Phakamisa Izandla Ezithembekile Ngomthandazo
“Ngifisa ukuba ezindaweni zonke amadoda aqhubeke ethandaza, ephakamisela phezulu izandla ezithembekile, ngaphandle kolaka nezinkulumo-mpikiswano.”—1 THIMOTHEWU 2:8.
1, 2. (a) Eyoku-1 Thimothewu 2:8 isebenza kanjani emthandazweni ohilela abantu bakaJehova? (b) Yini esesizoyicabangela manje?
UJEHOVA ulindele ukuba abantu bakhe bathembeke kuye nakomunye nomunye. Umphostoli uPawulu wahlobanisa ukwethembeka nomthandazo lapho ebhala: “Ngifisa ukuba ezindaweni zonke amadoda aqhubeke ethandaza, ephakamisela phezulu izandla ezithembekile, ngaphandle kolaka nezinkulumo-mpikiswano.” (1 Thimothewu 2:8) Ngokusobala, uPawulu wayebhekisela emthandazweni wasobala “ezindaweni zonke” amaKristu ayehlangana ndawonye kuzo. Obani ababengamelela abantu bakaNkulunkulu ngomthandazo emihlanganweni yebandla? Kwakungaba amadoda angcwele, alungileyo, ahlonipha uNkulunkulu kuphela, ayefeza ngokucophelela yonke imisebenzi engokomBhalo phambi kukaNkulunkulu. (UmShumayeli 12:13, 14) Kwakudingeka abe ahlanzekile ngokomoya nangokuziphatha futhi abe azinikele kuJehova uNkulunkulu ngendlela engenakungatshazwa.
2 Abadala ngokukhethekile kufanele ‘baphakamisele phezulu izandla ezithembekile ngomthandazo.’ Imithandazo yabo esuka enhliziyweni eyenziwa ngoJesu Kristu ibonisa ukwethembeka kuNkulunkulu futhi ibasiza ukuba bagweme izinkulumo-mpikiswano nokuqhuma kwentukuthelo. Empeleni, noma yimuphi owesilisa onelungelo lokumelela ibandla lobuKristu ngomthandazo wasobala kufanele angabi nolaka, inzondo nokungathembeki kuJehova nasenhlanganweni yakhe. (Jakobe 1:19, 20) Yiziphi ezinye iziqondiso iBhayibheli elizinikeza labo abanelungelo lokumelela abanye ngomthandazo wasobala? Futhi yiziphi ezinye zezimiso ezingokomBhalo okufanele sizisebenzise emithandazweni yethu yangasese neyomkhaya?
Cabanga Ngomthandazo Kusengaphambili
3, 4. (a) Kungani kuzuzisa ukucabanga kusengaphambili ngomthandazo wasobala? (b) Yini eboniswa yimiBhalo ngokuphathelene nobude bemithandazo?
3 Uma siye sacelwa ukuba sithandaze obala, cishe siyokwazi okungenani ukucabanga okuthile kusengaphambili ngomthandazo wethu. Ukwenza lokhu kungase kusenze sikwazi ukukhuluma ngezinto ezifanelekile ezibalulekile ngaphandle kokwenza umthandazo omude othemelezayo. Yiqiniso, imithandazo yethu yangasese nayo ingase iphinyiselwe. Ingaba nanoma yibuphi ubude. UJesu wathandaza ubusuku bonke ngaphambi kokukhetha abaphostoli bakhe abangu-12. Nokho, lapho emisa iSikhumbuzo sokufa kwakhe, imithandazo yakhe ethandazela isinkwa newayini ngokusobala yayimifushane. (Marku 14:22-24; Luka 6:12-16) Futhi siyazi ukuthi ngisho nemithandazo kaJesu eyayimifushane yayamukeleka ngokugcwele kuNkulunkulu.
