Vumela Izwi LikaNkulunkulu Likhanyise Indlela Yakho
“Izwi lakho [liwukukhanya] endleleni yami.”—IHUBO 119:105.
1, 2. Izwi likaJehova liyokhanyisa indlela yethu uma senzani?
IZWI likaJehova liyokhanyisa indlela yethu uma silivumela. Ukuze sikuthole lokho kukhanya okungokomoya, kumelwe sikhuthalele ukutadisha iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe futhi sisebenzise iseluleko salo. Ngaphandle kwalokho, asinakuba nalo muzwa umhubi ayenawo: “Izwi lakho liyisibani onyaweni lwami, nokukhanya endleleni yami.”—IHubo 119:105.
2 Manje ake sihlole iHubo 119:89-176. Yeka ingcebo yolwazi ekula mavesi ayizigaba ezingu-11! Angasisiza sihlale endleleni eya ekuphileni okuphakade.—Mathewu 7:13, 14.
Kungani Kufanele Silithande Izwi LikaNkulunkulu?
3. IHubo 119:89, 90, libonisa kanjani ukuthi singathembela emazwini kaNkulunkulu?
3 Ukuthanda izwi likaJehova kwenza umuntu agxile ngokomoya. (IHubo 119:89-96) Umhubi wahlabelela: “O Jehova, izwi lakho limi emazulwini kuze kube nini nanini. . . . Uwumisé ngokuqinile umhlaba, ukuze uqhubeke umile.” (IHubo 119:89, 90) Ngezwi likaNkulunkulu—“izimiso [zakhe] zamazulu”—izindikimba zasemkhathini zijikeleza ezindaweni zazo zingaphazami, futhi umhlaba umi uqinile kuze kube phakade. (Jobe 38:31-33; IHubo 104:5) Singathembela kuwo wonke amazwi aphuma emlonyeni kaJehova; lokho uNkulunkulu akushoyo ‘kuyophumelela ngokuqinisekile’ ngokuba kufezeke injongo yakhe.—Isaya 55:8-11.
4. Ukuthanda izwi likaNkulunkulu kuzisiza ngani izinceku zakhe ezihlushwayo?
4 Ukube umhubi ‘wayengawuthandi umthetho kaNkulunkulu ngabe washabalala ekuhluphekeni kwakhe.’ (IHubo 119:92) Akubona abantu bezinye izizwe ababemhlupha; wayezondwa izaphula-mthetho ezingama-Israyeli. (Levitikusi 19:17) Kodwa akumthenanga amandla lokhu, ngoba wayewuthanda umthetho kaNkulunkulu owawumqinisa. EKorinte, umphostoli uPawulu waba ‘sezingozini phakathi kwabazalwane bamanga,’ mhlawumbe ababehlanganisa ‘nabaphostoli abahle kakhulu’ ababezama ukuthola okuthile abangamsola ngakho. (2 Korinte 11:5, 12-14, 26) Nokho, uPawulu akalimalanga ngokomoya ngoba wayelithanda izwi likaNkulunkulu. Njengoba nathi silithanda iZwi likaJehova elilotshiwe futhi sikusebenzisa lokho elikushoyo, siyabathanda abafowethu. (1 Johane 3:15) Ngisho nenzondo yezwe ayisenzi sikhohlwe iziyalezo zikaNkulunkulu. Siqhubeka senza intando yakhe sinobunye nothando ngabafowethu njengoba silangazelela ukukhonza uJehova phakade ngenjabulo.—IHubo 119:93.
5. INkosi u-Asa yamfuna kanjani uJehova?
5 Lapho sitshela uJehova ukuthi sizinikele kuye, singase sithandaze: “Ngingowakho. Ngisindise, ngoba ngiyifunile imiyalo yakho.” (IHubo 119:94) INkosi u-Asa yafuna uNkulunkulu, yaqeda ukuhlubuka kwaJuda. Embuthanweni omkhulu owawungonyaka we-15 wokubusa kuka-Asa (ngo-963 B.C.E.), izakhamuzi zakwaJuda ‘zangena esivumelwaneni sokufuna uJehova.’ UNkulunkulu ‘wazenza ukuba zimthole, futhi waqhubeka ezinika ukuphumula nxazonke.’ (2 IziKronike 15:10-15) Lesi sibonelo kufanele sikhuthaze noma ibaphi asebekhukhulekile balishiya ibandla lobuKristu ukuba bamfune kabusha uNkulunkulu. Uyobabusisa futhi abavikele labo abaphinde bakukhuthalele ukuzihlanganisa nabantu bakhe.
