Indalo Imemezela Inkazimulo KaNkulunkulu!
“Amazulu amemezela inkazimulo kaNkulunkulu; umkhathi ulandisa ngomsebenzi wezandla zakhe.”—IHUBO 19:1.
1, 2. (a) Kungani abantu bengakwazi ukuyibona ngokuqondile inkazimulo kaNkulunkulu? (b) Abadala abangu-24 bamkhazimulisa kanjani uNkulunkulu?
“AWUKWAZI ukubona ubuso bami, ngoba akukho muntu ongangibona kodwa aphile.” (Eksodusi 33:20) UJehova wamxwayisa kanjalo uMose. Ngenxa yokuthi abantu badalwe ngenyama ebuthaka, ngeke baphile uma bengayibona ngokuqondile inkazimulo kaNkulunkulu. Nokho, embonweni, umphostoli uJohane waboniswa umbono omangalisayo kaJehova esesihlalweni saKhe esikhazimulayo.—IsAmbulo 4:1-3.
2 Ngokungafani nabantu, izidalwa zomoya ezithembekile zona ziyakwazi ukubona ubuso bukaJehova. Kulo mbono kaJohane wasezulwini, zibonakala zikanye ‘nabadala abangamashumi amabili nane’ abamelela abangu-144 000. (IsAmbulo 4:4; 14:1-3) Benze njani lapho bebona inkazimulo kaNkulunkulu? NgokwesAmbulo 4:11, bamemeza bathi: “Uyakufanelekela, Jehova, yebo Nkulunkulu wethu, ukwamukela inkazimulo nodumo namandla, ngoba wadala zonke izinto, nangenxa yentando yakho zaba khona zadalwa.”
Okwenza ‘Bangabi Nazaba’
3, 4. (a) Kungani ukukholelwa kuNkulunkulu kungaphikisani nesayensi? (b) Kwezinye izimo, yini ebangela ukungakholelwa kuNkulunkulu?
3 Ingabe uyashukumiseleka ukuba ukhazimulise uNkulunkulu? Abantu abaningi abashukumiseleki, abanye bayaphika nokuphika ukuthi uNkulunkulu ukhona. Ngokwesibonelo, esinye isazi sezinkanyezi sabhala: “NguNkulunkulu yini owangenela, ngomusa wasibumbela le ndawo esizungezile? . . . Bekungajabulisa ukube bekunjalo. Ngeshwa ngikholelwa ukuthi kuyinganekwane lokho. . . . Akuyena uNkulunkulu owadala izinto.”
4 Ukucwaninga kososayensi kunemingcele—kuphelela kulokho abantu abakwazi ukukubona noma bakuhlole ngokoqobo. Ngale kwalokho kuwukucabangela noma ukuqagela kuphela. Njengoba ‘uNkulunkulu enguMoya,’ akunakwenzeka ukumcwaninga ngezindlela zesayensi. (Johane 4:24) Ngakho kuwukuqhosha ukuphikisa ukukholelwa kuNkulunkulu ngokuthi akuvumelani nesayensi. Usosayensi uVincent Wigglesworth waseYunivesithi YaseCambridge wathi kona ngokwako ukusebenzisa izindlela zesayensi ‘kuyinkolo.’ Kanjani? “Kusekelwe ekukholelweni ngokungenakungabaza ukuthi izenzakalo zemvelo zilandela ‘imithetho yemvelo.’” Ngakho, uma umuntu ephikisa ukukholelwa kuNkulunkulu, akukhona yini ukuthi usuke emane nje amukela olunye uhlobo lokholo esikhundleni solunye? Kwezinye izimo, kuba sobala ukuthi ukungakholelwa kuNkulunkulu kuwukwenqaba ngamabomu ukuvuma iqiniso. Umhubi wabhala: “Omubi ngokuqhosha kwakhe akazikhathazi ngokufuna; yonke imibono yakhe iwukuthi: ‘Akekho uNkulunkulu.’”—IHubo 10:4.
