Zilahle “Izinto Ezingasizi Ngalutho”
“Ophishekela izinto ezingasizi ngalutho uswele inhliziyo.”—IZAGA 12:11.
1. Iziphi ezinye zezinto eziwusizo esinazo, futhi iyiphi indlela engcono kakhulu yokuzisebenzisa?
SONKE njengamaKristu sinezinto ezithile eziwusizo. Zingase zihlanganise isilinganiso esithile sempilo namandla, ukukhalipha esizalwe nakho noma ingcebo. Ngenxa yokuthi sithanda uJehova, siyakujabulela ukusebenzisa lezi zinto enkonzweni yakhe, futhi ngokwenza kanjalo sisuke silalela lo myalo ophefumulelwe: “Dumisa uJehova ngezinto zakho zenani elikhulu.”—IzAga 3:9.
2. IBhayibheli linikeza siphi isixwayiso ngezinto ezingasizi ngalutho, futhi sisebenza kanjani ngomqondo ongokoqobo?
2 Ngakolunye uhlangothi, iBhayibheli likhuluma nangezinto ezingasizi ngalutho futhi lisixwayisa ukuba singasisebenzisi kabi isikhathi namandla ethu siziphishekela. Kule ndaba, cabangela amazwi ezAga 12:11: “Olima umhlabathi wakhe uyokwaneliswa yisinkwa, kodwa ophishekela izinto ezingasizi ngalutho uswele inhliziyo.” Kulula ukubona indlela esisebenza ngayo lesi saga ngomqondo ongokoqobo. Uma indoda isebenzisa isikhathi namandla ayo izikhandla ukuze yondle umkhaya wayo, cishe uyolondeka ngezinga elithile. (1 Thim. 5:8) Kodwa uma isisebenzisa kabi leso sikhathi namandla iphishekela izinto ezingasizi ngalutho, ibonisa ukuthi ‘iswele inhliziyo,’ intula ukwahlulela nesisusa esihle. Kunamathuba amaningi okuba indoda enjalo izithole ihlupheka.
3. Isixwayiso seBhayibheli ngezinto ezingasizi ngalutho sisebenza kanjani ekukhulekeleni kwethu?
3 Nokho, kuthiwani uma sisebenzisa isimiso esikulesi saga ekukhulekeleni kwethu? Sibona lapho ukuthi umKristu okhonza uJehova ngenkuthalo nangokwethembeka ulondeka ngempela. Angaqiniseka ngesibusiso sikaNkulunkulu manje futhi abe nethemba eliqinile ngekusasa. (Math. 6:33; 1 Thim. 4:10) Nokho, umKristu ophazanyiswa izinto ezingasizi ngalutho ufaka ubuhlobo bakhe noJehova engozini futhi angase alahlekelwe ukuphila okuphakade. Singakugwema kanjani lokho? Kufanele sikwazi ukubona izinto “ezingasizi ngalutho” ekuphileni kwethu futhi sizimisele ukuzilahla.—Funda uThithu 2:11, 12.
4. Ngomqondo obanzi, ziyini izinto ezingasizi ngalutho?
4 Ziyini-ke izinto ezingasizi ngalutho? Ngomqondo obanzi, zingaba yinoma yini esithikamezayo ekukhonzeni uJehova ngomphefumulo wonke. Ngokwesibonelo, zingahlanganisa izinhlobo ezihlukahlukene zokuzilibazisa. Yiqiniso, ukuzilibazisa kufeza indima ethile. Kodwa lapho sichitha isikhathi esiningi kakhulu “sizijabulisa” sibe sidebeselela imisebenzi ehlobene nokukhulekela kwethu, ukuzilibazisa kuba yinto engasizi ngalutho, elimaza ingokomoya lethu. (UmSh. 2:24; 4:6) Ukuze agweme lokho, umKristu uhlakulela ukulinganisela, aqaphelisise indlela asebenzisa ngayo isikhathi sakhe esiyigugu. (Funda eyabaseKolose 4:5.) Nokho, kunezinto ezingasizi ngalutho eziyingozi kakhulu ngaphezu kokuzilibazisa. Phakathi kwazo kunonkulunkulu bamanga.
