‘Phishekela Izinto Ezibangela Ukuthula’
UMGWAQO osanda kufakwa itiyela ubonakala uqinile ungenakonakala. Nokho, ngokuhamba kwesikhathi ungase uqhekeke futhi ube nemigodi. Kudingeka ulungiswe ukuze uphephe futhi ubuyiselwe esimweni esifanele.
Ngendlela efanayo, ubuhlobo bethu nabanye bungase ngezinye izikhathi bonakale noma buze bulimale. Umphostoli uPawulu waqaphela ukuthi amaKristu aseRoma ayenemibono engafani. Weluleka lawo maKristu: “Masiphishekele izinto ezibangela ukuthula nezinto ezakhayo komunye nomunye.” (Roma 14:13, 19) Kungani kudingeka ukuba “siphishekele izinto ezibangela ukuthula”? Singakuphishekela kanjani ukuthula ngesibindi nangokuphumelelayo?
Kungani Kufanele Siphishekele Ukuthula?
Uma ukuqhekeka okuncane komgwaqo kuyekwa kungalungiswa kungakhula kube imigodi eyingozi. Ngokufanayo, ukungakuxazululi ukungezwani kungaba ingozi. Umphostoli uJohane wabhala: “Uma umuntu ethi: ‘Ngiyamthanda uNkulunkulu,’ kodwa abe ezonda umfowabo, ungumqambimanga. Ngoba ongamthandi umfowabo, ambonileyo, akunakwenzeka ukuthi uyamthanda uNkulunkulu, angambonanga.” (1 Joh. 4:20) Ukungezwani okungaxazululiwe kungagcina kubangele umKristu ukuba azonde umfowabo.
UJesu Kristu wabonisa ukuthi uJehova akakwamukeli ukukhulekela kwethu uma singakakwenzi ukuthula nabanye. Wayala abafundi bakhe: “Khona-ke, uma uletha isipho sakho e-altare bese ukhumbula lapho ukuthi umfowenu unokuthile ngawe, shiya isipho sakho lapho phambi kwe-altare, uhambe; okokuqala yenza ukuthula nomfowenu, khona-ke, lapho usubuyile, unikele isipho sakho.” (Math. 5:23, 24) Yebo, isizathu esiyinhloko sokuba siphishekele ukuthula siwukuthi sifuna ukujabulisa uJehova uNkulunkulu.a
Isimo esavela ebandleni laseFilipi siqokomisa esinye isizathu sokuphishekela ukuthula. Kusobala ukuthi inkinga engachazwanga eyayiphakathi kodade ababili, u-Evodiya noSintike, yasongela ukuthula kwalo lonke ibandla. (Fil. 4:2, 3) Ukungezwani okungaxazululiwe kungase kwaziwe abantu abaningi ngokushesha. Isifiso sokulondoloza ukuthula nobunye bebandla sisishukumisela ukuba siphishekele ukuthula nesikholwa nabo.
UJesu wathi: “Bayajabula abanokuthula,” noma abenzi bokuthula. (Math. 5:9) Ukuphishekela ukuthula kuletha injabulo nokwaneliseka. Ngaphezu kwalokho, ukuthula kwenza umuntu abe nempilo enhle, ngoba “inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba.” (IzAga 14:30) Ngakolunye uhlangothi, ukuhlala uthukuthele kungandisa amathuba okugula.
Nakuba iningi lamaKristu livuma ukuthi kuyadingeka ukuba liphishekele ukuthula, ungase ungaqiniseki ukuthi ungakuxazulula kanjani ukungezwani. Ake sihlole izimiso ezingokomBhalo ezingasiqondisa.
Ukuxoxa Ngomoya Ozolile Kuletha Ukuthula
Ngokuvamile, ukuqhekeka okuncane emgwaqweni kungalungiswa ngokuvala leyo ndawana. Singakwazi yini ukuthethelela abafowethu nokungawanaki amaphutha abo amancane? Cishe le ndlela iyosebenza ekulungiseni ukungezwani okuningi, ngoba umphostoli uPetru wathi “uthando lumboza izono eziningi.”—1 Pet. 4:8.
