UJehova Usazi Kahle!
UJEHOVA uyasazi ngempela, ikakhulukazi uma siyizinceku zakhe ezithembekile. Abangane abakhulu, izihlobo, ngisho nabazali, abasazi kahle njengoba esazi. Phela, uJehova usazi kangcono ngaphezu kokuba sizazi thina!
Ulwazi lukaJehova oluphelele ngezinceku zakhe lwavezwa kahle kuyiHubo 139. Yini uDavide ayisho kulelohubo? Futhi ulwazi lukaNkulunkulu ngathi kufanele luwathinte kanjani amazwi ethu nezenzo?
Yeka Ubuningi Balokho UJehova Akwaziyo!
Njengoba uNkulunkulu enguMdali wethu, kufanele silindele ukuba abe nolwazi olugcwele ngathi. (IzEnzo 17:24-28) Ngakho, uDavide wayengathi: “Jehova, uyangihlolisisa, uyangazi.” (IHubo 139:1) Ulwazi lukaNkulunkulu ngoDavide lwalunjengalolo olutholwa ngokuhlolisisa ngokucophelela. Ejabule ngokuba uNkulunkulu amhlole, umhubi wazithoba ngokugcwele ekulawuleni kukaNkulunkulu nasesiqondisweni sakhe. Ngokufanayo, oFakazi BakaJehova ‘bayinikela’ ngomthandazo ‘indlela yabo esandleni sikaJehova, bethembela kuye,’ beqiniseka ukuthi ngaso sonke isikhathi uyokwenza okulungile. (IHubo 37:5) Sinomuzwa wokulondeka okungokomoya ezinhliziyweni zethu ngenxa yokuthi sifuna ukuqondiswa ukuhlakanipha kokwesaba uNkulunkulu, futhi sizithoba ngokuzithandela esiqondisweni saphezulu. (IzAga 3:19-26) NjengoDavide, singathola induduzo ngokwazi ukuthi uNkulunkulu uyasibona, uyaziqonda izinkinga zethu, futhi ukulungele ngaso sonke isikhathi ukusisiza.
“Uyakwazi ukuhlala kwami nokuvuka kwami,” kwavuma umhubi. (IHubo 139:2a) UNkulunkulu wayazi konke ngemisebenzi kaDavide, njengokuhlala kwakhe phansi ekupheleni kosuku lomsebenzi nokuvuka kwakhe ngemva kokulala kwasebusuku. Uma singoFakazi BakaJehova, masiqiniseke ngokuthi uNkulunkulu usazi kahle ngaleyondlela nathi.
UDavide wavuma: “Uqonda umcabango wami ukude.” (IHubo 139:2b) Nakuba uNkulunkulu ehlala emazulwini akude kakhulu nendawo yasemhlabeni, wayekwazi lokho uDavide ayekucabanga. (1 AmaKhosi 8:43) Ukuqonda okunjalo akufanele kusimangaze, ngoba uJehova “ubheka okusenhliziyweni.” (1 Samuweli 16:7; IzAga 21:2) Iqiniso lokuthi uNkulunkulu uyayazi imicabango yethu kufanele lisishukumisele ekubeni sicabange ngezinto ezihlanzekile, ezithandekayo, ezitusekayo. Futhi yeka ukuthi kufaneleka kanjani ukukhuluma njalo ngemicabango yethu emithandazweni yethu eqotho ukuze sibe nesiqondiso saphezulu ‘nokuthula kukaNkulunkulu’!—Filipi 4:6-9.
Umhubi wanezela: “Uyaphenya ukuhamba kwami nokulala kwami, wazana nezindlela zonke zami.” (IHubo 139:3) Ukulinganisa uhambo lukaDavide esuka kwenye indawo eya kwenye nokulala kwakhe ngenkathi ephumulile ngokusobala kwasho ukuthi uJehova wayehlolisisa konke umhubi ayekwenza. OPhezukonke wayeqaphela zonke izenzo zikaDavide ukuze abone uhlobo lwangempela lokuziphatha kwakhe. UNkulunkulu wayenolwazi olugcwele ngezindlela zikaDavide, izindlela ayezilandela ekuphileni. Lapho uBaba wethu wasezulwini nathi esihlola ngokufanayo, sengathi angathola ukuthi simkhonza ngokwethembeka futhi sihlala “endleleni yokulunga” eholela ekuphileni okuphakade.—IzAga 12:28.
