Ingabe Ulangazelela Ukukhonza Ngokugcwele Kakhudlwana?
“NGANGIMTHUKUTHELELE uJehova,” kusho uLaura. “Ngangithandaza njalo ngicela ukuba asisize silungise izinkinga zethu zezimali ukuze ngikwazi ukuqhubeka ngiphayona—kodwa akuzange kusize. Ekugcineni kwadingeka ngiphume ezinhlwini zamaphayona. Kumelwe ngivume nokuthi nganginomhawu ngalabo ababekwazi ukuqhubeka.”
Cabanga nangendaba kaMichael, inceku ekhonzayo ebandleni loFakazi BakaJehova. Wayekade ezama ukufinyelela isikhundla sokuba umbonisi. (1 Thimothewu 3:1) Lapho kuphela iminyaka eminingana kungenzeki ayekulangazelela, wathukuthela kangangokuthi wayengasafuni nokuba acatshangelwe ukunikezwa lelo lungelo. “Ngangingasenakukwazi ngempela ukuphinde ngibubekezelele lobu buhlungu bokudumala,” esho.
Ingabe kwake kwenzeka okufanayo nakuwe? Ingabe kuye kwadingeka ukuba uphunyukwe ilungelo elingokwaphezulu olithandayo? Ngokwesibonelo, ingabe kuye kwadingeka uyeke ukukhonza njengephayona, ummemezeli woMbuso wesikhathi esigcwele? Noma ingabe ulangazelela imithwalo yemfanelo ethile yebandla ephathiswe abanye? Kungenzeka nokuthi unesifiso esinamandla sokukhonza eBethel noma njengesithunywa sevangeli, kodwa izimo zakho azikuvumeli.
“Ithemba elilitshazisiweyo ligulisa inhliziyo,” kuvuma incwadi yezAga. (IzAga 13:12) Lokhu kungaba yiqiniso ikakhulukazi lapho abanye bethola wona lamalungelo owafiselayo. Ingabe iZwi likaNkulunkulu liyakunikeza ukuqonda, induduzo nethemba kunoma ubani obhekana nokudumazeka okunjalo? Yebo liyakunikeza. Eqinisweni, iHubo lama-84 liveza imizwa yenceku kaJehova eyayinezifiso ezifanayo ezingafezeki ngokuqondene nenkonzo kaJehova.
Ukwazisa KomLevi
Abalobi beHubo lama-84 kwakungamadodana kaKora, amaLevi ayekhonza ethempelini likaJehova futhi ewazisa kakhulu amalungelo awo enkonzo. “Zithandeka kangaka izindlu zakho, Jehova-Sebawoti,” kubabaza enye yawo. “Umphefumulo wami ulangazelela, womela amagceke kaJehova; inhliziyo yami nomzimba wami kuyahuba ngokwethaba kuNkulunkulu ophilayo.”—IHubo 84:1, 2.
LomLevi wayelangazelela ukukhonza ethempelini likaJehova kangangokuthi ngisho nendawo evamile esendleleni eya eJerusalema yayibonakala ikhanga kuye. “Bedabula imfunda yezinyembezi,” esho, “bayenza ibe-yindawo yeziphethu.” (IHubo 84:6) Yebo, indawo ngokuvamile eyomile yayinjengendawo enamanzi amaningi.
Ngenxa yokuthi lomhubi wayengumLevi ongeyena umpristi, wayekhonza kanye kuphela ethempelini ngemva kwezinyanga eziyisithupha. (1 IziKronike 24:1-19; 2 IziKronike 23:8; Luka 1:5, 8, 9) Ngalesi esinye isikhathi wayeba sekhaya komunye wemizi yamaLevi. Ngakho-ke wahlabelela: “Ngokuba umzwilili ufumene indlu, nenkonjane isidleke sayo, lapho ibeka khona amazinyane ayo, ngisho ama-altare akho, Jehova-Sebawoti, Nkosi yami, Nkulunkulu wami.” (IHubo 84:3) Yeka ukuthi lomLevi wayeyojabula kanjani ukube wayenjengezinyoni ezihlala ethempelini njalo!
Kwakuyoba lula ngalomLevi ukuba avele athukuthele ngenxa yokungakwazi ukukhonza ethempelini kaningana. Nokho, wayekujabulela ukukhonza ngezinga ayekhonza ngalo, futhi ngokuqinisekile wayeqaphela ukuthi kwakufaneleka ukuba azinikele kuJehova ngenhliziyo yonke. Yini eyasiza lomLevi okholekile ukuba ahlale enelisekile ngamalungelo akhe enkonzo?
