UJehova Uyakufanelekela Ukuba Simdumise Ngobunye
“Dumisani uJah!”—IHU. 111:1.
1, 2. Lisho ukuthini igama elithi “Haleluya,” futhi lisetshenziswe kanjani emiBhalweni YamaKristu YesiGreki?
“HALELUYA!” Leli gama livamile ukuzwakala emasontweni eLobukholwa. Abanye balisebenzisa ezingxoxweni zabo zansuku zonke lapho benanela okuthile. Nokho, bambalwa abayaziyo incazelo yalo engcwele futhi indlela yokuphila yabaningi abalisebenzisayo iyamhlambalaza uNkulunkulu. (Thithu 1:16) Esinye isichazamazwi seBhayibheli sithi elithi “‘Haleluya’ yigama elasetshenziswa abalobi bamahubo ahlukahlukene ukuze bamemele bonke abantu ukuba bahlanganyele nabo ekudumiseni uJehova.” Empeleni, izazi eziningana zeBhayibheli zibonisa ukuthi elithi “Haleluya” lisho ukuthi “‘Dumisani uJah,’ [okungukuthi] uJehova.”
2 Yingakho INguqulo Yezwe Elisha ihumusha inkulumo etholakala kumaHubo 111:1 ngokuthi “Dumisani uJah!” Inkulumo yesiGreki efana nale ivela izikhathi ezine encwadini yesAmbulo 19:1-6 lapho kuhalaliselwa ukubhujiswa kwenkolo yamanga. Lapho lokhu kwenzeka, abakhulekeli beqiniso bayoba nesizathu esikhethekile sokusebenzisa leli gama elithi “Haleluya” ngendlela ehloniphekile.
Imisebenzi Yakhe Emikhulu
3. Iyini injongo eyinhloko yokubuthana kwethu njalo?
3 Umlobi weHubo 111 unikeza izizathu eziningi ezenza uJehova akufanelekele kakhulu ukuba simdumise ngobunye. Ivesi 1 lithi: “Ngizomdumisa uJehova ngayo yonke inhliziyo yami eqenjini elisondelene labaqotho nasenhlanganweni.” Namuhla oFakazi BakaJehova bazizwa ngendlela efanayo. Injongo eyinhloko yokubuthana kwethu njalo, emabandleni nasemihlanganweni emikhulu, iwukudumisa uJehova.
4. Abantu bangayifuna kanjani imisebenzi kaJehova?
4 “Imisebenzi kaJehova mikhulu ifunwa yibo bonke abayijabulelayo.” (IHu. 111:2) Phawula igama elithi “ifunwa.” Ngokwenye incwadi, leli vesi lingasebenza kubantu “abazindla futhi batadishe” ngemisebenzi kaNkulunkulu “ngokuzimisela nangokuzinikela.” Indalo kaJehova ibonisa ukuthi unenjongo emangalisayo ngayo. Wabeka ilanga, umhlaba nenyanga endaweni yako, kwaqhelelana ngamabanga afanele ukuze umhlaba wethu ufudumale, uthole ukukhanya futhi kube nobusuku nemini, izinkathi zonyaka ezihlukahlukene nokungenisa nokuhlehla kolwandle.
5. Ukuyiqonda komuntu kangcono indawo yonke kuye kwembulani?
5 Ososayensi baye bafunda okuningi ngendawo umhlaba omi kuyo esimisweni sethu sonozungezilanga kanye nendlela umzila, ubukhulu nesisindo senyanga enkulu okuzuzisa ngayo umhlaba. Indawo lezi zinto ezibekwe kuyo nokusebenzelana kwazo kwenza kube nezinkathi zonyaka ezijabulisayo. Kuye kwafundwa okuningi ngokuklanywa ngobunyoninco kwamandla emvelo asendaweni yonke. Esihlokweni esithi “Indawo Yonke Eklanywe ‘Kahle,’” uprofesa ongunjiniyela wemishini washukumiseleka ukuba athi: “Kulula ukuqonda isizathu esiye senza ososayensi abaningi eminyakeni engu-30 edlule ukuba bashintshe imiqondo yabo, bavume ukuthi umuntu kumelwe abe nokholo impela ukuze akholelwe ukuthi indawo yonke ingachazwa nje kalula ngokuthi yazivelela ngengozi. Njengoba siqhubeka siqonda indlela umhlaba wethu oklanywe ngayo ngobunyoninco, siba nobufakazi obuningi bokuthi kunomklami ohlakaniphile.”
