‘Ngiyophephela KuNkulunkulu’
KULEZI “zikhathi ezibucayi okunzima ukubhekana nazo,” izilingo nokucindezeleka kuyanda. Ngokwesibonelo, ukwethembeka kwethu kungavivinywa emsebenzini. Ubumsulwa bethu bungavivinywa phakathi kwesifunda nabo esikoleni. Futhi ubuqotho bethu ngokuvamile buvivinywa yizwe elonakele ngokokuziphatha.—2 Thimothewu 3:1-5.
Umlobi weBhayibheli u-Asafa wayephila esikhathini lapho ububi babudlangile. Abanye ayephila nabo babeqhosha ngendlela yabo yokuziphatha yokungamhloniphi uNkulunkulu. “Iqholo lingumnaka [“umgexo,” NW] wabo,” kubhala u-Asafa. “Indluzula ibembesa njengengubo. Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla; bakhuluma besekuphakameni.” (IHubo 73:6, 8) Ingabe lesi simo sengqondo sizwakala sijwayelekile?
Kulabo abafisa ukwenza okulungile, ukuziphatha okunjalo kuyacindezela, futhi kuyadumaza. “Ngahlushwa usuku lonke,” kukhala u-Asafa. “Kwaba-luhlupho emehlweni ami.” (IHubo 73:14, 16) Ungase uzizwe ngendlela efanayo, kodwa ungapheli ithemba! U-Asafa wakwazi ukubhekana nobubi bosuku lwakhe, nawe ungenza okufanayo. Kodwa kanjani?
U-Asafa waqaphela ukuthi cishe akunakwenzeka ukuthola ubulungisa beqiniso ngaphansi kokubusa komuntu okungaphelele. (IHubo 146:3, 4; IzAga 17:23) Ngakho kunokuba achithe isikhathi sakhe esiyigugu, amandla, nempahla ezama ukuqeda bonke ububi obumzungezile, wagxila ebuhlotsheni bakhe noNkulunkulu. U-Asafa wathi: “Mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu; ngenzile iNkosi uJehova ibe-yisiphephelo sami.”—IHubo 73:28.
Namuhla, labo abahlanganyela ezindleleni zamabhizinisi ezingathembekile, ngokuvamile bajabulela izinzuzo zezinto ezibonakalayo. Abaningi bangase baqhoshe ngokunganaki kwabo imithetho kaNkulunkulu yokuziphatha. Kodwa ngeke bahlale phakade. “Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi,” kuphawula u-Asafa. “Ubawisa babe-yincithakalo.”—IHubo 73:18.
Yebo, ngesikhathi sikaNkulunkulu esifanele, ubuqili, ubudlova, nokonakala, nazo zonke izenzo zokungamhloniphi uNkulunkulu amaKristu eqiniso okumelwe azigweme, ziyoqedwa ngokuphelele. IBhayibheli liyathembisa: “Ababi bazakuchithwa, kepha abalindela uJehova bazakudla ifa lomhlaba.” (IHubo 37:9) Okwamanje, kwangathi singenanela amazwi omhubi owathi: “Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami; uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo.”—IHubo 18:2.