Indlela UJehova Ayowuphendula Ngayo Umthandazo Osuka Enhliziyweni
“Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”—IHU. 83:18.
1, 2. Abantu abaningi baye bazizwa kanjani lapho beqala ukwazi igama likaJehova, futhi imiphi imibuzo engase iphakame?
EMINYAKENI ethile edlule, owesifazane othile wezwa ubuhlungu obukhulu ngenxa yenhlekelele eyenzeka endaweni yakubo. Njengoba ayezalelwe emkhayeni wamaRoma Katolika, wacela usizo kumfundisi wendawo, kodwa akazange afune ngisho nokukhuluma naye. Ngakho wathandaza kuNkulunkulu: “Angazi ukuthi ungubani . . . , kodwa ngiyazi ukuthi ukhona. Ngicela ukukwazi!” Ngemva kwesikhashana, oFakazi BakaJehova bamvakashela bamduduza futhi bamfundisa izinto ayengazazi. Ukwazi ukuthi uNkulunkulu unegama, elithi Jehova, kungenye yezinto eziningi azifunda. Ukulazi kwamthinta ngokujulile. Wathi: ‘Cabanga nje—lona kwakunguNkulunkulu engangilangazelelé ukumazi kusukela ebuntwaneni!’
2 Abantu abaningi baye bazizwa ngendlela efanayo. Ngokuvamile, babona igama likaJehova okokuqala lapho befunda iHubo 83:18 eBhayibhelini. Kuyi-Nguqulo Yezwe Elisha, leli vesi lithi: “Ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.” Nokho, wake wazibuza yini ukuthi kungani iHubo 83 labhalwa? Iziphi izenzakalo ezingaphoqa wonke umuntu ukuba avume ukuthi uJehova ungukuphela kukaNkulunkulu weqiniso? Yini thina esingayifunda namuhla kuleli hubo? Sizoxoxa ngale mibuzo kulesi sihloko.a
Uzungu Olwakhelwa Abantu BakaJehova
3, 4. Ubani owabhala iHubo 83, futhi uchaza luphi usongo?
3 Umbhalo ongenhla weHubo 83 uthi leli “ihubo lika-Asafa.” Cishe umlobi walo wayengowozalo luka-Asafa umLevi owayengumculi ovelele ngesikhathi kubusa iNkosi uDavide. Kuleli hubo, umhubi unxusa uJehova ukuba athathe isinyathelo alwele ubukhosi baKhe futhi enze igama laKhe laziwe. Kumelwe ukuba labhalwa esikhathini esithile ngemva kokufa kukaSolomoni. Ngani? Ngoba ngesikhathi kusabusa uDavide noSolomoni, inkosi yaseThire yayinobudlelwane no-Israyeli. Ngesikhathi kubhalwa iHubo 83, izakhamuzi zaseThire zase zimhlubukile u-Israyeli zachema nezitha zakhe.
4 Umhubi ugagula izizwe eziyishumi ezazakha uzungu lokuqothula abantu bakaNkulunkulu. Lezo zitha zazimzungeze nxazonke u-Israyeli futhi yilezi: “Amatende ka-Edomi nama-Ishmayeli, uMowabi namaHagiri, iGebhali no-Amoni, no-Amaleki, iFilistiya nabakhileyo eThire. Ne-Asiriya futhi lizihlanganisile nabo.” (IHu. 83:6-8) Leli hubo likhuluma ngasiphi isenzakalo emlandweni? Abanye basikisela ukuthi likhuluma ngokuhlaselwa kuka-Israyeli umfelandawonye ka-Amoni, uMowabi nezakhamuzi zaseNtabeni iSeyiri ezinsukwini zikaJehoshafati. (2 IziKr. 20:1-26) Abanye bakholelwa ukuthi likhuluma ngobutha izizwe ezingomakhelwane ezabubonisa ku-Israyeli kuwo wonke umlando.
