Yenza UJehova Abe Isiphephelo Sakho
“Ngiphephela kuwe, O Jehova.”—IHUBO 31:1, NW.
1. IHubo 31 likuveza kanjani ukuthembela ekhonweni likaJehova lokunikeza isiphephelo?
IZWI elimtoti lihlabelela ngomuntu othile, okuthi nakuba ekhathele engqondweni nasemzimbeni, athembele kuJehova. Ukholo luyanqoba, kusho amazwi aleyongoma engcwele. Ezingalweni zikaSomandla ezihlale zilungele ukusiza, lomuntu uthola isiphephelo esimvikela kubashushisi abanesihluku. Ihubo lakhe lithi: “Ngiphephela kuwe, O Jehova. Kwangathi ngingejabhiswe. Ngokulunga kwakho nginikeze indlela yokuphunyuka.”—IHubo 31:1, NW.
2. (a) Singathembela kuJehova njengesiphephelo sethu ngokusekelwe kuziphi izinsika ezimbili? (b) UJehova uluhlobo luni lukaNkulunkulu?
2 Umhubi unesiphephelo esisodwa—esingcono kakhulu! Ungakungabaza nje okunye, kodwa leliqiniso aliguquki: UJehova uyisiphephelo sakhe, inqaba yakhe. Ithemba lakhe lisekelwe ezinsikeni ezimbili ezinokwethenjelwa. Eyokuqala, ukholo lwakhe, uJehova angasoze alujabhisa, futhi eyesibili, ukulunga kukaJehova, okusho ukuthi akasoze nanini ayishiye phakade inceku yaKhe. UJehova akayena uNkulunkulu ojabhisa izinceku zakhe ezithembekile; akayena umuntu owephula izithembiso. Kunalokho, uwuNkulunkulu weqiniso nomvuzi walabo abathembela kuye ngobuqotho. Ekugcineni, ukholo luyovuzwa! Iyoba khona nakanjani indlela yokuphunyuka!—IHubo 31:5, 6.
3. Umhubi umdumisa kanjani uJehova?
3 Njengoba eqamba umculo wakhe ngendlela eshintshashintshayo ekhuphuka isuka ekujuleni kokudabuka nosizi iphakame iyofinyelela ekuzwakaliseni ithemba, umhubi uthola amandla angaphakathi. Udumisa uJehova ngenxa yothando lwaKhe oluqotho. Uhlabelela uthi: “Makabongwe uJehova, ngokuba ungenzele umusa wakhe omangalisayo emzini oqinileyo.”—IHubo 31:21.
Iqembu Elikhulu Labahlabeleli Elingabamemezeli BoMbuso
4, 5. (a) Yiliphi iqembu elikhulu labahlabeleli elidumisa uJehova namuhla, futhi liye lakwenza kanjani lokho phakathi nalonyaka wenkonzo osanda kudlula? (Bheka ishadi elisemakhasini 12-15.) (b) Kungayiphi indlela inani lababekhona eSikhumbuzweni elibonisa ngayo ukuthi kunabantu abengeziwe abazimisele ukungena eqenjini labahlabeleli elingabamemezeli boMbuso? (Bheka ishadi.) (c) Yiliphi iqembu ebandleni lenu elingase lingene kuleliqembu labahlabeleli?
4 Namuhla, amazwi alelohubo asephinde agcwaliseka. Izingoma zokudumisa uJehova azinakuthiywa yinoma yimuphi umphikisi omubi, yinoma iyiphi inhlekelele engokwemvelo, nanoma yiluphi usizi olubangelwa ezomnotho; ngempela, umusa wothando kaJehova uye waba omangalisayo kubantu bakhe. Emhlabeni wonke onyakeni wenkonzo odlule, iqembu elikhulu labahlabeleli, abafinyelela enanini eliphakeme labangu-4 709 889 emazweni angu-231, lahlabelela isigijimi soMbuso kaNkulunkulu. Uhulumeni wasezulwini kaJehova ngoKristu Jesu uyisiphephelo esingeke sabadumaza. Ngonyaka odlule, labamemezeli boMbuso abasemabandleni angu-73 070 basebenzisa ingqikithi yamahora angu-1 057 341 972 emsebenzini wokushumayela ivangeli. Lokhu kuye kwabangela ukuba abantu abangu-296 004 babonakalise ukuzinikezela kwabo kuNkulunkulu ngokubhapathizwa emanzini. Futhi yeka into enhle engalindelekile eyajatshulelwa yibo bonke ababeseMhlanganweni Wezizwe Wokufundisa Kwaphezulu owaqhutshwa eKiev, e-Ukraine, ngo-August odlule. Babona ukuqopheka komlando, bezibonela ngawabo ukubhapathizwa kwamaKristu eqiniso amaningi kunanini ngaphambili! Njengoba kwaprofethwa ku-Isaya 54:2, 3, abantu bakaNkulunkulu banda ngamanani angakaze andulelwe.
