala ebandleni.” Shono ihubo lithi ngomuntu olalela iseluleko sikaNkulunkulu: “Konke akwenzayo kuyophumelela”!
[Ishadi ekhasini 6]
IZINYATHELO EZINHLANU EZIHOLELA EMPUMELELWENI
1 Melana nokulolongwa izimiso zaleli zwe.
2 Funda futhi uzindle ngeZwi likaNkulunkulu nsuku zonke.
3 Sebenzisa iseluleko seBhayibheli ekuphileni kwakho.
4 Yenza uNkulunkulu abe umngane wakho.
5 Yesaba uNkulunkulu weqiniso, futhi ugcine imiyalo yakhe.
[Izithombe ekhasini 7]
Ingabe uhamba ezinyathelweni eziholela empumelelweni?