Lukhulu Uthando LukaJehova Oluqotho
“UJehova . . . mkhulu ngomusa wothando.”—IHUBO 145:8.
1. Lukhulu kangakanani uthando lukaNkulunkulu?
“UNKULUNKULU uluthando.” (1 Johane 4:8) Lawo mazwi ajabulisayo afakazela ukuthi indlela kaJehova yokubusa isekelwe othandweni. Phela, ngisho nabantu abangamlaleli bayazuza elangeni nasemvuleni asinikeza yona ngothando! (Mathewu 5:44, 45) Ngenxa yothando lukaNkulunkulu ngezwe lesintu, ngisho nezitha zakhe zingaphenduka, zibuyele kuye, zithole ukuphila. (Johane 3:16) Nokho, ngokushesha uJehova uzobabhubhisa ababi abangafuni ukuphenduka ukuze abantu abamthandayo bajabulele ukuphila okuphakade ezweni elisha lokulunga.—IHubo 37:9-11, 29; 2 Petru 3:13.
2. Isiphi isici esikhethekile sothando uJehova asibonisa labo abazinikezele kuye?
2 UJehova ubonisa uthando ngabakhulekeli bakhe beqiniso ngendlela enhle kakhulu futhi ehlala phakade. Lolo thando luchazwa ngegama lesiHebheru elihunyushwa ngokuthi “umusa wothando” noma “uthando oluqotho.” INkosi uDavide yakwa-Israyeli wasendulo, yayiwazisa ngokujulile umusa kaNkulunkulu wothando. Ngenxa yalokho okwakwenzeke kuye nangokuzindla ngokusebenzelana kukaNkulunkulu nabanye, uDavide wayengaba nesibindi sokuhlabelela athi: “UJehova . . . mkhulu ngomusa wothando [noma, ngothando oluqotho].”—IHubo 145:8.
Ukubona Abaqotho BakaNkulunkulu
3, 4. (a) IHubo 145 lisisiza kanjani ukuba sibone abaqotho bakaJehova? (b) Abaqotho bakaNkulunkulu ‘bamtusa’ kanjani?
3 Ekhuluma ngoJehova uNkulunkulu, uHana, umama womprofethi uSamuweli, wathi: “Uqapha izinyawo zabathembekile [noma, abaqotho] bakhe.” (1 Samuweli 2:9) Bangobani laba “abaqotho”? INkosi uDavide iyayinikeza impendulo. Ngemva kokubabaza izimfanelo zikaJehova ezimangalisayo, ithi: “Abaqotho bakho bayokutusa.” (IHubo 145:10) Ungase uzibuze ukuthi abantu bangamtusa kanjani uNkulunkulu. Ngokuyinhloko bamtusa ngokumdumisa noma ngokukhuluma kahle ngaye.
4 Abaqotho bakaJehova kungathiwa yilabo abasebenzisa imilomo yabo ukukhuluma kahle ngaye. Lapho benemibuthano nalapho besemihlanganweni yobuKristu, yini abakhuluma ngayo kakhulu? Phela, bakhuluma ngoMbuso kaJehova! Izinceku zikaNkulunkulu eziqotho zizizwa njengoDavide owahlabelela: “Bayokhuluma ngenkazimulo yobukhosi bakho [bukaJehova], bakhulume nangamandla akho.”—IHubo 145:11.
5. Sazi ngani ukuthi uJehova uyaqaphela lapho abaqotho bakhe bekhuluma kahle ngaye?
5 Ingabe uJehova uyaqaphela lapho abaqotho bakhe bemdumisa? Yebo, uyakunaka lokho abakushoyo. Esiprofethweni esiphathelene nokukhulekela kweqiniso osukwini lwethu, uMalaki wabhala: “Ngaleso sikhathi abamesabayo uJehova bakhuluma omunye komunye, yilowo nalowo nomngane wakhe, uJehova waqhubeka enakile futhi elalele. Kwalotshwa incwadi yenkumbulo phambi kwakhe yalabo abamesabayo uJehova nalabo abacabanga ngegama lakhe.” (Malaki 3:16) Kuyamjabulisa kakhulu uJehova lapho abaqotho bakhe bekhuluma kahle ngaye, futhi uyabakhumbula.