Yenqaba Onkulunkulu Abangasizi Ngalutho
5. Ngokuvamile iBhayibheli liyisebenzisa kanjani inkulumo ethi “-ngasizi ngalutho”?
5 Kuyathakazelisa ukuthi emavesini amaningi eBhayibheli okuvela kuwo inkulumo ethi “-ngasizi ngalutho,” kusuke kubhekiselwa konkulunkulu bamanga. Ngokwesibonelo, uJehova wathi ku-Israyeli: “Ningaphendukeli konkulunkulu abangasizi ngalutho, futhi akumelwe nizenzele onkulunkulu ababunjiwe. NginguJehova uNkulunkulu wenu.” (Lev. 19:4) INkosi uDavide yabhala: “UJehova mkhulu futhi kumelwe adunyiswe kakhulu, kumelwe esatshwe ngaphezu kwabo bonke abanye onkulunkulu. Ngoba bonke onkulunkulu bezizwe bangonkulunkulu abangasizi ngalutho. Kepha uJehova, wenza amazulu.”—1 IziKr. 16:25, 26.
6. Kungani onkulunkulu bamanga bengasizi ngalutho?
6 Njengoba uDavide abonisa, sizungezwe ubufakazi bobukhulu bukaJehova. (IHu. 139:14; 148:1-10) Yeka ilungelo ama-Israyeli ayenalo ngokuba sebuhlotsheni besivumelwano noJehova! Yeka indlela okwakuwubuwula ngayo ukumshiya nokukhothamela imifanekiso eqoshiwe nezinsika ezingcwele! Ezikhathini zobunzima, onkulunkulu bawo bamanga bazibonakalisa bengasizi ngalutho ngempela, bengenamandla okuzisindisa, ingasaphathwa eyokusindisa abakhulekeli babo.—AbaHl. 10:14, 15; Isaya 46:5-7.
7, 8. ‘INgcebo’ ingafana kanjani nonkulunkulu?
7 Emazweni amaningi namuhla, abantu basakhothamela izithombe ezenziwe abantu, futhi onkulunkulu abanjalo abasizi ngalutho namanje njengoba kwakunjalo nasendulo. (1 Joh. 5:21) Nokho, kunezinto ngaphandle kwezithombe iBhayibheli elizichaza ngokuthi zingonkulunkulu. Ngokwesibonelo, cabanga ngala mazwi kaJesu: “Akekho ongakhonza amakhosi amabili; ngoba uyozonda enye athande enye, noma anamathele kwenye, adelele enye. Anikwazi ukuba yizikhonzi zikaNkulunkulu nezeNgcebo.”—Math. 6:24.
8 ‘INgcebo’ ingafana kanjani nonkulunkulu? Ngokwesibonelo, cabanga ngetshe esigangeni kwa-Israyeli wasendulo. Lelo tshe lalingase lisetshenziswe ekwakheni indlu noma udonga. Ngakolunye uhlangothi, uma lalimiswa ‘njengensika engcwele’ noma “njengombukiso,” laliba isikhubekiso kubantu bakaJehova. (Lev. 26:1) Ngokufanayo, imali ifeza indima ethile. Siyayidinga ukuze siphile, futhi singayisebenzisa kahle enkonzweni kaJehova. (UmSh. 7:12; Luka 16:9) Kodwa uma siyiphishekela ngaphezu kwenkonzo yethu yobuKristu, empeleni iba unkulunkulu kithi. (Funda eyoku-1 Thimothewu 6:9, 10.) Kuleli zwe elinabantu abakubheka njengokubaluleke kakhulu ukuphishekela ingcebo, kufanele siqiniseke ukuthi sihlala sinombono onokulinganisela kule ndaba.—1 Thim. 6:17-19.
9, 10. (a) UmKristu uyibheka kanjani imfundo? (b) Iyini ingozi yemfundo ephakeme?