Njengoba kwakungekho lutho ayengalusho olwalungafihleka kuNkulunkulu, uDavide wathi: “Ngoba anginalo nezwi engingalisho olimini lwami, kodwa, bheka! O Jehova, usuwazi konke.” (IHubo 139:4, NW) Uma sicindezeleke kakhulu kangangokuthi singazi ukuthi sizothini emthandazweni, umoya kaJehova “usikhulumela ngokububula okungenakuphinyiselwa.” (Roma 8:26) Ezingxoxweni zethu, uNkulunkulu uyaziqonda izinto ezisolimini lwethu kodwa esingaziphimiselanga, ngoba wazi imizwa yethu yangempela. Futhi uma sinothando olusekelwe ‘ekukholweni okungazenzisiyo,’ asisoze sazama ukukhohlisa abanye ‘ngamazwi amahle.’—1 Thimothewu 1:5; Roma 16:17, 18.
UDavide wanezela: “Ungizungezile ngasemuva nangaphambili, wabeka isandla sakho phezu kwami.” (IHubo 139:5) Empeleni, uJehova wayekake uDavide njengomuzi okakwe empini. Ngokusobala umhubi wayazi ukuthi kwakukhona imingcele kulokho ayengakwenza ekuphileni kwakhe. Wayazi futhi ukuthi kwakungenakwenzeka ukuba alibalekele iso eliqaphelayo likaNkulunkulu nesandla sakhe, noma ukulawula. Yiqiniso, uDavide akazange azame ukukubalekela, nathi asikwenzi. Kodwa masiziphathe kahle njalo siqaphela ukuthi isandla sikaJehova siphezu kwethu njengoFakazi bakhe.
Ulwazi lukaNkulunkulu ngaye lwamesabisa uDavide. Kanjalo, wathi: “Ukwazi okunjalo kuyangimangalisa; kuphakeme, anginakufinyelela kukho.” (IHubo 139:6) Ulwazi lukaNkulunkulu ngathi njengabantu lujule kangangokuthi asinakuluqonda, kungakhathaliseki ukuthi sinokuhlangenwe nakho noma ukuqeqeshwa okungakanani. Njengoba lwedlula ukuqonda komuntu, singaqiniseka ukuthi uJehova uyazi ukuthi yikuphi okungcono kakhulu ngathi. Ngakho, uma sithandazela okuthile futhi enqaba, masizithobe entandweni yaphezulu. Njengoba umphostoli uJohane abhala: “Uma sicela utho ngokwentando yakhe, uyasizwa.”—1 Johane 5:14.
Asinakuwubalekela Umoya KaNkulunkulu
UJehova akayiphenduli nje kuphela imithandazo yezinceku zakhe ezithembekile kodwa futhi nomoya wakhe uyasebenza kuzo futhi uzisize ukuba zenze intando yakhe. Eqinisweni, uDavide wabuza: “Ngiyakuyaphi, ngisuke emoyeni wakho, na? Ngiyakubalekelaphi, ngimuke ebusweni bakho, na?” (IHubo 139:7) Umhubi wayazi ukuthi akanakuwubalekela umoya kaJehova, noma amandla akhe ayisiphekupheku, ongafinyelela ngisho nasezingxenyeni ezikude kakhulu zendawo yonke. Futhi akekho ongabaleka ebusweni bukaNkulunkulu, okungukuthi, angabonwa nguye. Yiqiniso, “uJona wasuka ebusweni bukaJehova ukuba abalekele eTharashishi,” kodwa lowomprofethi akakwazanga ukubalekela inhlanzi enkulu uNkulunkulu ayimisa ukuba imgwinye noma ukulandisa ngesabelo sakhe saphezulu. (Jona 1:3, 17; 2:10–3:4) Ngakho masithembele emoyeni kaJehova ukuze usisize ukuba sifeze izabelo zethu esizinikezwe uNkulunkulu.—Zakariya 4:6.