5. IHubo 83 liwazuzisa kanjani amaKristu namuhla?
5 Noma ngabe ikuphi, kusobala ukuthi uJehova uNkulunkulu waphefumulela ukuba kubhalwe le ngoma ewumthandazo ngesikhathi isizwe sakhe sisengozini. Leli hubo liyisikhuthazo nasezincekwini zikaNkulunkulu namuhla, lezo kuwo wonke umlando wazo, eziye zahlaselwa ngokuphindaphindiwe yizitha ezizimisele ukuziqothula. Ngokuqinisekile, lizosiqinisa maduzane nalapho uGogi wakwaMagogi ehlela amabutho akhe emzamweni wokugcina wokubhubhisa bonke abakhulekela uNkulunkulu ngomoya nangeqiniso.—Funda uHezekeli 38:2, 8, 9, 16.
Lokho Umhubi Ayekukhathalela Ngokuyinhloko
6, 7. (a) Umhubi uthandazela ini emazwini akhe okuqala eHubo 83? (b) Yini umhubi ayeyikhathalela ngokuyinhloko?
6 Lalela njengoba umhubi ethulula imizwa yakhe ngomthandazo: “O Nkulunkulu mawungathuli; O Muntu Waphezulu, musa ukuhlala ungakhulumi, musa ukuhlala uthule. Ngoba, bheka! izitha zakho ziyayaluza; nabo abakuzonda kakhulu baphakamisé ikhanda labo. Baqhuba inkulumo yabo eyisifuba ngobuqili ngokumelene nabantu bakho . . . Ngoba ngenhliziyo bacebisene ngobunye; benzé isivumelwano ngokumelene nawe.”—IHu. 83:1-3, 5.
7 Yini umhubi ayeyikhathalela ngokuyinhloko? Kuyavunywa, kumelwe ukuba wayekhathazeke kakhulu ngokuphepha kwakhe nokomkhaya wakhe. Kodwa, emthandazweni wakhe wagxila esihlambeni esasilethwa egameni likaJehova nasezinsongweni ezazibhekiswe esizweni esasibizwa ngalelo gama. Kwangathi sonke singahlala sinombono ofanayo, olinganiselayo njengoba sikhuthazelela ubunzima balezi zinsuku zokugcina zaleli zwe elidala.—Funda uMathewu 6:9, 10.
8. Kungani izizwe zamakhela uzungu u-Israyeli?
8 Umhubi ucaphuna izitha zika-Israyeli zithi: “Wozani masibasizile bangabi yisizwe, ukuze igama lika-Israyeli lingaphinde likhunjulwe.” (IHu. 83:4) Yeka indlela lezo zizwe ezazibazonda ngayo abantu bakaNkulunkulu abakhethiwe! Kodwa, zazinesinye isisusa sokwakha lolu zungu. Zazihalela izwe lakwa-Israyeli, ngakho zaqhosha: “Masizithathele izindawo zokuhlala zikaNkulunkulu.” (IHu. 83:12) Ingabe kukhona okuthi akufane nalokhu okuye kwenzeka osukwini lwethu? Impela!
‘Indawo Yakho Engcwele Yokuhlala’
9, 10. (a) Ezikhathini zasendulo, yayiyini indawo kaNkulunkulu yokuhlala engcwele? (b) Iziphi izibusiso namuhla ezijatshulelwa insali egcotshiwe ‘nabezinye izimvu’?
9 Ezikhathini zasendulo, iZwe Lesithembiso lalibizwa ngokuthi indawo kaNkulunkulu yokuhlala engcwele. Khumbula ingoma yokunqoba eyahlatshelelwa ama-Israyeli ngemva kokukhululwa eGibhithe: “Wena ngomusa wakho wothando uholé abantu obophulile; wena ngezikhwepha zakho ngokuqinisekile uzobayisa endaweni yakho engcwele yokuhlala.” (Eks. 15:13) Kamuva, kuleyo ‘ndawo yokuhlala’ kwaba nethempeli, abapristi balo nenhloko-dolobha, iJerusalema, eyaba nohlu lwamakhosi ozalo lukaDavide ayehlala esihlalweni sobukhosi sikaJehova. (1 IziKr. 29:23) UJesu walibiza kufanele iJerusalema ngokuthi “umuzi weNkosi enkulu.”—Math. 5:35.
