Isiqondiso Esidlula Umzwelo Ongokwemvelo
“Uma izindinganiso zokuziphatha komuntu ziyinkululeko yokuzikhethela, kungekho zimiso ezahlulela ukufaneleka kwalokho kuzikhethela, khona-ke nakanjani umthetho uyosetshenziselwa ukuvala igebe lokuntuleka kwezindinganiso zokuziphatha.”—UDKT. DANIEL CALLAHAN.
LOKHO uCallahan ayekhathazeke ngakho sekuyenzeka ngempela, ngoba ukuntuleka kwezindinganiso zokuziphatha ezingxenyeni eziningi zomhlaba kuye kwaphoqelela ohulumeni ukuba bashaye imithetho eminingi ngemizamo yokunqanda ubugebengu. ENgqungqutheleni Yomama BaseNigeria yokuqala ngqa, umongameli waseNigeria waveza ukuthi wayekhathazeke ngokujulile ngekusasa lalelo zwe. Wayengacabangi ngezombangazwe noma ubumpofu, kodwa “ngenkinga engathí sina”—“ukuwohloka okuthe chithi saka . . . kwezindinganiso zokuziphatha eziyisisekelo emkhayeni, emsebenzini, emphakathini nasezweni lonke.”
Inhlolo-vo eyenziwa komama abangu-1 736 eBrithani yathola ukuthi “ukuphila komkhaya okuvamile kuyashabalala ngenxa yokuwohloka kwezindinganiso zokuziphatha nokwanda kwabazali abangabodwa.” NaseChina, ukuziphatha kuyawohloka. Umagazini i-Time wabika ukuthi abantu bakulelo zwe baqala besebancane ukuhlanganyela ubulili nabantu abaningi kunanini ngaphambili. Intokazi ethile yaseChina eyayiqhosha ngokuthi ilale nabantu abangaphezu kwekhulu yathi: “Ukuphila kwami, ngingenza noma yini engiyithandayo.”
Ukuwohloka kwezindinganiso zokuziphatha kuye kwathinta nalabo abanegunya. Ephephandabeni laseCanada i-Toronto Star uJaved Akbar wathi: “Abantu abasababheki abaholi babo njengezibonelo eziqotho zokuziphatha.” Wathi abaholi bezombangazwe, abaphathi bezinkampani ngisho nabaholi benkolo “kubonakala sengathi bantula izindinganiso ezifanele zokuziphatha.”
Kungani Izindinganiso Ziwohloka Kangaka?
Kunamathonya amaningi abangela lokhu kuwohloka okuqhubekayo. Elinye lawo umoya owandile wokuvukela izindinganiso ezivamile. Ngokwesibonelo, inhlolo-vo eyenziwa eNingizimu ye-United States yembula ukuthi iningi labafundi basekolishi okwaxoxwa nabo lalinomuzwa wokuthi “okulungile nokungalungile kuyindaba yombono womuntu siqu.”
Umlobi wezombangazwe uZbigniew Brzezinski wabala esinye isici. Wabhala ukuthi umphakathi wanamuhla “ugxile kakhulu ekwaneliseni izifiso zomuntu ngokushesha, esimweni lapho ukuphishekela injabulo njengomuntu ngamunye nanjengeqembu kuyisisusa esiyinhloko sokuziphatha.” Inkululeko yokuziphatha, ukuhaha nokuzanelisa kungase kukhange ngandlela-thile, kodwa ingabe kuyimbangela yenjabulo yangempela, ukwaneliseka nobuhlobo obuhle nabanye?
UJesu wathi: “Ukuhlakanipha kubonakaliswa kulungile yimisebenzi yako.” (Mathewu 11:19) Ingabe abantu bajabule futhi balondeke kakhulu ngenxa yokuwohloka kwezindinganiso zokuziphatha? Cabanga ngeminye yemiphumela: ukwanda kokungathembani, ukungalondeki, ukuphela kobuhlobo, izingane ezikhula zingenababa noma umama, ubhadane lwezifo ezithathelwana ngocansi, ukukhulelwa okungafunwa, ukuluthwa yizidakamizwa nobudlova. Ngokusobala, la maqiniso awabonisi ukwaneliseka nempumelelo kodwa kunalokho, abonisa usizi nokuhluleka.—Galathiya 6:7, 8.