6. Imuphi umsebenzi osisiza sikwazi ukubona abaqotho bakaNkulunkulu?
6 Izinceku zikaJehova eziqotho zingabonakala futhi ngesibindi sazo sokukhuluma nabantu abangebona abakhulekeli bakaNkulunkulu weqiniso. Ngempela, abaqotho bakaNkulunkulu ‘benza izenzo zakhe zamandla zaziwe amadodana abantu nenkazimulo yobukhazikhazi bobukhosi bakhe.’ (IHubo 145:12) Ingabe uyawabheka futhi uwasebenzise ngokugcwele amathuba okukhuluma ngobukhosi bukaJehova nabantu abangakholwa? Ngokungafani nohulumeni babantu abazodlula ngokushesha, ubukhosi bakhe bungobaphakade. (1 Thimothewu 1:17) Kuyaphuthuma ukuba abantu bazi ngobukhosi bukaJehova obuphakade futhi babe abasekeli babo. UDavide wahlabelela: “Ubukhosi bakho buwubukhosi kuze kube nini nanini, nombuso wakho ukuzo zonke izizukulwane ezizolandela.”—IHubo 145:13.
7, 8. Yini eyenzeka ngo-1914, futhi ibuphi ubufakazi obukhona bokuthi uNkulunkulu manje uyabusa ngoMbuso weNdodana yakhe?
7 Kusukela ngo-1914, kube khona esinye isizathu sokukhuluma ngobukhosi bukaJehova. Ngalowo nyaka, uNkulunkulu wamisa uMbuso wasezulwini wobuMesiya oneNkosi enguJesu Kristu, iNdodana kaDavide. Ngaleyo ndlela uJehova wagcwalisa isithembiso sakhe sokuthi ubukhosi bukaDavide babuyokuma buqine kuze kube nini nanini.—2 Samuweli 7:12, 13; Luka 1:32, 33.
8 Ubufakazi bokuthi uJehova manje uyabusa ngoMbuso weNdodana yakhe, uJesu Kristu, bubonakala ekugcwalisekeni okuqhubekayo kophawu lokuba khona kukaJesu. Isici esivelele kunazo zonke zalolo phawu umsebenzi uJesu abikezela ukuthi wawuyokwenziwa yibo bonke abaqotho bakaNkulunkulu lapho ethi: “Lezi zindaba ezinhle zombuso ziyoshunyayelwa emhlabeni wonke owakhiwe ngenjongo yobufakazi ezizweni zonke; khona-ke ukuphela kuyofika.” (Mathewu 24:3-14) Ngenxa yokuthi abaqotho bakaNkulunkulu basigcwalisa ngentshiseko leso siprofetho, manje sekunabesilisa nabesifazane nezingane abangaphezu kwezigidi eziyisithupha abenza lo msebenzi omkhulu ongasoze waphindwa. Ngokushesha sizofika isiphelo sabo bonke abaphikisa uMbuso kaJehova.—IsAmbulo 11:15, 18.
Ukuzuza Ebukhosini BukaJehova
9, 10. Uyini umahluko phakathi kukaJehova nababusi abangabantu?
9 Uma singamaKristu azinikezele, ubuhlobo bethu neNkosi EnguMbusi uJehova busilethela izinzuzo eziningi. (IHubo 71:5; 116:12) Ngokwesibonelo, ngenxa yokuthi siyamesaba uNkulunkulu futhi senza ukulunga, sijabulela ukwamukelwa nguye futhi sisondelene naye ngokomoya. (IzEnzo 10:34, 35; Jakobe 4:8) Ngokuphambene nalokho, kuvamile ukuba ababusi abangabantu babonakale bekanye nabantu abavelele njengabaholi bezempi, osomabhizinisi abacebile, noma izilomo zezemidlalo nezezokuzijabulisa. Ngokwephephandaba lase-Afrika, i-Sowetan, isikhulu esithile sikahulumeni esivelele sasho okulandelayo ngezindawo ezikhungethwe ubumpofu ezweni lakubo: “Ngiyaqonda ukuthi kungani abaningi bethu bengafuni ukuya ezindaweni ezinjalo. Yingoba nje sifuna ukukhohlwa ukuthi zikhona izimo ezinjalo. Kusihlupha onembeza futhi kusibangela amahloni ukuthi thina sihamba [ngezimoto] ezibizayo.”
10 Yiqiniso, abanye ababusi abangabantu bayikhathalele ngobuqotho inhlalakahle yabantu babo. Kodwa ngisho nabanozwela kangakanani ababazeli eduze abantu babo. Ngempela singabuza: Ukhona umbusi onendaba nabo bonke abantu bakhe kangangokuthi uyashesha ukusiza ngamunye wabo uma kunenkathazo? Yebo, ukhona. UDavide wabhala: “UJehova usekela bonke abawayo, futhi uvusa bonke abakhotheme.”—IHubo 145:14.