5 Nokho, izikhonzi ezengeziwe ezizimisele zoMbuso kaNkulunkulu zilindele ukungena kuleliqembu labahlabeleli. Ngonyaka odlule, eSikhumbuzweni sokufa kukaJesu kwaba nengqikithi emangalisayo yabantu abangu-11 865 765. Sethemba ukuthi abaningi balaba bazofanelekela ukuhlabelela ingoma yoMbuso endlini ngendlu phakathi nalonyaka wenkonzo. Yeka ukuthi lelothemba kumelwe ukuba lisithukuthelisa kanjani isitha seqiniso, uSathane uDeveli!—IsAmbulo 12:12, 17.
6, 7. Chaza indlela indoda ethile ethakazelayo eyakunqoba ngayo ukuhlukunyezwa amademoni ngosizo lukaJehova.
6 USathane uzozama ukuvimbela abanye ukuze bangawenezeli amazwi abo kuleloqembu elikhulu labahlabeleli. Ngokwesibonelo, abamemezeli eThailand bathola inani elandayo labantu lihlushwa ukuhlukunyezwa amademoni. Nokho, abantu abaningi abaqotho baye bakhululwa ngosizo lukaJehova. Ngemva kokuya esangomeni ngenxa yokuba nelukuluku lokufuna ukwazi, kwase kuyiminyaka eyishumi indoda ethile ingaphansi kwethonya lamademoni. Yazama ukugqashula ethonyeni lawo ngosizo lomfundisi, kodwa kwangaba nentuthuko yangempela. Isikhonzi sesikhathi esigcwele soFakazi BakaJehova saqalisa isifundo seBhayibheli nalendoda futhi sisebenzisa iBhayibheli sayifundisa okuwukuphela kwendlela yokukhululeka ethonyeni lamademoni—ukungenisa ulwazi oluqondile ngeqiniso, ukuba nokholo kuJehova uNkulunkulu, nokunxusa kuye ngomthandazo.—1 Korinte 2:5; Filipi 4:6, 7; 1 Thimothewu 2:3, 4.
7 Ngobusuku bangemva kwalengxoxo, lendoda yaba nephupho uyise osashona ayisongela kulo ngokuyehlisela okubi uma ingaphindeli ekusebenzelaneni nemimoya. Umkhaya wayo waqala ukuhlupheka. Ingakuvumeli ukuchezukiswa, lendoda yaqhubeka nezifundo zayo zeBhayibheli futhi yaqala ukuba khona emihlanganweni. Phakathi nesinye salezozifundo, iphayona lachaza ukuthi ngezinye izikhathi izinto ezisetshenziswa emikhutsheni yokusebenzelana nemimoya zingavulela amademoni intuba yokuhlukumeza abantu abazama ukugqashula ethonyeni lawo. Lendoda yakhumbula ukuthi yayinamafutha athile eyayiwasebenzisa njengentelezi. Ngalesosikhathi yaqaphela ukuthi kwakumelwe iwalahle. Selokhu yawalahla, ayizange iphinde ihlushwe yimimoya emibi. (Qhathanisa neyabase-Efesu 6:13; Jakobe 4:7, 8.) Yona nomkayo bathuthuka kahle esifundweni sabo futhi baba khona njalo emihlanganweni yemfundo yeBhayibheli.
8, 9. Yiziphi ezinye izithiyo abanye abamemezeli boMbuso abaye bazinqoba?