Ngemva kokubona izinkinga ezifanayo osukwini lwakhe, umprofethi kaNkulunkulu, uJeremiya, washo la mazwi aphefumulelwe: “Ngazi kahle, Jehova, ukuthi indlela yomuntu wasemhlabeni akuyona eyakhe. Akukona okomuntu ohambayo ngisho nokuqondisa isinyathelo sakhe.” (Jeremiya 10:23) Yebo, uNkulunkulu wayengasidalelanga ukuba sizibuse ngaphandle kwakhe, sizikhethele okulungile nokungalungile. Empeleni, lokho okungase kubonakale kukuhle kithi kungase kusilimaze kakhulu. KuzAga 14:12, iBhayibheli lithi: “Kukhona indlela eqondile phambi komuntu, kodwa ukuphela kwayo kamuva kuyizindlela zokufa.”
Isitha Esingaphakathi!
Isiphi isizathu esenza ukuba sidinge isiqondiso ezindabeni zokuziphatha? Siwukuthi izinhliziyo zethu zingasikhohlisa. KuJeremiya 17:9, iBhayibheli lithi: “Inhliziyo ikhohlisa ngaphezu kwanoma yini enye futhi yenza ngokuphelelwa yithemba. Ubani ongase ayazi?” Ukube bewazi othile okhohlisayo futhi omubi, ubungamethemba? Cha! Kodwa, ngamunye wethu unenhliziyo engaveza zona lezo zici. Ngakho, uNkulunkulu usinika lesi sixwayiso esingagwegwesi kodwa sothando: “Othemba inhliziyo yakhe uyisiphukuphuku, kodwa ohamba ngokuhlakanipha nguye oyophunyuka.”—IzAga 28:26.
Yileso-ke isihluthulelo: Kunokuthembela emakhonweni ethu angaphelele, kudingeka sihambe ngokuhlakanipha okuvela kuNkulunkulu, kanjalo siphephe ezingibeni eziningi. Ngaphezu kwalokho, bonke abakufuna ngobuqotho ukuhlakanipha okuyigugu bangakuthola. “Uma noma ubani kini entula ukuhlakanipha, makaqhubeke ekucela kuNkulunkulu, ngoba ubapha bonke ngesandla esivulekile ngaphandle kokusola.”—Jakobe 1:5.
Thembela KuNkulunkulu “Ngayo Yonke Inhliziyo Yakho”
Lapho lichaza uMdali wethu, iBhayibheli lithi: “IDwala, uphelele umsebenzi wakhe, ngoba zonke izindlela zakhe ziwubulungisa. UNkulunkulu wokuthembeka, okungekho ukungabi nabulungisa kuye; ulungile futhi uqotho yena.” (Duteronomi 32:4) Yebo, uJehova unjengedwala elikhulu. Singathembela ngokuphelele kuye ukuze sithole isiqondiso sokuziphatha nesingokomoya esinengqondo kungakhathaliseki ukuthi kwenzeka luphi ushintsho ekuphileni kwethu. IzAga 3:5, 6 zithi: “Thembela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho, ungenciki kokwakho ukuqonda. Mqaphele kuzo zonke izindlela zakho, yena uyokwenza izindlela zakho ziqonde.”
Ngempela, ubani omunye obengasinika isiqondiso esingcono ngaphandle koMdali wethu, obala “zona kanye izinwele zekhanda [lethu]”? (Mathewu 10:30) Ngaphezu kwalokho, uye wazibonakalisa engumngane weqiniso, osithanda kangangokuba njalo usitshela iqiniso—ngisho nalapho kungase kube nzima kithina ukulamukela.—IHubo 141:5; IzAga 27:6.
