Ukukhululwa Ezicuphweni Zomcuphi Wezinyoni
“[UJehova] uyokukhulula esicuphweni somcuphi wezinyoni.”—IHUBO 91:3.
1. Ubani ‘umcuphi wezinyoni,’ futhi kungani eyingozi?
WONKE amaKristu eqiniso abhekene nomzingeli onokuhlakanipha nobuqili obungaphezu kobomuntu. IHubo 91:3 limbiza ngokuthi ‘umcuphi wezinyoni.’ Singubani lesi sitha? Kusukela kuyi-Nqabayokulinda yesiNgisi ka-June 1, 1883, lo magazini uye wathi singuSathane uDeveli uqobo lwakhe. Lesi sitha esinamandla sizama ngobuqili ukudukisa nokubamba abantu bakaJehova njengomcuphi wezinyoni ozama ukubamba izinyoni.
2. Kungani uSathane efaniswa nomcuphi wezinyoni?
2 Endulo izinyoni zazibanjelwa umculo wazo omnandi, izimpaphe zazo ezimibalabala nokuba zidliwe futhi zenziwe umhlatshelo. Nokho, ngokwemvelo izinyoni ziyizidalwa ezihlakaniphile, ezisheshe ziyibone ingozi nokunzima ukuzibamba. Ngakho, ngezikhathi zeBhayibheli umcuphi wezinyoni wayeqale atadishe ngokucophelela izici nemikhuba yohlobo lwezinyoni ayefuna ukuzibamba. Wayebe esenza izindlela zobuqili ukuze azibambe. Lapho iBhayibheli lifanisa uSathane nomcuphi wezinyoni, lisisiza ukuba siqonde izindlela zakhe. USathane usitadisha ngabanye. Ubhekisisa imikhuba nezimfanelo zethu abese ebeka izicupho ezicashile ukuze asibambe siphila. (2 Thimothewu 2:26) Ukubanjwa nguye kungasho ukulimala ngokomoya futhi ekugcineni kungaholela ekubhujisweni. Ngakho, ukuze sivikeleke, kudingeka sazi amaqhinga ahlukahlukene alo ‘mcuphi wezinyoni.’
3, 4. Kunini lapho amacebo kaSathane efana khona nawengonyama? nawemfezi?
3 Esebenzisa umfanekiso ocacile, umhubi ufanisa amaqhinga kaSathane nawebhongo lengonyama noma awemfezi. (IHubo 91:13) Njengengonyama, ngezinye izikhathi uSathane uhlasela abantu bakaJehova ngokuqondile ngokusebenzisa ohulumeni noma ngokubashushisa. (IHubo 94:20) Lokhu kuhlasela okunjengokwengonyama kungawisa abambalwa. Nokho, lapho ehlasela ngokuqondile ngokuvamile isikhuni sibuya nomkhwezeli futhi kwenze abantu bakaNkulunkulu babe munye. Kodwa kuthiwani ngezindlela zokuhlasela zikaSathane ezithe ukucasha, ezinjengezemfezi?
4 UDeveli usebenzisa ukuhlakanipha kwakhe okungaphezu kokomuntu ukuze ahlasele ngobuqili futhi abulale kuhle kwenyoka enobuthi egadla isendaweni ecashile. Esebenzisa le ndlela, uye waphumelela ukonakalisa izingqondo zabantu bakaNkulunkulu abathile, ebakhohlisa ukuba benze intando yakhe kunokwenza ekaJehova, kwaba nemiphumela edabukisayo. Siyajabula ngokuthi asibona abangenalwazi ngamacebo akhe. (2 Korinte 2:11) Manje masixoxe ngezine zezicupho eziyingozi ezisetshenziswa yilo “mcuphi wezinyoni.”
Ukwesaba Abantu
5. Kungani ugibe ‘lokwesaba abantu’ luphumelela kangaka?
5 Lo ‘mcuphi wezinyoni’ uyasazi isifiso somuntu esingokwemvelo sokufuna ukwamukelwa abanye. AmaKristu ayayikhathalela imicabango nemizwa yabantu aphila nabo. Njengoba uDeveli ekwazi lokhu, angathanda ukusizakala ngokukhathalela kwawo lokho abantu abakucabangayo ngawo. Ngokwesibonelo, uwisa abathile kubantu bakaNkulunkulu ngogibe ‘lokwesaba abantu.’ (IzAga 29:25) Uma izinceku zikaNkulunkulu zihlanganyela nabanye ekwenzeni izinto uJehova azenqabelayo noma zingakwenzi okuyalwa iZwi likaNkulunkulu ngenxa yokuthi zesaba abantu, zisuke sezibanjwe ‘umcuphi wezinyoni.’—Hezekeli 33:8; Jakobe 4:17.
