Yamukela Ngokwazisa Uphe Ngenhliziyo Yonke
UJEHOVA, uBaba wethu onothando osezulwini, uyasikhathalela. IZwi likaNkulunkulu lisiqinisekisa ngokuthi uzikhathalela ngokujulile zonke izinceku zakhe. (1 Pet. 5:7) Enye indlela uJehova abonisa ngayo ukuthi uyasikhathalela iwukulungiselela izindlela ezihlukahlukene zokusisiza ukuze simkhonze ngokwethembeka. (Isaya 48:17) UJehova ufuna silusebenzise usizo asilungiselele lona, ikakhulu lapho sibhekene nezinkinga ezisicindezelayo. UMthetho KaMose uyalibonisa leli qiniso.
Ngaphansi koMthetho, uJehova wenza ilungiselelo lothando ukuze kusizwe “ohluphekile,” njengezintandane, abafelokazi nabafokazi abagogobele. (Lev. 19:9, 10; Dut. 14:29) Uyazi ukuthi ezinye izinceku zakhe zingase zidinge usizo lwabanye abakhulekeli. (Jak. 1:27) Ngakho, ayikho inceku yakhe okudingeka inqene ukwamukela usizo oluvela kulabo uJehova abashukumisa ukuba bayisize. Noma kunjalo, lapho sithola usizo sifuna ukulwamukela ngomoya omuhle.
Ngesikhathi esifanayo, iZwi likaNkulunkulu liqokomisa ukuthi abantu bakaNkulunkulu babuye babe nethuba lokupha. Khumbula indaba ‘yomfelokazi oswele’ uJesu ambona ethempelini eJerusalema. (Luka 21:1-4) Cishe wayezuza emalungiselelweni othando uJehova ayewenzele abafelokazi eMthethweni. Noma kunjalo, lo mfelokazi akakhunjulwa njengomuntu owaphiwa kodwa njengomuntu owapha, yize ayeswele. Kumelwe ukuba umoya wakhe wokupha wamlethela injabulo ngoba njengoba uJesu asho, “kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.” (IzE. 20:35) Ucabanga ngalokho, ‘ungakwenza kanjani umkhuba ukupha’ futhi uthole injabulo ngenxa yalokho?—Luka 6:38.
“Ngizombuyisela Ngani UJehova?”
Umhubi wazibuza: “Ngizombuyisela ngani uJehova ngazo zonke izinzuzo zakhe kimi?” (IHu. 116:12) Wayekhuluma ngaziphi izinzuzo? UJehova wayemsekele phakathi nenkathi ‘yokucindezeleka nosizi.’ Ngaphezu kwalokho, uJehova ‘wayesindise umphefumulo wakhe ekufeni.’ Manje, umhubi wayesefuna ‘ukubuyisela’ okuthile kuJehova. Yini ayengayenza? Wathi: “Ngizogcwalisa kuJehova izifungo zami.” (IHu. 116:3, 4, 8, 10-14) Wazimisela ukuba afeze zonke izithembiso ayezenze kuJehova futhi afeze izibopho zakhe.
Nawe ungenza okufanayo. Kanjani? Ngokuphila njalo ngendlela evumelana nemithetho nezimiso zikaNkulunkulu. Ngakho, qikelela ukuba ukukhulekela kwakho uJehova kuhlale kuyinto ebaluleke kunazo zonke ekuphileni kwakho nokuthi uvumela umoya wakhe ukuba ukuqondise kukho konke okwenzayo. (UmSh. 12:13; Gal. 5:16-18) Empeleni, ngeke uze ukwazi ukumbuyisela ngokugcwele ngakho konke lokho akwenzele kona. Noma kunjalo, ‘inhliziyo yakhe iyajabula’ uma ekubona uzinikela ngenhliziyo yakho yonke enkonzweni yakhe. (IzAga 27:11) Yeka ukuthi kuyilungelo elimangalisa kangakanani ukujabulisa uJehova ngale ndlela!
