“Mbonge UJehova, Mphefumulo Wami”
“EZINYANGENI zamuva nje inkonzo yami iye yaba sivivi futhi yangajabulisa,” kusho uNancy.a Usekhonze iminyaka engaba yishumi njengephayona, ummemezeli wezindaba ezinhle wesikhathi esigcwele. Nokho, uyenezela: “Angikuthandi lokhu okwenzeka kimi. Ngibonakala ngethula isigijimi soMbuso ngendlela yokudlulisela amaqiniso nje hhayi ngokusuka enhliziyweni. Yini engingayenza?”
Cabangela futhi indaba kaKeith, umdala ebandleni loFakazi BakaJehova. Wamangala kakhulu lapho ezwa umkakhe ethi: “Kumelwe ukuba kukhona okucabangayo. Emthandazweni osanda kuwuqeda, ubonge ukudla, nakuba lesi kungesona isikhathi sokudla!” UKeith uyavuma: “Ngiyabona ukuthi imithandazo yami iye yaba eshiwo ngaphandle kokucabanga.”
Ngokungangabazeki, awufuni ukuba ukudumisa kwakho uJehova uNkulunkulu kungabi nayo intshiseko futhi kube inqubo nje. Ngokuphambene, ufuna kube okuqotho nokusuka emizweni yokubonga. Nokho, umuzwa awunakugqokwa noma ukhunyulwe njengengubo. Kumelwe usuke ngaphakathi kumuntu. Umuntu angazizwa kanjani enokubonga okusuka enhliziyweni? IHubo le-103 liyasikhanyisela ngokuphathelene nalokhu.
INkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo yaqamba iHubo le-103. Iqala ngamazwi athi: “Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.” (IHubo 103:1) Enye incwadi yokucwaninga ithi: “Igama elithi bonga, lapho libhekisela kuNkulunkulu lisho ukudumisa, lisikisela njalo uthando olunamandla ngaye kanye nomuzwa wokubonga.” Efisa ukudumisa uJehova ngenhliziyo egcwele uthando nokwazisa, uDavide unxusa umphefumulo wakhe—yena ngokwakhe—ukuba ‘ubonge uJehova.’ Kodwa yini eyakha lo muzwa ofudumele enhliziyweni kaDavide ngokuphathelene noNkulunkulu amkhulekelayo?
UDavide uyaqhubeka: “Ungakhohlwa imisebenzi yonke yakhe [uJehova] yomusa.” (IHubo 103:2) Kusobala ukuthi ukuba nomuzwa wokubonga uJehova kuhlobene nokuzindla ngokwazisa ‘ngemisebenzi yakhe.’ Yimiphi ngokuqondile le misebenzi kaJehova uDavide acabanga ngayo? Ukubheka indalo kaJehova uNkulunkulu, njengesibhakabhaka esigcwele izinkanyezi ebusuku obucwathile, ngempela kungenza inhliziyo igcwale ukubonga uMdali. Amazulu agcwele izinkanyezi amthinta ngokujulile uDavide. (IHubo 8:3, 4; 19:1) Nokho, eHutsheni le-103 uDavide ukhumbula umsebenzi kaJehova wolunye uhlobo.
UJehova ‘Uthethelela Zonke Izono Zakho’
Kuleli hubo, uDavide ulandisa ngezenzo zikaNkulunkulu zomusa wothando. Ebhekisela kwesokuqala nesibalulekile, uyahlabelela: ‘UJehova uthethelela zonke izono zakho.’ (IHubo 103:3) Ngokuqinisekile, uDavide wayesiqaphela isimo sakhe sokuba nesono. Ngemva kokuba umprofethi uNathani ekhulume naye ngesenzo sakhe sobufebe noBati-Sheba, uDavide wavuma: “Ngonile kuwe [Jehova] wena wedwa, ngakwenza okubi emehlweni akho.” (IHubo 51:4) Ngenhliziyo edabukile, wancenga: “Ngihawukele, Nkulunkulu, ngokomusa wakho; yesula iziphambeko zami ngokobubele bakho obukhulu. Ngigezisise ebubini bami, ungihlanze esonweni sami.” (IHubo 51:1, 2) Yeka ukuthi uDavide kumelwe ukuba wazizwa ebonga kanjani ngokuthethelelwa! Njengoba ayengumuntu ongaphelele, wazenza ezinye izono ekuphileni kwakhe, kodwa akazange ahlale angaphenduki, amukele ukusolwa futhi alungise izindlela zakhe. Ukucabanga ngezenzo ezimangalisayo uNkulunkulu azenza ukuze ambonise umusa kwashukumisela uDavide ukuba ambonge uJehova.