Phawula futhi ukuthi uJehova akasiphoqeleli ukuba silalele isiqondiso sakhe. Kunalokho, usinxusa ngothando. “Mina, Jehova, . . . Lowo okufundisayo ukuze uzuze, Lowo okubangela ukuba unyathele endleleni okufanele uhambe ngayo. O ukube ubuyoyilalela nokuyilalela imiyalo yami! Khona-ke ukuthula kwakho bekuyoba njengomfula, nokulunga kwakho kube njengamagagasi olwandle.” (Isaya 48:17, 18) Awuzizwa yini ufuna ukusondela kuNkulunkulu onjalo? Ngaphezu kwalokho, uye wenza ukuba sikuthole kalula ukuhlakanipha kwakhe ngeZwi lakhe eliphefumulelwe, iBhayibheli Elingcwele, eliyincwadi esakazwa kakhulu kunazo zonke emhlabeni!—2 Thimothewu 3:16.
Vumela IZwi LikaNkulunkulu Likhanyise Indlela
Ngokuphathelene nemiBhalo Engcwele, umhubi wabhala: “Izwi lakho liyisibani onyaweni lwami, nokukhanya endleleni yami.” (IHubo 119:105) Isibani ezinyaweni zethu sisibonisa izingozi eziphambi kwethu, kanti ukukhanya endleleni yethu kusibonisa indlela phambili. Kalula nje, iZwi likaNkulunkulu lingasiqondisa ngokuphephile kukho konke ukuphila ngokusisiza ukuba senze izinqumo ezihlakaniphile, ezinengqondo kuzo zonke izinto—ezithinta isikhathi samanje nalezo ezingase zithinte ikusasa lethu.
Ngokwesibonelo, cabanga ngeNtshumayelo yaseNtabeni. Kuleyo ntshumayelo emfushane, elotshwe kuMathewu izahluko 5 kuya ku-7, uJesu Kristu wakhuluma ngenjabulo, uthando, inzondo, isihe, ukuziphatha, umthandazo, ukuphishekela ingcebo nezinye izindaba eziningi ezisabalulekile namuhla njengoba kwakunjalo nangaleso sikhathi. Amazwi akhe ayebonisa ukuqonda kangangokuba “izixuku zakhexa ngendlela yakhe yokufundisa.” (Mathewu 7:28) Kunganjani uzinike ithuba lokuzifundela leyo ntshumayelo. Cishe nawe iyokuhlaba umxhwele.
‘Qhubeka Ucela’ Usizo LukaNkulunkulu
Kuyiqiniso ukuthi ukwenza okulungile emehlweni kaNkulunkulu akulula ngaso sonke isikhathi. Empeleni, iBhayibheli liwufanisa nempi umshikashika esinawo ngaphakathi wokulwa nesono. (Roma 7:21-24) Kodwa ngosizo lukaNkulunkulu singayinqoba leyo mpi. UJesu wathi: “Qhubekani nicela, niyophiwa; qhubekani nifuna, niyothola . . . Ngoba wonke umuntu ocelayo uyamukela, wonke umuntu ofunayo uyathola.” (Luka 11:9, 10) Yebo, uJehova ngeke amfulathele noma ubani ozama ngobuqotho ukuhamba endleleni enyinyekile eholela ekuphileni okuphakade.—Mathewu 7:13, 14.
Cabanga ngesibonelo sikaFrank, owayeyixhwele lapho eqala ukutadisha iBhayibheli noFakazi BakaJehova. Ngemva kokufunda eyesi-2 Korinte 7:1 futhi ephetha kufanele ngokuthi umkhuba wakhe ‘wawuwukungcolisa inyama’ emehlweni kaNkulunkulu, uFrank wanquma ukuwuyeka ugwayi. Kodwa kwakungelula ukuphila ngokuvumelana nesinqumo sakhe. Ngesinye isikhathi wazithola ekhasa efuna izinqamu zikagwayi ayengazibhema!
Ukuziphatha okuyihlazo ngale ndlela kwenza uFrank waqaphela indlela ayeseyixhwele ngayo. (Roma 6:16) Ngakho, wathandazela usizo ngobuqotho, wazihlanganisa ngokugcwele nabangane abahle ebandleni lendawo lobuKristu loFakazi BakaJehova, futhi wawunqoba umkhuba wakhe omubi.—Hebheru 10:24, 25.
Yanelisa Isidingo Sakho Esingokomoya
Okwenzeka kuFrank kuyisibonelo nje esisodwa sokuthi iBhayibheli linikeza isiqondiso sokuziphatha nesingokomoya esiphakeme, futhi sishukumisela umuntu ukuba asilandele. Yingakho uJesu athi: “Umuntu akumelwe aphile ngesinkwa sodwa, kodwa nangawo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova.”—Mathewu 4:4.