6. Indlela uNkulunkulu adale ngayo umuntu ikwenza uzizwe kanjani?
6 Indlela esidalwe ngayo ingomunye wemisebenzi kaNkulunkulu emikhulu. (IHu. 139:14) Wadala abantu baba nekhono lokucabanga, umzimba onazo zonke izitho ezidingekayo, amakhono kanye namandla okusebenza. Ngokwesibonelo, siyamangalisa isipho sokukhuluma nokulalela, sokubhala nokufunda esazinikwa uNkulunkulu. Abantu abaningi banazo lezi zipho. Unesinye futhi isipho esiwubuciko—umzimba okwazi ukuma uqonde. Phela indlela umzimba oklanywe ngayo, ukukwazi kwawo ukuzimela, ukunyakaza kwezitho zawo nezinqubo ezenzeka ngaphakathi kuwo kusishiya sikhexile. Ngaphezu kwalokho, izinto eziye zenziwa ososayensi aziliboni elidlalayo uma ziqhathaniswa nenxanxathela yamangqamuzana obuchopho enza ukuba ingqondo nezinzwa zakho zikwazi ukusebenza. Empeleni, lokho abantu abakwazi ukukwenza kungenxa yengqondo nezinzwa esiziphiwe. Ngisho nonjiniyela ofunde wagogoda nochwepheshile akasoze akwazi ukuklama into enhle newusizo njengeminwe yethu eyishumi. Zibuze, ‘Abantu bebengakwazi yini ukwenza izinto eziwubuciko nokwakha izakhiwo ezimangalisayo ukube bebengenayo le minwe ewusizo abayiphiwe uNkulunkulu?’
Imisebenzi KaNkulunkulu Emikhulu Nezimfanelo Zakhe
7. Kungani kufanele sibheke iBhayibheli njengomunye wemisebenzi kaNkulunkulu emikhulu?
7 Imisebenzi kaJehova emikhulu ihlanganisa nezinye izinto ezimangalisayo aye wazenzela isintu ezichazwe eBhayibhelini. Yona le ncwadi iwubuciko isibili futhi ukuvumelana kwayo kuyamangalisa. Ngokungafani nezinye izincwadi, “iphefumulelwe uNkulunkulu futhi inenzuzo yokufundisa” ngempela. (2 Thim. 3:16) Ngokwesibonelo, uGenesise, incwadi yokuqala yeBhayibheli, uchaza indlela uNkulunkulu ahlanza ngayo umhlaba ngokubhubhisa abantu ababi ezinsukwini zikaNowa. U-Eksodusi, oyincwadi yesibili, ubonisa indlela uJehova alwela ngayo isikhundla sakhe njengoNkulunkulu ngokukhulula ama-Israyeli ebugqilini baseGibhithe. Cishe umhubi wayecabanga ngalezi zenzakalo lapho ethi: “Umsebenzi [kaJehova] uyisithunzi nobukhazikhazi, nokulunga kwakhe kumi phakade. Wenzele imisebenzi yakhe emangalisayo isikhumbuzo. UJehova unomusa futhi unesihe.” (IHu. 111:3, 4) Awuvumi yini ukuthi umsebenzi uJehova aye wawenza kuwo wonke umlando, ohlanganisa nezinto aye wazenza esikhathini sakho, uyisikhumbuzo ‘sesithunzi nobukhazikhazi’ bakhe?
8, 9. (a) Imisebenzi kaNkulunkulu ihluke ngaziphi izindlela emisebenzini yabantu eminingi? (b) Yiziphi ezinye zezimfanelo zikaNkulunkulu ozazisayo?