6. Iyiphi inkambo eyosivikela ezingozini ezingokomoya?
6 Izwi likaJehova linikeza ukuhlakanipha okungasivikela ezingozini ezingokomoya. (IHubo 119:97-104) Imiyalo kaNkulunkulu isenza sihlakaniphe kunezitha zethu. Ukulalela izikhumbuzo zakhe kusinika ukuqondisisa, futhi ‘ukugcina imiyalo yakhe kusenza sikwazi ukuziphatha ngokuqonda okwengeziwe kunamadoda amadala.’ (IHubo 119:98-100) Uma amazwi kaJehova ‘ebushelelezi olwangeni lwethu kunoju emlonyeni wethu,’ siyozizonda futhi sizigweme “zonke izindlela zamanga.” (IHubo 119:103, 104) Lokhu kuyosivikela ezingozini ezingokomoya njengoba kulezi zinsuku zokugcina sihlangana nabantu abazidlayo, abanolaka, nabangamhloniphi uNkulunkulu.—2 Thimothewu 3:1-5.
Liyisibani Onyaweni Lwethu
7, 8. Ngokuvumelana neHubo 119:105, yini okudingeka siyenze?
7 Izwi likaNkulunkulu linikeza ukukhanya okungokomoya okunokwethenjelwa. (IHubo 119:105-112) Kungakhathaliseki ukuthi singamaKristu agcotshiwe noma singabangane bawo, ‘bezinye izimvu,’ sithi: “Izwi lakho liyisibani onyaweni lwami, nokukhanya endleleni yami.” (Johane 10:16; IHubo 119:105) Izwi likaNkulunkulu linjengesibani esikhanyisa indlela yethu, ukuze singakhubeki siwe ngokomoya. (IzAga 6:23) Nokho, ngamunye wethu kumelwe alivumele izwi likaJehova libe isibani onyaweni lwakhe.
8 Kudingeka sibe abagxilile njengomqambi weHubo 119. Wayezimisele ukunganhlanhlathi emiyalweni kaNkulunkulu. Wathi: “Ngifungile, futhi ngizokufeza, ukuze ngigcine izinqumo zakho [Jehova] zokwahlulela ezilungile.” (IHubo 119:106) Masingalokothi sikuthathe kalula ukubaluleka kokutadisha iBhayibheli nokuhlanganyela njalo emihlanganweni yobuKristu.
9, 10. Sazi kanjani ukuthi abantu abazinikezele kuJehova ‘banganhlanhlatha emiyalweni yakhe,’ kodwa kungagwenywa kanjani lokhu?
9 Umhubi akazange ‘anhlanhlathe emiyalweni kaNkulunkulu,’ kodwa ukunhlanhlatha kuyinto engenzeka kumuntu ozinikezele kuJehova. (IHubo 119:110) INkosi uSolomoni yanhlanhlatha, yize yayingumuntu wesizwe esizinikezele kuJehova futhi ekuqaleni yayiziphathe ngokuvumelana nokuhlakanipha eyayikunikwe uNkulunkulu. “Ngisho naye [uSolomoni] abafazi bezinye izizwe bamonisa” ngokumthonya ukuba akhulekele onkulunkulu bamanga.—Nehemiya 13:26; 1 AmaKhosi 11:1-6.