9 Imfundo yezwe ingesinye isibonelo sento ewusizo kodwa engase iphenduke into engasizi ngalutho. Sifuna abantwana bethu bathole imfundo enhle ukuze bakwazi ukuziphilisa. Okubaluleke nangaphezulu ukuthi umKristu othole imfundo enhle ukwazi kangcono ukufunda iBhayibheli aliqonde, acabangisise ngezinkinga futhi afike eziphethweni ezinengqondo. Uyakwazi nokufundisa amaqiniso eBhayibheli ngendlela ecacile nekholisayo. Ukuthola imfundo enhle kuthatha isikhathi, kodwa ngeke usikhalele leso sikhathi.
10 Nokho, kuthiwani ngemfundo ephakeme etholakala emakolishi nasemayunivesithi? Abaningi bayibheka njengeyisihluthulelo sempumelelo. Kodwa abaningi abayiphishekelayo bagcina benezingqondo ezigcwele inkulumo-ze eyingozi. Imfundo enjalo ichithela intsha iminyaka yobusha eyigugu ebingase iyisebenzise kangcono enkonzweni kaJehova. (UmSh. 12:1) Mhlawumbe akumangazi ukuthi bayingcosana kakhulu abantu abakholelwa kuNkulunkulu emazweni anabantu abaningi abanemfundo ephakeme. UmKristu uthembela kuJehova kunokuthembela ezikhungweni zemfundo ephakeme zaleli zwe ukuze alondeke.—IzAga 3:5.
Ungavumeli Isifiso Senyama Sibe Unkulunkulu
11, 12. Kungani uPawulu athi ngabathile: “Unkulunkulu wabo yisisu sabo”?
11 Encwadini ayibhalela abaseFilipi, umphostoli uPawulu ukhuluma nangokunye okungase kube unkulunkulu. Ekhuluma ngabathile ababengabakhulekeli kanye naye, uthi: “Kukhona abaningi, ngangivame ukukhuluma ngabo kaningi kodwa manje ngikhuluma ngabo nangezinyembezi, abahamba njengezitha zesigxobo sokuhlushwa sikaKristu, futhi isiphetho sabo siwukubhujiswa, unkulunkulu wabo yisisu sabo, . . . futhi izingqondo zabo zisezintweni zomhlaba.” (Fil. 3:18, 19) Isisu somuntu singaba kanjani unkulunkulu?
12 Kulaba bantu, kubonakala sengathi isifiso sokuzitika ngezifiso zenyama saba esibaluleke ngaphezu kokukhonza uJehova bekanye noPawulu. Kungenzeka ukuthi abanye babezitika ngokoqobo ngokudla noma ngokuphuza baze baminze noma badakwe. (IzAga 23:20, 21; qhathanisa noDuteronomi 21:18-21.) Kungenzeka ukuthi abanye bakhetha ukuwasebenzisa ngokugcwele amathuba ayekhona ekhulwini lokuqala, ngaleyo ndlela bathikamezeka ekukhonzeni uJehova. Kwangathi singelokothe sivumele isifiso salokho okubizwa ngokuthi ukuphila okumnandi sisibangele ukuba sinciphise intshiseko yethu ekukhonzeni uJehova ngomphefumulo wonke.—Kol. 3:23, 24.
13. (a) Kuyini ukuhaha, futhi uPawulu wakuchaza kanjani? (b) Singakugwema kanjani ukuhaha?
13 UPawulu wakhuluma ngokukhulekela kwamanga nakomunye umongo. Wabhala: “Ngakho-ke, bulalani amalungu emizimba yenu asemhlabeni ngokuqondene nobufebe, ukungcola, isifiso sobulili, isifiso esilimazayo, nokuhaha, okuwukukhonza izithombe.” (Kol. 3:5) Ukuhaha yisifiso esinamandla sokuba nento ethile esingenayo. Singafisa izinto ezibonakalayo. Singaba ngisho nanesifiso sobulili obungemthetho. (Eks. 20:17) Akusivuli yini amehlo ukucabanga ukuthi lezi zifiso zifana nokukhonza izithombe, ukukhulekela unkulunkulu wamanga? UJesu wakubonisa ngendlela enamandla ukubaluleka kokwenza konke okusemandleni ukulawula lezi zifiso ezingafanele.—Funda uMarku 9:47; 1 Joh. 2:16.
