-
Abalungileyo Bayodumisa UNkulunkulu PhakadeINqabayokulinda—2009 | Mashi 15
-
-
Ngeke esabe ngisho nezindaba ezimbi. Inhliziyo yakhe igxilile, yenziwé yathembela kuJehova.
-
-
Abalungileyo Bayodumisa UNkulunkulu PhakadeINqabayokulinda—2009 | Mashi 15
-
-
Akukaze emlandweni kube nezindaba ezimbi eziningi kangaka njengezimpi, ubuphekula, izifo ezintsha nokuvumbuka kwezindala, ubugebengu, ubuphofu nokungcoliswa komhlaba. Labo uNkulunkulu ababheka njengabalungile nabo ziyabathinta lezi zindaba ezimbi, kodwa azibakhwantabalisi. Kunalokho, izinhliziyo zabo ‘zigxilile’ futhi ‘azinakunyakaziswa’ njengoba belindele ikusasa ngokuqiniseka, bazi ukuthi izwe elisha likaNkulunkulu lokulunga liseduze. Uma kugadla inhlekelele, bakwazi kangcono ukubhekana nesimo ngoba bancika kuJehova ukuba abasekele.
-
-
Abalungileyo Bayodumisa UNkulunkulu PhakadeINqabayokulinda—2009 | Mashi 15
-
-
16 Abalungileyo bakaNkulunkulu kuye kwadingeka babekezelele nenzondo namanga asakazwa abaphikisi, kodwa lokhu kwehlulekile ukuthulisa amaKristu eqiniso, futhi kusazokwehluleka. Izinceku zikaNkulunkulu ziyaqhubeka zigxilile zinganyakaziswa emsebenzini eziwunikwe uJehova—ukushumayela izindaba ezinhle zoMbuso nokwenza bonke abantu abalalelayo babe abafundi.
-