5. Kungani kungenakuthethelelwa ukungakholelwa kuNkulunkulu?
5 Nokho, ukukholelwa kuNkulunkulu akuyona into engenasisekelo, ngoba kunobufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi uNkulunkulu ukhona. (Hebheru 11:1) Isazi sezinkanyezi u-Allan Sandage sathi: “Ngikubona kuyinto engenakwenzeka ngempela ukuthi ukuhleleka okunje [endaweni yonke] kwavela esiphithiphithini. Kumelwe ukuthi ukhona umthombo wako. Kimi uNkulunkulu uyimfihlakalo, kodwa nguye kuphela okungathiwa wabangela isimanga sokuba khona kwezinto, ukuba kube khona utho esikhundleni seze.” Umphostoli uPawulu watshela amaKristu eRoma ukuthi “izimfanelo [zikaNkulunkulu] ezingabonakali zibonakala ngokucacile kusukela ekudalweni kwezwe kuye phambili, ngoba ziqondakala ngezinto ezenziwe, ngisho namandla akhe angunaphakade nobuNkulunkulu bakhe, kangangokuthi [abangakholwa] abanazaba.” (Roma 1:20) Kusukela “ekudalweni kwezwe”—ikakhulukazi ekudalweni kwezidalwa ezingabantu abanengqondo, ababengakwazi ukuqonda ukuthi uNkulunkulu ukhona—kuye kwaba sobala ukuthi ukhona uMdali onamandla amakhulu, uNkulunkulu okufanele sizinikele kuye. Ngakho abanazaba labo abayiphikayo inkazimulo kaNkulunkulu. Nokho, indalo inikeza buphi ubufakazi?
Indawo Yonke Imemezela Inkazimulo KaNkulunkulu
6, 7. (a) Amazulu ayimemezela kanjani inkazimulo kaNkulunkulu? (b) Amazulu ayelule ngayiphi injongo ‘imicu yokulinganisa’?
6 IHubo 19:1 liphendula ngokuthi: “Amazulu amemezela inkazimulo kaNkulunkulu; umkhathi ulandisa ngomsebenzi wezandla zakhe.” UDavide waqonda ukuthi izinkanyezi nonozungez’ ilanga abakhanya ‘emkhathini,’ kunikeza ubufakazi obuqand’ ikhanda bokuthi ukhona uNkulunkulu okhazimulayo. Uyaqhubeka: “Usuku ngalunye lwenza ukuba inkulumo iphuphume, nobusuku ngabunye bubonisa ulwazi.” (IHubo 19:2) Usuku ngalunye nobusuku ngabunye, amazulu abonakalisa ukuhlakanipha kukaNkulunkulu namandla akhe okudala. Kunjengokungathi amazulu ‘aphuphuma’ amazwi okudumisa uNkulunkulu.
7 Nokho, kudinga ukuqonda ukuzwa lobu bufakazi. “Akukho nkulumo, futhi akukho mazwi; akukho zwi elizwakalayo kukho.” Noma kunjalo, bunamandla lobu bufakazi bamazulu obungazwakali. “Umucu wako wokulinganisa uphumele kuwo wonke umhlaba, namazwi ako emkhawulweni wezwe elikhiqizayo.” (IHubo 19:3, 4) Kunjengokungathi amazulu elula ‘imicu yokulinganisa’ ukuze aqiniseke ukuthi ubufakazi bawo obungazwakali buyafika kuwo wonke amagumbi omhlaba.
8, 9. Imaphi amanye amaqiniso amangalisayo ngelanga?
8 Ngokulandelayo uDavide uchaza esinye isimangaliso sendalo kaJehova: “Umise [emazulwini abonakalayo] itende lelanga, linjengomkhwenyana lapho ephuma egumbini lakhe labasanda kushada; lethabela ukugijima endleleni njengoba kwenza indoda enamandla. Ukuphuma kwalo kusukela komunye umkhawulo wamazulu, ukujikeleza kwalo okuphelele kufika kweminye imikhawulo yawo; futhi akukho lutho olusithekile ekushiseni kwalo.”—IHubo 19:4-6.
