“Ngubani OnjengoJehova UNkulunkulu Wethu?”
“Ngubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu, ohlezi phezulu?”—IHUBO 113:5.
1, 2. (a) OFakazi BakaJehova bambheka kanjani uNkulunkulu neBhayibheli? (b) Yimiphi imibuzo okufanele siyicabangele?
BABUSISIWE ngempela abadumisa uJehova. Yeka ilungelo okuyilo ukuba kulesixuku esijabulayo! NjengoFakazi bakhe, samukela izeluleko, imithetho, izimfundiso, izithembiso, neziprofetho zeZwi likaNkulunkulu, iBhayibheli. Siyajabula ngokufunda imiBhalo ‘nangokufundiswa nguJehova.’—Johane 6:45.
2 Ngenxa yenhlonipho yabo ejulile ngoNkulunkulu, oFakazi BakaJehova bangabuza: “Ngubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu?” (IHubo 113:5) Lawomazwi omhubi ahilela ukholo. Kodwa kungani oFakazi benokholo olunjalo kuNkulunkulu? Futhi banaziphi izizathu zokudumisa uJehova?
Ukholo Nodumo Kuyafaneleka
3. Ayini amaHubo Okudumisa, futhi kungani ebizwa kanjalo?
3 Ukuba nokholo kuJehova kuyafaneleka ngoba unguNkulunkulu oyingqayizivele. Lokhu kugcizelelwa kumaHubo 113, 114, no-115, okuyingxenye yamaHubo ayisithupha okuDumisa. NgokweQembu Labalandeli bakaHillel lorabi, amaHubo 113 no-114 ayehlatshelelwa phakathi nesidlo sePhasika lamaJuda ngemva kokuba sekuthelwe indebe yesibili yewayini futhi kwakuchazwa ukubaluleka kwalomkhosi. AmaHubo 115 kuya ku-118 ayehlatshelelwa ngemva kwendebe yesine yewayini. (Qhathanisa noMathewu 26:30.) Abizwa ngokuthi “AmaHubo okuDumisa” ngoba asebenzisa ngokuphindaphindiwe isibabazo esithi Haleluya!—“Dumisani uJah!”
4 .Lisho ukuthini igama elithi “Haleluya,” futhi livela kaningi kangakanani eBhayibhelini?
4 Igama elithi “Haleluya!” liwukuhunyushwa kwezwi nezwi kwenkulumo yesiHeberu evela izikhathi ezingu-24 kumaHubo. Kwenye indawo eBhayibhelini, isimo sayo sesiGreki sivela izikhathi ezine ngokuqondene nenjabulo eyatholakala ngokubhujiswa kweBabiloni Elikhulu, umbuso wezwe wenkolo yamanga, nokujabula okuhlobene nokuqala kokubusa kukaJehova uNkulunkulu njengeNkosi. (IsAmbulo 19:1-6) Njengoba manje sihlola amathathu alamaHubo okuDumisa, singazicabanga sihlabelela lezingoma ngokwethu ekudumiseni uJehova.
Dumisani UJah!
5. IHubo 113 liphendula muphi umbuzo, futhi usebenza kobani kakhulukazi umyalo okumaHubo 113:1, 2?
5 IHubo 113 liphendula umbuzo othi, Kungani kumelwe kudunyiswe uJehova? Livula ngalomyalo: “Haleluya! [“Dumisani uJah,” NW] Dumisani nina-zinceku zikaJehova, nidumise igama likaJehova. Malibongwe igama likaJehova kusukela kulesisikhathi kuze kube-phakade.” (IHubo 113:1, 2) “Haleluya!” Yebo, “Dumisani uJah!” Lowomyalo usebenza ikakhulukazi kubantu bakaNkulunkulu ‘kulesikhathi sokugcina.’ (Daniyeli 12:4) Kusukela manje kuqhubeke kuze kube phakade, igama likaJehova liyophakanyiswa emhlabeni wonke. OFakazi bakhe manje bamemezela ukuthi uJehova unguNkulunkulu, uKristu uyiNkosi, nokuthi uMbuso usumisiwe ezulwini. USathane uDeveli nenhlangano yakhe ngeke bakuvimbele lokhu kudunyiswa kukaJehova.
