-
“Gcina Imiyalo Yami, Uphile”INqabayokulinda—2000 | Novemba 15
-
-
Siyaqhubeka: “Woza sizanelise ngothando kuze kuse, sijabule ngokuthandana.” Simemela le nsizwa kokungaphezu nje kwesidlo esimnandi sabo bobabili. Siyithembisa ukuhlanganyela ubulili. Kule nsizwa, lokhu kuyinto entsha nebangela ukwesasa!
-
-
“Gcina Imiyalo Yami, Uphile”INqabayokulinda—2000 | Novemba 15
-
-
“Owesifazane ondindayo” owabonwa yinkosi wanxenxa le nsizwa ngokuyimema ukuba ‘bazanelise ngothando.’ Ingabe intsha eningi—ikakhulu amantombazane—ayizange yini yoniwe ngendlela efanayo? Kodwa cabanga: Lapho othile ezama ukukuyengela ekuziphatheni okubi kobulili, ingabe lokho kuwuthando lwangempela noma yisifiso sobulili esinobugovu? Indoda emthanda ngempela owesifazane ingamcindezelelani ukuba enze okuphambene nokuqeqeshwa kwakhe nonembeza wakhe wobuKristu?
-