Yiba Nesandla Enhlalakahleni Yebandla
Cishe uzovuma ukuthi uye wazuza ebandleni lobuKristu ngezindlela eziningi. Esebenzisa ibandla, uJehova uye wasinikeza inala yokudla okungokomoya. Uye wathola iqiniso elakukhulula emangeni angokwenkolo nasebumnyameni obungokomoya. (Joh. 8:32) Emihlanganweni yebandla, kwemincane nemikhulu ehlelwa “inceku ethembekileyo neqondayo,” uye wathola ulwazi oluyokuholela ekuphileni okuphakade epharadesi emhlabeni lapho buyobe bungekho khona ubuhlungu nokuhlupheka. (Math. 24:45-47) Ubungaqalaphi nje ukubala zonke izinzuzo oye wazithola—nosazozithola—ngebandla likaNkulunkulu? Ungalinikani ibandla ngenxa yazo zonke lezi zinto?
Umphostoli uPawulu wabhala: “Wonke umzimba ubangela ukukhula komzimba usuka kuye ukuze uzakhe othandweni, ngokuhlanganiswa ndawonye ngokuvumelanayo nangokwenziwa ukuba ubambisane ngawo wonke amalunga anikeza lokho okudingekayo, ngokokusebenza kwelungu ngalinye ngokuhluka kwalo ngesilinganiso esifanele.” (Efe. 4:15, 16) Nakuba lo mBhalo usebenza ngokuyinhloko kumaKristu agcotshiwe njengeqembu, isimiso esikuwo singasebenza nakuwo wonke amaKristu namuhla. Yebo, ilungu ngalinye lebandla lingaba nesandla enhlalakahleni nasekukhuleni kwebandla. Kanjani?
Lokhu singakwenza ngokulwela ukuba ngaso sonke isikhathi sibe umthombo wesikhuthazo kwabanye futhi sibaqabule ngokomoya. (Roma 14:19) Singaba nanesandla ‘ekukhuleni komzimba’ ngokubonisa izithelo zomoya kaNkulunkulu endleleni esiphatha ngayo esikholwa nabo. (Gal. 5:22, 23) Ngaphezu kwalokho, singafuna amathuba “[okwenza] okuhle kubo bonke, kodwa ikakhulukazi kulabo abahlobene nathi okholweni.” (Gal. 6:10; Heb. 13:16) Wonke umuntu ebandleni—abafowethu nodadewethu, abadala nabancane—angaba nesandla ‘ekwakheni umzimba othandweni.’
Ngaphezu kwalokho, singasebenzisa iziphiwo zethu, amandla nemali ukuze sihlanganyele emsebenzini osindisa ukuphila ofezwa ibandla. UJesu Kristu wathi: “Namukelé ngesihle.” Kufanele sisabele kanjani? Wathi: “Yiphani ngesihle.” (Math. 10:8) Ngakho-ke, hlanganyela ngokugcwele emsebenzini obalulekile wokushumayela ngoMbuso nokwenza abafundi. (Math. 24:14; 28:19, 20) Ingabe kunezinto ezikwenza ungakwazi ukuhlanganyela kuwo ngokugcwele? Khumbula umfelokazi ompofu uJesu akhuluma ngaye. Wanikela ngokuncane kakhulu. Kodwa uJesu wathi wanikela ngaphezu kwabo bonke abanye. Wanikela ngakho konke izimo zakhe ezazimvumela ukuba anikele ngakho.—2 Kor. 8:1-5, 12.
Yamukela Usizo Ngomoya Omuhle
Nokho, kungase kube nezikhathi lapho ungase udinge khona ukusekelwa ibandla. Ungalokothi unqikaze ukwamukela noma iluphi usizo ibandla elingakunika lona lapho ushikashikeka ukuze ubhekane nezingcindezi ezilethwa yilesi simiso. UJehova uye walungiselela amadoda afanelekayo nakhathalelayo ukuze “eluse ibandla”—ukuze akusize lapho usebunzimeni. (IzE. 20:28) Abadala nabanye ebandleni bayokujabulela ukukududuza, ukukusekela nokukuvikela ezikhathini ezinzima.—Gal. 6:2; 1 Thes. 5:14.