11. Iziphi izinhlupheko ezehlela abaqotho bakaNkulunkulu, futhi iluphi usizo abanalo?
11 Ziningi izinhlupheko nezinhlekelele ezehlela abaqotho bakaJehova uNkulunkulu ngenxa yokungapheleli kwabo nangenxa yokuthi baphila ezweni elisemandleni kaSathane, “omubi.” (1 Johane 5:19; IHubo 34:19) AmaKristu ayashushiswa. Amanye ezwa iminjunju yamahlala khona noma yokufelwa. Ngezinye zikhathi, amaphutha abaqotho bakaJehova angase ababangele ukuba ‘bakhothame’ ngenxa yokudumazeka. Nokho, kungakhathaliseki ukuthi behlelwa iyiphi inhlupheko uJehova uhlale ekulungele ukududuza nokuqinisa ngokomoya ngamunye wabo. INkosi uJesu Kristu nayo inesithakazelo sothando esifanayo kubantu bayo abaqotho.—IHubo 72:12-14.
Ukudla Okwanelisayo Ngenkathi Yako
12, 13. UJehova uzinakekela kahle kangakanani izidingo zayo “yonke into ephilayo”?
12 Ngenxa yomusa wakhe omkhulu wothando, uJehova unakekela zonke izidingo zezinceku zakhe. Lokhu kuhlanganisa nokuzanelisa ngokudla okunomsoco. INkosi uDavide yabhala: “Amehlo abo bonke abheka kuwe [Jehova] ngethemba, ubanika ukudla kwabo ngenkathi yako. Uvula isandla sakho wanelise isifiso sayo yonke into ephilayo.” (IHubo 145:15, 16) Ngisho nangezikhathi zenhlekelele, uJehova angabangela ukuba izinto zenzeke ngendlela yokuthi abaqotho bakhe bathole ‘isinkwa sosuku.’—Luka 11:3; 12:29, 30.
13 UDavide wathi “yonke into ephilayo” iyaneliswa. Lokho kuhlanganisa nezilwane. Ukube bekungengenxa yenala yohlaza olusezweni nezitshalo ezisolwandle, izilwane zasemanzini, izinyoni nezilwane zasezweni bezingeke zibe nawo umoyampilo noma ukudla. (IHubo 104:14) Nokho, uJehova uyaqikelela ukuthi zonke izidingo zazo ziyaneliswa.
14, 15. Kutholakala kanjani ukudla okungokomoya namuhla?
14 Ngokungafani nezilwane, abantu banesidingo esingokomoya. (Mathewu 5:3) Yeka ukuthi uJehova uzanelisa kahle kangakanani izidingo zabaqotho bakhe! Ngaphambi kokufa kwakhe, uJesu wathembisa ukuthi ‘inceku ethembekileyo neqondayo’ yayizonikeza abalandeli bakhe ‘ukudla okungokomoya ngesikhathi esifanele.’ (Mathewu 24:45) Insali yabangu-144 000 abagcotshiwe yakha leso sigaba senceku namuhla. Ngayo, uJehova ukulungiselele ngempela ukudla okungokomoya ngobuningi.
15 Ngokwesibonelo, abaningi kubantu bakaJehova manje bayazuza enguqulweni yeBhayibheli entsha futhi enembile etholakala ngezilimi zabo. Ayive ibe isibusiso esimangalisayo INguqulo Yezwe Elisha YemiBhalo Engcwele. Ngaphezu kwalokho, kuyaqhutshekwa kukhishwa izigidi zezinsiza kutadisha iBhayibheli ngezilimi ezingaphezu kuka-300. Konke lokhu kudla okungokomoya kube isibusiso kubakhulekeli beqiniso emhlabeni wonke. Ubani okufanele adunyiswe ngakho konke lokhu? UJehova uNkulunkulu. Ngomusa wakhe omkhulu wothando, ukwenze kwenzeka ukuba isigaba senceku sinikeze “ukudla . . . ngenkathi yako.” Ngamalungiselelo anjalo, siyaneliswa “isifiso sayo yonke into ephilayo” epharadesi lanamuhla elingokomoya. Futhi yeka ukuthi izinceku zikaJehova zijabula kanjani ngethemba lokuthi ngokushesha zizobona umhlaba uguqulwa uba ipharadesi elingokoqobo!—Luka 23:42, 43.
16, 17. (a) Kunaziphi izibonelo zokudla okungokomoya okwafika ngesikhathi esifanele? (b) IHubo 145 liyiveza kanjani imizwa yabaqotho bakaNkulunkulu ngokuqondene nempikiswano eyinhloko eyaphakanyiswa uSathane?