Asizona yini izoni nathi? (Roma 5:12) Ngisho nomphostoli uPawulu wabalisa: “Ngiyajabula ngempela ngomthetho kaNkulunkulu ngokomuntu enginguye ngaphakathi, kodwa ngibona emalungwini ami omunye umthetho olwa nomthetho wengqondo yami futhi ongithumbela emthethweni wesono osemalungwini ami. Yeka mina muntu wosizi! Ubani oyongophula kulomzimba othola lokhukufa?” (Roma 7:22-24) Yeka indlela okufanele sibonge ngayo ngokuthi uJehova akayigcini imibhalo yezono zethu! Uzesula ngenjabulo lapho siphenduka futhi sicela intethelelo.
UDavide uyazikhumbuza yena uqobo: ‘[UJehova] welapha zonke izifo zakho.’ (IHubo 103:3) Njengoba ukwelapha kuyisenzo sokubuyisela, kuhlanganisa okungaphezu kokuthethelela ububi. Kuhilela ukususwa ‘kwezifo’—imiphumela emibi yamaphutha ezindlela zethu. Ezweni lakhe elisha, uJehova uyoyiqeda ngempela imiphumela yesono esemzimbeni, njengokugula nokufa. (Isaya 25:8; IsAmbulo 21:1-4) Nokho, ngisho nanamuhla, uNkulunkulu uyaselapha ezifweni ezingokomoya. Kwabanye, lezi zihlanganisa unembeza owonakele nobuhlobo obunqanyuliwe naye. ‘Ungakukhohlwa’ lokho uJehova asesenzele khona ngabanye ngokuqondene nalokhu.
‘Ukhulula Ukuphila Kwakho’
UDavide uyahlabelela: ‘[UJehova] ukhulula ukuphila kwakho egodini.’ (IHubo 103:4, qhathanisa ne-NW.) ‘Igodi’ ithuna elivamile lesintu—iSheol, noma iHayidese. Ngisho nangaphambi kokuba uDavide abe inkosi kwa-Israyeli, wazithola esethunzini lokufa. Ngokwesibonelo, inkosi yakwa-Israyeli uSawule yayifukamele inzondo ebulalayo ngoDavide futhi yazama ukumbulala izikhathi ezihlukahlukene. (1 Samuweli 18:9-29; 19:10; 23:6-29) NamaFilisti ayemfuna efile uDavide. (1 Samuel 21:10-15) Kodwa ngaso sonke isikhathi, uJehova wayemsindisa “egodini.” Yeka ukuthi kumelwe ukuba uDavide wazizwa enokubonga kanjani lapho ekhumbula lezi zenzo zikaJehova!
Kuthiwani ngawe? Ingabe uJehova uye wakusekela enkathini yokucindezeleka noma lapho ulahlekelwe? Noma ingabe zikhona izenzakalo ozaziyo lapho eye wasindisa khona ukuphila koFakazi bakhe abathembekile egodini leSheol esikhathini sethu? Mhlawumbe uye wathinteka ngokufunda ukulandisa kwezenzo zakhe zokukhulula kulo magazini. Kungani ungaziniki isikhathi sokucabanga ngokwazisa ngale misebenzi kaNkulunkulu weqiniso? Futhi kuyiqiniso ukuthi sonke sinesizathu sokumbonga uJehova ngethemba lovuko.—Johane 5:28, 29; IzEnzo 24:15.
UJehova usinika kokubili ukuphila nalokho okukwenza kujabulise futhi kufaneleke ukuba siphile. Umhubi uthi uNkulunkulu ‘usithwesa umqhele womusa nobubele.’ (IHubo 103:4) Ngesikhathi sokuswela, uJehova akasilahli kodwa uyasisiza ngenhlangano yakhe ebonakalayo nangabadala abamisiwe, noma abelusi, ebandleni. Usizo olunjalo lusenza sikwazi ukusingatha isimo esivivinyayo ngaphandle kokulahlekelwa ukuzihlonipha kwethu nesithunzi. Abelusi abangamaKristu bazikhathalela kakhulu izimvu. Bakhuthaza ezigulayo nezicindezelekile futhi benze konke abangakwenza ukubuyisela lezo eziye zawa. (Isaya 32:1, 2; 1 Petru 5:2, 3; Jude 22, 23) Umoya kaJehova ushukumisela laba belusi ekubeni babe nesihawu nothando ngomhlambi. ‘Umusa nobubele’ bakhe ngempela bunjengomqhele osihlobisayo nosenza sihlonipheke! Njengoba singayikhohlwa nanini imisebenzi yakhe, masibonge uJehova negama lakhe elingcwele.