8 Phawula ukuthi umhubi ugcizelela nezimfanelo zikaJehova ezinhle, njengokulunga, umusa nesihe. Uyazi ukuthi akuvamile ukuba isintu esinesono senze izinto ezisekelwe ekulungeni. Zivame ukushukunyiswa ukuhaha, umhawu nokuqhosha. Lokhu kuba sobala lapho ubheka izikhali eziyingozi ezenziwa abantu ukuze bazisebenzise ezimpini abazidalayo nokuba bagaye imali. Lezi zikhali ziletha usizi nokwesaba okukhulu ezigidini zezisulu ezingenacala. Izinto eziningi eziye zafezwa abantu ziye zafezwa ngokuxhaphaza abampofu. Isibonelo esingase sishiwo abaningi siwukusetshenziswa kwezigqila ekwakhiweni kwemibhoshongo yaseGibhithe engonxantathu eyayisetshenziswa ngokuyinhloko njengamathuna oFaro abaqhoshayo. Ngaphezu kwalokho, imisebenzi yabantu eminingi namuhla ayigcini ngokucindezela abantu, kodwa ‘ichitha nomhlaba.’—Funda isAmbulo 11:18.
9 Yeka ukuthi ihluke kangakanani emisebenzini kaJehova, yona esekelwe ekulungeni ngaso sonke isikhathi! Imisebenzi yakhe ihlanganisa ilungiselelo lomusa lokusindisa isintu esinesono. Lapho elungiselela isihlengo, uNkulunkulu ‘wayebonisa ukulunga kwakhe siqu.’ (Roma 3:25, 26) Ngempela, ‘ukulunga kwakhe kumi phakade’! Umusa wakhe uye wawubonisa ngokubekezela lapho esebenzelana nabantu abanesono. Ngezinye izikhathi wayeze asebenzise igama elithi “ngiyacela” lapho ebancenga ukuba baphenduke ezindleleni zabo eziyingozi futhi benze okulungile.—Funda uHezekeli 18:25.
Uyazifeza Izithembiso Zakhe
10. Isiphi isibonelo sokwethembeka uJehova asibeka ngokuqondene nesivumelwano asenza no-Abrahama?
10 “Uniké labo abamesabayo ukudla. Isivumelwano sakhe uyosikhumbula kuze kube nini nanini.” (IHu. 111:5) Kuleli vesi kubonakala sengathi umhubi wayekhuluma ngesivumelwano sika-Abrahama. UJehova wathembisa ukubusisa inzalo ka-Abrahama futhi wathi yayiyokudla ifa lesango lezitha zayo. (Gen. 22:17, 18; IHu. 105:8, 9) Inzalo ka-Abrahama yaba isizwe sakwa-Israyeli lapho lezo zithembiso zigcwaliseka okokuqala. Leso sizwe sagqilazwa isikhathi eside eGibhithe, kodwa “uNkulunkulu wasikhumbula isivumelwano sakhe asenza no-Abrahama” futhi wasikhulula. (Eks. 2:24) Indlela uJehova abe asesebenzelana ngayo naso ibonisa ukuthi uphana kangakanani. Wasinika ukudla okungokwenyama ukuze siphile, nokungokomoya ukuze sondle izingqondo nezinhliziyo zaso. (Dut. 6:1-3; 8:4; Neh. 9:21) Emakhulwini eminyaka alandela, lesi sizwe samfulathela kaningi uNkulunkulu yize athuma abaprofethi ukuba basinxuse ukuba siphenduke. Ngemva kweminyaka engaphezu kwengu-1 500 ekhulule ama-Israyeli eGibhithe, uNkulunkulu wathumela iNdodana yakhe ezelwe yodwa emhlabeni. Iningi lamaJuda lamenqaba uJesu futhi lavumela ukuba abulawe. UJehova wabe esakha isizwe esisha, esingokomoya, “u-Israyeli kaNkulunkulu.” Sikanye noKristu, leso sizwe sakha inzalo ka-Abrahama engokomoya, uJehova abikezela ukuthi wayeyoyisebenzisa ekubusiseni isintu.—Gal. 3:16, 29; 6:16.
11. UJehova uqhubeka kanjani ‘ekhumbula isivumelwano’ asenza no-Abrahama?
11 UJehova uyaqhubeka ‘ekhumbula isivumelwano sakhe’ nezibusiso azithembisa ngalesi sivumelwano. Namuhla, ulungiselela insada yokudla okungokomoya ngezilimi ezingaphezu kuka-400. Uyaqhubeka ephendula nemithandazo yethu lapho sicela ukuba asinakekele ngokwenyama, ngokuvumelana nala mazwi: “Siphe isinkwa sethu sosuku ngokwesidingo sosuku.”—Luka 11:3; IHu. 72:16, 17; Isaya 25:6-8.