9 Uma liqhathaniswa nezinye izinkanyezi, ilanga alilikhulu kangako. Kodwa, liyinkanyezi emangalisayo, ubukhulu balo benza konke okulizungezayo kubonakale kungelutho. Enye incwadi ithi isisindo salo singamathani “ayizigidi eziyizinkulungwane eziyizigidi eziyinkulungwane eziphindwe izigidi eziyizinkulungwane eziyizigidi ezimbili”—amaphesenti angu-99,9 esisindo sawo wonke amaplanethi alizungezayo kuhlanganise nalo! Amandla alo okudonsela kulo agcina umhlaba ulizungeza usebangeni elingamakhilomitha ayizigidi ezingu-150 ungaqheli futhi ungasondeli kulo. Mancane kakhulu amandla elanga afika emhlabeni, kodwa lawo mandla anele ukusekela ukuphila.
10. (a) Ilanga liphuma liphinde lingene kanjani ‘etendeni’ lalo? (b) Ligijima kanjani ‘njengendoda enamandla’?
10 Umhubi ukhuluma ngelanga ngendlela engokomfanekiso, elifanisa ‘nendoda enamandla’ egijima emini isuka komunye umkhathizwe iye komunye bese iphumula ‘etendeni’ ebusuku. Lapho leyo nkanyezi enamandla isithela emkhathizwe, uma uyibuka usemhlabeni, kuba sengathi ingena ‘etendeni,’ sengathi iyophumula. Ekuseni, iyaqhamuka futhi, ikhazimula ngobuhle ‘njengomkhwenyana lapho ephuma egumbini lakhe labasanda kushada.’ Njengoba ayengumalusi, uDavide wayewazi amakhaza asebusuku ashubisa umnkantsha. (Genesise 31:40) Wayeyikhumbula indlela imisebe yelanga eyayimfudumeza ngayo ngokushesha yena nendawo emzungezile. Kusobala ukuthi lalingakhathazwa “uhambo” lwalo lisuka empumalanga liya entshonalanga, lalifana ‘nendoda enamandla,’ lilungele ukuluphinda futhi lolo hambo.
Izinkanyezi Nemithala Emangalisayo
11, 12. (a) Yini ephawulekayo ngokufanisa kweBhayibheli izinkanyezi nezinhlayiya zesihlabathi? (b) Kungenzeka ukuthi inkulu kangakanani indawo yonke?
11 Njengoba ayengenaso isibonakude, uDavide wayekwazi ukubona izinkanyezi eziyizinkulungwane ezimbalwa kuphela. Nokho, ngokokunye ukuhlola kwamuva, izinkanyezi ezibonakala ngezibonakude zanamuhla zingama-trillion ayizinkulungwane ezingu-70—u-7 olandelwa amagunqu angu-22! UJehova wabonisa ukuthi sikhulu kakhulu isibalo sezinkanyezi lapho efanisa inani lazo ‘nesihlabathi esisogwini lolwandle.’—Genesise 22:17.
12 Besekuyisikhathi eside izazi zezinkanyezi zibona obekuchazwa ngokuthi “izindawo ezincane ezikhanyayo ezibukeka njengamafu.” Ososayensi báthatha ngokuthi la “mafu asazintandela” ayingxenye yomthala wethu iMilky Way. Ngo-1924, kwatholakala ukuthi elinye lala mafu eliseduze kunawo wonke, i-Andromeda, eqinisweni lingumthala ngokwawo—oqhele ngebanga elingahanjwa ukukhanya iminyaka eyizigidi ezimbili ukusuka emthaleni wethu iMilky Way!a Manje ososayensi balinganisela ukuthi kunezinkulungwane zezigidi zemithala, ngamunye unezinkulungwane—ngezinye izikhathi izinkulungwane zezigidi—zezinkanyezi. Nokho, uJehova “ubala izinkanyezi; zonke uzibiza ngamagama azo.”—IHubo 147:4.
13. (a) Yini emangalisayo ngemithala? (b) Yini efakazela ukuthi ososayensi abazazi “izimiso zamazulu”?