10 Kuthiwani ngosuku lwethu? Ngo-33 C.E., kwazalwa isizwe esisha, “u-Israyeli kaNkulunkulu.” (Gal. 6:16) Leso sizwe, esakhiwa abafowabo bakaJesu Kristu abagcotshiwe, safeza indima u-Israyeli ongokwenyama agcina ehlulekile ukuyifeza, yokuba ofakazi begama likaNkulunkulu. (Isaya 43:10; 1 Pet. 2:9) UJehova wathembisa lesi sizwe lokho ayekuthembise u-Israyeli wasendulo: “Ngiyoba uNkulunkulu wabo, bona bayoba ngabantu bami.” (2 Kor. 6:16; Lev. 26:12) Ngo-1919, uJehova wenza ukuba abasele ‘baka-Israyeli kaNkulunkulu’ babe nobuhlobo obukhethekile naye futhi ngaleso sikhathi wabanika “izwe,” indawo engokomoya yomsebenzi abaye bajabulela kuyo ipharadesi elingokomoya. (Isaya 66:8) Kusukela ngawo-1930, izigidi ‘zezinye izimvu’ ziye zathuthelekela ohlangothini lwabo. (Joh. 10:16) Injabulo nokuchuma ngokomoya kwala maKristu anamuhla kuwubufakazi obunamandla bokufaneleka kobukhosi bukaJehova. (Funda iHubo 91:1, 2.) Yeka ukuthi lokhu kumthukuthelisa kakhulu kangakanani uSathane!
11. Yini eqhubeka iwumgomo oyinhloko wezitha zikaNkulunkulu?
11 Phakathi naso sonke isikhathi sokuphela, uSathane uye wagqugquzela izikhonzi zakhe zasemhlabeni ukuba ziphikise insali egcotshiwe nabangane bayo bezinye izimvu. Lokhu kwenzeka eNtshonalanga Yurophu ngesikhathi kubusa amaNazi naseMpumalanga Yurophu ngesikhathi kubusa uhulumeni wamaKhomanisi weSoviet Union. Kwenzeka nakwamanye amazwe amaningi, futhi kusazophinde kwenzeke, ikakhulu phakathi nokuhlasela kokugcina kukaGogi wakwaMagogi. Kulokho kuhlasela, abaphikisi bangase ngobugovu baqhwage izindawo nezimpahla zabantu bakaJehova, njengoba kuye kwenza izitha esikhathini esidlule. Nokho, umgomo kaSathane oyinhloko bekulokhu kuwukusihlakaza ukuze igama esilinikwe uNkulunkulu lingaphinde likhunjulwe. UJehova usabela kanjani kulokho kudelelwa kobukhosi bakhe? Ake sibuyele emazwini omhubi.
Izibonelo Zokunqoba KukaJehova
12-14. Yikuphi ukunqoba okuyingqopha-mlando okubili okwenzeka eduze nomuzi waseMegido umhubi akhuluma ngakho?
12 Phawula ukholo oluqinile umhubi ayenalo emandleni kaJehova okushafisa amacebo ezizwe eziyizitha. Engomeni yakhe uhlanganisa izenzakalo ezimbili zokunqoba okucacile kuka-Israyeli izitha zakhe eduze komuzi wasendulo waseMegido, owawengame ithafa elisesigodini elinegama elifanayo. Ehlobo, uMfula iKishoni uyasha, kubonakale kuphela indawo ogwinciza kuyo kuleli thafa elisesigodini. Ngemva kwezimvula ezinkulu zasebusika, lo mfula uba nezikhukhula. Mhlawumbe yingakho lo mfula ubizwa nangokuthi ‘amanzi aseMegido.’—AbaHl. 4:13; 5:19.