Uma silalela iqiniso likaNkulunkulu eliyigugu, sizuza ngazo zonke izindlela—ngokwengqondo, ngokomzwelo, ngokomoya nangokwenyama. IHubo 19:7, 8 lithi: “Umthetho kaJehova uphelele, ubuyisa [noma, uvuselela] umphefumulo. . . . Imiyalo evela kuJehova iqotho, ibangela inhliziyo ukuba ijabule; umyalo kaJehova uhlanzekile, ukhanyisa amehlo [ngethemba nokuqonda okucacile kwenjongo kaNkulunkulu].”
NgeZwi lakhe, uJehova wenza okungaphezu nje kokusisiza silandele isiqondiso esinembile futhi siphile ukuphila okungcono kakhulu manje. Uphinde asitshele ngekusasa. (Isaya 42:9) Njengoba isihloko esilandelayo sibonisa, bonke abamukela isiqondiso sikaNkulunkulu bayothola lelo kusasa eliqhakazile.
[Ibhokisi/Isithombe ekhasini 4, 5]
Isiqondiso Sakho Sokuziphatha
Abantu banesipho esiyigugu—unembeza. Ngenxa yalokho, abantu bazo zonke izizwe nezinhlanga, nabaphila ngezinkathi ezihlukahlukene, baye baba nezimiso zokuziphatha ezifanayo. (Roma 2:14, 15) Nokho, unembeza awusona isiqondiso esingenaphutha; ungase uthonywe ukuchayeka ezinkolelweni zenkolo zamanga, kumafilosofi abantu, ekubandlululaneni nasezifisweni ezingafanele. (Jeremiya 17:9; Kolose 2:8) Ngakho-ke, njengoba nje umshayeli webhanoyi engase ahlolisise imishini yakhe yokumqondisa, kudingeka sihlole, futhi uma kudingeka, silungise isiqondiso sethu sokuziphatha nesingokomoya ngokuvumelana nezindinganiso ezilungile zokuziphatha ‘zoMniki-zimiso wethu,’ uJehova uNkulunkulu. (Isaya 33:22) Ngokungafani nezindinganiso zabantu zokuziphatha, ezingashintsha kusuka kwesinye isizukulwane kuya kwesinye, izindinganiso zikaNkulunkulu eziphelele zihlala phakade. Uthi: “NginguJehova; angizange ngishintshe.”—Malaki 3:6.
[Ibhokisi ekhasini 7]
Isiqondiso Sokuthola Impumelelo Nenjabulo
UKUTHOLA INJABULO
“Bayajabula abaqaphela isidingo sabo esingokomoya.”—MATHEWU 5:3.
“Kukhona injabulo eyengeziwe ekupheni kunasekwamukeleni.”—IZENZO 20:35.
“Bayajabula abezwa izwi likaNkulunkulu baligcine!”—LUKA 11:28.
UKWAKHA UKWETHENJELWA
“Yilowo nalowo kini makakhulume iqiniso nomakhelwane wakhe.”—EFESU 4:25.
“Owebayo makangabe eseba.”—EFESU 4:28.
“Umshado mawuhlonishwe yibo bonke, nombhede womshado ungangcoliswa.”—HEBHERU 13:4.
UKWAKHA UBUHLOBO OBUHLE
“Zonke izinto enifuna abantu bazenze kini, nani kumelwe nizenze ngokufanayo kubo.”—MATHEWU 7:12.
‘Indoda mayithande kanjalo umkayo njengoba izithanda yona; umfazi kufanele abe nenhlonipho ejulile ngomyeni wakhe.’—EFESU 5:33.
“Qhubekani . . . nithethelelana ngokukhululekile.”—KOLOSE 3:13.
UKUGWEMA NOKUXAZULULA IZINGXABANO
“Ningabuyiseli muntu okubi ngokubi.”—ROMA 12:17.
“Uthando luyabekezela futhi lunomusa. . . . Alunamagqubu.”—1 KORINTE 13:4, 5.
“Ilanga malingashoni nisesimweni sokucasuka.”—EFESU 4:26.