13 UJehova wabuza uJobe: “Ungazibopha yini ziqine izibopho zomlaza iKhima, noma ungazithukulula yini izintambo zomlaza iKhesili?” (Jobe 38:31) Umlaza yizinkanyezi eziningana ezibonakala zimi ngendlela ethile ecacile. Nakuba empeleni kungenzeka ukuthi izinkanyezi ziqhelelene ngamabanga amakhulu kakhulu, azigudluki ezindaweni ezimi kuzo uma umuntu ezibheka esemhlabeni. Ngenxa yokuthi azigudluki nakancane ezindaweni zazo, izinkanyezi “ziyiziqondiso eziwusizo kwabahamba olwandle, ezazini zezinkanyezi lapho ziqondisa imikhumbi-mkhathi nasekuhlukaniseni izinkanyezi.” (The Encyclopedia Americana) Noma kunjalo, akekho oziqonda ngokugcwele “izibopho” ezigcina imilaza ihlangene. Yebo, namanje ososayensi abakakwazi ukuphendula umbuzo obuzwa kuJobe 38:33: “Uyazazi yini izimiso zamazulu?”
14. Iyimfihlo kanjani indlela ukukhanya okuzisakaza ngayo?
14 Kukhona omunye futhi umbuzo uJobe abuzwa wona abangakwazi ukuwuphendula ososayensi: “Ikuphi, manje, indlela ukukhanya okuzisakaza ngayo?” (Jobe 38:24) Omunye umbhali ubiza lo mbuzo omayelana nokukhanya ngokuthi “umbuzo wesayensi wesimanje ngendlela emangalisayo.” Ngakolunye uhlangothi, izazi zefilosofi ezingamaGreki zazicabanga ukuthi ukukhanya kuphuma ehlweni lomuntu. Ezikhathini zanamuhla, ososayensi baye bathi ukukhanya kwakhiwa izinhlayiya ezincane. Abanye bathi kuhamba njengamaza. Namuhla, ososayensi bakholelwa ukuthi ukukhanya kuyikho kokubili amaza nezinhlayiya. Noma kunjalo, akukaqondakali ngokugcwele ukuthi kuyini ukukhanya nokuthi ‘kuzisakaza’ kanjani.
15. NjengoDavide, kufanele sizizwe kanjani uma sicabanga ngamazulu?
15 Uma umuntu ecabanga ngakho konke lokhu, akunakwenzeka angazizwa njengomhubi uDavide, owathi: “Lapho ngibona amazulu akho, imisebenzi yeminwe yakho, inyanga nezinkanyezi okulungiselele, uyini umuntu ofayo ukuba umkhumbule, nendodana yomuntu wasemhlabeni ukuba uyinakekele?”—IHubo 8:3, 4.
Umhlaba Nezidalwa Zawo Kukhazimulisa UJehova
16, 17. Izidalwa ezisekujuleni kwamanzi zimdumisa kanjani uJehova?
16 IHubo 148 libala ezinye izindlela indalo ememezela ngazo inkazimulo kaNkulunkulu. Ivesi 7 lithi: “Dumisani uJehova emhlabeni, nina zilo zasolwandle nani nonke nina zintwa zamanzi.” Yebo, ‘izintwa zamanzi’ zigcwele izimangaliso ezibonisa ukuhlakanipha namandla kaNkulunkulu. Umkhomo oluhlaza wesinda ngamathani angaba ngu-120—isisindo sezindlovu ezingu-30! Inhliziyo yaso iyodwa yesinda ngaphezu kwamakhilogremu angu-450 futhi ikwazi ukumpompa igazi elingamakhilogremu angu-6 400 kuwo wonke umzimba wawo! Ingabe lab’ osondonzima basolwandle bahamba kancane emanzini? Lutho. ‘Bantweza ezilwandle’ ngesivinini esihlaba umxhwele, kusho umbiko we-European Cetacean Bycatch Campaign. Ukulandelwa kwayo nge-satellite kwaveza ukuthi “omunye umkhomo oluhlaza wahamba amakhilomitha angu-16 000 ngezinyanga eziyishumi.”