4 Ake sithi sinikwe ilungelo lokumelela umkhaya ngomthandazo ngaphambi kokudla. Umthandazo onjalo ungaba mfushane impela—kodwa lokho esikushoyo kufanele kuhlanganise namazwi okubonga ukudla. Uma sithandaza obala ngaphambi noma ngemva komhlangano wamaKristu, akudingeki senze umthandazo omude ohlanganisa amaphuzu amaningi. UJesu wabagxeka ababhali ‘ababenza imithandazo emide ngenjongo yokukhohlisa.’ (Luka 20:46, 47) Umuntu ohlonipha uNkulunkulu ngeke neze afune ukwenza lokho. Nokho, ngezinye izikhathi umthandazo wasobala othe ukuba mude ungase ufaneleke. Ngokwesibonelo, umdala okhethwe ukuba enze umthandazo wokuphetha emhlanganweni omkhulu angase acabange ngawo kusengaphambili futhi afise ukusho amaphuzu amaningana. Nokho, ngisho nomthandazo onjalo akufanele ube mude ngokweqile.
Khuluma NoNkulunkulu Ngenhlonipho
5. (a) Yini okumelwe siyikhumbule lapho sithandaza obala? (b) Kungani kufanele sithandaze ngendlela enesizotha nenenhlonipho?
5 Lapho sithandaza obala kufanele sikhumbule ukuthi asikhulumi nabantu. Kunalokho, siyizidalwa ezinesono ezinxusa iNkosi EnguMbusi uJehova. (IHubo 8:3-5, 9; 73:28) Ngakho-ke kufanele sibonise ukwesaba okunenhlonipho ukumcasula ngalokho esikushoyo nendlela esikusho ngayo. (IzAga 1:7) Umhubi uDavide wahlabelela: “Kepha mina ngiyakungena endlini yakho ngobuningi bomusa wakho, ngikhothame ngokukuhlonipha, ngibhekene nendawo yakho engcwele.” (IHubo 5:7) Uma sinaleso simo sengqondo, siyokhuluma kanjani lapho sicelwe ukuba sithandaze obala emhlanganweni woFakazi BakaJehova? Ukube besikhuluma nenkosi engumuntu, besiyokhuluma ngenhlonipho nangesizotha. Akufanele yini imithandazo yethu ibe nesizotha nenhlonipho nakakhulu, njengoba sithandaza kuJehova, ‘iNkosi yaphakade’? (IsAmbulo 15:3) Ngakho lapho sithandaza siyowagwema amazwi anjengokuthi, “Siyakubingelela, Jehova,” “Siyakhonza kuwe,” noma, “Ube nosuku oluhle.” ImiBhalo ibonisa ukuthi iNdodana kaNkulunkulu ezelwe yodwa, uJesu Kristu, ayizange nanini ikhulume kanjalo noYise wasezulwini.
6. Yini okufanele siyikhumbule lapho ‘sisondela esihlalweni sobukhosi somusa ongafanelwe’?
6 UPawulu wathi: “Masisondeleni ngenkululeko yokukhuluma esihlalweni sobukhosi somusa ongafanelwe.” (Heberu 4:16) Singasondela kuJehova “ngenkululeko yokukhuluma” naphezu kwesimo sethu sokuba nesono ngoba sinokholo emhlatshelweni kaJesu Kristu wesihlengo. (IzEnzo 10:42, 43; 20:20, 21) Nokho, ‘inkululeko yokukhuluma’ enjalo ayisho ukuthi siyancokola noNkulunkulu; futhi akufanele sisho izinto ezibonisa ukungamhloniphi. Ukuze imithandazo yethu yasobala imjabulise uJehova, kumelwe yenziwe ngenhlonipho nangesizotha esifanele, futhi ngeke kufaneleke ukuyisebenzisela ukwenza izaziso, ukululeka abathile noma ukusola izilaleli.