Amandla KaJehova Amangalisayo
12. U-Israyeli wasendulo wanikezwa kanjani “ifa lezizwe”?
12 “Wazisé abantu bakhe ngamandla emisebenzi yakhe, ngokubanika ifa lezizwe.” (IHu. 111:6) Esinye sezenzakalo eziphawulekayo emlandweni wama-Israyeli okungenzeka umhubi wayecabanga ngaso ukukhululwa kwawo ngokuyisimangaliso eGibhithe. Lapho uJehova egcina ewavumele ukuba angene eZweni Lesithembiso, akwazi ukunqoba imibuso esempumalanga nesentshonalanga yoMfula iJordani. (Funda uNehemiya 9:22-25.) Yebo, uJehova wanika u-Israyeli “ifa lezizwe.” Yeka indlela uNkulunkulu awabonakalisa ngayo amandla akhe!
13, 14. (a) Ikuphi ukubonakaliswa kwamandla kaNkulunkulu ngokuqondene neBhabhiloni okungenzeka umhubi wayecabanga ngakho? (b) Iziphi ezinye izenzo ezinkulu zokukhulula uJehova aye wazenza?
13 Nokho, njengoba sazi, ama-Israyeli awazange amhloniphe uNkulunkulu noma okhokho bawo u-Abrahama, u-Isaka noJakobe naphezu kwakho konke uJehova ayewenzele khona. Aqhubeka ehlubuka kwaze kwaba yilapho uNkulunkulu esebenzisa abaseBhabhiloni ukuba bawasuse ezweni lawo bawayise ekudingisweni. (2 IziKr. 36:15-17; Neh. 9:28-30) Ezinye izazi zeBhayibheli zisikisela ukuthi umlobi weHubo 111 waphila ngemva kokuba ama-Israyeli ebuye ekuthunjweni eBhabhiloni. Uma kunjalo, wayenesinye isizathu sokudumisa uJehova ngenxa yobuqotho namandla aKhe. UNkulunkulu wakubonisa lokhu ngokukhulula amaJuda eBhabhiloni—umbuso owawunomthetho wokungazikhululi izithunjwa.—Isaya 14:4, 17.
14 Ngemva kweminyaka engaba amakhulu amahlanu, uJehova wasebenzisa amandla akhe ngendlela enkulu nakakhulu ngokukhulula abantu abaphendukayo ebugqilini besono nokufa. (Roma 5:12) Omunye umphumela walokho waba ukuvulelwa kwabantu abangu-144 000 ithuba lokuba abalandeli bakaKristu abagcotshwe ngomoya. Ngo-1919, uJehova wasebenzisa amandla akhe ukuze akhulule insali encane yalabo balandeli abagcotshiwe ekuthunjweni inkolo yamanga. Izinto ezenzayo phakathi nalesi sikhathi sokuphela zingafezwa kuphela ngamandla kaNkulunkulu. Uma izibonakalisa ithembekile kuze kube sekufeni, iyobusa umhlaba noJesu Kristu ezulwini ukuze kuzuze abantu abaphendukile. (IsAm. 2:26, 27; 5:9, 10) Ngokungafani no-Israyeli wasendulo, wonke umhlaba uyoba ifa layo.—Math. 5:5.
Izimiso Zaphakade Ezithembekile
15, 16. (a) Yini enye ephakathi kwemisebenzi yezandla zikaNkulunkulu? (b) Iziphi iziqondiso uNkulunkulu azinika u-Israyeli wasendulo?
15 “Imisebenzi yezandla zakhe iyiqiniso nokwahlulela; ithembekile yonke imiyalo ayinikezayo, isekelwé kahle phakade, kuze kube nini nanini, yenziwe ngeqiniso nangobuqotho.” (IHu. 111:7, 8) Le ‘misebenzi yezandla zikaJehova’ ihlanganisa nezibhebhe zamatshe ezimbili ezazinemithetho eyishumi ebalulekile eyayibhalelwe ama-Israyeli. (Eks. 31:18) Le mithetho, kanye nazo zonke iziqondiso ezaba ingxenye yesivumelwano soMthetho KaMose, isekelwe ezimisweni zaphakade ezithembekile.