16 Cabanga ngesibonelo esiphawulekayo sokudla okwatholakala ngesikhathi esifanele. Ngo-1939, kwaqala iMpi Yezwe II eYurophu. Ngawo lowo nyaka, INqabayokulinda (yesiNgisi) ka-November 1 yayinesihloko esithi “Neutrality [Ukungathathi Hlangothi].” Ngenxa yokwaziswa okucacile okwakunikezwa lapho, oFakazi BakaJehova emhlabeni wonke basibona isidingo sokuhlala bangaluthathi nhlobo uhlangothi ezindabeni zezizwe ezazilwa. Lokhu kwababangela ulaka lohulumeni nhlangothi zombili zaleyo mpi eyadonsa iminyaka eyisithupha. Nokho, naphezu kokuvinjelwa nokushushiswa, abaqotho bakaNkulunkulu baqhubeka beshumayela izindaba ezinhle zoMbuso. Kusukela ngo-1939 kuya ku-1946 babusiswa ngokwanda okumangalisayo kwamaphesenti angu-157. Ngaphezu kwalokho, umlando wabo omuhle kakhulu wokugcina ubuqotho ngesikhathi saleyo mpi usaqhubeka usiza abantu ukuba babone inkolo yeqiniso.—Isaya 2:2-4.
17 Akukona nje kuphela ukuthi ukudla okungokomoya uJehova akunikezayo kufika ngesikhathi kodwa futhi kuyanelisa kakhulu. Ngesikhathi izizwe zingene shí eMpini Yezwe II, abantu bakaJehova babesizwa ukuba bagxilise izingqondo zabo entweni ebaluleke kakhulu kunokusindiswa kwabo siqu. UJehova wabasiza baqonda ukuthi impikiswano eyinhloko, ehilela indawo yonke, iphathelene nokufaneleka kobukhosi bukaJehova. Yeka ukuthi kwanelisa kanjani ukwazi ukuthi, ngokwethembeka kwabo, ngamunye uFakazi kaJehova waba nengxenye encane ekulwelweni kobukhosi bukaJehova nasekufakazeleni ukuthi uDeveli ungumqambimanga! (IzAga 27:11) Ngokungafani noSathane, onyundela uJehova nendlela yakhe yokubusa, abaqotho bakaJehova bayaqhubeka bememezela obala: “UJehova ulungile kuzo zonke izindlela zakhe.”—IHubo 145:17.
18. Kunasiphi isibonelo samuva nje sokudla okungokomoya okufike ngesikhathi esifanele futhi okwanelisayo?
18 Esinye isibonelo sokudla okungokomoya okufike ngesikhathi futhi okwanelisayo yincwadi ethi Sondela KuJehova, eyakhishwa eMihlanganweni Yesigodi eminingi ‘Yabamemezeli BoMbuso Abashisekayo’ eyaqhutshwa emhlabeni wonke ngo-2002/03. Le ncwadi, ekhishwa ‘inceku ethembekileyo neqondayo’ futhi esakazwa oFakazi BakaJehova, igxile ezimfanelweni zikaJehova uNkulunkulu ezimangalisayo, kuhlanganise nalezo ezishiwo yiHubo 145. Akungatshazwa ukuthi le ncwadi enhle izokwenza lukhulu ekusizeni abaqotho bakaNkulunkulu ukuba basondele nakakhulu kuye.
Isikhathi Sokusondela KuJehova
19. Isiphi isikhathi esibalulekile esisondelayo, futhi singabhekana kanjani naso?
19 Liyasondela iqophelo elibalulekile ekuxazululweni kwempikiswano yobukhosi bukaJehova. Njengoba kwabikezelwa kuHezekeli isahluko 38, akusekude uSathane afeze indima yakhe yokuba ‘uGogi wezwe lakwaMagogi.’ Lokhu kuyohlanganisa nokuhlaselwa kwabantu bakaJehova emhlabeni wonke. USathane uyobe ezilahla amathambo ezama ukwephula ubuqotho babantu bakaNkulunkulu abaqotho. Kuyodingeka kakhulu kunanini ngaphambili ukuba abakhulekeli bakaJehova bambize ngobuqotho, baze bakhale nokukhala becela usizo. Ingabe ukwesaba kwabo uNkulunkulu okunenhlonipho kanye nothando lwabo kuyoba yize? Lutho, ngoba iHubo 145 lithi: “UJehova useduze nabo bonke abambizayo, useduze nabo bonke abambiza ngeqiniso. Uyokwanelisa isifiso sabo bonke abamesabayo, nokukhalela kwabo usizo uyokuzwa, abasindise. UJehova uqapha bonke abamthandayo, kodwa bonke ababi uyobabhuqa.”—IHubo 145:18-20.