6. Isiphi isibonelo esibonisa indlela osemusha angase abanjwe ngayo ‘umcuphi wezinyoni’?
6 Ngokwesibonelo, osemusha angase avumele ukucindezelwa afunda nabo esikoleni futhi abheme ugwayi. Ukubhema kungase kube into ayengayicabangi nakuyicabanga lapho eya esikoleni ngalolo suku. Nokho, uzithola esenza into eyingozi empilweni yakhe nedumaza uNkulunkulu. (2 Korinte 7:1) Walingeka kanjani? Mhlawumbe wazihlanganisa nabangane abangalungile futhi wesaba ukuthi bazomhleka. Basha, ningavumi ukuyengwa nokubanjwa ‘umcuphi wezinyoni’! Ukuze nigweme ukubanjwa niphila, qaphani ukuyekethisa ngisho nasezintweni ezincane. Lalelani isixwayiso seBhayibheli sokugwema abangane ababi.—1 Korinte 15:33.
7. USathane angase ababangele kanjani abanye abazali ukuba bangalinganiseli ezintweni ezingokomoya?
7 Abazali abangamaKristu aqotho bawuthatha ngokungathí sina umthwalo wabo wemfanelo ongokomBhalo wokondla imikhaya yabo. (1 Thimothewu 5:8) Nokho, injongo kaSathane iwukwenza amaKristu angalinganiseli kule ndaba. Mhlawumbe asekwenza umkhuba ukungabi khona emihlanganweni ngoba avumela ukucindezelwa abaqashi bawo ukuba asebenze isikhathi esengeziwe. Angase esabe ukucela isikhathi sokuba khona zonke izinsuku zomhlangano wesigodi ukuze akhulekele uJehova ekanye nabafowabo. Isivikelo sokumelana nalolu gibe ‘siwukuthembela kuJehova.’ (IzAga 3:5, 6) Ngaphezu kwalokho, ukukhumbula ukuthi sonke singamalungu omkhaya kaJehova nokuthi uzibophile ngokwakhe ukuba asinakekele kuyosisiza ukuba sihlale silinganisela. Bazali, ninalo yini ukholo lokuthi uJehova uyoninakekela ngandlela-thile nina nemikhaya yenu lapho nenza intando yakhe? Noma, ingabe uDeveli uyonibamba niphila anibangele ukuba nenze intando yakhe ngenxa yokwesaba abantu? Sininxusa ukuba nicabange ngale mibuzo ngosizo lomthandazo.
Ugibe Lwezinto Ezibonakalayo
8. USathane ukusebenzisa kanjani ukuyenga kwezinto ezibonakalayo?
8 USathane usebenzisa nokuyenga kwezinto ezibonakalayo ukuze asibambe. Isimiso saleli zwe sezentengiselwano sivame ukukhuthaza izinhlelo zomaceba-ngelanga ezingase zikhohlise ngisho nabanye babantu bakaNkulunkulu. Ngezinye izikhathi abantu bangase bakhuthazwe: “Zikhandle. Kuzothi lapho usumi kahle ngokwezimali, bese uyakhululeka ujabulele ukuphila. Ungaba nayiphayona.” Abathile abaxhaphaza abafowethu ngokwezimali ebandleni lobuKristu bangase basho la mazwi abonisa ukucabanga okungalinganiseli. Cabanga ngokucophelela ngaleso sikhuthazo. Asifani yini nokucabanga kwendoda ecebile ‘engenangqondo’ emzekelisweni kaJesu?—Luka 12:16-21.
