-
‘Ngokuhlakanipha Izinsuku Zethu Ziyakuba Ziningi’INqabayokulinda—2001 | Meyi 15
-
-
‘Wozani nidle isinkwa sami, niliphuze iwayini engilivubeleyo. Yekani ubuwula, niphile, nihambe ngendlela yokuqonda.’”—IzAga 9:3-6.
-
-
‘Ngokuhlakanipha Izinsuku Zethu Ziyakuba Ziningi’INqabayokulinda—2001 | Meyi 15
-
-
Bathenjiswa ukuphila. Ukuhlakanipha okuseZwini likaNkulunkulu, kuhlanganise nasencwadini yezAga, kungatholwa cishe yiwo wonke umuntu ngempela. Namuhla, njengezithunywa zokuhlakanipha kweqiniso, oFakazi BakaJehova bamatasa bamema abantu, nomaphi lapho betholakala khona, ukuba batadishe iBhayibheli. Yebo, ukungenisa lolu lwazi kungaholela ekuphileni okuphakade.—Johane 17:3.
AmaKristu kumelwe asamukele ngokuthobeka isiyalo sokuhlakanipha. Lokhu kunjalo ngokukhethekile kwabasebasha nakulabo abasanda kuqala ukufunda ngoJehova. Ngenxa yokuthi basebasha ezindleleni zikaNkulunkulu, bangase ‘baswele inhliziyo.’ Akukhona ukuthi zonke izisusa zabo zimbi, kodwa kuthatha isikhathi nomzamo ukwenza inhliziyo ibe sesimweni esimjabulisa ngempela uJehova uNkulunkulu. Kudinga senze imicabango, izifiso, esikuthandayo nemigomo yethu kuvumelane nalokho uNkulunkulu akuvumelayo. Yeka indlela okubaluleke ngayo ‘ukwakha ukulangazelela ubisi olungonakalisiwe olungolwezwi.’—1 Petru 2:2.
Eqinisweni, akufanele yini sonke sidlulele ngale ‘kwemfundiso yokuqala’? Kuyadingeka ngempela ukuba sihlakulele isithakazelo “ezintweni ezijulile zikaNkulunkulu” futhi sizondle ngokudla okuqinile kwabantu abavuthiwe. (Heberu 5:12–6:1; 1 Korinte 2:10) “Isigqila esikholekile nesiqondayo,” uJesu Kristu asengamele ngokuqondile, sikulungiselela ngenkuthalo ukudla okungokomoya kwawo wonke umuntu okufika ngesikhathi. (Mathewu 24:45-47) Kwangathi singasina sizibethele etafuleni lokuhlakanipha ngokulitadisha ngenkuthalo iZwi likaNkulunkulu nezincwadi ezisekelwe eBhayibhelini ezilungiselelwa yisigaba sesigqila.
-