20. Ayogcwaliseka kanjani amazwi eHubo 145:18-20 esikhathini esizayo esiseduze?
20 Yeka ukuthi kuyojabulisa kanjani ukuzwa ukuba seduze kukaJehova nokubona amandla akhe okusindisa lapho ebhubhisa bonke ababi! Ngaleso sikhathi esibalulekile, manje esesiseduze kakhulu, uJehova uyolalela kuphela “abambiza ngeqiniso.” Ngeke neze abalalele abazenzisi. IZwi likaNkulunkulu libonisa ngokucacile ukuthi akukaze kusize ukusebenzisa kwababi igama likaNkulunkulu ngomzuzu wokugcina.—IzAga 1:28, 29; Mika 3:4; Luka 13:24, 25.
21. Abaqotho bakaJehova babonisa kanjani ukuthi bayakujabulela ukusebenzisa igama lakhe?
21 Manje kunanini ngaphambili yisikhathi sokuba labo abamesabayo uJehova ‘bambize ngeqiniso.’ Abaqotho bakhe bayakujabulela ukusebenzisa igama lakhe emithandazweni yabo nasezimpendulweni zabo emihlanganweni yabo. Bayalisebenzisa igama likaNkulunkulu lapho bezixoxela. Ngesibindi bamemezela igama likaJehova enkonzweni yabo yasobala.—Roma 10:10, 13-15.
22. Kungani kubalulekile ukuhlala simelana nezimo zengqondo zezwe kanye nezifiso zalo?
22 Ukuze siqhubeke sizuza ebuhlotsheni bethu obuseduze noJehova uNkulunkulu, kubalulekile futhi ukuba siqhubeke simelana nezinto ezilimazayo ngokomoya ezinjengokuthanda izinto ezibonakalayo, ezokuzijabulisa ezingcolile, ukungathetheleli, noma ukungabi nandaba nabaswele. (1 Johane 2:15-17; 3:15-17) Uma ziyekwa zingalungiswa, izinto ezinjalo zingabangela ukuba umuntu asenze umkhuba isono esibi futhi ekugcineni alahlekelwe ukuvunyelwa uJehova. (1 Johane 2:1, 2; 3:6) Kuwukuhlakanipha ukukhumbula ukuthi uJehova uyoqhubeka esibonisa umusa wothando, noma uthando oluqotho, kuphela uma sihlala sithembekile kuye.—2 Samuweli 22:26.
23. Iliphi ikusasa elihle kakhulu elilindele bonke abaqotho bakaNkulunkulu?
23 Ngakho masigcine imicabango yethu igxile esikhathini esizayo esihle kakhulu esilindele bonke abaqotho bakaJehova. Uma senza kanjalo, siyoba nethemba lokubalwa phakathi kwalabo abayobabaza, batuse futhi badumise uJehova “usuku lonke. . . yebo kuze kube phakade.” (IHubo 145:1, 2) Ngakho sengathi ‘singazigcina sisothandweni lukaNkulunkulu sibe sinombono wokuphila okuphakade.’ (Jude 20, 21) Njengoba siqhubeka sizuza ezimfanelweni ezimangalisayo zikaBaba wethu osezulwini, ezihlanganisa nomusa wakhe omkhulu wothando awubonisa labo abamthandayo, sengathi singaba nemizwa efana naleyo uDavide ayiveza ngamazwi okugcina eHubo 145: “Umlomo wami uyokhuluma udumo lukaJehova; yonke inyama mayilituse igama lakhe elingcwele kuze kube nini nanini, yebo kuze kube phakade.”
Ungaphendula Uthini?
• IHubo 145 lisiza kanjani ekuboneni abaqotho bakaNkulunkulu?
• UJehova ‘usanelisa kanjani isifiso sayo yonke into ephilayo’?
• Kungani kudingeka sisondele kuJehova?
[Isithombe ekhasini 16]
Abaqotho bakaNkulunkulu bayakujabulela ukuxoxa ngezenzo zakhe zamandla
[Isithombe ekhasini 17]
Ngesibindi izinceku zikaJehova zisiza abangakholwa ukuba bazi ngenkazimulo yobukhosi bakhe
[Izithombe ekhasini 18]
UJehova ulungiselela ukudla kwayo “yonke into ephilayo”
[Umthombo]
Animals: Parque de la Naturaleza de Cabárceno
[Isithombe ekhasini 19]
UJehova ubanika amandla nesiqondiso abaqotho bakhe, abafuna usizo lwakhe ngomthandazo