13 Ebangeni elingaba amakhilomitha angu-15 ngaphesheya kwesigodi saseMegido kunegquma laseMore lapho ezinsukwini zoMahluleli uGideyoni kwabuthana khona amabutho ayelekelelana akwaMidiyani, awama-Amaleki nawabaseMpumalanga. (AbaHl. 7:1, 12) Kodwa ngosizo lukaJehova, ibutho elincane likaGideyoni elagcina lingamadoda angu-300 kuphela, lawanqoba. Kanjani? Lilandela isiqondiso sikaNkulunkulu, lazungeza ikamu lesitha ebusuku liphethe izimbaqa ezikhanyayo ezifakwe ezimbizeni. Lapho uGideyoni enikeza isibonakaliso, amadoda ayenaye aphahlaza izimbiza kwavela masinyane izimbaqa ezazifihliwe. Ngesikhathi esifanayo, lashaya izimpondo lamemeza: “Inkemba kaJehova nekaGideyoni!” Isitha sadideka, sagcina sesibulalana sodwa; abasinda babaleka bawela uMfula iJordani. Kusenjalo, amanye ama-Israyeli amaningi ahlanganyela ekujaheni isitha. Esewonke amabutho esitha abulawa angu-120 000.—AbaHl. 7:19-25; 8:10.
14 Ebangeni elingaba ngamakhilomitha angu-6 ngalé kwegquma laseMore, ngaphesheya kwesigodi saseMegido, kuneNtaba iThabori. Lapho, uMahluleli uBharaki ngaphambili wabuthela khona amabutho ama-Israyeli angu-10 000 ukuze alwe nebutho likaJabini, inkosi yaseHazori engumKhanani, elalikhuzwa uSisera induna yempi. Leli butho lamaKhanani lalinezinqola zempi ezingu-900 ezazixhunywe amasikela amade ensimbi ayingozi ayephenduka namasondo. Njengoba amabutho akwa-Israyeli ayengahlomile ngokwanele ayebuthene eNtabeni iThabori, ibutho likaSisera layengekela kulesi sigodi. Khona-ke, “uJehova waphithizelisa uSisera nazo zonke izinqola zakhe zempi nalo lonke ikamu.” Cishe, imvula enkulu eyana kungazelelwe yenza ukuba izinqola zibhajwe ngenxa yoMfula iKishoni owawudla izindwani. Ama-Israyeli aqotha imbokodo nesisekelo.—AbaHl. 4:13-16; 5:19-21.
15. (a) Umhubi uthandazela ukuba uJehova enzeni? (b) Igama lempi kaNkulunkulu yokugcina lisikhumbuzani?
15 Umhubi unxusa uJehova ukuba enze okufanayo ezizweni ezisongela u-Israyeli osukwini lwakhe. Uyathandaza: “Yenza kubo njengakuMidiyani, njengakuSisera, njengakuJabini esigodini sesifufula saseKishoni. Babhuqwa e-Eni-dori; baba umquba womhlabathi.” (IHu. 83:9, 10) Ngokuphawulekayo, impi yokugcina kaNkulunkulu ayoyilwa nezwe likaSathane ibizwa ngokuthi i-Har–Magedoni (okusho ukuthi “iNtaba yaseMegido”), noma i-Armagedoni. Leli gama lisikhumbuza izimpi eziyingqopha-mlando ezalwiwa eduze kwaseMegido. Ukunqoba kukaJehova kulezo zimpi zasendulo kusiqinisekisa ukuthi uyonqoba nakanjani empini ye-Armagedoni.—Funda isAmbulo 16:13-16.
Thandazela Ukulwelwa Kobukhosi BukaJehova
16. Ubuso babaphikisi buye ‘bagcwala kanjani ihlazo’ namuhla?
16 Phakathi nazo zonke lezi ‘zinsuku zokugcina,’ uJehova uye wabhuntshisa yonke imizamo yokuqothula abantu bakhe. (2 Thim. 3:1) Ngenxa yalokho, abaphikisi baye baphoxeka. IHubo 83:16 lakubikezela lokhu lapho lithi: “Gcwalisa ubuso babo ngehlazo, ukuze abantu bafune igama lakho Jehova.” Emazweni amaningi, abaphikisi baye bahluleka ngokudabukisayo lapho bezama ukuthulisa oFakazi BakaJehova. Kulawo mazwe, ukungantengantengi nokukhuthazela kwabakhulekeli bongukuphela kukaNkulunkulu weqiniso kuye kwaba ubufakazi kulabo abanhliziyo ziqotho, futhi abaningi baye ‘bafuna igama likaJehova.’ Emazweni amaningi lapho oFakazi BakaJehova bake bashushiswa khona ngonya, manje sekunamashumi ezinkulungwane, ngisho namakhulu ezinkulungwane, abadumisi bakaJehova abajabulayo. Yeka ukunqoba ngoJehova! Kodwa, yeka ukuhlazeka kwezitha zakhe!—Funda uJeremiya 1:19.