9. Kungani amanye amaKristu engase abanjwe ugibe lokufisa izinto?
9 USathane usebenzisa isimiso sakhe esibi ngendlela eyenza abantu bafise izinto. Ekugcineni leso sifiso singakuthikameza kakhulu ukuphila komKristu, siminyanise izwi futhi silenze “lingatheli.” (Marku 4:19) IBhayibheli lisikhuthaza ukuba saneliswe ukudla nezambatho. (1 Thimothewu 6:8) Nokho, abaningi babanjwa ‘umcuphi wezinyoni’ ngoba abasisebenzisi kubo ngokwabo leso seluleko. Kungenzeka yini ukuthi ukuqhosha kubenza bacabange ukuthi kumelwe banamathele endleleni ethile yokuphila? Kuthiwani ngathi? Ingabe isifiso sethu sokuba nezinto sisenza senze ukukhulekela kweqiniso kuze kamuva? (Hagayi 1:2-8) Kuyadabukisa ukuthi lapho bedonsa kanzima ngokwezimali, abanye baye badela ingokomoya labo ukuze balondoloze izinga lokuphila asebelijwayele. Isimo sengqondo esinjalo sokuthanda izinto ezibonakalayo siyamjabulisa ‘umcuphi wezinyoni’!
Ugibe Lokuzijabulisa Okungcolile
10. Ikuphi ukuzihlola umKristu ngamunye okufanele akwenze?
10 Elinye iqhinga ‘lomcuphi wezinyoni’ liwukwenza buthaka umuzwa wabantu ongokwemvelo wokuhle nokubi. Isimo sengqondo esifana nesaseSodoma naseGomora siye salawula ingxenye enkulu yomkhakha wezokuzijabulisa. Ngisho nemibiko yezindaba kuthelevishini nakomagazini iqokomisa ubudlova futhi ivuse inkanuko yobulili engcolile. Okuningi okubonakala kuwukuzijabulisa kumathelevishini nakomagazini kufiphaza ikhono labantu ‘lokuhlukanisa kokubili okulungile nokungalungile.’ (Hebheru 5:14) Nokho, khumbula amazwi kaJehova awasho ngomprofethi u-Isaya: “Maye kulabo abathi okuhle kubi nokubi kuhle!” (Isaya 5:20) Ingabe ‘umcuphi wezinyoni’ usekuthonye ngobuqili ukucabanga kwakho ngokuzijabulisa okunjalo okungcolile? Kudingeka umuntu azihlole.—2 Korinte 13:5.
11. Isiphi isixwayiso esanikezwa yilo magazini ngemidlalo ye-TV ewuchungechunge?
11 Cishe eminyakeni engaba ngu-25 edlule, ngothando INqabayokulinda yaxwayisa abakhulekeli bakaNkulunkulu ngemidlalo ye-TV ewuchungechunge.a Nakhu okwaphawulwa ngethonya elicashile lemidlalo ethandwayo ye-TV ewuchungechunge: “Ukufuna uthando kusetshenziselwa ukuthethelela noma yikuphi ukuziphatha. Ngokwesibonelo, omunye osemusha ongashadile okhulelwe uthi kumngane wakhe: ‘Kodwa ngiyamthanda uVictor. Anginandaba. . . . Ukuba nengane yakhe kusho okukhulu kimi!’ Umculo . . . osholo phansi wenza kube nzima ukubheka inkambo yakhe njengembi kakhulu. Nawe futhi uyamthanda uVictor. Uyayizwela intombazane. ‘Uyaqonda.’ ‘Kuyamangalisa ukuthi ungase ukuthethelele kanjani,’ kusho esinye isibukeli kamuva esaqondisa ukucabanga kwaso. ‘Siyazi ukuthi ukuziphatha okubi akulungile. . . . Kodwa ngaqaphela ukuthi ngengqondo ngangihlanganyela.’”
12. Imaphi amaqiniso abonisa ukuthi isixwayiso esiphathelene nezinhlelo ezithile ze-TV sifike ngesikhathi?
12 Kusukela kwanyatheliswa lezo zihloko, lolu hlobo lwezinhlelo ezonakalisa inhliziyo seluxhaphakile. Ezindaweni eziningi, izinhlelo ezinjalo zisakazwa ubusuku nemini. Amadoda, abesifazane nentsha eningi bavame ukondla izingqondo nezinhliziyo zabo ngokuzijabulisa okunjalo. Nokho, thina akumelwe sizikhohlise ngokucabanga okuyiphutha. Kungaba yiphutha ukucabanga ukuthi ukuzijabulisa okungcolile akukubi njengalokho esikubona ngokoqobo ezweni. Ingabe umKristu ngempela angakuthethelela ukukhetha ukujatshuliswa uhlobo lwabantu angeke acabange ukulumemela ekhaya?
