Ubani Ongakhulula Labo Abakhalela Usizo?
“O Nkulunkulu, nika inkosi izinqumo zakho zokwahlulela . . . Ngoba iyokhulula ompofu okhalela usizo.”—IHU. 72:1, 12.
1. Sifundani ngesihe sikaNkulunkulu endabeni kaDavide?
YEKA indlela aduduza ngayo la mazwi okungenzeka ukuthi abhalwa inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uDavide! Eminyakeni ethile ngaphambi kokuba ibhale la mazwi, yake yazisola ngemva kokuphinga noBhati-sheba. Ngaleso sikhathi yancenga uNkulunkulu: “Sula izeqo zami ngokuvumelana nokuchichima kwesihe sakho. . . . Nesono sami siphambi kwami njalo. . . . Bheka! Ngazalwa ngezinseka nginesiphambeko, umama wangikhulelwa esonweni.” (IHu. 51:1-5) Ngenxa yesihe sakhe, uJehova akakhohlwa ukuthi sizuze isono ngefa.
2. Lingasisiza kanjani iHubo 72?
2 UJehova uyasiqonda isimo sethu esidabukisayo. Nokho, njengoba kwabikezelwa, iNkosi kaNkulunkulu egcotshiwe “iyokhulula ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi. Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa.” (IHu. 72:12, 13) Ukukhululwa kuyolethwa kanjani? IHubo 72 liyasitshela. Labhalwa ngokuphathelene nokubusa kwendodana kaDavide uSolomoni, futhi linikeza amazwibela endlela ukubusa kweNdodana kaNkulunkulu, uJesu Kristu, okuyokhulula ngayo isintu ekucindezelekeni.
Amazwibela Okubusa KukaKristu
3. Yini uSolomoni ayicela, futhi uNkulunkulu wamnikani?
3 Ngemva kokuba eyale ukuba uSolomoni abe yinkosi, uDavide owayesekhulile wamnikeza iziyalezo eziqondile azilalela ngokwethembeka. (1 AmaKh. 1:32-35; 2:1-3) Kamuva uJehova wabonakala kuSolomoni ngephupho, wathi: “Cela lokho ofuna ngikuphe kona.” USolomoni wacela into eyodwa vo: “Kumelwe unike inceku yakho inhliziyo elalelayo ukuba yahlulele isizwe sakho, ukuba ihlukanise phakathi kokuhle nokubi.” Ngenxa yaleso sicelo sikaSolomoni esibonisa ukuthobeka, uNkulunkulu wamnika ayekucelile nokunye okwengeziwe.—1 AmaKh. 3:5, 9-13.
4. Indlovukazi ethile eyayibusa ngesikhathi sikaSolomoni yakuchaza kanjani ukubusa kwakhe?
4 Njengoba uJehova ayembusisile uSolomoni, ukubusa kwakhe kwaba inkathi yokuthula nokuchuma okukhulu okungekho hulumeni wasemhlabeni owake wakufinyelela. (1 AmaKh. 4:25) Indlovukazi yaseSheba neqembu layo elikhulu labaphelezeli ingomunye walabo abeza ukuzobona ukuthi ukubusa kwakhe kwakunjani. Yathi kuSolomoni: “Liyiqiniso izwi engalizwa ngisezweni lami . . . Bengingatshelwanga ngisho nengxenye. Ngokuhlakanipha nokuchuma udlulele ngalé kwezinto engizizwile.” (1 AmaKh. 10:1, 6, 7) Nokho, ukuhlakanipha okwedlulele kwaboniswa uJesu, owayengabhekisela kuye ngokwakhe ngokufanele athi: “Bhekani! lapha kukhona ongaphezu kukaSolomoni.”—Math. 12:42.
