-
Umkhaya KaJehova ujabulela Ubunye ObuyiguguINqabayokulinda—1996 | Julayi 15
-
-
4. Ngamazwi akho siqu, ungakuchaza kanjani lokho okushiwo iHubo 133 ngobunye bobuzalwane?
4 Umhubi uDavide wayebazisa ngokujulile ubunye bobuzalwane. Waze waphefumulelwa nokuba acule ngabo! Mcabange ephethe ihabhu lakhe njengoba ecula: “Bheka, kuhle, kumnandi kangaka ukuba abazalwane bahlalisane ndawonye bemunye. Kufana namafutha amahle ekhanda ehlela esilevini, isilevu sika-Aroni, ehlela nasemphethweni wezambatho zakhe. Kufana namazolo aseHermoni ehlela ezintabeni zaseSiyoni. Ngokuba uJehova wayaleza khona isibusiso, yebo, ukuphila kuze kube-phakade.”—IHubo 133:1-3.
-
-
Umkhaya KaJehova ujabulela Ubunye ObuyiguguINqabayokulinda—1996 | Julayi 15
-
-
5. Ngesisekelo seHubo 133:1, 2, yikuphi ukuqhathanisa okungenziwa phakathi kwama-Israyeli nezinceku zikaNkulunkulu zanamuhla?
5 Lawo mazwi ayesebenza ebunyeni bobuzalwane obabujatshulelwa abantu bakaNkulunkulu basendulo, ama-Israyeli. Lapho beseJerusalema beyele imikhosi yabo emithathu yaminyaka yonke, babehlala ndawonye ngobunye. Nakuba babevela ezizwaneni ezihlukahlukene, babewumkhaya owodwa.
-