Eqhubeka nokuziyala yena ngokwakhe, umhubi uDavide uyahlabelela: “[UJehova usuthisa] ukulangazela kwakho ngokuhle, ubusha bakho bubuyiswe njengokhozi.” (IHubo 103:5) UJehova unikeza ukuphila okwanelisayo nokujabulisayo. Phela, khona kanye ukwazi iqiniso kuyingcebo engenakulinganiswa futhi kuwumthombo wenjabulo enkulu! Futhi cabanga indlela owenelisa ngokujule ngayo umsebenzi uJehova aye wasinika wona, wokushumayela nokwenza abafundi. Yeka ukuthi kujabulisa kanjani ukuthola othile onesithakazelo ekufundeni ngoNkulunkulu weqiniso nokusiza lowo muntu ukuba amazi uJehova futhi ambonge! Nokho, kungakhathaliseki ukuthi bakhona endaweni esikuyo abalalelayo noma cha, kuyilungelo elikhulu ukuba nengxenye emsebenzini ohlobene nokungcweliswa kwegama likaJehova nokulwelwa kobukhosi bakhe.
Njengoba siphikelela emsebenzini wokumemezela ngoMbuso kaNkulunkulu, ngubani ongakhathali? Kodwa uJehova uyaqhubeka evuselela amandla ezinceku zakhe, ezenza zibe “njengezinkozi” ezinamaphiko anamandla nezindiza ziye phezulu esibhakabhakeni. Yeka indlela okufanele sibonge ngayo ngokuthi uBaba wethu wasezulwini onothando usinika “amandla” anjalo ukuze siyifeze ngokwethembeka inkonzo yethu usuku ngalunye!—Isaya 40:29-31.
Ngokwesibonelo: UClara usebenza isikhathi esigcwele emsebenzini wokuziphilisa kanti usebenza namahora angaba ngu-50 enkonzweni yasensimini njalo ngenyanga. Uthi: “Ngezinye izikhathi ngiyakhathala, futhi ngizihudule ukuya enkonzweni yasensimini ngoba ngisuke ngihlele ukusebenza nothile. Kodwa lapho sengiphumile, njalo ngizizwa ngivuselelekile.” Kungenzeka ukuthi nawe uye wawezwa lawo mandla abangelwa ukusekela kwaphezulu enkonzweni yobuKristu. Kwangathi ungashukumiseleka ukuba usho njengoba kwasho uDavide emazwini aqala ngawo leli hubo: “Mbonge uJehova, mphefumulo wami; konke okuphakathi kwami makubonge igama lakhe elingcwele.”
UJehova Uyabakhulula Abantu Bakhe
Umhubi uphinde ahlabelele: “UJehova ubenzela bonke abacindezelwayo ukulunga nokwahlulela. Wamazisa uMose izindlela zakhe, nabantwana bakwa-Israyeli izenzo zakhe.” (IHubo 103:6, 7) Cishe uDavide ucabanga ‘ngokucindezelwa’ kwama-Israyeli ngaphansi kwabacindezeli baseGibithe ngezinsuku zikaMose. Ukuzindla ngendlela uJehova amazisa ngayo uMose izindlela zakhe zokukhulula kumelwe ukuba kwakha umuzwa wokubonga enhliziyweni kaDavide.
Singashukunyiselwa ekubeni sibe nomuzwa ofanayo wokubonga ngokucabanga ngokusebenzelana kukaNkulunkulu nama-Israyeli. Kodwa akufanele sikushaye indiva ukucabanga ngalokho izinceku zikaJehova zanamuhla eziye zabhekana nakho, njengalokho okukhulunywa ngakho esahlukweni 29 no-30 sencwadi ethi OFakazi BakaJehova—Abamemezeli BoMbuso KaNkulunkulu. Ukulandisa okukuyo nakwezinye izincwadi ze-Watch Tower Society kusenza sibone indlela uJehova aye wabasiza ngayo abantu bakhe banamuhla ukuba bakhuthazelele ukuboshwa, ukuhlaselwa izixuku, ukuvinjelwa, amakamu okuhlushwa namakamu okugqilazwa. Kuye kwaba novivinyo emazweni akhungethwe izimpi njengaseBurundi, eLiberia, eRwanda nasemazweni abeyiYugoslavia. Noma nini lapho kuye kwaba noshushiso, isandla sikaJehova siye sazisekela njalo izinceku zakhe ezithembekile. Ukucabanga ngale misebenzi kaNkulunkulu wethu omkhulu uJehova, kungenza kithi lokho okwenzeka kuDavide lapho ecabanga ngokulandisa kokukhululwa eGibithe.