17 Ngokuvamile ihlengethwa elinekhala elicijile litshuza lijule ngamamitha angu-45, kodwa atholakele amahlengethwa atshuza ajule ngamamitha angu-547! Lesi silwane sikwazi kanjani ukuphila ekujuleni okungako? Ngesikhathi sitshuza, umfutho wokushaya kwenhliziyo uyehla, igazi liye enhliziyweni, emaphashini nasebuchosheni. Ngaphezu kwalokho, imisipha yaso inekhemikhali eligcina umoya-mpilo. Izimvu zamanzi kanye nemikhomo emikhulu kungatshuza kufike ekujuleni okungaphezu kwalokho. Umagazini i-Discover uthi, “Esikhundleni sokuba lezi zilwane zilwisane nokucindezela [okusekujuleni kwamanzi] ziyakuvumela kuwabaqaze ngokuphelele amaphaphu azo.” Omningi womoya-mpilo eziwudingayo ziwugcina emisipheni yazo. Kusobala ukuthi lezi zidalwa ziwubufakazi bokuhlakanipha kukaNkulunkulu onamandla onke!
18. Amanzi olwandle akubonisa kanjani ukuhlakanipha kukaJehova?
18 Ngisho namanzi olwandle abonisa ukuhlakanipha kukaJehova. I-Scientific American ithi: “Ngalinye iconsi lamanzi kulawo asemamitheni okuqala ayikhulu olwandle linezinkulungwane zohlaza oluntantayo olungabonakali emehlweni, olubizwa ngokuthi i-phytoplankton.” Leli “hlathi elingabonakali” lihlanza umoya esiwuphefumulayo ngokukhipha kuwo izinkulungwane zezigidi zamathani esikhutha. Kuwo wonke umoya-mpilo okhona emhlabeni, ungaphezu kwengxenye okhiqizwa i-phytoplankton.
19. Umlilo neqhwa kuyifeza kanjani intando kaJehova?
19 IHubo 148:8 lithi: “Nina mlilo nesichotho, liqhwa nezikhatha zomusi, wena moya onesiphepho, ofeza izwi lakhe.” Yebo, uJehova usebenzisa namandla emvelo angaphili ukuze afeze intando yakhe. Cabanga ngomlilo. Eminyakeni edlule kwakucatshangwa ukuthi imililo eyokheleka emahlathini iyonakalisa nje kuphela. Manje abacwaningi bakholelwa ukuthi umlilo unengxenye ebalulekile ezintweni eziphilayo nasendaweni ezizungezile ngokususa imithi emidala noma efayo, ukhuthaze ukuhluma kwezinhlobo eziningi zembewu, ukhiqize kabusha umsoco futhi eqinisweni unciphise amathuba okusuka komlilo wequbula. Iqhwa nalo libalulekile ngokunisela futhi livundise umhlabathi, libuyisele amanzi emifuleni, nangokuvikela izitshalo nezilwane emakhazeni amakhulu.
20. Izintaba nemithi kusizuzisa kanjani isintu?
20 “Nina zintaba nani nonke magquma, nina mithi ethela izithelo nani nonke misedari,” kulandisa iHubo 148:9. Izintaba eziphakeme ziwubufakazi bamandla kaJehova amakhulu. (IHubo 65:6) Kodwa futhi kukhona ezikwenzayo okuwusizo. Umbiko ovela kuyi-Institute of Geography eBern, eSwitzerland, uthi: “Yonke imifula emikhulu yomhlaba isuka ezintabeni. Abantu abangaphezu kwamaphesenti angu-50 emhlabeni bathembele emanzini aqoqana ezintabeni . . . Le ‘miphongolo yamanzi’ ibalulekile enhlalakahleni yesintu.” Ngisho nomuthi nje ovamile uyamkhazimulisa uMenzi wawo. Umbiko we-United Nations Environment Programme uthi imithi “ibalulekile enhlalakahleni yabantu kuwo wonke amazwe . . . Izinhlobo eziningi zemithi zibalulekile kwezomnotho njengoba kutholakala kuzo imikhiqizo enjengokhuni, izithelo, amantongomane, inhlaka nengcino. Emhlabeni wonke abantu abayizinkulungwane eziyizigidi ezimbili babasa futhi bapheke ngezinkuni.”