10 ‘Umcuphi wezinyoni’ onguSathane ubeka izicupho eziningi. (IHubo 91:3) Ngokwesibonelo, umuntu owayekade ehlanganyela nathi angase azame ukusiyenga ukuba sinhlanhlathe endleleni yokukhanya okungokomoya siye ebumnyameni bezihlubuki. Phakathi kwamaKristu aseThiyathira, kwakukhona “lowo wesifazane uJezabeli,” okungenzeka kwakuyiqembu elithile labesifazane ababefundisa abanye ukukhonza izithombe nokufeba. UJesu akabubekezelelanga lobo bubi, futhi nathi akufanele sibubekezelele. (IsAmbulo 2:18-22; Jude 3, 4) Ngakho-ke, masithandazele usizo lukaJehova ukuze singanhlanhlathi emiyalweni yakhe, kunalokho sihlale sisekukhanyeni kukaNkulunkulu.—IHubo 119:111, 112.
Izwi LikaNkulunkulu Liyasisekela
11. NgokweHubo 119:119, uNkulunkulu ubabheka kanjani ababi?
11 Uma singalokothi siphambuke eziqondisweni zakhe, uNkulunkulu uyosisekela. (IHubo 119:113-120) Asihambisani ‘nabanhliziyombili,’ njengoba nje noJesu namuhla engabamukeli labo abasivivi bebe bethi bangamaKristu. (IHubo 119:113; IsAmbulo 3:16) Ngenxa yokuthi uJehova simkhonza ngenhliziyo yonke, ‘uyindawo yethu yokucasha,’ futhi uyosisekela. ‘Uyobajikijela kude bonke abaphambukayo eziqondisweni zakhe’ ngokuphamba nokuqamba amanga. (IHubo 119:114, 117, 118; IzAga 3:32) Ababi abanjalo ubabheka “njengamanyela”—ukungcola okususwa ensimbini eyigugu njengesiliva negolide. (IHubo 119:119; IzAga 17:3) Kwangathi singabonisa njalo ukuthi siyazithanda izikhumbuzo zikaNkulunkulu, ngoba asifuni neze ukuhlanganiswa enqwabeni yamabibi angabantu ababi abazobhujiswa!
12. Kungani kubalulekile ukwesaba uJehova?
12 Umhubi wathi: “Inyama yami iye yahlasimula ngenxa [yovalo] ngawe [Jehova].” (IHubo 119:120) Ukuze uNkulunkulu asisekele njengezinceku zakhe, kubalulekile ukuba simesabe ngendlela enhle, sikubonise ngokugwema izinto angazifuni. Ukwesaba nokuhlonipha uJehova kwénza uJobe waphila ngokulunga. (Jobe 1:1; 23:15) Ukwesaba uNkulunkulu kungasenza sikwazi ukukhuthazela enkambweni ayivumelayo, kungakhathaliseki ukuthi yini okudingeka siyikhuthazelele. Nokho, ukukhuthazela kudinga imithandazo eqotho, yokholo.—Jakobe 5:15.
Thandaza Unokholo
13-15. (a) Kungani singaba nokholo lokuthi imithandazo yethu iyophendulwa? (b) Kungenzekani uma singazi ukuthi sithandaze sithini? (c) Fanekisa indlela iHubo 119:121-128 elingase lihlobane ngayo ‘nokububula kwethu okungaphinyiselwe’ lapho sithandaza.
13 Singathandaza sinokholo lokuthi uNkulunkulu uzosisiza. (IHubo 119:121-128) Njengomhubi, siyaqiniseka ukuthi imithandazo yethu iyophendulwa. Ngani? Ngoba imiyalo kaNkulunkulu siyithanda “ngaphezu kwegolide, yebo igolide elicwengiweyo.” Ngaphezu kwalokho, ‘siyibheka njengelungile yonke imiyalo kaNkulunkulu ngokuphathelene nazo zonke izinto.’—IHubo 119:127, 128.
14 UJehova uyazizwa izicelo zethu ngoba sithandaza sinokholo futhi siyaqikelela ukuba sigcine imiyalo yakhe. (IHubo 65:2) Kodwa kuthiwani uma ngezinye izikhathi siba nezinkinga ezidida ikhanda size siswele nokuthi sizothandaza sithini? Ezimweni ezinjalo, “umoya ngokwawo uyasincengela ngokububula okungaphinyiselwe.” (Roma 8:26, 27) Kulezo zikhathi, uNkulunkulu uyawamukela amazwi aseZwini lakhe, awabheke njengemithandazo eveza izidingo zethu.