Funda Ukwaneliseka
“Usuku lunye emagcekeni akho luhle kunezinye eziyizinkulungwane,” kusho umLevi. “Ngiyakhetha ukulinda emnyango wendlu kaNkulunkulu wami kunokuhlala ematendeni ababi.” (IHubo 84:10) Waqaphela ukuthi ukuba sendlini kaJehova ngisho nosuku olulodwa kuyilungelo elingenakulinganiswa. Futhi lomLevi wayenezinsuku eziningi kakhulu kunolulodwa zokukhonza ethempelini. Ukwaneliseka kwakhe ngamalungelo akhe kwamenza wahlabelela ngenjabulo.
Kuthiwani ngathi? Ingabe siyazibala izibusiso zethu, noma sithambekele ekukukhohlweni lokho esesinakho kakade enkonzweni kaJehova? Ngenxa yokuzinikela kwabo kuye, uJehova uye waphathisa abantu bakhe amalungelo nemisebenzi eminingi ehlukahlukene. Ihlanganisa nemithwalo yemfanelo esindayo yokwengamela, ukwalusa, ukufundisa nezici ezihlukahlukene zenkonzo yesikhathi esigcwele. Kodwa ihlanganisa nezinye izinto eziyigugu ezihlangene nokukhulekelwa kukaJehova.
Ngokwesibonelo, cabanga ngenkonzo yobuKristu. Umphostoli uPawulu ufanisa ilungelo lethu lokushumayela izindaba ezinhle nokuba ‘nomcebo ezitsheni zobumba.’ (2 Korinte 4:7) Ingabe inkonzo enjalo uyibheka njengomcebo ongenakulinganiswa? UJesu Kristu, owahola emsebenzini wokushumayela ngoMbuso, wayeyibheka ngaleyo ndlela, ebeka isibonelo. (Mathewu 4:17) ‘Njengoba sinalenkonzo, asiyeki,’ kusho uPawulu.—2 Korinte 4:1.
Imihlangano yobuKristu nayo iyilungiselelo elingcwele okungamelwe lithathwe kalula. Emihlanganweni yethu, sithola imfundo ebalulekile futhi sijabulele ubudlelwane esibudingayo. Emihlanganweni sikwazi nokubonisa obala ukholo nethemba lethu ngokuphendula njalo nangokuhlanganyela esimisweni ngezinye izindlela. (Heberu 10:23-25) Imihlangano yethu ngempela iyilungiselelo okumelwe laziswe!
UMichael, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, wayezibheka njengeziyigugu kakhulu lezi zibusiso futhi ezazisa ngokujulile. Kodwa ukudumala kwakhe ngokungakwazi ukukhonza njengomdala kwakugudluzela eceleni ukwazisa kwakhe okwesikhashana. Ngokuphinde acabange ngazo, wakwazi ukuphinda abe nombono olinganiselayo futhi alindele uJehova ngesineke.
Kunokuba sizizwe singanelisekile ngenxa yokungabi nelungelo elithile, senza kahle ngokuphinda sihlole izindlela uJehova asibusisa ngazo, njengoba kwenza umhubi.a Uma zingatheni esizibonayo, kudingeka siphinde sibheke, sicele uJehova ukuba avule amehlo ethu ukuze sibone amalungelo ethu nezindlela asibusisa ngazo nasisebenzisa ngazo ngendlela eletha udumo kuye.—IzAga 10:22.
Kubalulekile nokuqaphela ukuthi amalungelo akhethekile, njengesikhundla sokuba umbonisi, adinga ukuba nezimfanelo ezithile. (1 Thimothewu 3:1-7; Thithu 1:5-9) Ngakho kudingeka sizihlole, sibheke noma iziphi izici okudingeka sithuthukise kuzo bese senza imizamo eqotho yokuthuthukisa.—1 Thimothewu 4:12-15.
Ungadikibali
Uma singalitholi ilungelo elithile lenkonzo, akufanele siphethe ngokuthi uJehova ubathanda kakhudlwana labo abalijabulelayo noma ngokuthi usigodlela okuhle. Ngokuqinisekile, akufanele ukuba ngomona siphethe ngokuthi laba abanye baye bathola lamalungelo bengawafanelekeli ngenxa yokukhetha kwabantu kunokuba kube ngokumiswa ngokwaphezulu. Ukuzindla ngemiqondo enjalo kungase kuholele emhawini, ekubangeni ngisho nasekudikibaleni ngokuphelele.—1 Korinte 3:3; Jakobe 3:14-16.
ULaura, okukhulunywe ngaye ekuqaleni, akazange adikibale. Wagcina ekwazile ukubhekana nemizwa yakhe yentukuthelo nomhawu. ULaura wathandaza kuNkulunkulu ephindelela ecela usizo lokunqoba ukusabela kwakhe ngendlela ephambene ekuhlulekeni kwakhe ukuphayona. Wafuna usizo nasemadodeni afanelekayo ebandleni futhi wazizwa eqinisekiswa ngothando lukaNkulunkulu. “UJehova wanginika ukuthula kwengqondo,” esho. “Nakuba mina nomyeni wami singenakuphayona manje, siyasazisa isikhathi esaphayona ngaso futhi okuhlangenwe nakho esasiba nakho kuyasiqinisa. Nendodana yethu esikhulile siyayisiza njengoba iphayona.” Njengoba anelisekile, uLaura uyakwazi manje ‘ukujabula nabantu abajabulayo’ enkonzweni yabo yamaphayona.—Roma 12:15.