Cabanga nangendlela uJehova asikhulula ngayo ngomusa emthwalweni wesono. Uye walungiselela “igazi likaKristu” ukuze ‘lihlanze onembeza bethu emisebenzini efile.’ (Heberu 9:14) Lapho siphenduka ezonweni zethu futhi sicela intethelelo ngesisekelo segazi likaKristu elachithwa, uNkulunkulu uzidedisela kude nathi iziphambeko zethu—kude “njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga”—futhi asibuyisele emseni wakhe. Futhi cabanga ngamalungiselelo kaJehova emihlangano yobuKristu, ubudlelwane obakhayo, abelusi ebandleni nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini esizithola ‘ngesigqila esikholekile nesiqondayo.’ (Mathewu 24:45) Ingabe yonke le misebenzi kaJehova ayisisizi ukuba siqinise ubuhlobo bethu naye? UDavide uyamemezela: “UJehova unobubele nesihawu; wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa. . . . Akasiphathi njengokufanele izono zethu, akasivuzi njengokwamacala ethu.” (IHubo 103:8-14) Ukuzindla ngokunakekela kothando kukaJehova ngokuqinisekile kungasishukumisela ekubeni simkhazimulise futhi sidumise igama lakhe elingcwele.
“Bongani UJehova Nina Misebenzi Yakhe Yonke”
Lapho “izinsuku zomuntu [“ofayo,” NW]” ziqhathaniswa nokungafi kukaJehova, “uNkulunkulu ongunaphakade,” zimfushane ngempela—“zinjengotshani.” Kodwa uDavide ucabanga ngokwazisa: “Umusa kaJehova uphezu kwabamesabayo kwaphakade kuze kube phakade, nokulunga kwakhe kubantwana babantwana, kubo abagcina isivumelwano sakhe bekhumbula iziyalezo zakhe ukuba bazenze.” (Genesise 21:33, umbhalo waphansi we-NW; IHubo 103:15-18) UJehova akabakhohlwa abamesabayo. Ngesikhathi esifanele, uyobanika ukuphila okumi phakade.—Johane 3:16; 17:3.
Ezwakalisa ukwazisa kwakhe ngobukhosi bukaJehova, uDavide uthi: “UJehova umisile isihlalo sakhe sobukhosi ezulwini; nombuso wakhe ubusa phezu kwakho konke.” (IHubo 103:19) Nakuba ubukhosi bukaJehova babonakaliswa ngokoqobo isikhathi esithile ngombuso wakwa-Israyeli, empeleni, isihlalo sakhe sobukhosi sisezulwini. Ngenxa yokuba kwakhe uMdali, uJehova unguMbusi Wendawo Yonke futhi usebenzisa intando yakhe yaphezulu ezulwini nasemhlabeni ngokwezinjongo zakhe.
UDavide uze anxuse nezidalwa zasezulwini eziyizingelosi. Uyahlabelela: “Bongani uJehova nina zingelosi zakhe, nina maqhawe anamandla enenza okwezwi lakhe nilalela ukukhuluma kwezwi lakhe. Bongani uJehova nina mabandla onke akhe, nina zinceku zakhe enenza intando yakhe. Bongani uJehova nina misebenzi yakhe yonke ezindaweni zonke zombuso wakhe. Mbonge uJehova, mphefumulo wami.” (IHubo 103:20-22) Ukucabanga ngezenzo zomusa wothando uJehova asenzele zona akufanele yini nathi kusishukumisele ekubeni simbonge? Kufanele ngempela! Futhi singaqiniseka ukuthi amaphimbo amazwi ethu okudumisa kwethu uNkulunkulu ngeke agqibeke phakathi kwengoma enamandla yabadumisi abahlanganisa ngisho nezingelosi ezilungileyo. Kwangathi singamdumisa ngomphefumulo wonke uBaba wethu osezulwini, sikhulume kahle ngaye njalo. Ngempela, masiwakhumbule njalo amazwi kaDavide athi, “Mbonge uJehova, mphefumulo wami.”
[Umbhalo waphansi]
a Amanye amagama ashintshiwe.
[Isithombe ekhasini 23]
UDavide wazindla ngezenzo zikaJehova zomusa wothando. Ingabe wenza kanjalo?