Qaphela Amazwi Angasizi Ngalutho
14, 15. (a) Iyiphi ‘into engasizi ngalutho’ eyakhubekisa abaningi osukwini lukaJeremiya? (b) Kungani amazwi kaMose ayewusizo?
14 Izinto ezingasizi ngalutho zingahlanganisa namazwi. Ngokwesibonelo, uJehova wathi kuJeremiya: “Abaprofethi baprofetha amanga egameni lami. Angibathumanga, futhi angizange ngibayale noma ngikhulume nabo. Baprofetha kini umbono wamanga nokubhula nento engasizi ngalutho nokukhohlisa kwenhliziyo yabo.” (Jer. 14:14) Labo baprofethi bamanga babethi bakhuluma egameni likaJehova, kodwa babekhuluma imiqondo yabo siqu, ukuhlakanipha kwabo siqu. Ngakho, amazwi abo ‘ayeyinto engasizi ngalutho.’ Ayeyize futhi ewusongo lwangempela ngokomoya. Ngo-607 B.C.E., abaningi abalalela lawo mazwi angasizi ngalutho basheshe bafa ngokubulawa amabutho aseBhabhiloni.
15 Ngokungafani nalawo mazwi, uMose wathi kuma-Israyeli: “Gxilisani izinhliziyo zenu kuwo wonke amazwi engiwakhuluma kini nginixwayisa namuhla . . . Ngoba akulona izwi elingasizi ngalutho kini, kodwa lisho ukuphila kwenu, futhi ngaleli zwi ningazandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuyolithatha.” (Dut. 32:46, 47) Yebo, amazwi kaMose ayephefumulelwe uNkulunkulu. Ngakho, ayewusizo, empeleni ebalulekile enhlalakahleni yesizwe. Abawalalela baphila isikhathi eside futhi bachuma. Kwangathi singawenqaba ngaso sonke isikhathi amazwi angasizi ngalutho, sinamathele emazwini eqiniso awusizo.
16. Sizibheka kanjani izinkulumo zososayensi ezingqubuzana neZwi likaNkulunkulu?
16 Siyazizwa yini izinto ezingasizi ngalutho namuhla? Yebo. Ngokwesibonelo, abanye ososayensi bathi imfundiso yokuziphendukela kwemvelo nokunye okuye kwatholwa isayensi kweminye imikhakha kubonisa ukuthi asisekho isidingo sokukholelwa kuNkulunkulu, futhi bathi zonke izinto zingachazwa ngezinqubo zemvelo. Kufanele yini sizikhathaze ngezinkulumo ezinjalo? Cha, akufanele! Ukuhlakanipha kwabantu kuhlukile kokukaNkulunkulu. (1 Kor. 2:6, 7) Nokho, siyazi ukuthi lapho izimfundiso zabantu zingqubuzana nalokho uNkulunkulu akwembulile, ngaso sonke isikhathi yizimfundiso zabantu ezisuke zinganembile. (Funda amaRoma 3:4.) Naphezu kwentuthuko yesayensi kweminye imikhakha, indlela iBhayibheli elikubheka ngayo ukuhlakanipha komuntu ihlale iyiqiniso: “Ukuhlakanipha kwaleli zwe kungubuwula kuNkulunkulu.” Ukuhlakanipha komuntu kuyize uma kuqhathaniswa nokuhlakanipha kukaNkulunkulu okungenamkhawulo.—1 Kor. 3:18-20.
17. Kufanele abhekwe kanjani amazwi abaholi beLobukholwa nawezihlubuki?
17 Abaholi benkolo beLobukholwa bangesinye isibonelo sabantu abakhuluma amazwi angasizi ngalutho. Bathi bakhuluma egameni likaNkulunkulu, kodwa izinto eziningi abazishoyo azisekelwe emiBhalweni, futhi empeleni ziyize. Izihlubuki nazo zikhuluma amazwi angasizi ngalutho, zithi zihlakaniphe ukudlula “inceku ethembekileyo neqondayo” emisiwe. (Math. 24:45-47) Kodwa zikhuluma ukuhlakanipha kwazo, futhi amazwi azo awasizi ngalutho, ayisikhubekiso kunoma ubani ongase awalalele. (Luka 17:1, 2) Singakugwema kanjani ukudukiswa yizo?
