“Kungakaveli Izintaba”
“UBUYINDAWO yethu yokuhlala ezizukulwaneni ngezizukulwane. Kungakaveli izintaba noma ungakawenzi umhlaba nezwe, kusukela phakade kuze kube-phakade unguNkulunkulu.” (IHubo 90:1, 2, New International Version) Lawomazwi ayebhekiswe kuMdali wethu, futhi yeka indlela aduduza ngayo—ikakhulukazi namuhla, lapho kungekho lutho olubonakala lusimama!
Esimweni esiwohlokayo ngokwezomnotho, bambalwa abazizwa beqiniseka ngekusasa. Ukwanda okumangalisayo kobugebengu nokusetshenziswa kabi kwezidakamizwa kuye kwashintsha amanye amadolobha aba yizinkundla zempi. Ngisho naleyonhlangano endala, umkhaya, iyantengantenga. Sizwa ngezinto esingakaze sizizwe ezinjengemikhaya yongqingili. Imikhaya enomzali oyedwa iyanda ngenani, ngokuvamile umzali oyedwa kumelwe abhekane nokucindezeleka okukhulu. Ukuthula kwemikhaya eminingi kuqedwa yizinto ezinyanyekayo ezinjengokushaywa komngane womshado nokuxhashazwa kwezingane.
Ubani oyosiqondisa kulezikhathi ezinzima? Nokho, iseluleko siyatholakala ezazini zezifo zengqondo, kubafundisi, nakwabanye, kodwa eziningi ziyaphikisana. Kuso sonke isizukulwane saseNtshonalanga, uDkt. Benjamin Spock wayengumeluleki ophambili endabeni yokufundisa abantwana. Kamuva wavuma ukuthi iseluleko sakhe sasiyiphutha!
Yeka indlela okuwukuhlakanipha ngayo ukuba noNkulunkulu ‘njengendawo yethu yokuhlala’! Kulezikhathi ezinzima, uyidwala eliqinile, ukhona “kusukela phakade kuze kube-phakade.” Ngomprofethi uMalaki wathi ngaye ngokwakhe: “Mina Jehova angiguquki.” (Malaki 3:6) Izindinganiso zikaNkulunkulu, njengoba zilotshwe eBhayibhelini, zinokwethenjelwa ngokuphelele. Waba khona “kungakaveli izintaba,” futhi iseluleko sakhe, esitholakala emiBhalweni Engcwele, sisekelwe ekuhlakanipheni kwakhe kwaphakade. Yilokho kanye esikudingayo ukuze sijabule futhi siphumelele.
Khona-ke, kuwukuhlakanipha ukwethembela eZwini likaNkulunkulu, iBhayibheli. Litadishe ukuze uzuze ekuhlakanipheni kukaNkulunkulu. Kwethembe lokho okufundayo, futhi ukwenze kube ukukhanya okukuqondisayo endleleni yokuphila. (IHubo 119:105) Yilabo kuphela abenzenjalo abanesizathu sokuqiniseka ngesikhathi esizayo futhi abanokuthula kwengqondo kwangempela.