Njengoba uDavide ayazi ukuthi kwakungenakwenzeka ukuba ambalekele uNkulunkulu, wathi: “Uma ngikhuphukela ezulwini, wena ulapho; uma ngendlala icansi lami endaweni yabafileyo [eSheol, NW], nangu wena.” (IHubo 139:8) Osukwini lomhubi, ‘ukukhuphukela ezulwini’ kwakusho ukukhuphukela ezintabeni eziphakeme, eziziqongo zazo ngokuvamile zifihlwe amafu. Nokho, noma ngabe sisesiqongweni sentaba esiphakeme, asinakukubalekela ukufinyelelwa umoya kaNkulunkulu. Ngaphezu kwalokho, besingenakukubalekela ukuba asibone uma besingendlala amacansi ethu eSheol, okubonisa ngokomfanekiso izingxenye zomhlaba ezijulile.—Qhathanisa noDuteronomi 30:11-14; Amose 9:2, 3.
“Uma ngithabatha amaphiko okusa, ngiye ngihlale emikhawulweni yolwandle,” kwasho uDavide, “nalapho isandla sakho siyakungihola, esokunene sakho singibambe.” (IHubo 139:9, 10) Kushiwoni ‘ngamaphiko okusa’? Lamazwi ayichaza ngokusankondlo indlela ukukhanya kokusa, njengokungathi kunamaphiko, okusabalala ngayo ngokushesha kusuka empumalanga kuye entshonalanga. Kodwa kwakungenzekani uma uDavide ayengathatha amaphiko okusa futhi afinyelele olwandle olukude kakhulu noma eziqhingini ezisentshonalanga? Wayeyobe esalokhu engaphansi kwesandla sikaNkulunkulu, noma ukulawula nokuqondisa. Ngomoya waKhe, uJehova wayeyoba lapho ukuze aqondise umhubi ngobubele.—IHubo 51:11.
Ubumnyama Abuyona Inkinga KuNkulunkulu
Indawo ekude noma ubumnyama akunakwenza ukuba umuntu angafinyelelwa uNkulunkulu. Ngakho uDavide uyanezela: “Uma bengithi: Ubumnyama mabungehlele, ukukhanya kube-ngubusuku kimi, ubumnyama bebungayikuba-mnyama kuwe, ngokuba ubusuku bebuyakukhanya njengemini, ubumnyama bufane nokukhanya.” (IHubo 139:11, 12) Umuntu angase ambozwe ubumnyama obukhulu, sengathi bumxhakathisile. Kodwa kuJehova angabonakala sengathi ume ekukhanyeni kwasemini kabhá. Akekho umuntu ongafihlela uNkulunkulu noma yiziphi izono ezenziwa ebumnyameni.—Isaya 29:15, 16.
Ukufihleka akumvimbi uMdali wethu ukuba asibone. UDavide wathi ngalokhu: “Ngoba nguwena owakhiqiza izinso zami; wangigcina ngisithekile esiswini sikamama. Ngiyokudumisa ngoba ngenziwa ngokumangalisayo ngendlela esabisayo. Imisebenzi yakho iyamangalisa, njengoba umphefumulo wami ukuqaphela kahle. Amathambo ami ayengafihlekile kuwe lapho ngenziwa ekusithekeni, lapho ngalukwa ezingxenyeni ezijulile zomhlaba. Amehlo akho abona ngisho nehlule lami, futhi encwadini yakho zonke izitho zalo zabhalwa phansi, ngokuqondene nezinsuku ezakhiwa ngazo [izitho zomzimba] futhi kungakabikho nesisodwa [isitho somzimba esibonakalayo] kuzo.”—IHubo 139:13-16, NW.