17. Isintu sibhekene nasiphi isimo esibucayi, futhi yimaphi amazwi thina esizowakhumbula maduze?
17 Yiqiniso, siyazi ukuthi impi ayikapheli. Sisaqhubeka sishumayela izindaba ezinhle—ngisho nakubaphikisi. (Math. 24:14, 21) Nokho, ithuba elisavulekele labo baphikisi ukuba baphenduke futhi basindiswe sekuseduze ukuba liphele. Ukungcweliswa kwegama likaJehova kubaluleke ngaphezu kokusindiswa kwabantu. (Funda uHezekeli 38:23.) Lapho izizwe zihlangana emzamweni womhlaba wonke obikezelwe wokuqothula abantu bakaNkulunkulu, siyokhumbula la mazwi omthandazo womhubi: “Kwangathi bangaba namahloni baphazamiseke njalo, kwangathi bangajabha bashabalale.”—IHu. 83:17.
18, 19. (a) Yini elindele abazimisele ukuphikisa ubukhosi bukaJehova? (b) Ukusondela kokulwelwa kobukhosi bukaJehova kokugcina kukuthinta kanjani?
18 Abaphikisi abaqhoshayo bobukhosi bukaJehova balindelwe isiphelo esihlazisayo. IZwi likaNkulunkulu lembula ukuthi labo “abangazilaleli izindaba ezinhle”—futhi ngenxa yalokho abathola isahlulelo e-Armagedoni—‘bayobhujiswa phakade.’ (2 Thes. 1:7-9) Ukubhujiswa kwabo nokusinda kwalabo abakhulekela uJehova ngeqiniso kuyoba ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uJehova ungukuphela kukaNkulunkulu weqiniso. Ezweni elisha, lokho kunqoba okukhulu kuyohlale kukhumbuleka phakade. Labo ‘abayovuswa, abalungile nabangalungile’ bayokuzwa ngesenzo esikhulu sikaJehova. (IzE. 24:15) Ezweni elisha, bayobona ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuhlakanipha kokuzithoba ebukhosini bukaJehova. Abamnene phakathi kwabo bayosheshe bakholiseke ukuthi uJehova ungukuphela kukaNkulunkulu weqiniso.
19 Yeka ikusasa elimangalisayo uBaba wethu osezulwini onothando aye walilungiselela abakhulekeli bakhe abathembekile! Awushukumiseleki yini ukuba uthandazele ukuba uJehova maduze anikeze impendulo yokugcina yalo mthandazo womhubi: “Kwangathi [abayizitha zakho] bangaba namahloni baphazamiseke njalo, kwangathi bangajabha bashabalale; ukuze abantu bazi ukuthi wena, ogama lakho linguJehova, wena wedwa ungoPhezukonke emhlabeni wonke.”—IHu. 83:17, 18.
[Umbhalo waphansi]
Ungachaza?
• Isiphi isimo u-Israyeli ayebhekene naso lapho kubhalwa iHubo 83?
• Umlobi weHubo 83 wayekhathalela ini ngokuyinhloko?
• Obani namuhla abaye baba izisulu zobutha bukaSathane?
• Ekugcineni, uJehova uyowuphendula kanjani umthandazo okumaHubo 83:18?
[Ibalazwe ekhasini 15]
(Ukuze ubone ukuthi indaba ihlelwe kanjani, bheka encwadini)
Izimpi ezalwiwa eduze kwaseMegido yasendulo zihlobana kanjani nekusasa lethu?
[Isithombe ekhasini 15]
UMfula IKishoni
IHarosheti
INt. IKarmeli
ISigodi SaseJizreyeli
IMegido
IThahanakhi
INt. IGilibowa
UMthombo WaseHarodi
INt. YaseMore
I-Eni-dori
INt. IThabori
ULwandle Lwase-Galile
UMfula IJordani
[Isithombe ekhasini 12]
Yini eyashukumisa umhubi ukuba abhale umthandazo othinta inhliziyo?