Impumuzo Ngaphansi KukaSolomoni Omkhulu
5. Yini eyembulwa iHubo 72, futhi linamazwibela ani?
5 Manje, ake sihlole ezinye zezici zeHubo lama-72 ngenjongo yokufunda ngezibusiso eziyoba khona lapho sekubusa uJesu Kristu, uSolomoni Omkhulu. (Funda iHubo 72:1-4.) Leli hubo lembula indlela uJehova azizwa ngayo ‘ngokubusa kwesikhulu,’ iNdodana yakhe, “iSikhulu Sokuthula,” uJesu Kristu. (Isaya 9:6, 7) Eqondiswa uNkulunkulu, uSolomoni Omkhulu ‘uyomela udaba lwabahluphekile futhi asindise amadodana ompofu.’ Ukubusa kwakhe kuyoba nokuthula nokulunga. Ngesikhathi esemhlabeni, uJesu Kristu wanikeza amazwibela alokho ayokwenza phakathi nokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane.—IsAm. 20:4.
6. UJesu wanikeza maphi amazwibela ezibusiso eziyoba khona lapho sekubusa uMbuso?
6 Cabanga ngezinye zezinto uJesu Kristu azenza ezisinika amazwibela alokho ayokwenzela isintu ekugcwalisekeni kweHubo 72. Uzwela lwakhe olukhulu ngabantu abahluphekayo lusihlaba umxhwele kufanele. (Math. 9:35, 36; 15:29-31) Ngokwesibonelo, umuntu owayenochoko weza kuJesu wamncenga: “Uma nje uthanda, ungangenza ngihlanzeke.” UJesu wamphendula: “Ngiyathanda. Hlanzeka.” Nembala lo muntu waphulukiswa! (Marku 1:40-42) Kamuva uJesu wahlangana nomfelokazi owayeshonelwe indodana yakhe okuwukuphela kwayo. ‘Emhawukela,’ uJesu wathi kule ndodana, “Vuka!” futhi yavuka. Yaphinde yaphila!—Luka 7:11-15.
7, 8. Iziphi ezinye izenzakalo ezabonakalisa amandla kaJesu okuphulukisa?
7 UJehova wanika uJesu amandla okwenza izimangaliso. Lokhu kwabonakala endabeni ‘yowesifazane owayeseneminyaka eyishumi nambili enomopho.’ Nakuba “odokotela abaningi babemzwise ubuhlungu kaningi futhi esebenzise yonke ingcebo yakhe,” kodwa isimo sakhe sasibe sibi nakakhulu. Lona wesifazane wangena esixukwini futhi wathinta uJesu—ephula uMthetho ophathelene nomuntu ‘onomcucuzo wegazi.’ (Lev. 15:19, 25) UJesu wezwa ukuthi kunamandla ayephumile kuye, ngakho wabuza ukuthi ubani owayemthintile. “Ethukile futhi ethuthumela,” lona wesifazane “wawa phansi phambi kwakhe wamtshela lonke iqiniso.” Eqaphela ukuthi uJehova wayemphulukisile lona wesifazane, uJesu wamphatha ngomusa futhi wathi: “Ndodakazi, ukholo lwakho lukuphilisile. Hamba ngokuthula, uphile kahle ekuguleni kwakho okubi.”—Marku 5:25-27, 30, 33, 34.
8 Amandla okuphulukisa uJesu awanikwa uNkulunkulu abaphulukisa abagulayo kodwa futhi kumelwe ukuba aba nethonya elikhulu kulabo ababebukele. Ngokwesibonelo, akungabazeki ukuthi abaningi bahlabeka umxhwele lapho bebona uJesu ephulukisa abantu ngaphambi kokuba anikeze iNtshumayelo yakhe YaseNtabeni edumile. (Luka 6:17-19) Lapho uJohane uMbhapathizi ethumela izithunywa ezimbili ukuba ziyothola isiqinisekiso sokuthi uJesu wayenguMesiya yini, zamthola ‘elapha ukugula okuningi nezifo ezimbi nemimoya emibi, futhi epha izimpumputhe eziningi umusa wokubona.’ UJesu wabe esethi kulaba ababili: “Nibikele uJohane lokho enikubonile nenikuzwile: izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa nezithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu batshelwa izindaba ezinhle.” (Luka 7:19-22) Yeka indlela okumelwe ukuba lo myalezo wamkhuthaza ngayo uJohane!