UJehova uNkulunkulu, owazi imizwa yethu ejule kakhulu, wakhiqiza izinso zikaDavide. Njengoba zingaphakathi ekujuleni komzimba, izinso ziphakathi kwezitho ezifihlekile nezingafinyeleleki, kodwa uNkulunkulu angazibona. Ukwazi ngisho nokubona esiswini sikamama, noma esibelethweni. Ingani uJehova angabona nehlule elikhulayo! Ukucabanga nje ngendlela emangalisayo akhiwa ngayo esibelethweni kwashukumisela uDavide ukuba amdumise uMenzi wakhe. Umhubi ngokusobala wabiza isibeletho sikamama ngokuthi ‘izingxenye ezijule kakhulu zomhlaba.’ Lapho, kufihlekile kungabonakali kubantu kodwa kubonakala kuNkulunkulu, amathambo engane, imisipha, izicubu zomzimba, imizwa, nemithambo yegazi kuyalukwa.
Ngaphambi kokuba izitho zomzimba kaDavide zibonakale esibelethweni sikanina, uNkulunkulu wayesazi ukuthi wayezobukeka kanjani. Ngani? Ngoba ukukhula kwehlule kwalandela umklamo othile, njengokungathi kulalela iziyalo ezibhalwe encwadini. Yeka ukuthi lokhu kukubonisa kanjani ukuhlakanipha nekhono likaJehova lokubona ngisho nezinto ezifihlakele! Kufanele kusenze siqonde ukuthi uNkulunkulu wadala uhlanga lwesintu futhi uyena owadala inqubo yokuzala emangalisayo eye yabangela ukuba sibe khona njengabantu.
Yeka Indlela Imicabango KaNkulunkulu Eyigugu Ngayo!
Ukucabanga ngokukhula komntwana esibelethweni kwenza uDavide wacabanga ngokuhlakanipha kukaNkulunkulu. Kanjalo, umhubi wababaza: “Imicabango yakho, Nkulunkulu, ingamagugu kimi; bukhulu kangaka ubuningi bayo.” (IHubo 139:17) UDavide wayazisa imicabango kaJehova uNkulunkulu, futhi miningi kangangokuthi wahlabeka umxhwele, ‘ngobuningi bayo.’ Uma imicabango kaNkulunkulu iyigugu kithi, siyoba abafundi abakhuthele bemiBhalo. (1 Thimothewu 4:15, 16) Imicabango yakhe ebhalwe phansi “ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.”—2 Thimothewu 3:16, 17.
Ngokuqondene nemicabango kaJehova, uDavide wathi: “Uma bengiyakuyibala, miningi ngaphezu kwesihlabathi; lapho ngivuka, bengiyakuba-nawe.” (IHubo 139:18) Njengoba imicabango kaNkulunkulu, iminingi ngisho nangaphezu kwesihlabathi, ukuba uDavide wayengaqala ukuyibala ekuseni, ebusuku wayezobe engakaqedi. Lapho evuka ekuseni, wayeyobe esenoJehova. Okungukuthi, wayezobe esabala imicabango kaNkulunkulu. Eqinisweni, njengoba sidinga isiqondiso sikaJehova, ukuzindla okuqotho ngemicabango yakhe nangezinjongo zakhe kungase kube sezingqondweni njengento yokugcina ebusuku nanjengento yokuqala ekuseni.—IHubo 25:8-10.
Isijeziso Sababi
Njengoba uNkulunkulu enikeza ukuqondisa okuwukuhlakanipha, uDavide wazizwa kanjani ngalabo abalahla isiqondiso saphezulu? Wathandaza: “Sengathi ungabulala ababi, Nkulunkulu; ngalokho sukani kimi nina-bantu begazi. Bakhuluma ngamacebo ngawe, baliphatha ngeze igama lakho.” (IHubo 139:19, 20) UDavide akazange azame ukubulala ababi kodwa wathandazela ukuba bathole isijeziso esivela kuJehova. Kufanele sibe nesimo sengqondo esifanayo. Ngokwesibonelo, singathandazela isibindi sokukhuluma iZwi likaNkulunkulu lapho izitha zisishushisa. (IzEnzo 4:18-31) Kodwa asifuni ukuzibulala izitha zethu, ngoba siyazi ukuthi uJehova uthe: “Ngeyami impindiselo, yimina engiyakubuyisela.”—Heberu 10:30; Duteronomi 32:35.
