‘Bade Njengomsedari ELebanoni’
ZINTABENI ezinhle zaseLebanoni kumila imithi eyaziwa ngokuthi ama-Arz Ar-rab, okusho ukuthi “Imisedari YeNkosi.” Le mithi ehlaba umxhwele engawohloki, eyake yasibekela izintaba, kukhulunywa ngayo izikhathi ezingaba ngu-70 eBhayibhelini —ngaphezu kwanoma imuphi omunye umuthi.
Ukuze ichaze le misedari emikhulu yaseLebanoni, imiBhalo isebenzisa amazwi, elithi ‘ikhethekile’ nelithi ‘mikhulu ngokubabazekayo.’ (IsiHlabelelo seziHlabelelo 5:15; Hezekeli 17:23, qhathanisa ne-NW.) Ubukhulu bomsedari nokuqina kokhuni lwawo sekunesikhathi eside kwawenza wathandwa lapho kwakhiwa amakhaya nemikhumbi kanye nalapho kwenziwa impahla yasendlini. Amakha nombala walolu khuni obomvu njengomlilo kukhanga kakhulu, futhi ukuba kwalo nenhlaka eningi kulwenza lungonakali ngokushesha futhi lungaphehlwa. Le mithi mide ngokuphawulekayo futhi mikhulu, ifinyelela ubude obungamamitha angu-37 nobukhulu obungamamitha angu-12, futhi inezimpande ezijulile neziqinile. Akumangalisi ukuthi ezinye izazi zamahlathi zanamuhla ziye zayichaza ngokuthi “inkazimulo yezwe lezitshalo ezedlula zonke”!
Umlobi weBhayibheli uHezekeli wafanisa ngokwesiprofetho uMesiya negatsha elisha lomsedari, elibe selitshalwa uNkulunkulu ngokwakhe. (Hezekeli 17:22) Eqinisweni, igama lesiHeberu elihunyushwe ngokuthi ‘umsedari’ livela emsukeni osho “ukuqina.” Namuhla, abalandeli bakaMesiya, uJesu Kristu, ngokufanayo badinga ‘ukuma beqinile okholweni, babe namandla,’ njengomsedari omude nogoba ngaphandle kokwephuka. (1 Korinte 16:13) Kungafezwa kanjani lokhu? Ngokuwenqaba ngokuqinile amathonya angavumelani nobuKristu nokukhuthazela ngokwethembeka enkambweni yobuqotho neyokuzinikela kokuhlonipha uNkulunkulu. Labo abenza kanjalo eBhayibhelini bachazwa ‘njengabalungileyo abakhula babe bade njengomsedari eLebanoni.’—IHubo 92:12, The New English Bible.