8 Ezinye izithiyo zingase zenze izindaba ezinhle zingazwakali kahle. Ngenxa yesimo sezomnotho esicindezela kakhulu eGhana, izisebenzi ziye zadilizwa emsebenzini. Izindleko zokuphila ziye zemba eqolo, okukwenza kube inkinga yangempela ukuthola izidingo eziyisisekelo zokuphila. Abantu bakaJehova baye babhekana kanjani nalokhu? Ngokungathembeli emandleni abo, kodwa kuJehova. Ngokwesibonelo, ngolunye usuku indoda ethile yashiya imvilophi evaliwe endaweni okufikela kuyo abantu ehhovisi legatsha. Kulemvilophi kwakuno-$200 (R660), noma iholo eliphansi lezinyanga ezintathu. Lemvilophi yayivela kumuphi ongaziwa, kodwa ephepheni elaliyisongile kwakubhalwe lokhu: “Ngiye ngalahlekelwa umsebenzi, kodwa uJehova uye wanginika omunye. Ngiyambonga yena neNdodana yakhe, uKristu Jesu. Ukuze ngisize ekusakazeni izindaba ezinhle zoMbuso ngaphambi kokuba kufike ukuphela, ngifaka umnikelo wami omncane.”—Qhathanisa neyesi-2 Korinte 9:11.
9 Ukuba khona emihlanganweni kuyasiza ekuqeqesheni labo abangena kuleliqembu labahlabeleli elikhulu elidumisa uJehova. (Qhathanisa neHubo 22:22.) Ngakho, engxenyeni eseningizimu yeHonduras, kunebandla okuthiwa iJordán. Likhetheke ngani leliqenjana? Ngokuba khona kwalo ngokwethembeka emihlanganweni. Kubamemezeli abangu-19, abangu-12 kudingeka bawele umfula obanzi ukuze babe khona emihlanganweni isonto ngalinye. Lokhu akuyona inkinga enkulu lapho imvula ingani, njengoba bengawela umfula ngokusebenzisa amatshe okuwela. Nokho, phakathi nesikhathi semvula, izimo ziyashintsha. Okwake kwaba umfudlana kuba isikhukhula esikhukhula konke okusendleleni yaso. Ukuze banqobe lesisithiyo, abazalwane nodade kumelwe babe izinhlambi ezinekhono. Ngaphambi kokuba bawele, bafaka izingubo zabo abazozigqoka emhlanganweni kuyi-tina (ubhavu owenziwe ngensimbi) bese beyimboza ngesikhwama sepulasitiki. Oyinhlambi enamandla usebenzisa i-tina njengento yokuntanta abese ehola iqembu kuwelwe. Lapho sebewelele ngaphesheya ngokuphepha, bayazisula, bagqoke, futhi bafike eHholo LoMbuso bejabule futhi behlanzekile!—IHubo 40:9.
Inqaba Esingahlala Kuyo
10. Kungani singaphendukela kuJehova ngezikhathi zokucindezeleka?
10 Kungakhathaliseki ukuthi uhlaselwa ngokuqondile amademoni noma ucindezelekile ngenxa yezinye izimbangela, uJehova angaba isiphephelo sakho. Mbize emthandazweni. Ulalela ngokucophelela ngisho nokububula okungazwakali kahle kwabantu bakhe. Umhubi wakuthola kuyiqiniso lokho wayesebhala: “Beka kimi indlebe yakho, ungophule masinyane, ube-yidwala eliqinileyo kimi, indlu yezinqaba yokungisindisa. Ngokuba wena uyidwala lami nenqaba yami; ngenxa yegama lakho uyakungihola, ungiqondise. Uyakungikhipha enetheni abangicuphé ngalo, ngokuba wena uyinqaba yami.”—IHubo 31:2-4.
11. Chaza ukuthi kungani inqaba kaJehova ingeyona indawo yesikhashana.
11 UJehova akanikezi isiphephelo sesikhashana nje kodwa inqaba enokwethenjelwa esingahlala kuyo ngokulondeka. Ukuhola nokuqondisa kwakhe akuzange kubadumaze abantu bakhe. Amandla aphezulu ayozenza zibe yize izenzo zobuqili zikaSathane neqembu lakhe. (Efesu 6:10, 11) Njengoba sithembela kuJehova ngenhliziyo yonke, uyosikhulula ezingibeni zikaSathane. (2 Petru 2:9) Phakathi neminyaka emine edlule, umsebenzi wokushumayela woFakazi BakaJehova uye wavunyelwa emazweni angu-35. Futhi, ezindaweni zomhlaba lapho izimo zenhlalo, zomnotho, noma zezombangazwe zikuvimbela khona ukushunyayelwa kwezindaba ezinhle, abanye abantu abanjengezimvu baye bathuthela lapho zingase zishunyayelwe khona ngokukhululekile. IJapane ingenye yezindawo ezinjalo.