Uma uNkulunkulu ayengababulala ababi, abantu abanjalo abanecala legazi babeyohlukana noDavide. Babenomlando wecala lokuchitha igazi futhi babeye basho izinto ngoJehova ngokombono wabo, hhayi ngokuvumelana nemicabango yakhe. Ngaphezu kwalokho, babekufanelekela ukufa ngenxa yokuletha isihlamba egameni likaNkulunkulu ngokuliphatha ngeze, ngokunokwenzeka ngokulisebenzisa lapho beqhuba amacebo abo amabi. (Eksodusi 20:7) Sengathi singelokothe sibe necala lezono ezifanayo!
Ngenxa yokuthi ababi babenecala lokuchitha igazi nelokuletha isihlamba egameni likaNkulunkulu, uDavide wathi: “Jehova, angibazondi abakuzondayo na? Anginengwa ngabakuvukelayo na? Ngiyabazonda ngenzondo epheleleyo; bayizitha kimi.” (IHubo 139:21, 22) UDavide wazizwa enenzondo ngalamadoda ngoba ayemzomda ngokujulile uJehova futhi emvukela. Ayeyizitha zomhubi ngoba wayebenyanya ububi bawo, ukungamesabi kwawo uNkulunkulu, nokuhlubuka kwawo koPhezukonke.
Vumela UNkulunkulu Akuhlole
UDavide akazange afune ukufana nabantu ababi, kodwa wayazi ukuthi akufanele abazonde. Ngakho wanxusa: “Ngihlole, Nkulunkulu, wazi inhliziyo yami; ngilinge, wazi imicabango yami, ubone, uma kukhona indlela yosizi kimi, ungiholele endleleni yaphakade.” (IHubo 139:23, 24) Njengomhubi, kufanele sifune ukuba uNkulunkulu ahlole izinhliziyo zethu abone ukuthi azikho yini izisusa ezingafanele. (1 IziKronike 28:9) Kufanele sicele uJehova asihlole, azi imicabango yethu esikhathazayo, futhi abone ukuthi ayikho yini indlela ebuhlungu kithi. Uma sihlaselwa ukukhathazeka ngenxa yamaphutha ethu noma kukhona okuthile okubuhlungu kithi noma okungalungile ngezisusa zethu, masithandaze ngokuzithoba futhi sizithobe ngokugcwele ekuqondiseni komoya kaNkulunkulu naseselulekweni seZwi lakhe. (IHubo 40:11-13) Ngemizamo enjalo, uMngane wethu omkhulu, uJehova, angasiholela endleleni yaphakade, asisize ukuba siphishekele inkambo elungile eholela ekuphileni okuphakade.
Kanjalo iHubo 139 linikeza isikhuthazo sangempela. Libonisa ukuthi, njengoba kungekho lutho uBaba wethu wasezulwini angaluboni, angasisiza nganoma yisiphi isikhathi sesidingo. (Heberu 4:16) Ngaphezu kwalokho, ngenxa yokuthi uJehova usazi kangcono ngaphezu kokuba sizazi, silondekile ekunakekeleni kwakhe kothando. (Duteronomi 33:27) Uma simcela ngokuzithoba ukuba asihlole futhi asiqaphelise ubuthakathaka bethu siqu, singazilungisa izindaba ngosizo lwakhe. Khona-ke, ngokuqinisekile ulwazi lukaNkulunkulu ngathi ngabanye kufanele luthinte ukuphila kwethu ngendlela enhle. Kufanele lusishukumisele ukuba sibe ngabameleli abathembekile bokukhulekela kweqiniso futhi sihambe ngokuthobeka phambi kukaJehova, osazi kahle.