Nokho, ngezinye izikhathi inkinga ingase ibonakale inkulu kangangokuthi ngeke sikwazi ukumane nje siyidlulise. Cabanga ngalokho okwenzeka kuma-Israyeli lapho esanda kungena eZweni Lesithembiso. Ngaphambi kokuba “abantwana bakwaRubeni nabantwana bakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase” bawele uMfula iJordani, bakha “i-altare elaliphawuleka kakhulu.” Ezinye izizwe zakwa-Israyeli zacabanga ukuthi lelo altare kwakungelokukhulekela izithombe futhi zaba nomuzwa wokuthi zazingenakuyiziba le nkinga. Zabe sezihloma ukuze ziyolwa.—Josh. 22:9-12.
Kungenzeka ukuthi amanye ama-Israyeli ayenomuzwa wokuthi kwase kunobufakazi obanele bobubi nokuthi uma ehlasela lezi ezinye izizwe zingalindele kwakuyofa abambalwa kuwo. Nokho, kunokuba ziphamazele, izizwe ezazisentshonalanga yeJordani zathumela amanxusa ukuba ayoxoxa ngale nkinga nabafowabo. Abuza: “Senzo sini sokungathembeki lesi enisenzileyo kuNkulunkulu ka-Israyeli ngokuyeka namuhla ukulandela uJehova?” Empeleni, okwenziwa izizwe ezazakhe i-altare kwakungesona isenzo sokungathembeki. Kodwa zaziyosabela kanjani kulokho kubekwa icala? Ingabe zaziyobhoka ngolaka noma zenqabe ukukhuluma nawo? Izizwe ezazibekwa icala zaphendula ngomoya ophansi, zachaza ngokucacile ukuthi empeleni ezazikwenzile kwakushukunyiswe isifiso sazo sokukhonza uJehova. Impendulo yazo yalondoloza ubuhlobo bazo noNkulunkulu yasindisa nokuphila. Ukuxoxa ngomoya ozolile kwalungisa izinto futhi kwabuyisela ukuthula.—Josh. 22:13-34.
Ngaphambi kokuthatha isinyathelo esingathí sina, lezi ezinye izizwe zakwa-Israyeli zenza ngokuhlakanipha zaxoxa ngenkinga yazo nesizwe sakwaRubeni, sakwaGadi nengxenye yesizwe sakwaManase. IZwi likaNkulunkulu lithi: “Ungasheshi ukucasuka emoyeni wakho, ngoba ukucasuka kuhlala esifubeni seziphukuphuku.” (UmSh. 7:9) Indlela engokomBhalo yokusingatha ukungezwani okungathí sina iwukuxoxa ngomoya ozolile nangokungagunci. Ingabe ngempela singasilindela isibusiso sikaJehova uma sifukamela intukuthelo futhi singayi kumuntu esinomuzwa wokuthi usiphathe kabi?
Ngakolunye uhlangothi, kufanele sisabele kanjani uma omunye umKristu eza kithi asitshele ukuthi simphathe kabi, mhlawumbe aze asibeke icala elingekho? IBhayibheli lithi: “Impendulo, lapho imnene, iyakunqanda ukufutheka.” (IzAga 15:1) Ngomoya ophansi kodwa ngokucacile, izizwe zakwa-Israyeli okwakuthiwe zinecala zachaza uhlangothi lwazo lwendaba, futhi akungabazeki ukuthi lokho kwacima umlilo owase wokhekile. Kungakhathaliseki ukuthi yithi noma umfowethu othatha isinyathelo sokuza kithi futhi akhulume nathi ngenkinga, kuyoba kuhle ukuzibuza, ‘Cishe imaphi amagama, indlela yokukhuluma nesimo sengqondo okuyokwenza kube nokuthula?’