21. Chaza indlela iqabunga elingeyona inkimbinkimbi elibonisa ngayo ubufakazi bokuthi liklanyiwe.
21 Ubufakazi bokuthi ukhona umdali ohlakaniphile bubonakala kuwo kanye umklamo womuthi. Cabanga ngeqabunga elingeyona inkimbinkimbi. Ngaphezulu linongwengwezi olusangcino olugcina iqabunga liswakeme. Ngaphansi nje kwalolo ngwengwezi ohlangothini olungaphezulu kukhona uxhaxha lwamangqamuzana anama-chloroplast. La mangqamuzana ane-chlorophyll, edonsa amandla okukhanya. Ngokusebenzisa inqubo ebizwa ngokuthi i-photosynthesis, amaqabunga aphenduka abe “izimboni zokudla.” Amanzi asuka ezimpandeni zomuthi aye emaqabungeni ehamba ngesimiso samanzi esiyinkimbinkimbi. Izivalwana ezincane eziningi (okuthiwa ama-stomata) ezisohlangothini olungaphansi lweqabunga ziyavuleka zivaleke, zingenise isikhutha. Ukukhanya kunikeza amandla okuhlanganisa amanzi nesikhutha kwakheke ama-carbohydrate. Manje isitshalo sesingadla ukudla esizakhele kona. Nokho, le “mboni” ithule ithe cwaka, futhi yinhle. Esikhundleni sokukhipha udoti, umuthi ukhipha umoya-mpilo!
22, 23. (a) Imaphi amakhono amangalisayo ezinye izinyoni nezilwane ezihamba ezweni? (b) Imiphi eminye imibuzo okudingeka sixoxe ngayo?
22 “Nina zilwane zasendle nani nonke zilwane ezifuywayo, nina zinto ezinwabuzelayo nezinyoni ezinamaphiko,” kusho iHubo 148:10. Izilwane eziningi ezihamba phansi nezindizayo zinamakhono amangalisayo. I-Laysan albatross ingandiza amabanga amade kakhulu (enye yandiza amakhilomitha angu-40-000 ngezinsuku ezingu-90 nje kuphela). Ungcede omnyama undiza usuke eNyakatho Melika uye eNingizimu Melika ungaphumuli amahora angaphezu kuka-80. Ikamela ligcina amanzi emgudwini walo wokugaya ukudla, hhayi elundeni lalo njengoba abaningi becabanga kanjalo, okulenza likwazi ukuhlala isikhathi eside lingomi. Akumangalisi-ke ukuthi onjiniyela babuka izilwane ngokucophelela lapho beklama imishini nezinto ezintsha. Umbhali uGail Cleere uthi: “Uma ufuna ukwakha into ezosebenza kahle . . . futhi ingenzi monakalo endalweni, cishe isibonelo esihle uyosithola entweni ethize endalweni.”
23 Yebo, indalo iyimemezela ngempela inkazimulo kaNkulunkulu! Kusukela emazulwini agcwele izinkanyezi kuye ezitshalweni nasezilwaneni, ngakunye ngendlela yako kudumisa uMdali wako. Kodwa kuthiwani ngathi thina bantu? Singahlabelela kanjani sidumise uNkulunkulu njengemvelo?
[Umbhalo waphansi]
a Ukukhanya kuhamba amakhilomitha angu-300 000 ngomzuzwana.
Uyakhumbula?
• Kungani bengenazaba labo abaphikayo ukuthi uNkulunkulu ukhona?
• Izinkanyezi namaplanethi kumkhazimulisa kanjani uNkulunkulu?
• Ulwandle nezilwane ezihamba ezweni kubunikeza kanjani ubufakazi bokuthi ukhona uMdali onothando?
• Amandla emvelo angaphili ayenza kanjani intando kaJehova?
[Isithombe ekhasini 10]
Ososayensi balinganisela ukuthi izinkanyezi ezibonakalayo zingu-70 “sextillion”!
[Umthombo]
Frank Zullo
[Isithombe ekhasini 12]
Ihlengethwa elinekhala elicijile
[Isithombe ekhasini 13]
Uphephesi lweqhwa
[Umthombo]
snowcrystals.net
[Isithombe ekhasini 13]
I-Laysan albatross esencane