Nokho, qiniseka ngokuthi lapho uthola usizo oludingayo, ulwamukela ngomoya omuhle. Njalo kwamukele ngokwazisa ukusekelwa okutholayo. Usizo oluthola kwamanye amaKristu lubheke njengendlela uNkulunkulu akubonisa ngayo umusa wakhe ongafanelwe. (1 Pet. 4:10) Kungani lokhu kubalulekile? Ngoba asifuni ukwamukela usizo ngendlela abantu abaningi ezweni abalwamukela ngayo—ngokungabongi.
Linganisela Futhi Ubonelele
Encwadini yakhe ayibhalela ibandla laseFilipi, uPawulu wabhala lokhu ngoThimothewu: “Anginaye omunye onesimo esinjengesakhe oyozinakekela ngobuqotho izinto eziphathelene nani.” Nokho, uPawulu wabe esenezela: “Bonke abanye bazifunela izinzuzo zabo siqu, hhayi ezikaKristu Jesu.” (Fil. 2:20, 21) Sicabanga ngala mazwi kaPawulu aqatha, singakugwema kanjani ukuba matasa kakhulu ‘ngezinzuzo zethu siqu’ namuhla?
Lapho sicela abanye ebandleni ukuba badele isikhathi namandla abo ukuze basisize sibhekane izinkinga zethu, akufanele sibenze bazizwe bephoqelekile. Ngani? Cabanga ngalokhu: Akungabazeki ukuthi siyokwazisa kakhulu uma umzalwane esisiza ngezinto ezibonakalayo lapho sibhekene nesimo esiphuthumayo. Kodwa ingabe siyolufuna ngenkani lolo sizo kuye? Lutho neze. Ngendlela efanayo, nakuba abafowethu abanothando behlale bekujabulela ukusisiza, kudingeka silinganisele futhi sibabonelele ngesikhathi sabo. Kakade, noma yini amanye amaKristu asisiza ngayo ukuze sibhekane nezikhathi ezinzima, siyofuna ukuba akwenze lokho ngokuzithandela.
Qiniseka ukuthi abafowenu nodadewenu abangamaKristu bayohlale bekulungele futhi bezimisele ukukusiza. Noma kunjalo, ngezinye izikhathi bangase bangakwazi ukukusiza ngayo yonke into oyidingayo. Uma lokho kwenzeka, qiniseka ukuthi uJehova uzokuqinisa kunoma iluphi uvivinyo ongase ubhekane nalo, njengoba enza kumhubi.—IHu. 116:1, 2; Fil. 4:10-13.
Ngakho-ke, unganqikazi ukwamukela ngokwazisa noma imaphi amalungiselelo uJehova akwenzela wona—ikakhulu ezikhathini zokucindezeleka nezezinkinga. (IHu. 55:22) Ufuna wenze lokho. Nokho, ufuna nokuba ube “umuphi onamileyo.” Ngakho-ke, ‘nquma ngokugcwele enhliziyweni yakho’ ukuba unikele nganoma yini izimo zakho ezikuvumela ukuba uyinikele ukuze usekele ukukhulekela kweqiniso. (2 Kor. 9:6, 7) Ngaleyo ndlela uyokwazi ukwenza lokhu kokubili—wamukele ngokwazisa futhi unikele ngenhliziyo yonke.
[Ibhokisi/Izithombe ekhasini 31]
“Ngizombuyisela ngani uJehova ngazo zonke izinzuzo zakhe kimi?”—IHu. 116:12
▪ Funa amathuba ‘okwenza okuhle kubo bonke’
▪ Yiba umthombo wesikhuthazo nokuqabuleka ngokomoya kwabanye
▪ Hlanganyela ngokugcwele emsebenzini wokwenza abafundi ngezinga izimo zakho ezikuvumela ukuba uhlanganyele ngalo