12. Iphayona elithile eJapane lamenza kanjani uJehova waba isiphephelo salo?
12 EJapane kuye kwatheleka izisebenzi zesikhashana zivela emazweni aphesheya kwezilwandle, futhi kuye kwamiswa amabandla amaningi abantu abakhuluma ezinye izilimi. Okuhlangenwe nakho komzalwane othile ebandleni lesiJapane kubonisa indlela ekhiqiza ngayo lensimu yezinye izilimi. Wayefuna ukuyokhonza lapho indingeko inkulu khona. Nokho, kakade wayeseqhuba izifundo zeBhayibheli eziyishumi lapho ayekhona. Omunye wabangane bakhe ngokuntela wathi: “Uma uya lapho indingeko inkulu khona, kuyodingeka uqhube izifundo zeBhayibheli ezingu-20!” Wathola isabelo waya eHiroshima. Nokho, ngemva kwezinyanga ezine wayesalokhu enesifundo seBhayibheli esisodwa vó. Ngolunye usuku wafika emzini wendoda ethile eyayivela eBrazil eyayikhuluma isiPutukezi kuphela. Njengoba lomzalwane ayengenakukwazi ukuxoxa nalendoda, wathenga incwadi yesiPutukezi. Ngemva kokufunda amagama alula engxoxo, waphinde waya kulendoda. Lapho lomzalwane eyibingelela ngesiPutukezi, lendoda yamangala, iveze elomhlathi, yavula umnyango yathi akangene. Kwaqaliswa isifundo seBhayibheli. Ngokushesha lomzalwane wayeseqhuba ingqikithi yezifundo ezingu-22, ezingu-14 ngesiPutukezi, ezingu-6 ngeSipanishi, nezimbili ngesiJapane!
Ukushumayela Ngokuqiniseka
13. Kungani ukukhonza kwethu uJehova kungafanele kube ngenxa yamahloni esiwabangelwa omunye umuntu?
13 Abantu bakaJehova ngokuqiniseka bahlabelela ingoma yoMbuso bekholelwa ngokugcwele ukuthi uJehova uyisiphephelo sabo. (IHubo 31:14) Ngeke bajabhiswe—uJehova ngeke abalulaze, ngoba uyolifeza izwi lakhe. (IHubo 31:17) UDeveli nebutho lakhe lamademoni bayojabhiswa. Njengoba abantu bakaJehova bethunywe ukuba bashumayele isigijimi esingabangeli amahloni, ukushumayela kwabo akuve kungenxa yamahloni abawabangelwa abanye abantu. Leyo akuyona indlela uJehova, noma iNdodana yakhe, abashukumisa ngayo abantu bakhe ukuba bamkhulekele. Lapho izinhliziyo zabantu zigcwele ukholo nokwazisa ngobuhle bukaJehova nomusa wakhe wothando, yisimo esihle sezinhliziyo zabo esivula imilomo yabo ukuba ikhulume. (Luka 6:45) Ngakho, kungakhathaliseki ukuthi singakanani isikhathi esisisebenzisa enkonzweni inyanga ngayinye, ikakhulukazi uma lesosikhathi singokungcono kakhulu esingakwenza, kuhle, akubangeli amahloni. Akuyona yini imadlana yomfelokazi uJesu noYise abayazisa?—Luka 21:1-4.
14. Ungathini ngomsebenzi wamaphayona? (Bheka neshadi.)
14 Enanini elandayo labamemezeli, ukuzinikela kwalo ngomphefumulo wonke ekukhulekeleni kuhlanganisa nokukhonza njengamaphayona—kwaba nenani eliphakeme langu-890 231 ngenyanga ethile ngonyaka odlule! Uma kungase kuqhubeke kunokwanda okunjengokwaba khona kwangonyaka odlule, lelinani lingafinyelela ku-1 000 000. Okuhlangenwe nakho okulandelayo kubonisa indlela udade othile eNigeria angenela ngayo izinhlu zamaphayona. Uyabhala: “Lapho sengizoqeda nje esikoleni esiphakeme, ngaya ukuyosiza ngokuphekela labo ababesesikoleni samaphayona soFakazi BakaJehova. Ngafica odade ababili ababebadala kunogogo wami. Lapho ngizwa ukuthi babengamaphayona beze kulesisikole, ngacabanga, ‘Uma labodade ababili bengaphayona, mina ngingavinjwa yini?’ Ngakho ngemva kokuba ngiqede isikole, nami ngaba iphayona elivamile.”