13, 14. Yini abanye abayisho lapho bechaza indlela abazuza ngayo ezixwayisweni eziphathelene ne-TV?
13 Abaningi bazuza ngokulalela leso sixwayiso esakhishwa “inceku ethembekileyo neqondayo.” (Mathewu 24:45-47) Ngemva kokufunda leso seluleko esicacile nesisekelwe eBhayibhelini, abanye babhala besho indlela lezi zihloko ezabathinta ngayo.b Omunye wavuma: “Iminyaka engu-13 ngangiphila ngokubuka imidlalo ye-TV ewuchungechunge. Ngangicabanga ukuthi ngiphephile ngokumane ngiye emihlanganweni yobuKristu nangokuya enkonzweni yasensimini ngezinye izikhathi. Kodwa ngafunda umbono wezwe wemidlalo ye-TV ewuchungechunge wokuthi uma umyeni wakho ekuphatha kabi noma uzizwa ungathandwa, unesizathu sokuphinga ngoba nguye okubangele. Futhi lapho ngizizwa ‘nginesizathu’ sokuphinga, ngayilandela le nkambo embi futhi ngona kuJehova nakumngane wami womshado.” Lona wesifazane wasuswa ekuhlanganyeleni nebandla. Ngokuhamba kwesikhathi, wasanguluka, waphenduka futhi wabuyiselwa ebandleni. Izihloko ezazixwayisa ngemidlalo ye-TV ewuchungechunge zamnika amandla okuba enqabe ukujatshuliswa yilokho uJehova akuzondayo.—Amose 5:14, 15.
14 Omunye umfundi okuphila kwakhe kwathinteka wathi: “Ngakhala ngenkathi ngifunda lezi zihloko, ngoba ngathola ukuthi inhliziyo yami yayingasaphelele kuJehova. Ngathembisa uNkulunkulu wami ukuthi ngeke ngiphinde ngibe yisigqila sale midlalo.” Ngemva kokubonisa ukwazisa ngalezi zihloko, omunye owesifazane ongumKristu wavuma ukuthi wayeluthekile futhi wabhala: “Ngazibuza . . . ukuthi ubuhlobo bami noJehova babungathinteka yini. [Abadlali bale midlalo] babengaba kanjani abangane bami ngibe ngingumngane kaJehova?” Uma le midlalo ye-TV yayonakalisa izinhliziyo eminyakeni engu-25 edlule, inaliphi ithonya namuhla? (2 Thimothewu 3:13) Kumelwe sisiqaphele isicupho sikaSathane sazo zonke izinhlobo zokuzijabulisa okungcolile, kungakhathaliseki ukuthi imidlalo ye-TV ewuchungechunge, imidlalo yama-video enobudlova noma ama-video omculo anokuziphatha okubi.
Isicupho Sokungezwani
15. UDeveli ubabamba kanjani abanye bephila?
15 USathane usebenzisa ukungezwani njengesicupho ukuze abangele ukwahlukana phakathi kwabantu bakaJehova. Kungakhathaliseki ukuthi sinamaphi amalungelo enkonzo, lesi sicupho singasibamba. Abanye babanjwa uDeveli bephila ngoba bavumela ukungezwani kuphazamise ukuthula nobunye kanye nepharadesi elingokomoya elenziwe uJehova.—IHubo 133:1-3.
16. USathane ubelokhu ezama kanjani ngobuqili ukuphazamisa ubunye bethu?
16 Phakathi neMpi Yezwe I, uSathane wazama ukubhubhisa ingxenye esemhlabeni yenhlangano kaJehova ngokuyihlasela ngokuqondile, kodwa akazange aphumelele. (IsAmbulo 11:7-13) Kusukela ngaleso sikhathi, ubelokhu ezama ngobuqili ukuphazamisa ubunye bethu. Uma sivumela ukungezwani kubangele ukwahlukana, sisuke sesimnike ithuba ‘umcuphi wezinyoni.’ Lokho kungasenza sithiye umoya ongcwele ungagelezi ngokukhululekile ekuphileni kwethu nasebandleni. Uma lokho kungase kwenzeke, uSathane angajabula ngoba noma ikuphi ukuphazamiseka kokuthula nobunye bebandla kuphazamisa umsebenzi wokushumayela.—Efesu 4:27, 30-32.