9. Izimangaliso zikaJesu zazingamazwibela ani?
9 Yiqiniso, impumuzo uJesu ayilethela abantu ababehlupheka phakathi nenkonzo yakhe yasemhlabeni yaba eyesikhashana. Labo abaphulukisa noma abavusa kwabafileyo baphinde bafa. Kodwa izimangaliso uJesu azenza ngenkathi esemhlabeni zazingamazwibela empumuzo ehlala njalo isintu esiyoyijabulela lapho esebusa njengoMesiya.
IPharadesi Lomhlaba Wonke Liseduze!
10, 11. (a) Izibusiso zoMbuso ziyohlala isikhathi eside kangakanani, futhi ukubusa kukaJesu kuyoba njani? (b) Ubani oyoba noKristu ePharadesi, futhi uyokuthola kanjani ukuphila okuphakade?
10 Zama ukubona ngeso lengqondo ukuthi kuyoba njani ukuphila ePharadesi emhlabeni. (Funda iHubo 72:5-9.) Abakhulekeli bowukuphela kukaNkulunkulu weqiniso bayokwazi ukujabulela ukuphila ePharadesi uma nje ilanga nenyanga kusekhona—yebo, kuze kube phakade! INkosi uJesu Kristu iyoba eqabula ‘njengemvula yehlela otshanini obugundiwe, nanjengezihlambi ezinkulu ezimanzisa umhlaba.’
11 Njengoba ubona ngeso lengqondo ukugcwaliseka kwaleli hubo, ingabe inhliziyo yakho ayishukunyiswa ithemba lokuphila phakade epharadesi emhlabeni? Ngokuqinisekile, iselelesi esasibethelwe sajabula lapho uJesu ethi kuso: “Uyokuba nami ePharadesi.” (Luka 23:43) Leyo ndoda iyovuswa kwabafileyo phakathi nokuBusa KukaJesu Kweminyaka Eyinkulungwane. Uma izithoba ekubuseni kukaKristu, iyophila phakade emhlabeni ingumqemane futhi ijabule.
12. Phakathi nokuBusa KukaKristu Kweminyaka Eyinkulungwane, iliphi ithuba eliyovulekela abangalungile abayovuswa?
12 Ngaphansi kokubusa kukaSolomoni Omkhulu, uJesu Kristu, “olungile uyohluma,” okungukuthi, uyochuma. (IHu. 72:7) Uthando nokukhathalela kwesisa kukaKristu kuyochichima, njengoba kwakunjalo lapho esemhlabeni. Ezweni elisha likaNkulunkulu alithembisile, ngisho “nabangalungile” abayovuswa bayonikwa ithuba lokuvumelanisa ukuphila kwabo nezindinganiso zikaJehova futhi baphile. (IzE. 24:15) Yiqiniso, labo abenqaba ukuphila ngokuvumelana nezimfuneko zikaNkulunkulu ngeke bavunyelwe ukuqhubeka bephila futhi baphazamise ukuthula noxolo okuyobe kusezweni elisha.
13. Kuyoba kukhulu kangakanani ukubusa koMbuso, futhi kungani ukuthula kwawo kungeke kuphazanyiswe?
13 Ukuthi ukubusa kukaSolomoni Omkhulu kuyohlanganisa umhlaba wonke kuboniswa yila mazwi: “Iyoba nezikhonzi kusukela olwandle kuze kube solwandle kusukela eMfuleni [i-Ewufrathe] kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Abakhé ezifundeni ezingenamanzi bayokhothama phambi kwayo, nezitha zayo ziyokhotha uthuli.” (IHu. 72:8, 9) Yebo, uJesu Kristu uyobusa wonke umhlaba. (Zak. 9:9, 10) Labo abakwazisayo ukubusa kwakhe nezibusiso zako “bayokhothama,” bazithobe ngokuzithandela. Ngakolunye uhlangothi, izoni ezingaphenduki ziyonqunywa ngokomfanekiso ‘zineminyaka eyikhulu ubudala.’ (Isaya 65:20) “Ziyokhotha uthuli.”
Usikhathalela Ngozwela
14, 15. Sazi kanjani ukuthi uJesu uyayiqonda imizwa yabantu nokuthi ‘uyokhulula ompofu okhalela usizo’?