15. Kungayiphi indlela ukufakaza ngokwethukela okungacabela ngayo abanye indlela yokuphephela kuJehova?
15 Akubona bonke abangaphayona, kodwa bangakwazi ukufakaza. EBelgium udade oneminyaka engu-82 ubudala wayeyothenga inyama. Waphawula ukuthi umkamnini-silaha wayekhathazwe kakhulu izinxushunxushu zezombangazwe zangalesosikhathi. Ngakho lodade wafaka ngokunyenya ipheshana elithi Yini OFakazi BakaJehova Abayikholelwayo? emalini lapho ekhokha. Lapho lodade ephindela esitolo, ngaphandle kokupholisa amaseko, umkamnini-silaha wabuza ngalokho okushiwo iBhayibheli ngethuba lokuba kube nempi yezwe yesithathu. Lodade wamlethela incwadi ethi Ukuthula Kweqiniso Nokulondeka—Ungakuthola Kanjani? Ezinsukwini ezimbalwa kamuva, njengoba lodade osekhulile engena esilaheni, lomkamnini-silaha wayenemibuzo eyengeziwe ayefuna ukumbuza yona. Lodade wamdabukela lowesifazane; kwakumelwe nje amqhubele isifundo seBhayibheli, futhi wakuvuma lokho. Manje, lomkamnini-silaha ufuna ukubhapathizwa. Kuthiwani ngomnini-silaha? Wafunda lelipheshana futhi manje, naye usefunda iBhayibheli.
‘Ubuhle Obukhulu’
16. UJehova ubabekele kanjani ubuhle obukhulu abantu bakhe?
16 Phakathi nalezizinsuku zokugcina ezicindezelayo, ingabe uJehova akazange ‘abenzele umusa wothando omangalisayo’ labo abaye baphephela kuye? Njengobaba onothando novikelayo, uJehova uye wagcinela abantwana bakhe basemhlabeni ubuhle obukhulu. Ubelokhu ebanikeza injabulo phambi kwabo bonke abantu, njengoba nje umhubi esho: “Yeka ubukhulu bobuhle bakho obugcinele abakwesabayo! Obunike labo abaphephela kuwe, phambi kwamadodana abantu.”—IHubo 31:19‚ 21, qhathanisa ne-NW.
17-19. EGhana, yimuphi umphumela omuhle owabangelwa ukubhalisa ngokomthetho kwekhehla elithile umshado walo?
17 Ngakho-ke, abantu bezwe baba ofakazi bokuzibonela bokuthembeka kwalabo abakhulekela uJehova, futhi bayamangala. Ngokwesibonelo, eGhana ikhehla elineminyaka engu-96 laya ehhovisi lokubhalisa imishado lacela ukuba kubhaliswe umshado walo wesiko weminyaka engu-70. Isikhulu esibhalisa imishado sashaqeka sase sibuza: “Ingabe uyaqiniseka ukuthi yilokho ofuna ukukwenza? Usumdala kangaka?”
18 Lelikhehla lachaza: “Ngifuna ukuba omunye woFakazi BakaJehova futhi ngihlanganyele emsebenzini obaluleke kakhulu ngaphambi kokuphela kwezwe—umsebenzi wokushumayela izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu. Lomsebenzi uholela ekuphileni okuphakade. OFakazi BakaJehova bayawulalela umthetho wezwe, kuhlanganise nomthetho wokubhaliswa kwemishado. Ngakho ngicela ubhalise umshado wami.” Lesisikhulu sabamba ongezansi. Saqhubeka nokubhalisa, futhi lelikhehla lahamba lijatshuliswe ukuthi lase lishade ngokomthetho.—Qhathanisa nabaseRoma 12:2.
19 Ngemva kwalokho, lomuntu obhalisa imishado wazindla ngezinto ayezizwile. ‘OFakazi BakaJehova . . . umsebenzi obaluleke kakhulu . . . ukuphela kwezwe . . . uMbuso kaNkulunkulu . . . ukuphila okuphakade.’ Edidekile ukuthi konke lokhu kwakusho ukuthini ekuphileni kwalelikhehla elineminyaka engu-96 ubudala, wanquma ukufuna oFakazi ukuze ayihlole ngokwengeziwe lendaba. Wamukela isifundo seBhayibheli sasekhaya futhi wathuthuka ngokushesha. Namuhla, lombhalisi wemishado uwuFakazi obhapathiziwe. Ngakho, lapho silalela uJehova ngisho nakulokho abanye abangase bakubheke njengezindaba ezincane, kungase kuphumele ebuhleni obubabazekayo kithi nakulabo abangofakazi bokuzibonela bokuziphatha kwethu.—Qhathanisa neyoku-1 Petru 2:12.