6. UJehova udunyiswa kanjani “kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube-sekushoneni kwalo”?
6 Ingoma yokudumisa iyoqhubeka kuze kube yilapho uJehova eyenza igcwalise umhlaba. “Kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube-sekushoneni kwalo igama likaJehova malidunyiswe.” (IHubo 113:3) Lokhu kusho okungaphezu nje kokukhuleka kwansuku zonke kwezidalwa ezithile zasemhlabeni. Ilanga liphuma empumalanga futhi lishone entshonalanga, lihlanganisa umhlaba wonke. Nomaphi lapho ilanga likhanyisa khona, ngokushesha igama likaJehova liyodunyiswa yibo bonke abantu abakhululiwe ebugqilini benkolo yamanga nobenhlangano kaSathane. Eqinisweni, lengoma engeke iphele manje ihlatshelelwa oFakazi BakaJehova abagcotshiwe nalabo abayoba abantwana basemhlabeni beNkosi yakhe, uJesu Kristu. Yeka ilungelo abanalo njengabahlabeleli bezindumiso zikaJehova!
UJehova Akanakuqhathaniswa
7. Yiziphi izici ezimbili zokuphakama kukaJehova eziphawulwe kumaHubo 113:4?
7 Umhubi uyanezela: “UJehova uphakeme phezu kwezizwe zonke, inkazimulo yakhe iphezu kwezulu.” (IHubo 113:4) Lokhu kuletha ukunakekela ezicini ezimbili zokuphakama kukaNkulunkulu: (1) KuJehova, oPhakeme, ‘ophakeme phezu kwezizwe zonke,’ zifana nethonsi esitsheni nanjengothuli nje esilinganisweni; (Isaya 40:15; Daniyeli 7:18) (2) inkazimulo yakhe ingaphezu kweyamazulu angokoqobo, ngoba izingelosi zenza intando yakhe ephakeme.—IHubo 19:1, 2; 103:20, 21.
8. Kungani futhi kukanjani uJehova ezithoba ukuze aqaphele izindaba ezulwini nasemhlabeni?
8 Eshukunyiswe ukuphakama kukaNkulunkulu, umhubi wathi: “Ngubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu, ohlezi phezulu, ozithoba ukubona ezulwini nasemhlabeni, na?” (IHubo 113:5, 6) UNkulunkulu uphakeme kakhulu kangangokuba kumelwe azithobe ukuze aqaphele izindaba ezulwini nasemhlabeni. Nakuba kungekho muntu uJehova angaphansi kwakhe noma bengekho abanye abathobelayo, ubonisa ukuthobeka ngokuba nesihe nesihawu ezonini ezithobekile. Ukunikela ngeNdodana yakhe, uJesu Kristu, ‘njengenhlawulo’ yamaKristu agcotshiwe kanye neyezwe lesintu kuwukubonakaliswa kokuthobeka kukaJehova.—1 Johane 2:1, 2.
UJehova Unesihawu
9, 10. UNkulunkulu ukwenza kanjani ‘ukuphakamisa ompofu, ukuze amhlalise nezikhulu’?
9 Egcizelela isihawu sikaNkulunkulu, umhubi unezela ukuthi uJehova “uyavusa odingayo othulini, aphakamise ompofu ezaleni, ukuze amhlalise nezikhulu, yebo, izikhulu zabantu bakhe. Inyumba uyayipha ukuphatha umuzi, ibe-ngunina othokozayo wabantwana. Haleluya!” (IHubo 113:7-9) Abantu bakaJehova banokholo lokuthi angabakhulula abaqotho abaswele, ashintshe isimo sabo, futhi anelise izidingo zabo ezifanelekile nezifiso. ‘Ophakamileyo nophezulu, uvuselela umoya wabathobekileyo nezinhliziyo zabachotshoziweyo.’—Isaya 57:15.