15 ImiBhalo inemithandazo eminingi namazwi angahlobana ‘nokububula kwethu okungaphinyiselwe.’ Ngokwesibonelo, cabanga ngeHubo 119:121-128. Indlela elibeka ngayo izinto ingase ifanelane nezimo zethu. Uma mhlawumbe sesaba ukuphanjwa, singase sicele usizo lukaNkulunkulu ngendlela umhubi enza ngayo. (Amavesi 121-123) Mhlawumbe kudingeka senze isinqumo esinzima kakhulu. Singase sithandazele ukuba umoya kaJehova usisize sikhumbule futhi sisebenzise izikhumbuzo zakhe. (Amavesi 124, 125) Nakuba ‘sizizonda zonke izindlela zamanga,’ kungase kudingeke sicele uNkulunkulu asisize singavumi ukunqotshwa isilingo esithile sokwephula umthetho wakhe. (Amavesi 126-128) Uma silifunda nsuku zonke iBhayibheli, singase sikhumbule izindima eziwusizo ezinjengalezi lapho sinxusa kuJehova.
Izikhumbuzo ZikaJehova Ziyasisiza
16, 17. (a) Kungani sidinga izikhumbuzo zikaNkulunkulu, futhi kufanele sizibheke kanjani? (b) Abanye bangase basibheke kanjani, kodwa yini ebaluleke ngempela?
16 Ukuze imithandazo yethu izwiwe futhi sithole umusa kaNkulunkulu, kumelwe silalele izikhumbuzo zakhe. (IHubo 119:129-136) Njengoba singabantu abakhohlwayo, siyazidinga izikhumbuzo zikaJehova ezimangalisayo ezisikhumbuza imfundiso nemiyalo yakhe. Yebo, siyakwazisa ukukhanya okungokomoya esikuthola njalo lapho kwambulwa amazwi kaNkulunkulu. (IHubo 119:129, 130) Siyabonga nangokuthi uJehova ‘wenze ubuso bakhe bakhanya kithi’ ebonisa ukusamukela, nakuba ‘kugeleza imifudlana yamanzi emehlweni ethu’ ngenxa yokuthi abanye bephula umthetho wakhe.—IHubo 119:135, 136; Numeri 6:25.
17 Nakanjani siyoqhubeka sisemseni kaNkulunkulu uma sigcina izikhumbuzo zakhe zokulunga. (IHubo 119:137-144) Njengezinceku zikaJehova, siyavuma ukuthi kufanelekile ukuba asiqaphelise izikhumbuzo zakhe zokulunga futhi asinike zona njengemiyalo okufanele siyilalele. (IHubo 119:138) Njengoba umhubi ayeyilalela imiyalo kaNkulunkulu, kungani athi: “Angilutho futhi ngidelelekile”? (IHubo 119:141) Kubonakala sengathi wayesho indlela izitha zakhe ezazimbheka ngayo. Uma sihlala sigxilile ekusekeleni ukulunga, abanye bangase baseye. Nokho, okubaluleke ngempela ukuthi uJehova uyajabula ngathi ngoba siphila ngokuvumelana nezikhumbuzo zakhe zokulunga.
Silondekile Futhi Sinokuthula
18, 19. Uba yini umphumela wokugcina kwethu izikhumbuzo zikaNkulunkulu?
18 Ukugcina izikhumbuzo zikaNkulunkulu kusenza sihlale siseduze naye. (IHubo 119:145-152) Ngenxa yokuthi siyazinaka izikhumbuzo zikaJehova, sizizwa sikhululekile ukumbiza ngenhliziyo yethu yonke, futhi singalindela ukuba asizwe. Singase sivuke “kuseluvivi” sikhalele usizo. Yeka ukuthi isikhathi esihle kanjani leso sokuthandaza! (IHubo 119:145-147) UNkulunkulu useduze nathi nangenxa yokuthi siyakugwema ukuziphatha okuxekethile futhi njengoJesu sibheka izwi lakhe njengeliyiqiniso. (IHubo 119:150, 151; Johane 17:17) Ubuhlobo bethu noJehova buyasilonda kuleli zwe elinezinkathazo futhi buyoqhubeka busilonda nasempini yakhe enkulu ye-Armagedoni.—IsAmbulo 7:9, 14; 16:13-16.