Sebenzisa Ulimi Ngokuhlakanipha
UJehova uyaqonda ukuthi siyakudinga ukukhuluma ngezinto ezisikhathazayo. Nokho, uma singakuxazululi ukungezwani, cishe siyolingeka ukuba sitshele othile. Kalula nje, ukufukamela intukuthelo kungaholela enkulumweni enokugxeka. Mayelana nokusebenzisa kabi ulimi, izAga 11:11 zithi: “Ngenxa yomlomo wababi [umzana] uyadilizwa.” Ngokufanayo, ukukhuluma kabi ngomKristu esikanye naye kungaphazamisa ukuthula kwebandla elifana nomzana.
Nokho, ukuphishekela ukuthula akusho ukukugwema ngokuphelele ukukhuluma ngabafowethu nodadewethu. Umphostoli uPawulu weluleka amakholwa akanye nawo: “Makungaphumi lizwi elibolile emilonyeni yenu.” Kodwa wanezela: “Khulumani izinto ezinhle kuphela abantu abadinga ukuzizwa, izinto eziyobasiza ngempela. . . . Yibani nomusa komunye nomunye, uzwela futhi nithethelelane.” (Efe. 4:29-32, The New American Bible) Uma umzalwane ophathwe kabi yinto oyishilo noma oyenzile eza kuwe, ngeke yini kwaba lula ukuxolisa futhi nenze ukuthula uma ngaphambili ayekhulume kahle ngawe kwabanye abantu? Ngakho-ke, ukuzijwayeza ukusho izinto ezakhayo lapho sikhuluma ngamanye amaKristu kuyokwenza kube lula ngathi ukubuyisa ukuthula lapho kuba nokungezwani.—Luka 6:31.
Khonzani UNkulunkulu ‘Ngahlombe Linye’
Njengabantu abanesono, sithambekele ekubagwemeni abantu abasiphatha kabi. Kodwa ukwenza kanjalo kuwubuwula. (IzAga 18:1) Njengabantu abanobunye ababiza igama likaJehova, sizimisele ‘ukumkhonza silinganisene ihlombe nehlombe.’—Zef. 3:9.
Inkulumo noma ukuziphatha okungafanele kwabanye abantu akufanele neze kunciphise intshiseko yethu ngokukhulekela okuhlanzekile. Ezinsukwini ezimbalwa ngaphambi kokuba uJesu abe umhlatshelo owathatha isikhundla seminikelo eyayenziwa ethempelini nangokushesha nje ngemva kokuba elahle ababhali, wabona umfelokazi ompofu efaka ebhokisini lomnikelo ‘konke ayenakho ayeziphilisa ngakho.’ Ingabe wazama ukumvimba? Cha, kunalokho wakhuluma kahle ngokusekela kwalo mfelokazi ngokwethembeka ibandla likaJehova langaleso sikhathi. (Luka 21:1-4) Izenzo zabanye ezingalungile azizange zimkhulule ekufezeni isibopho sakhe sokusekela ukukhulekelwa kukaJehova.
Siyosabela kanjani lapho sinomuzwa wokuthi umfowethu noma udadewethu wenze ngendlela engafanele, noma engenabo ubulungisa? Ingabe siyovumela lokho ukuba kuphazamise inkonzo yethu kuJehova yomphefumulo wonke? Noma ingabe siyoba nesibindi silungise noma ikuphi ukungezwani ukuze silondoloze ukuthula okuyigugu kwebandla likaNkulunkulu namuhla?
ImiBhalo iyaseluleka: “Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, yibani nokuthula nabantu bonke.” (Roma 12:18) Kwangathi singazimisela ukwenza kanjalo, ngaleyo ndlela sihlale endleleni eyisa ekuphileni.
[Umbhalo waphansi]
a Ngokuqondene neseluleko sikaJesu esikuMathewu 18:15-17, bheka INqabayokulinda ka-October 15, 1999, amakhasi 17-22.
[Isithombe ekhasini 17]
U-Evodiya noSintike kwaku-dingeka baphishekele ukuthula
[Isithombe ekhasini 18]
Cishe imaphi amagama, indlela yokukhuluma nesimo sengqondo okuyokwenza kube nokuthula?