10 UJehova ‘umphakamisa kanjani ompofu, ukuze amhlalise nezikhulu’? Uma kuyintando kaNkulunkulu, ubeka izinceku zakhe ezikhundleni ezinenkazimulo elinganayo neyezikhulu. Wenza kanjalo endabeni kaJosefa, owaba umphathi wokudla waseGibithe. (Genesise 41:37-49) KwaIsrayeli ukuhlala nezikhulu, noma amadoda anegunya phakathi kwabantu bakaJehova, kwakuyilungelo elaziswayo. Njengabadala abangamaKristu namuhla, amadoda anjalo ayethola usizo nesibusiso sikaNkulunkulu.
11. Kungani kungase kuthiwe iHubo 113:7-9 lisebenza ngokukhethekile kubantu bakaJehova bezikhathi zanamuhla?
11 Kuthiwani ‘ngokwenza inyumba ibe ngumama othokozayo’? UNkulunkulu wanika uHana oyinyumba indodana—uSamuweli, leyo ayinikela enkonzweni yaKhe. (1 Samuweli 1:20-28) Okubaluleke nangaphezulu, kusukela kuJesu nasekuthululweni komoya ongcwele kubafundi bakhe ngePentekoste lika-33 C.E., owesifazane kaNkulunkulu ongokomfanekiso, iSiyoni lasezulwini, waqala ukuveza abantwana abangokomoya. (Isaya 54:1-10, 13; IzEnzo 2:1-4) Futhi njengoba nje uNkulunkulu abuyisela amaJuda ezweni lawo ngemva kokuthunjelwa eBabiloni, ngo-1919 wakhulula insali egcotshiwe ‘kaIsrayeli kaNkulunkulu’ ekuthunjweni yiBabiloni futhi uye wayibusisa kakhulu ngokomoya kangangokuthi amazwi eHubo 113:7-9 asebenza kuyo. (Galathiya 6:16) NjengoFakazi BakaJehova abathembekile, insali kaIsrayeli ongokomoya nabangane bayo abanamathemba asemhlabeni basabela ngokusuka enhliziyweni emazwini okugcina eHubo 113 (NW): “Dumisani uJehova, nina-bantu!”
Ubufakazi Bokuba KukaJehova Yingqayizivele
12. IHubo 114 likubonisa kanjani ukuba yingqayizivele kukaJehova?
12 IHubo 114 libonisa ukuba kukaJehova yingqayizivele ngokucaphuna izenzakalo eziyingqayizivele ezihilela amaIsrayeli. Umhubi wahlabelela: “Kwathi ukuba uIsrayeli aphume eGibithe, indlu kaJakobe kubantu bolunye ulimi, khona uJuda waba-yindlu yakhe engcwele, uIsrayeli waba-ngumbuso wakhe.” (IHubo 114:1, 2) UNkulunkulu wakhulula uIsrayeli ebugqilini babaseGibithe, abalulimi lwabo lwalungaziwa ezindlebeni zamaIsrayeli. Ukukhululwa kwabantu bakaJehova, ababizwa ngokuthi uJuda noIsrayeli ngendlela esankondlo, kubonisa ukuthi uNkulunkulu angazikhulula zonke izinceku zakhe namuhla.
13. IHubo 114:3-6 likubonisa kanjani ukuphakama kukaJehova futhi lisebenza kanjani kokuhlangenwe nakho kukaIsrayeli wasendulo?
13 Ubukhosi bukaJehova phezu kwayo yonke indalo bubonakala kulamazwi: “Ulwandle lwakubona, lwabaleka, iJordani labuyiselwa emuva. Izintaba zatshekula njengezinqama, amagquma njengamawundlu. Unani wena-lulwandle ukuba ubaleke, nawe-Jordani ukuba ubuyiselwe emuva, nani-zintaba ukuba nitshekule njengezinqama, nani-magquma eninjengamawundlu, na?” (IHubo 114:3-6) ULwandle Olubomvu “lwabaleka” lapho uNkulunkulu evulela abantu bakhe indlela phakathi kwalo. Khona-ke uIsrayeli wabona ingalo kaJehova enkulu isebenza ngokumelene nabaseGibithe abafa emanzini ayephindela endaweni yawo. (Eksodusi 14:21-31) Ekubonakalisweni okufanayo kwamandla aphezulu, uMfula iJordani ‘wabuyiselwa emuva,’ uvumela amaIsrayeli ukuba awelele eKhanani. (Joshuwa 3:14-16) “Izintaba zatshekula njengezinqama” njengoba iNtaba yaseSinayi yayithunqa futhi izamazama lapho kumiswa uMthetho wesivumelwano. (Eksodusi 19:7-18) Njengoba umvuthwandaba wengoma yakhe ususeduze, umhubi ubeka indaba ngesimo sombuzo, mhlawumbe esikisela ukuthi ulwandle olungaphili, umfula, izintaba, namagquma kwagcwala ukwesaba ngalokhu kubonakaliswa kwamandla kaJehova.