16 Ngokwesibonelo, omunye wemiyalo, noma imithetho, eyayikulezo zibhebhe wawuthi: “Mina Jehova uNkulunkulu wakho nginguNkulunkulu ofuna ukuzinikela kimi kuphela.” Uqhubeka uthi uJehova ubonisa “umusa wothando esizukulwaneni senkulungwane kulabo [abamthandayo] bagcine imiyalo [yakhe].” Lezi zibhebhe zaziqukethe nezimiso ezingaphelelwa isikhathi ezinjengalezi: “Hlonipha uyihlo nonyoko,” “ungebi” kanye nomthetho owenqabela ukufisa izinto zabanye abantu obonisa ukuqonda kukaNkulunkulu okujulile.—Eks. 20:5, 6, 12, 15, 17.
Umkhululi Wethu Ongcwele Nowesabekayo
17. Iziphi izizathu ama-Israyeli ayenazo zokuphatha igama likaNkulunkulu njengelingcwele?
17 “Uthumelé ukukhululwa kubantu bakhe. Uyalé isivumelwano sakhe kuze kube nini nanini. Igama lakhe lingcwele futhi liyesabeka.” (IHu. 111:9) Nalapha kungenzeka ukuthi umhubi wayecabanga ngokwethembeka kukaJehova esivumelwaneni ayesenze no-Abrahama. Ngenxa yalokho, uJehova akazange abalahle abantu bakhe lapho beyizigqila eGibhithe lasendulo nalapho kamuva beyizithunjwa eBhabhiloni. Kuzo zombili lezi zimo, uJehova wabakhulula. Ngisho noma kwakuyilezi zinto ezimbili kuphela uNkulunkulu azenza, u-Israyeli kwakufanele aphathe igama likaNkulunkulu njengelingcwele.—Funda u-Eksodusi 20:7; amaRoma 2:23, 24.
18. Kungani unomuzwa wokuthi ukubizwa ngegama likaNkulunkulu kuyilungelo?
18 Nanamuhla kulindeleke okufanayo kumaKristu aye akhululwa ebugqilini obungenathemba besono nokufa. Kufanele senze konke okusemandleni ukuze siphile ngokuvumelana nesicelo sokuqala esisemthandazweni oyisibonelo: “Malingcweliswe igama lakho.” (Math. 6:9) Ukuzindla ngalelo gama elikhazimulayo kufanele kusenze simesabe nangokwengeziwe uNkulunkulu. Umlobi weHubo 111 wayenombono onembile ngokwesaba uNkulunkulu, wathi: “Ukwesaba uJehova kungukuqala kokuhlakanipha. Bonke abayenzayo [abagcina imiyalo yakhe] banokuqondisisa okuhle.”—IHu. 111:10.
19. Sizoxoxa ngani esihlokweni esilandelayo?
19 Ukwesaba uNkulunkulu okunempilo kuyosisiza ukuba sizonde okubi. Kuyosisiza nokuba silingise izimfanelo zikaNkulunkulu ezinhle eziboniswe encwadini yamaHubo 112 esizoyidingida esihlokweni esilandelayo. Lelo hubo libonisa indlela esingakufanelekela ngayo ukuba phakathi kwezigidi eziyojabulela ukudumisa uNkulunkulu phakade futhi akeve ekufanelekela lokho. “Udumo lwakhe lumi kuze kube phakade.”—IHu. 111:10.
Imibuzo Yokuzindla
• Kungani uJehova ekufanelekela ukuba simdumise ngobunye?
• Iziphi izimfanelo zikaJehova ezembulwa imisebenzi yakhe?
• Ulibheka kanjani ilungelo lokubizwa ngegama likaNkulunkulu?
[Isithombe ekhasini 20]
Injongo eyinhloko yokubuthana kwethu njalo iwukudumisa uJehova
[Isithombe ekhasini 23]
Yonke imithetho kaJehova isekelwe ezimisweni zaphakade ezithembekile