Thandaza Ngomoya Wokuthobeka
7. USolomoni wakubonisa kanjani ukuthobeka lapho ethandaza ekunikezelweni kwethempeli likaJehova?
7 Kungakhathaliseki ukuthi sithandaza obala noma ngasese, isimiso esibalulekile esingokomBhalo okufanele sisikhumbule siwukuthi kufanele sibonise isimo sengqondo sokuthobeka emithandazweni yethu. (2 IziKronike 7:13, 14) INkosi uSolomoni yabonisa ukuthobeka emthandazweni eyawenza obala lapho kunikezelwa ithempeli likaJehova eJerusalema. USolomoni wayesanda kuqeda ukwakha esinye sezakhiwo ezinhle kunazo zonke ezake zakhiwa emhlabeni. Nokho, wathandaza ngokuthobeka: “UNkulunkulu uyakuhlala impela emhlabeni na? Bheka, izulu nezulu lamazulu alinakukwanela; pho, kakhulu kangakanani lendlu encane engiyakhileyo na?”—1 AmaKhosi 8:27.
8. Yiziphi ezinye zezindlela zokubonisa ukuthobeka emthandazweni wasobala?
8 NjengoSolomoni, kufanele sithobeke lapho simelela abanye ngomthandazo wasobala. Nakuba kufanele sikugweme ukuzwakala sinokulunga kokuzenzisa, ukuthobeka singakubonisa ngesimo sezwi. Imithandazo yokuthobeka ayinakho ukubukisa noma ukuzenzisa. Ayenzi kunakwe lowo muntu othandazayo, kodwa yenza kunakwe Lowo okukhulunywa naye. (Mathewu 6:5) Ukuthobeka kuboniswa nayilokho esikushoyo emthandazweni. Uma sithandaza ngokuthobeka, ngeke sizwakale sengathi siphoqelela ukuba uNkulunkulu enze izinto ezithile ngendlela yethu. Kunalokho, siyonxusa uJehova ukuba enze ngendlela evumelana nentando yakhe engcwele. Umhubi wabeka isibonelo ngokubonisa isimo sengqondo esifanele lapho enxusa: “Sindisa, Jehova! ngiyakuncenga; hlahlamelisa, Jehova! ngiyakucela.”—IHubo 118:25; Luka 18:9-14.
Thandaza Ngokusuka Enhliziyweni
9. Yisiphi iseluleko esihle esanikezwa nguJesu esitholakala kuMathewu 6:7, futhi singasetshenziswa kanjani?
9 Ukuze imithandazo yethu yasobala noma yangasese imjabulise uJehova, kumelwe isuke enhliziyweni. Ngakho, ngeke simane siphindaphinde uhlobo olufanayo lomthandazo ngaphandle kokucabanga ngalokho esikushoyo. ENtshumayelweni yakhe yaseNtabeni, uJesu weluleka: “Lapho uthandaza, ungaphindaphindi izinto ezifanayo, njengoba nje kwenza abantu bezizwe, ngoba bacabanga [ngokuyiphutha] ukuthi bayothola ukuzwiwa ngokusebenzisa kwabo amazwi amaningi.” Ngamanye amazwi, uJesu wathi: “Ungathemelezi; ungaphindaphindi izinto ngokungenanjongo.”—Mathewu 6:7; umbhalo waphansi we-NW.
10. Kungani kungase kufaneleke ukuthandazela into efanayo ngokuphindaphindiwe?
10 Yiqiniso, kungase kudingeke sithandazele indaba efanayo ngokuphindaphindiwe. Lokho akunakuba okungalungile ngoba uJesu wanxusa: “Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola; qhubekani ningqongqoza, niyovulelwa.” (Mathewu 7:7) Mhlawumbe kunesidingo seHholo LoMbuso elisha ngoba uJehova uchumisa umsebenzi wokushumayela webandla. (Isaya 60:22) Kungaba okufanelekile ukuhlale sikhuluma ngalesi sidingo lapho sithandaza ngasese noma obala emihlanganweni yabantu bakaJehova. Ukwenza kanjalo ngeke kusho ukuthi ‘besiphindaphinda izinto ngokungenanjongo.’