14. Yini eyenziwa ngamandla kaJehova eMeriba naseKadeshi, futhi lokhu kufanele kuzithinte kanjani izinceku zakhe zosuku lwanamuhla?
14 Esabhekisela emandleni kaJehova, umhubi wahlabelela: “Thuthumela, mhlaba, ebusweni beNkosi, ebusweni bukaNkulunkulu kaJakobe, yena ophendula idwala libe-yichibi lamanzi, insengetsha ibe-ngumthombo wamanzi.” (IHubo 114:7, 8) Ngendlela engokomfanekiso, umhubi ubonisa ukuthi isintu kufanele simesabe uJehova, iNkosi noMbusi Wendawo Yonke wawo wonke umhlaba. ‘WayenguNkulunkulu kaJakobe,’ noma uIsrayeli, njengoba nje engokaIsrayeli ongokomoya nabangane bakhe basemhlabeni. EMeriba naseKadeshi ehlane, uJehova wabonisa amandla akhe ngokunikeza uIsrayeli amanzi ngokuyisimangaliso, ‘ephendula idwala liba-yichibi lamanzi, insengetsha iba-ngumthombo wamanzi.’ (Eksodusi 17:1-7; Numeri 20:1-11) Izikhumbuzo ezinjalo zamandla kaJehova asabekayo nokunakekela kothando kunikeza oFakazi bakhe izizathu ezizwakalayo zokukholelwa kuye ngokungangabazi.
Akafani Nonkulunkulu Bezithombe
15. IHubo 115 kumelwe ukuba lalihlatshelelwa kanjani?
15 IHubo 115 lisikhuthaza ukuba sidumise futhi sethembe uJehova. Lithi ungumthombo wesibusiso nosizo futhi libonisa ukuthi izithombe azisizi. Kungenzeka ukuthi lelihubo lalihlatshelelwa ngendlela yokunikezelana kwamaqembu amabili. Okungukuthi, elinye iphimbo lalingase lihlabelele: “Nina enimesabayo uJehova thembani kuJehova.” Kungenzeka ibandla laphendula lathi: “Yena ulusizo lwabo nesihlangu sabo.”—IHubo 115:11.
16. Yimuphi umehluko ongavezwa phakathi kukaJehova nezithombe zezizwe?
16 Inkazimulo akufanele ize kithi kodwa kufanele iye egameni likaJehova, uNkulunkulu onomusa wothando, noma uthando oluqotho, neqiniso. (IHubo 115:1) Izitha zingase ngendlela yokuhleka usulu zibuze: “Uphi . . . uNkulunkulu wabo na?” Kodwa abantu bakaJehova bangaphendula: “UNkulunkulu wethu usezulwini; wenza konke akuthandayo.” (Amavesi 2, 3) Nokho, izithombe zezizwe ngeke zenze lutho ngoba ziyimifanekiso yesiliva negolide engumsebenzi wezandla zomuntu. Naphezu kokuba nemilomo, amehlo, nezindlebe, azikhulumi, aziboni, futhi azizwa. Zinamakhala kodwa azihogeli, zinezinyawo kodwa azikwazi ukuhamba, futhi zinemiphimbo kodwa azikwazi ukukhuluma. Labo abenza izithombe ezingenalusizo kanye nalabo abazethembayo abayikuba nakuphila njengazo.—Amavesi 4-8.