14 Abantu abanesono basesimweni esidabukisayo futhi baludinga kakhulu usizo. Kodwa likhona ithemba ngathi. (Funda iHubo 72:12-14.) UJesu, uSolomoni Omkhulu, unozwela ngathi ngoba uyakuqonda ukungapheleli kwethu. Ngaphezu kwalokho, uJesu wahlupheka ngenxa yokulunga futhi uNkulunkulu wamvumela ukuba abhekane nobunzima yedwa. Phela uJesu wahlupheka kakhulu ngokomzwelo kangangokuthi “izithukuthuku zakhe zaba njengamathonsi egazi awela emhlabathini”! (Luka 22:44) Kamuva, lapho esesigxotsheni sokuhlushwa, wamemeza: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni?” (Math. 27:45, 46) Naphezu kwakho konke ahlupheka ngakho nayo yonke imizamo kaSathane yokumenza afulathele uJehova, uJesu wathembeka kuJehova uNkulunkulu.
15 Singaqiniseka ngokuthi uJesu uyabubona ubuhlungu esibhekana nabo futhi “[uyokhulula] ompofu okhalela usizo, nohluphekile nanoma ubani ongenamsizi.” Ebakhathalela ngothando njengoYise, uJesu ‘uyobalalela abampofu futhi uyophulukisa abanenhliziyo eyaphukile, abophe izindawo zabo ezibuhlungu.’ (IHu. 69:33; 147:3) UJesu ‘angazwelana nobuthakathaka bethu,’ ngoba uye ‘wavivinywa ezicini zonke njengathi.’ (Heb. 4:15) Yeka ukuthi kuhle kanjani ukwazi ukuthi iNkosi uJesu Kristu iyabusa kwamanje ezulwini futhi ilangazelela ukukhulula abantu ekuhluphekeni!
16. Kungani uSolomoni akwazi ukuzwelana nezikhonzi zakhe?
16 Akungabazeki ukuthi uSolomoni ‘wamhawukela ophansi nompofu’ ngoba wayehlakaniphile futhi enokuqonda. Ngaphandle kwalokho, wabhekana nezenzakalo ezibuhlungu ekuphileni kwakhe. Umfowabo u-Amnoni wadlwengula udadewabo uThamari futhi omunye umfowabo, u-Absalomu, wayala ukuba u-Amnoni abulawe ngenxa yalesi senzo. (2 Sam. 13:1, 14, 28, 29) U-Absalomu wazama ukuketula uDavide esihlalweni kodwa akazange aphumelele futhi wabulawa uJowabe. (2 Sam. 15:10, 14; 18:9, 14) Kamuva, umfowabo kaSolomoni u-Adoniya wazama ukuthatha ubukhosi. Ukube waphumelela, nakanjani uSolomoni wayeyobulawa. (1 AmaKh. 1:5) Ukuthi uSolomoni wayekuqonda ukuhlupheka kwabantu kubonakala kulokho akusho emthandazweni wokunikezelwa kwethempeli likaJehova. Ngokuphathelene nezikhonzi zayo, le nkosi yathandaza: “Yilowo nalowo uyayazi inhlupho yakhe nobuhlungu bakhe . . . [Wena Jehova] uthethelele futhi unike ngamunye ngokuvumelana nazo zonke izindlela zakhe.”—2 IziKr. 6:29, 30.
17, 18. Ibuphi ubuhlungu ezinye izinceku zikaNkulunkulu okuye kwadingeka ukuba zibhekane nabo, futhi yini eye yazisiza ukuba zibukhuthazelele?
17 ‘Ubuhlungu bethu’ bungase bubangelwe izinto ezithile ezake zenzeka ekuphileni kwethu. UMary,a uFakazi KaJehova owevile eminyakeni engu-30, uyabhala: “Nginezizathu eziningi zokujabula, kodwa okwenzeka kimi esikhathini esidlule kungenza ngibe namahloni futhi ngizenyanye. Ngifikelwa umunyu ngize ngikhale kube sengathi lokhu kusanda kwenzeka. Izinkumbulo ezigxilile zisangenza ngigajwe imizwa yecala nokuzizwa ngingelutho.”
