-
UJehova Usazi Kahle!INqabayokulinda—1990 | Januwari 15
-
-
Amathambo ami ayengafihlekile kuwe lapho ngenziwa ekusithekeni, lapho ngalukwa ezingxenyeni ezijulile zomhlaba.
-
-
UJehova Usazi Kahle!INqabayokulinda—1990 | Januwari 15
-
-
Ukwazi ngisho nokubona esiswini sikamama, noma esibelethweni. Ingani uJehova angabona nehlule elikhulayo! Ukucabanga nje ngendlela emangalisayo akhiwa ngayo esibelethweni kwashukumisela uDavide ukuba amdumise uMenzi wakhe. Umhubi ngokusobala wabiza isibeletho sikamama ngokuthi ‘izingxenye ezijule kakhulu zomhlaba.’ Lapho, kufihlekile kungabonakali kubantu kodwa kubonakala kuNkulunkulu, amathambo engane, imisipha, izicubu zomzimba, imizwa, nemithambo yegazi kuyalukwa.
Ngaphambi kokuba izitho zomzimba kaDavide zibonakale esibelethweni sikanina, uNkulunkulu wayesazi ukuthi wayezobukeka kanjani. Ngani? Ngoba ukukhula kwehlule kwalandela umklamo othile, njengokungathi kulalela iziyalo ezibhalwe encwadini. Yeka ukuthi lokhu kukubonisa kanjani ukuhlakanipha nekhono likaJehova lokubona ngisho nezinto ezifihlakele! Kufanele kusenze siqonde ukuthi uNkulunkulu wadala uhlanga lwesintu futhi uyena owadala inqubo yokuzala emangalisayo eye yabangela ukuba sibe khona njengabantu.
-