17. Njengoba abafileyo bengenakumdumisa uJehova, yini okumelwe siyenze, futhi sinamaphi amathemba?
17 Ngokulandelayo kunikezwa umyalo wokuthembela kuJehova njengoMsizi nesiHlangu esivikelayo sikaIsrayeli, sendlu ka-Aroni yobupristi, nesabo bonke abesaba uNkulunkulu. (IHubo 115:9-11) Njengalabo abesaba uJehova, sinenhlonipho ejulile ngoNkulunkulu nokwesaba okunempilo ukumdumaza. Futhi sinokholo lokuthi ‘uMenzi wezulu nomhlaba’ uyababusisa abakhulekeli bakhe abaqotho. (Amavesi 12-15) Amazulu ayindawo yesihlalo sakhe sobukhosi, kodwa uNkulunkulu uye wenza umhlaba waba ikhaya laphakade lesintu esithembekile nesilalelayo. Njengoba abafileyo abangakhulumi, abangezwa lutho bengenakumdumisa uJehova, thina, esiphilayo, kufanele senze kanjalo ngakho konke ukuzinikela nobuqotho. (UmShumayeli 9:5) Yilabo kuphela abadumisa uJehova abayojabulela ukuphila okuphakade futhi bakwazi ‘ukudumisa uJah’ phakade, bakhulume okuhle ngaye “kuze kube-phakade.” Ngakho-ke masihlanganyele ngobuqotho nalabo abalalela lomyalo: “Dumisani uJah, nina-bantu!”—IHubo 115:16-18, NW.
Izimfanelo ZikaJehova Ezimangalisayo
18, 19. Izimfanelo zikaJehova zimehlukanisa ngaziphi izindlela konkulunkulu bamanga?
18 Ngokungafani nezithombe ezingaphili, uJehova unguNkulunkulu ophilayo, onezimfanelo ezimangalisayo. Uwuthando olwenziwe samuntu futhi ‘ugcwele isihe, unomusa, uphuza ukuthukuthela, uvame ubumnene.’ (Eksodusi 34:6; 1 Johane 4:8) Yeka indlela ahluke ngayo kunkulunkulu wamaKhanani ononya uMoloki, okwakunikelwa kuye imihlatshelo yabantwana! Kucatshangwa ukuthi umfanekiso walonkulunkulu wawunesimo somuntu nekhanda lenkunzi. Kubikwa ukuthi lesithombe sasibaselwa sibe bomvu, futhi abantwana baphonswe ezingalweni zaso ezeluliwe, bawele elangabini lomlilo ovuthayo ngaphansi. Kodwa uJehova unothando olukhulu nesihe kangangokuthi umqondo wemihlatshelo yabantu enjalo awuzange ‘ungene’ ngisho ‘nasenhliziyweni yakhe.’—Jeremiya 7:31.
19 Izimfanelo zikaJehova eziyinhloko zihlanganisa nobulungisa obuphelele, ukuhlakanipha okungenamkhawulo, namandla amakhulu. (Duteronomi 32:4; Jobe 12:13; Isaya 40:26) Kuthiwani ngonkulunkulu basezinganekwaneni? Esikhundleni sokwenza ubulungisa, onkulunkulu nonkulunkulukazi baseBabiloni babeziphindiselela. Onkulunkulu baseGibithe babengezona izibonelo ezinhle zokuhlakanipha kodwa babechazwa njengabanobuthakathaka babantu. Lokho akumangalisi, njengoba onkulunkulu nonkulunkulukazi bamanga beye baba imikhiqizo yabantu ‘abangenangqondo’ (NW) abathi bahlakaniphile. (Roma 1:21-23) Onkulunkulu bamaGreki kuthiwa babenzelana uzungu. Ngokwesibonelo, ezinganekwaneni, uZeus wasebenzisa kabi amandla akhe ngokuketula uyise, uCronus, naye owayehlise uyise, u-Uranus esihlalweni sobukhosi. Yeka isibusiso okuyiso ukukhonza nokudumisa uJehova, uNkulunkulu ophilayo noweqiniso, obonisa uthando oluphelele, ubulungisa, ukuhlakanipha, namandla!