18 Izinceku zikaNkulunkulu eziningi zike zizizwe kanjalo, kodwa yini engazinika amandla adingekayo ukuze zikhuthazele? UMary uthi: “Abangane beqiniso nomkhaya ongokomoya bangilethela injabulo. Ngizama nokugxila ezithembisweni zikaJehova zekusasa futhi ngiyaqiniseka ukuthi ukukhalela kwami usizo kuyophenduka izinyembezi zenjabulo.” (IHu. 126:5) Kudingeka sibeke ithemba lethu elungiselelweni likaNkulunkulu alenza ngeNdodana yakhe, uMbusi wakhe ammisile. Kwabikezelwa lokhu ngaye: “Iyohawukela ophansi nompofu, imiphefumulo yabampofu iyoyisindisa. Iyokhulula umphefumulo wabo ekucindezelweni nasebudloveni, igazi labo liyoba yigugu emehlweni ayo.” (IHu. 72:13, 14) Yeka ukuthi kusiqinisa kanjani lokhu!
Silindelwe Izwe Elisha Lenala
19, 20. (a) Njengoba kuboniswe kuyiHubo 72, iyiphi inkinga eyoxazululwa uMbuso kaNkulunkulu? (b) Ngokuyinhloko, ubani okufanele athole udumo ngokubusa kukaKristu, futhi wena uzizwa kanjani ngalokho okuyofezwa yilokho kubusa?
19 Phinde uzame ukubona ngeso lengqondo ikusasa eliyotholwa abantu abalungile ezweni elisha likaNkulunkulu lapho sekubusa uSolomoni Omkhulu. Siyathenjiswa: “Kuyoba khona inala yokusanhlamvu emhlabeni; kuyoba khona ukuchichima esiqongweni sezintaba.” (IHu. 72:16) Njengoba okusanhlamvu ngokuvamile kungatshalwa eziqongweni zezintaba, la mazwi agcizelela indlela umhlaba oyothela ngayo. Isithelo sawo “siyoba njengaseLebhanoni,” indawo eyayithela kakhulu ngesikhathi sokubusa kukaSolomoni. Cabanga nje! Ngeke kusaba nendlala, akekho oyobe engondlekile, akekho oyolamba! Ngaleso sikhathi bonke abantu bayojabulela ‘idili lezidlo ezinamafutha akahle.’—Isaya 25:6-8; 35:1, 2.
20 Ubani oyothola udumo ngazo zonke lezi zibusiso? Ngokuyinhloko, iNkosi Yaphakade noMbusi Wendawo Yonke, uJehova uNkulunkulu. Empeleni, ngaleso sikhathi sonke siyonanela ngenjabulo ekuhlabeleleni ingxenye yokugcina yale ngoma emnandi nethinta inhliziyo: “Igama [leNkosi uJesu Kristu] malihlale kuze kube nini nanini; igama layo malande phambi kwelanga, futhi mabazibusise ngayo; zonke izizwe mazithi iyajabula. Makatuswe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli, okunguye yedwa owenza imisebenzi emangalisayo. Futhi malituswe igama lakhe elikhazimulayo kuze kube nini nanini, inkazimulo yakhe mayigcwalise umhlaba wonke. Amen, Amen.”—IHu. 72:17-19.
[Umbhalo waphansi]
a Igama lishintshiwe.
Ungaphendula Kanjani?
• IHubo 72 linikeza amazwibela ani angokwesiprofetho?
• Ubani uSolomoni Omkhulu, futhi ukubusa kwakhe kuyoba kukhulu kangakanani?
• Yini ekuthakazelisayo ngezibusiso ezabikezelwa kumaHubo 72?
[Isithombe ekhasini 29]
Yini eyayifuziselwa ukuchuma okwakukhona ngesikhathi sokubusa kukaSolomoni?
[Isithombe ekhasini 32]
Kufanele sizikhandle ukuze sithole ukuphila ePharadesi lapho sekubusa uSolomoni Omkhulu