17. Yini engasiza labo abanokungezwani ukuba bakulungise?
17 Yini ongayenza uma kukhona ukungezwani phakathi kwakho nomunye umKristu? Yiqiniso, izimo ziyehluka. Nokho, nakuba kungase kube nezizathu eziningi ezenza kube nezinkinga, asikho isizathu sokuba ukungezwani kungalungiswa. (Mathewu 5:23, 24; 18:15-17) Iseluleko esiseZwini likaNkulunkulu siphefumulelwe, siphelele. Lapho zisetshenziswa, izimiso zeBhayibheli akwenzeki zingaphumeleli. Zisebenza ngaso sonke isikhathi!
18. Kungani ukulingisa uJehova kungasisiza ukuba silungise ukungezwani?
18 UJehova “ukulungele ukuthethelela,” futhi “unentethelelo yeqiniso.” (IHubo 86:5; 130:4) Lapho simlingisa sibonisa ukuthi singabantwana bakhe abathandekayo. (Efesu 5:1) Sonke siyizoni futhi siyidinga kakhulu intethelelo kaJehova. Ngakho, kumelwe siqaphele uma sizizwa singathandi ukuthethelela othile. Singase sifane nenceku emzekelisweni kaJesu eyenqaba ukuthethelela enye inceku eyayiyikweleta okuncane kakhulu uma kuqhathaniswa nalokho yona eyayikukweleta inkosi kodwa yayithethelela. Lapho inkosi itshelwa lokhu, yafaka le nceku engathetheleli etilongweni. UJesu waphetha umzekeliso ngokuthi: “UBaba osezulwini naye uyosebenzelana nani ngendlela efanayo uma ningathetheleli yilowo nalowo umfowabo ngokusuka enhliziyweni.” (Mathewu 18:21-35) Ukuzindla ngalowo mfanekiso nokucabangisisa ngokuthi ziningi kangakanani izikhathi uJehova aye wasithethelela ngazo ngokukhululekile, ngokuqinisekile kuyosisiza lapho sizama ukulungisa ukungezwani nabafowethu!—IHubo 19:14.
Siphephile “Endaweni Esithekile YoPhezukonke”
19, 20. Kufanele siyibheke kanjani ‘indawo esithekile’ ‘nomthunzi’ kaJehova kulezi zikhathi eziyingozi?
19 Siphila ezikhathini eziyingozi. USathane ngabe sewasibhubhisa sonke ukube bekungengenxa yesivikelo sikaJehova sothando. Ngakho-ke, ukuze sigweme ukubanjwa ‘umcuphi wezinyoni,’ kumelwe sihlale endaweni yesivikelo engokomfanekiso, ‘sihlale endaweni esithekile yoPhezukonke,’ sizitholele “indawo yokungenisa khona impela phansi komthunzi woMninimandla onke.”—IHubo 91:1.
20 Kwangathi njalo singabheka izikhumbuzo neziqondiso zikaJehova njengezisivikelayo, singalokothi sizibheke njengezivimbelayo. Sonke sibhekene nomzingeli onokuhlakanipha okungaphezu kokomuntu. Ngaphandle kosizo lukaJehova lothando, akekho ongaphunyuka. (IHubo 124:7, 8) Ngakho, masithandazele ukuba uJehova asikhulule ezicuphweni ‘zomcuphi wezinyoni’!—Mathewu 6:13.
[Imibhalo yaphansi]
a INqabayokulinda ka-June 15, 1983, amakhasi 3-8.
b INqabayokulinda ka-August 1, 1984, ikhasi 27.
Uyakhumbula?
• Kungani “ukwesaba abantu” kuyisicupho esiyingozi?
• UDeveli ukusebenzisa kanjani ukuyenga kwezinto ezibonakalayo?
• USathane uye wababamba kanjani abanye ngesicupho sokuzijabulisa okungcolile?
• Isiphi isicupho uDeveli asisebenzisayo ukuze aphazamise ubunye bethu?
[Isithombe ekhasini 27]
Abanye baye babanjwa ugibe ‘lokwesaba abantu’
[Isithombe ekhasini 28]
Ingabe ujatshuliswa izinto uJehova azizondayo?
[Isithombe ekhasini 29]
Yini ongayenza uma kukhona ukungezwani phakathi kwakho nomunye umKristu?