UJehova Ufanele Ukudunyiswa Phakade
20. Yiziphi izizathu iNkosi uDavide eyazinikeza zokudumisa igama likaJehova?
20 Njengoba lamaHubo okuDumisa ebonisa, uJehova ufanelwe ukudunyiswa phakade. Ngokufanayo, lapho uDavide namaIsrayeli ayekanye nawo benikelela ukwakhiwa kwethempeli, wathi phambi kwebandla: “Mawubongwe wena-Jehova Nkulunkulu kaIsrayeli ubaba kuze kube-phakade. Ngobakho, Jehova, ubukhulu, namandla, nodumo, nenkazimulo, nobukhosi, ngokuba konke okusezulwini nasemhlabeni kungokwakho; ngowakho umbuso, Jehova; wena uphakeme, uyinhloko phezu kwakho konke. Ingcebo nenkazimulo kuvela kuwe, wena ubusa phezu kwakho konke; esandleni sakho kukhona amandla nezikhwepha, esandleni sakho kukhona ukukhulisa nokunika bonke amandla. Ngalokho, Nkulunkulu wethu, siyakubonga, siyadumisa igama lakho elitusekayo.”—1 IziKronike 29:10-13.
21. IsAmbulo 19:1-6 sinikeza buphi ubufakazi bokudunyiswa kukaJehova yizidalwa zasezulwini?
21 UJehova uyobusiswa futhi adunyiswe phakade emazulwini. Umphostoli uJohane wezwa ‘isixuku esikhulu ezulwini’ sithi: “Haleluya! [Dumisani uJah, nina-bantu!] Insindiso, nenkazimulo, namandla ngokukaNkulunkulu wethu, ngokuba ziqinisile, zilungile izahlulelo zakhe; ngokuba isifebe esikhulu [iBabiloni Elikhulu] esonakalisa umhlaba ngobufebe baso, uliphindisele igazi lezinceku zakhe esandleni saso.” Sabuye sathi: “Dumisani uJah, nina-bantu!” Enza kanjalo ‘namalunga angamashumi amabili nane nezidalwa ezine.’ Izwi elivela esihlalweni sobukhosi lathi: “Dumisani uNkulunkulu wethu nonke nina-zinceku zakhe, nina enimesabayo, abancane nabakhulu.” UJohane wabe esenezela: “Ngase ngizwa kungathi izwi lesixuku esikhulu, linjengezwi lamanzi amaningi, nezwi lokuduma okunamandla, lithi: [Dumisani uJah, nina-bantu!] Ngokuba iNkosi uNkulunkulu wethu, uMninimandla onke, iyabusa.”—IsAmbulo 19:1-6, qhathanisa neNW.
22. UJehova uyodunyiswa kanjani ezweni lakhe elisha alithembisile?
22 Yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukuthi izidalwa zasezulwini zidumisa uJehova! Ezweni lakhe elisha manje eliseduze, abathembekile abavusiwe bayohlanganyela nabasinde ekupheleni kwalesimiso ekudumiseni uJah. Izintaba eziphakeme ziyophakamisa amakhanda azo zihlabelela izingoma zokudumisa uNkulunkulu. Amagquma aluhlaza nemithi ethelayo kuyohlabelela izindumiso zakhe. Phela, zonke izidalwa eziphilayo neziphefumulayo ziyodumisa igama likaJehova ngalengoma enkulu kaHaleluya omkhulu! (IHubo 148) Ingabe izwi lakho liyozwakala kulesosixuku esijabulayo? Liyozwakala uma ukhonza uJah ngokwethembeka nabantu bakhe. Leyo kufanele kube yinjongo yakho ekuphileni, ngoba ubani onjengoJehova uNkulunkulu wethu?
Ubungaphendula Kanjani?
◻ Kungani kumelwe sidumise uJehova uNkulunkulu?
◻ Kungaziphi izindlela uJehova engenakuqhathaniswa?
◻ Yibuphi ubufakazi obukhona bokuthi uJehova unesihawu?
◻ UJehova wehluke kanjani ezithombeni ezingaphili nakonkulunkulu bamanga?
◻ Kungani singase sithi uJehova uyodunyiswa phakade ezulwini nasemhlabeni?
[Isithombe ekhasini 9]
AmaHubo okuDumisa ayehlatshelelwa phakathi nesidlo sePhasika