Beka Imigomo Efinyelelekayo
Ukwaneliseka kwethu ngamalungelo enkonzo esinawo akudingi ukuba siyeke ukubeka eminye imigomo engokwasezulwini. Lapho ekhuluma ngovuko lwasezulwini, uPawulu wakhuluma ‘ngokwelulekela phambili ezintweni ezingaphambili.’ Wathi futhi: “Ngezinga esesenze ngalo intuthuko, masiqhubekeni sihamba ngokuhlelekile ngalomkhondo ofanayo.” (Filipi 3:13-16) Imigomo engokwasezulwini ingasisiza ukuba silulekele phambili. Nokho, inselele iwukuyigcina inengqondo.
Imigomo enengqondo inokulinganisela futhi iyafinyeleleka. (Filipi 4:5) Lokhu akusho ukuthi umgomo odinga ukusetshenzelwa kanzima iminyaka eminingana awunangqondo. Umgomo onjalo wesikhathi eside ungafinyelelwa kancane kancane ngokubeka imigomo emincane ephakathi elandelanayo, noma izigaba zokuwufinyelela. Lena emincane ingaba izimpawu zentuthuko engokomoya. Ukuqeda isigaba ngasinye ngokuphumelelayo kuyonikeza umuzwa wokwaneliseka kunokudumala.
Ukulinganisela Okuhle
Nokho, kubalulekile ukuqaphela ukuthi ngenxa yezimo nokulinganiselwa kwethu, amanye amalungelo singase singawatholi. Ukuwenza abe imigomo kumane kuholele ekudumaleni nasekukhungathekeni. Imigomo enjalo kufanele ibekelwe eceleni, okungenani okwangaleso sikhathi. Ngeke kube nzima ukukwenza uma sithandazela ukwaneliseka okuvela kuNkulunkulu futhi senze ukwenza intando kaJehova kube ukukhathalela kwethu okuyinhloko. Lapho sizama ukufinyelela amalungelo, yinkazimulo kaJehova—hhayi ukuqashelwa kwalokho thina siqu esikufezile—okubalulekile. (IHubo 16:5, 6; Mathewu 6:33) IBhayibheli lisitshela kufanelekile ukuthi: “Gingqela kuJehova imisebenzi yakho, ukuze kuqiniswe amasu akho.”—IzAga 16:3.
Lapho sicabangela iHubo lama-84, singabona ukuthi umhubi wayebonisa isimo sengqondo esinjalo ngamalungelo enkonzo, futhi uJehova wambusisa ngokucebile. Ngaphezu kwalokho, leli hubo liyaqhubeka lizuzisa abantu bakaJehova nanamuhla.
Ngokuncika kuJehova ngomkhuleko, ungakwazi ukulinganisela phakathi kokulangazelela kwakho amalungelo engeziwe nokwaneliswa yilawo owajabulelayo njengamanje. Ungalokothi usivumele isifiso sokwenza okwengeziwe sikuphuce ukwazisa ngalokho onakho njengamanje nenjabulo yokukhonza uJehova phakade. Thembela kuJehova, ngoba lokhu kuphumela enjabulweni, njengoba kuboniswa amazwi omLevi: “Jehova-Sebawoti, ubusisiwe umuntu okwethembayo.”—IHubo 84:12.
[Umbhalo waphansi]
a Siza ubheke isihloko esithi “Ingabe Uyazazisa Izinto Ezingcwele?” esikuyi-Nqabayokulinda ka-June 15, 1988.
[Ibhokisi ekhasini 11]
Imigomo Esingase Siyibeke
Ukufunda iBhayibheli nsuku zonke.—Joshuwa 1:8; Mathewu 4:4
Ukuthuthukisa amandla ethu okuqonda ngokuqeqeshwa yimiBhalo.—Heberu 5:14
Ukwakha ubuhlobo obuseduze kakhudlwana noNkulunkulu.—IHubo 73:28
Ukuhlakulela ngasinye sezithelo zomoya.—Galathiya 5:22, 23
Ukuthuthukisa imithandazo yethu.—Filipi 4:6, 7
Ukushumayela nokufundisa ngendlela ephumelela kakhudlwana.—1 Thimothewu 4:15, 16
Ukufunda nokuzindla ngomagazini ngamunye we-Nqabayokulinda ne-Phaphama!—IHubo 49:3
[Izithombe ekhasini 9]
Lapho ubeka imigomo yomuntu siqu, yenza ukwenza intando kaNkulunkulu kuze kuqala