Khumbula Ukubonga Nokudumisa
11. EyabaseFilipi 4:6, 7 isebenza kanjani emthandazweni wangasese nowasobala?
11 Abantu abaningi bathandaza kuphela ukuze bacele okuthile, kodwa uthando lwethu ngoJehova uNkulunkulu kufanele lusishukumisele ukuba simbonge futhi simdumise kokubili emthandazweni wangasese nakowasobala. UPawulu wabhala: “Ningakhathazeki ngalutho, kodwa kukho konke izicelo zenu mazaziwe uNkulunkulu ngomthandazo nangokunxusa kanye nokubonga; futhi ukuthula kukaNkulunkulu okudlula konke ukucabanga kuyoqapha izinhliziyo zenu namandla enu engqondo ngoKristu Jesu.” (Filipi 4:6, 7) Yebo, ngaphezu kokunxusa nezicelo, kufanele simbonge uJehova ngezibusiso ezingokomoya nezingokwenyama. (IzAga 10:22) Umhubi wahlabelela: “Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga, uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke.” (IHubo 50:14) Futhi ingoma kaDavide ewumthandazo yayinalawa mazwi athinta inhliziyo: “Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu, ngimphakamise ngokubonga.” (IHubo 69:30) Akufanele yini nathi senze okufanayo emthandazweni wasobala nakowangasese?
12. IHubo 100:4, 5 ligcwaliseka kanjani namuhla, futhi ngenxa yalokho yini esingambonga futhi simdumise ngayo uNkulunkulu?
12 Ngokuphathelene noNkulunkulu, umhubi wahlabelela: “Ngenani emasangweni akhe ngokubonga, nasemagcekeni akhe ngokudumisa; mbongeni, nibusise igama lakhe. Ngokuba muhle uJehova; umusa wakhe umi phakade, nokuthembeka kwakhe ezizukulwaneni ngezizukulwane.” (IHubo 100:4, 5) Namuhla, abantu bazo zonke izizwe bangena emagcekeni ethempeli likaJehova, futhi singamdumisa simbonge ngalokhu. Ingabe uyambonga uNkulunkulu ngeHholo LoMbuso eninalo futhi ubonise ukwazisa kwakho ngokuhlanganyela kulo njalo nalabo abamthandayo? Njengoba ulapho, ingabe ukhipha izwi lakho ngenhliziyo yonke lapho uhlabelela izingoma zokudumisa nokubonga uBaba wethu osezulwini onothando?
Ungabi Namahloni Nanini Okuthandaza
13. Yisiphi isibonelo esingokomBhalo esibonisa ukuthi kufanele sinxuse kuJehova ngisho noma sizizwa singafaneleki ngenxa yomuzwa wecala?
13 Ngisho noma sizizwa singafaneleki ngenxa yomuzwa wecala, kufanele sikhulume noNkulunkulu simnxuse ngobuqotho. Lapho amaJuda ona ngokuthatha amakhosikazi ezinye izizwe, u-Ezra waguqa, weneka izandla zakhe ezithembekile kuNkulunkulu futhi wathandaza ngokuthobeka: “Nkulunkulu wami, nginamahloni, ngiyakhophoza ukuba ngiphakamisele ubuso bami kuwe-Nkulunkulu wami, ngokuba izono zethu zandile ngaphezu kwamakhanda ethu, namacala ethu akhulile kuze kube-sezulwini. Kusukela ezinsukwini zawobaba kuze kube-namuhla sinecala elikhulu . . . Ngasemva kwakho konke okufiké phezu kwethu ngenxa yezenzo zethu ezimbi, nangecala lethu elikhulu, nangokuba wena-Nkulunkulu wethu awusijezisanga ngokufanele izono zethu, wasinika isigaba sabasindileyo njengalesi, singabuye saphule yini imiyalo yakho, sendiselane nalabobantu abazenza lezizinengiso na? Nga ungasithukutheleli uze usiqede, kuze kungabikho-nsali nasindayo na? Jehova Nkulunkulu kaIsrayeli, ulungile, ngokuba sishiyiwe siyinsali nje njenganamuhla; bheka, siphambi kwakho necala lethu, nokho akakho ongema phambi kwakho ngenxa yalokho.”—Ezra 9:1-15; Duteronomi 7:3, 4.