19 Ngenxa yokuthi silihlonipha ngokujulile izwi likaNkulunkulu, sinokulondeka kweqiniso. (IHubo 119:153-160) Ngokungafani nababi, thina ‘asizange siphambuke ezikhumbuzweni zikaJehova.’ Siyayithanda imiyalo kaNkulunkulu, okusenza silondeke emseni wakhe wothando. (IHubo 119:157-159) Izikhumbuzo zikaJehova zishukumisa ingqondo yethu ukuze sikhumbule lokho akufunayo kithi ezimweni ezithile. Ngakolunye uhlangothi, imiyalo kaNkulunkulu iyiziqondiso, futhi sivuma ngokungananazi ukuthi uMdali wethu unelungelo lokusiqondisa. Njengoba sazi ukuthi ‘ingqikithi yezwi likaNkulunkulu iyiqiniso’ nokuthi asinakuziqondisela izinyathelo zethu ngaphandle kwakhe, sizamukela ngenjabulo iziqondiso zakhe.—IHubo 119:160; Jeremiya 10:23.
20. Kungani ‘sinokuthula okuchichimayo’?
20 Uthando esinalo ngomthetho kaJehova lusilethela ukuthula okuchichimayo. (IHubo 119:161-168) Ushushiso alusiphuci “ukuthula kukaNkulunkulu” okungenakuqhathaniswa. (Filipi 4:6, 7) Izinqumo zokwahlulela zikaJehova sizazisa kangangokuthi simdumisa njalo ngenxa yazo—“kasikhombisa ngosuku.” (IHubo 119:161-164) “Ukuthula okuchichimayo kungokwalabo abathanda umthetho wakho,” kuhlabelela umhubi, “futhi akunasikhubekiso kubo.” (IHubo 119:165) Uma ngamunye wethu ewuthanda futhi ewugcina umthetho kaJehova, ngeke akhubeke ngokomoya ngenxa yalokho okwenziwa omunye umuntu, noma akhutshwe yinoma yini enye.
21. Iziphi izibonelo ezisemiBhalweni ezibonisa ukuthi akudingekile sikhubeke uma kuvela izinkinga ebandleni?
21 Abantu abaningi abaseBhayibhelini abavumelanga lutho ukuba lubakhubekise unomphela. Ngokwesibonelo, indoda engumKristu uGayu ayizange ikhubeke, kodwa ‘yaqhubeka ihamba eqinisweni’ naphezu kwezenzo zikaDiyotrefe zokungamhloniphi uNkulunkulu. (3 Johane 1-3, 9, 10) UPawulu wakhuthaza abesifazane abangamaKristu u-Evodiya noSintike ukuba “babe nomqondo ofanayo eNkosini,” cishe ngenxa yokuthi babebe nengxabano. Kubonakala sengathi basizwa baxazulula inkinga yabo, futhi baqhubeka bekhonza uJehova ngokwethembeka. (Filipi 4:2, 3) Ngakho akudingeki sikhubeke uma kuvela izinkinga ebandleni. Masigxile ekugcineni imiyalo kaJehova, sikhumbula ukuthi ‘zonke izindlela zethu ziphambi kwakhe.’ (IHubo 119:168; IzAga 15:3) Uma senza kanjalo, akukho lutho oluyosiphuca unomphela “ukuthula okuchichimayo.”
22. (a) Uma silalela uNkulunkulu, iliphi ilungelo esingalithola? (b) Kufanele sibabheke kanjani abanye abaye bazulazula bashiya ibandla lobuKristu?