Indlela Yokwenqaba Amazwi Angasizi Ngalutho
18. Singasisebenzisa kanjani iseluleko esikweyoku-1 Johane 4:1?
18 Umphostoli uJohane owayesekhulile wanikeza iselulelo esihle ngale ndaba. (Funda eyoku-1 Johane 4:1.) Ngokuvumelana neseluleko sikaJohane, ngaso sonke isikhathi sikhuthaza labo esibathola emsebenzini wokushumayela ukuba bahlole lokho abaye bakufundiswa ngokukuqhathanisa neBhayibheli. Nathi kuhle senze okufanayo. Uma sizwa noma yini egxeka iqiniso noma ejivaza ibandla, abadala nanoma ibaphi abafowethu, akufanele sivele siyamukele. Kunalokho, kufanele sizibuze: “Ingabe umuntu osakaza le ndaba wenza ngokuvumelana nalokho okushiwo iBhayibheli? Ingabe lezo zindaba noma izinsolo zisekela injongo kaJehova? Ingabe zithuthukisa ukuthula kwebandla?” Noma yini esiyizwayo elimaza ubuzalwane kunokubakha iyinto eyize.—2 Kor. 13:10, 11.
19. Abadala baqinisekisa kanjani ukuthi amazwi abo akuwona angasizi ngalutho?
19 Ngokuqondene namazwi angasizi ngalutho, kunesifundo esibalulekile nabadala abasifundayo. Noma nini lapho kudingeka banikeze iseluleko, bahlale bekukhumbula ukulinganiselwa kwabo futhi abavele banikeze iseluleko ngokolwazi lwabo siqu. Ngaso sonke isikhathi kufanele babhekisele kulokho okushiwo iBhayibheli. Kunesiqondiso esihle esisemazwini omphostoli uPawulu: “Ungeqeli ngalé kwezinto ezilotshiwe.” (1 Kor. 4:6) Abadala abeqeli ngalé kwezinto ezilotshwe eBhayibhelini. Kanti futhi abeqeli ngalé kweseluleko esisekelwe eBhayibhelini esilotshwe ezincwadini zenceku ethembekileyo neqondayo.
20. Iziphi izindlela esisizwa ngazo ukuba senqabe izinto ezingasizi ngalutho?
20 Izinto ezingasizi ngalutho—kungaba “onkulunkulu,” amazwi noma okunye—ziyingozi kakhulu. Ngenxa yaleso sizathu, sithandaza njalo kuJehova ukuba asisize sikwazi ukuzibona, futhi sifuna isiqondiso sakhe sendlela esingazenqaba ngayo. Lapho senza kanjalo, empeleni sivumelana nomhubi owathi: “Yenza ukuba amehlo ami adlule angakuboni okungenanzuzo; ngilonde ngendlela yakho.” (IHu. 119:37) Esihlokweni esilandelayo, sizoxoxa ngokwengeziwe ngenzuzo yokwamukela isiqondiso sikaJehova.
Ungachaza?
• Ngomqondo obanzi, iziphi “izinto ezingasizi ngalutho” okufanele sizenqabe?
• Singakugwema kanjani ukuvumela imali ukuba ifane nonkulunkulu?
• Izifiso zenyama zingaba kanjani ukukhonza izithombe?
• Singawenqaba kanjani amazwi angasizi ngalutho?
[Isithombe ekhasini 3]
Ama-Israyeli akhuthazwa ukuba ‘alime umhlabathi wawo,’ angaphishekeli izinto ezingasizi ngalutho
[Isithombe ekhasini 5]
Ungavumeli isifiso sokuba nezinto ezibonakalayo sikwenze unciphise intshiseko yakho enkonzweni kaJehova
[Isithombe ekhasini 6]
Amazwi abadala angaba usizo olukhulu