14. Njengoba kwaboniswa osukwini luka-Ezra, yini edingekayo ukuze sithole intethelelo kaNkulunkulu?
14 Ukuze sithole intethelelo kaNkulunkulu, ukuvuma izono kuye kumelwe kuhambisane nokudabuka ‘nezithelo ezifanela ukuphenduka.’ (Luka 3:8; Jobe 42:1-6; Isaya 66:2) Ngosuku luka-Ezra, isimo sengqondo sokuphenduka sahambisana nomzamo wokulungisa okwakoniwe ngokuxosha amakhosikazi akwezinye izizwe. (Ezra 10:44; qhathanisa neyesi-2 Korinte 7:8-13.) Uma sifuna intethelelo kaNkulunkulu ngokona okungathi sína, masikuvume ngomthandazo wokuthobeka futhi siveze izithelo ezifanela ukuphenduka. Umoya wokuphenduka nesifiso sokulungisa okoniwe kuyosishukumisela nokuba sifune usizo olungokomoya lwabadala abangamaKristu.—Jakobe 5:13-15.
Thola Induduzo Emthandazweni
15. Okwenzeka kuHana kubonisa kanjani ukuthi singathola induduzo emthandazweni?
15 Lapho inhliziyo yethu isezinhlungwini ngasizathu-simbe, singathola induduzo emthandazweni. (IHubo 51:17; IzAga 15:13) UHana othembekile wayithola. Wayephila ngesikhathi imikhaya emikhulu yayivamile kwa-Israyeli, kodwa wayengatholi bantwana. Umyeni wakhe, u-Elkana, wayenamadodana namadodakazi kwenye inkosikazi yakhe, uPhenina, eyayichukuluza uHana ngoba eyinyumba. UHana wathandaza ngobuqotho futhi wathembisa ukuthi uma ayebusiswa ngendodana, ‘wayeyoyinika uJehova zonke izinsuku zokuhamba kwayo.’ Eduduzwe umthandazo wakhe namazwi omPristi Ophakeme u-Eli, uHana ‘akabange esanyukumala [“esakhathazeka,” NW].’ Wazala umfana amqamba wathi nguSamuweli. Kamuva, wamhambisa ukuba ayokhonza ethempelini likaJehova. (1 Samuweli 1:9-28) Ebonga ngomusa kaNkulunkulu kuye, wenza umthandazo wokubonga—owawudumisa uJehova njengongenakulinganiswa namuntu. (1 Samuweli 2:1-10) NjengoHana, singathola induduzo emthandazweni, siqiniseka ukuthi uNkulunkulu uyaziphendula zonke izicelo ezihambisana nentando yakhe. Lapho sithulula inhliziyo yethu kuye, ‘masingabe sisakhathazeka,’ ngoba uyowususa umthwalo esiwuthwele noma asenze sikwazi ukuwuthwala.—IHubo 55:22.