22 Uma simlalela njalo uJehova, siyoba nelungelo lokuqhubeka simdumisa. (IHubo 119:169-176) Uma siphila ngokuvumelana neziqondiso zikaNkulunkulu, asigcini nje ngokuthola ukulondeka okungokomoya kodwa futhi ‘izindebe zethu ziqhubeka ziphuphuma indumiso kaJehova.’ (IHubo 119:169-171, 174) Leli ilungelo elikhulu kunawo wonke esingaba nawo kulezi zinsuku zokugcina. Umhubi wayefuna ukuqhubeka ephila, edumisa uJehova, kodwa ngandlela-thile engachaziwe, ‘wayezulazule njengemvu elahlekile.’ (IHubo 119:175, 176) Kunabanye abaye bazulazula bashiya ibandla lobuKristu okungenzeka basamthanda uNkulunkulu futhi bayafuna ukumdumisa. Ngakho-ke, masenze konke esingakwenza ukuze sibasize bakwazi ukuphinde bathole ukulondeka okungokomoya nenjabulo yokudumisa uJehova kanye nabantu bakhe.—Hebheru 13:15; 1 Petru 5:6, 7.
Ukukhanya Okuyikhanyisa Njalo Indlela Yethu
23, 24. Uzuzeni kuyiHubo 119?
23 IHubo 119 lingasizuzisa ngezindlela ezihlukahlukene. Ngokwesibonelo, lingasenza sincike ngokwengeziwe kuNkulunkulu, ngoba libonisa ukuthi injabulo yangempela itholakala ‘ngokuhamba ngomthetho kaJehova.’ (IHubo 119:1) Umhubi usikhumbuza ukuthi ‘ingqikithi yezwi likaNkulunkulu iyiqiniso.’ (IHubo 119:160) Impela lokhu kufanele kusenze silazise ngokwengeziwe lonke iZwi likaNkulunkulu elilotshiwe. Ukuzindla ngeHubo 119 kufanele kusishukumisele ukuba siyitadishe ngenkuthalo imiBhalo. Umhubi wamcela ngokuphindaphindiwe uNkulunkulu: “Ngifundise iziqondiso zakho.” (IHubo 119:12, 68, 135) Wanxusa nangale ndlela: “Ngifundise ubuhle, ukuba nengqondo nolwazi, ngoba ngibonisé ukholo emiyalweni yakho.” (IHubo 119:66) Senza kahle lapho sithandaza ngendlela efanayo.
24 Imfundiso kaNkulunkulu yenza sikwazi ukuba nobuhlobo obuseduze naye. Ngokuphindaphindiwe, umhubi uzibiza ngenceku kaNkulunkulu. Empeleni, ukhuluma noJehova ngala mazwi athinta inhliziyo: “Ngingowakho.” (IHubo 119:17, 65, 94, 122, 125; Roma 14:8) Yeka ukuthi kuyilungelo kangakanani ukukhonza nokudumisa uJehova njengomunye woFakazi bakhe! (IHubo 119:7) Ingabe wena umkhonza ngenjabulo uNkulunkulu njengommemezeli woMbuso? Uma ukwenza lokho, qiniseka ukuthi uJehova uyoqhubeka ekusekela futhi ekubusisa kulo msebenzi oyilungelo uma nje uthembela njalo ezwini lakhe futhi ulivumela likhanyise indlela yakho.
Ungaphendula Kanjani?
• Kungani kufanele silithande izwi likaNkulunkulu?
• Izwi likaNkulunkulu lisisekela kanjani?
• Izikhumbuzo zikaJehova zisisiza ngaziphi izindlela?
• Kungani abantu bakaJehova belondekile futhi benokuthula?
[Isithombe ekhasini 16]
Izwi likaNkulunkulu linikeza ukukhanya okungokomoya
[Isithombe ekhasini 17]
Uma sizithanda izikhumbuzo zikaJehova, akasoze asibheka “njengamanyela”
[Izithombe ekhasini 18]
Uma silifunda nsuku zonke iBhayibheli, singase siwakhumbule kalula amavesi awusizo lapho sithandaza