20. EMyanmar, ukuthembeka kukadade othile osemusha kwaholela kanjani ebufakazini obuhle?
20 Abantu abadala abaye bavumela iqiniso ukuba libalolongele ekubeni abantu abathembekile babekela abantwana isibonelo esihle kulelizwe elingathembekile. EMyanmar kunodade othile osemusha. Uvela emkhayeni ompofu nophansi onabantwana abayishumi. Uyise, osathatha umhlalaphansi, uyiphayona elivamile. Ngolunye usuku esikoleni, lodade wathola indandatho yedayimane, ngokushesha ayiyisa kuthisha wakhe. Lapho ikilasi lihlangene ngosuku olulandelayo, lothisha waxoxela ezinye izingane ngendlela lendandatho yedayimane eyayitholakele ngayo futhi yalethwa ukuze ibuyiselwe kumniniyo. Wayesecela lodade osemusha ukuba asukume phambi kwalo lonke ikilasi abese echaza isizathu esenze wenza lokho, azi ukuthi abanye abantwana babengase bakhethe ukuyigcina. Lodade wachaza ukuthi wayewuFakazi kaJehova nokuthi uNkulunkulu wakhe akakuthandi ukweba noma nanoma yiluphi uhlobo lokungathembeki. Bonke esikoleni bezwa ngalokhu, okwanikeza udadewethu osemusha ithuba lokufakaza kothisha nakubafundi.
21. Njengoba intsha ithembela kuJehova, ukuziphatha kwayo kuvezani ngaye?
21 EBelgium uthisha washo okuthile okuthakazelisayo ekilasini ngoFakazi BakaJehova. Wayephawule ukuziphatha komunye wabafundi bakhe, naye owayewudade osemusha, wayesethi: “Manje sengibabheka ngelinye iso oFakazi BakaJehova. Ubandlululo belungenza ngicabange ukuthi bangabantu abangabekezeli. Baye babonakala bebekezela kakhulu, kuyilapho bengayekethisi ezimisweni zabo.” Unyaka ngamunye othisha bazinikeza imiklomelo izingane ezenze kahle ukuzedlula zonke. Phakathi kweminye kunomklomelo wezifundo zezimiso zokuhle. Iminyaka emithathu ilandelana, lemiklomelo eyakhishwa ngenxa yamamaki abafundi abathathu ababashaye emakhanda bonke lothisha wayinikeza abantwana boFakazi BakaJehova. Kuba njalo ngalabo abathembela kuJehova ngobuqotho.—IHubo 31:23.
22. Iyiphi indlela yokunqoba iHubo 31 eliphetha ngayo, futhi lokho kusisiza kanjani phakathi nalezizinsuku zokugcina zalesisimiso sezinto?
22 IHubo 31 linkeneneza ngesiphetho sokunqoba: “Qinani, inhliziyo yenu ibe-nesibindi, nina nonke enithemba uJehova.” (IHubo 31:24) Ngakho-ke, njengoba sisondela emaphethelweni esimiso esibi sikaSathane, kunokuba asishiye, uJehova uyosondela kakhulu kithi futhi asinikeze amandla akhe. UJehova uthembekile futhi akehluleki. Uyisiphephelo sethu; uyinqaba yethu.—IzAga 18:10.
Uyakhumbula?
◻ Kungani ngokuqiniseka singenza uJehova abe isiphephelo sethu?
◻ Yibuphi ubufakazi obukhona obubonisa ukuthi iqembu elikhulu labahlabeleli litusa uMbuso ngesibindi?
◻ Kungani singaqiniseka ukuthi inetha likaSathane ngeke libabambe abantu bakaJehova?
◻ Iyiphi ingcebo uJehova ayigcinele labo abaphephela kuye?
[Ishadi ekhasini 12-15]
UMBIKO WONYAKA WENKONZO KA-1993 WOFAKAZI BAKAJEHOVA EMHLABENI WONKE
(See bound volume)
[Izithombe ekhasini 16, 17]
Labo abaphephela kuJehova bakha iqembu elikhulu labahlabeleli elingabamemezeli boMbuso—abangu-4 709 889!
1. ESenegal
2. EBrazil
3. EChile
4. EBolivia