16. Njengoba kubonakala endabeni kaJakobe, kungani kufanele sithandaze lapho sesaba noma sikhathazekile?
16 Uma isimo esithile sibangela ukwesaba, ubuhlungu benhliziyo noma ukukhathazeka, masingayeki ukuphendukela kuNkulunkulu ngomthandazo ukuze sithole induduzo. (IHubo 55:1-4) UJakobe wayesaba lapho esezohlangana nomfowabo u-Esawu owayesephenduke isitha. Nokho, uJakobe wathandaza: “Nkulunkulu kababa uAbrahama, Nkulunkulu kababa uIsaka, Jehova, wena owathi kimi: Buyela ezweni lakho nasezihlotsheni zakho, ngikwenzele okuhle, angifanele neze wonke umusa nalo lonke iqiniso okwenzele inceku yakho, ngokuba ngawela leliJordani ngodondolo lwami kuphela, manje sengingamaqembu amabili. Ake ungophule esandleni somfowethu, esandleni sikaEsawu, ngokuba mina ngiyamesaba, funa eze angichithe kanye nawonina nabantwana. Wathi wena: Impela ngiyakukwenzela okuhle, ngenze inzalo yakho ibe-ngangesihlabathi solwandle esingebalwe ngobuningi.” (Genesise 32:9-12) U-Esawu akazange amhlasele uJakobe nabantu bakhe. Ngakho uJehova ‘wamenzela okuhle’ uJakobe kuleso senzakalo.
17. Ngokuvumelana neHubo 119:52, umthandazo ungasilethela kanjani induduzo lapho sikhathazeke kakhulu?
17 Ekunxuseni kwethu, singase siduduzwe ukukhumbula izinto ezishiwo eZwini likaNkulunkulu. Ehubweni elide kunawo wonke—umthandazo omuhle owawuhambisana nomculo—kungenzeka ukuthi kwakuyiNkosana uHezekiya eyayihlabelela: “Ngiyakhumbula izahlulelo zakho zasendulo, Jehova; ngiyaduduzeka.” (IHubo 119:52) Ngokuthandaza ngokuthobeka lapho sivivinywa kanzima, singase sikhumbule isimiso seBhayibheli noma umthetho ongasisiza ukuba siphishekele inkambo eyophumela ekubeni siqiniseke ngendlela eduduzayo ukuthi siyamjabulisa uBaba wethu osezulwini.
Abathembekile Bayakhuthazela Emthandazweni
18. Kungani kungase kuthiwe ‘wonke umuntu othembekile uyothandaza kuNkulunkulu’?
18 Bonke abathembekile kuJehova uNkulunkulu ‘bayophikelela emthandazweni.’ (Roma 12:12) EHubweni lama-32, uDavide alibhala cishe ngemva kokuba one noBati-Sheba, wachaza umunyu ayenawo ngenxa yokungafuni intethelelo nempumuzo elethwa ukuphenduka nokuvuma isono kuNkulunkulu. Khona-ke uDavide wahlabelela: “Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe ngesikhathi sokukufumana; impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula, angafinyeleli kuye.”—IHubo 32:6.
19. Kungani kufanele siphakamise izandla ezithembekile ngomthandazo?
19 Uma sibazisa ubuhlobo bethu noJehova uNkulunkulu, siyothandazela isihe sakhe ngesisekelo somhlatshelo kaJesu wesihlengo. Ngokholo, singasondela esihlalweni sobukhosi somusa ongafanelwe ngenkululeko yokukhuluma ukuze sizuze isihe nosizo ngesikhathi esifanele. (Heberu 4:16) Kodwa kunezizathu eziningi kakhulu zokuthandaza! Ngakho-ke ‘masithandaze ngokungaphezi’—ikakhulu ngamazwi okudumisa nokubonga uNkulunkulu asuka enhliziyweni. (1 Thesalonika 5:17) Imini nobusuku, masiphakamisele phezulu izandla ezithembekile ngomthandazo.
Ungaphendula Kanjani?
◻ Kunayiphi inzuzo ukucabanga kusengaphambili ngomthandazo wasobala?
◻ Kungani kufanele sithandaze ngendlela enenhlonipho nenesizotha?
◻ Yimuphi umoya okufanele siwubonise lapho sithandaza?
◻ Lapho sithandaza, kungani kufanele sikhumbule ukubonga nokudumisa?
◻ IBhayibheli libonisa kanjani ukuthi singathola induduzo emthandazweni?
[Isithombe ekhasini 17]
INkosi uSolomoni yabonisa ukuthobeka emthandazweni wayo wasobala lapho kunikezelwa ithempeli likaJehova
[Izithombe ekhasini 18]
NjengoHana, ungathola induduzo emthandazweni