“Ukumesaba UJehova—Lokho Ngukuhlakanipha”
“ISIPHETHO sendaba, njengoba sekuzwakele konke, yilesi: Mesabe uNkulunkulu weqiniso ugcine imiyalo yakhe. Ngoba lokhu kuyiso sonke isibopho somuntu.” (UmShumayeli 12:13) Yeka ukuthi inkosi yakwa-Israyeli wasendulo, uSolomoni, iphefumulelwe uNkulunkulu yayiphetha ngamazwi anamandla kangakanani incwadi yayo! Inzalamizi uJobe nayo yakuqonda ukubaluleka kokwesaba uNkulunkulu, ngoba yathi: “Bheka! Ukumesaba uJehova—lokho ngukuhlakanipha, nokubalekela okubi kuwukuqonda.”—Jobe 28:28.
IBhayibheli ligcizelela kakhulu ukubaluleka kokwesaba uJehova. Kungani kuyinkambo yokuhlakanipha ukuhlakulela ukwesaba uNkulunkulu okunenhlonipho? Ukwesaba uNkulunkulu kusizuzisa ngayiphi indlela—thina ngabanye nanjengeqembu labakhulekeli beqiniso? Amavesi 26 kuya ku-35 ezAga isahluko 14 ayayiphendula le mibuzo.a
Umthombo ‘Wokuqiniseka Okukhulu’
“Kukhona ukuqiniseka okukhulu ekwesabeni uJehova,” kusho uSolomoni, “futhi amadodana akhe ayoba nesiphephelo.” (IzAga 14:26) Umuntu owesaba uNkulunkulu wethembela kuphela kuJehova, uNkulunkulu onguMninimandla onke futhi oqotho. Akumangalisi ukuthi kungani umuntu onjalo ebheka isikhathi esizayo ngokuqiniseka okukhulu! Unekusasa elingapheli nelibusisekile.
Nokho, kuthiwani ngekusasa lalabo ababeka ithemba labo ezweni—emacebweni alo, ezinhlanganweni zalo, emibonweni yalo nasezintweni zalo? Noma iliphi ikusasa abathemba ukuba nalo lingelesikhashana, ngoba iBhayibheli lithi: “Izwe liyadlula, kanjalo nesifiso salo, kodwa lowo owenza intando kaNkulunkulu uhlala kuze kube phakade.” (1 Johane 2:17) Khona-ke, sikhona yini isizathu sokuba thina ‘silithande izwe noma izinto ezisezweni’?—1 Johane 2:15.
Iziphi izinyathelo abazali abesaba uNkulunkulu abangazithatha ukuze baqiniseke ukuthi izingane zabo ‘zizoba nesiphephelo’? Umhubi wahlabelela: “Wozani, nina madodana, ngilaleleni; ngizonifundisa ukumesaba uJehova.” (IHubo 34:11) Lapho izingane zifundiswa ukwesaba uNkulunkulu ngamazwi nangesibonelo, cishe ziyokhula zibe amadoda nabesifazane abaqiniseka ngokuqinile ngoJehova.—IzAga 22:6.
“Ukwesaba uJehova kungumthombo wokuphila,” kuqhubeka uSolomoni, “ukuphambuka ezingibeni zokufa.” (IzAga 14:27) Ukwesaba uJehova “kungumthombo wokuphila” ngoba uNkulunkulu weqiniso ‘ungumthombo wamanzi aphilayo.’ (Jeremiya 2:13) Ukungenisa ulwazi ngoJehova nangoJesu Kristu kungasho ukuphila okuphakade kithi. (Johane 17:3) Ukwesaba uNkulunkulu kubuye kusiphambukise ezingibeni zokufa. Kanjani? IzAga 13:14 zithi: “Umthetho wohlakaniphileyo ungumthombo wokuphila, ukuba asuke ezingibeni zokufa.” Lapho sesaba uJehova, silalele umthetho wakhe, futhi sivumele iZwi lakhe ukuba liqondise izinyathelo zethu, asivikelwa yini emikhutsheni elimazayo nasemizwelweni engenza ukuba usheshe ufe?
‘Ukuhloba Kwenkosi’
Phakathi nengxenye enkulu yokubusa kwakhe, uSolomoni wayeyinkosi eyesaba uNkulunkulu eyalalela uJehova. Lokho kwamenza wabusa ngokuphumelelayo. Kubonakala kanjani ukuthi inkosi ibusa kahle? IzAga 14:28 ziyaphendula: “Ngobuningi babantu inkosi iyahloba, kodwa lapho kuntuleka abantu isikhulu esiphakeme siyachitheka.” Ukuphumelela kwenkosi kubonakala ngenhlalakahle yezikhonzi zayo. Uma iningi lifisa ukuqhubeka libuswa yiyona, lokho kubonisa ukuthi ingumbusi omuhle. USolomoni waba “nezikhonzi kusukela olwandle [oluBomvu] kuze kube solwandle [iMedithera] kusukela eMfuleni [i-Ewufrathe] kuze ube semikhawulweni yomhlaba.” (IHubo 72:6-8) Ukubusa kwakhe kwaba nokuthula nokulondeka okwakungakaze kube khona ngaphambili. (1 AmaKhosi 4:24, 25) Ukubusa kukaSolomoni kwaba impumelelo. Ngakolunye uhlangothi, kuyihlazo uma isikhulu singasekelwa umphakathi.
Kule ndaba, kungathiwani ngenkazimulo kaSolomoni Omkhulu, iNkosi enguMesiya, uJesu Kristu? Cabanga ngezikhonzi anazo kwamanje. Kusukela komunye umkhawulo womhlaba kuye komunye, kunamadoda nabesifazane abesaba uNkulunkulu abangaphezu kwezigidi eziyisithupha kakade asebekhethe ukuphila ngaphansi kokubusa kukaKristu. Banokholo kuJesu futhi bamunye ekukhulekeleni kweqiniso kukaNkulunkulu ophilayo. (Johane 14:1) Ngasekupheleni kokuBusa Kweminyaka Eyinkulungwane, bonke abasenkumbulweni kaNkulunkulu bayobe sebevusiwe. Ngaleso sikhathi umhlaba oyipharadesi uyogcwala abantu abalungile, abajabulayo abaye bazibonisa beyijabulela iNkosi yabo. Yeka ukuthi lokho kuyoba ubufakazi obuhle kanjani bokuphumelela kokubusa kukaKristu! Masibambelele ngokuqinile ethembeni lethu elihle loMbuso.
Izinzuzo Ezingokomoya Nezingokwenyama
Ukwesaba uNkulunkulu okunenhlonipho kungasenza sibe nenhliziyo ezolile nomoya onokuthula. Lokhu kuba njalo ngoba izici eziningi zokuhlakanipha zihlanganisa ikhono elihle lokwahlulela nokuqonda. IzAga 14:29 zithi: “Owephuzayo ukuthukuthela ugcwele ukuqonda, kodwa ongenaso isineke uphakamisa ubuwula.” Ukuqonda kusisiza ukuba siqaphele ukuthi intukuthelo engalawulwa ilimaza ingokomoya lethu. “Ubutha, ukuxabana, umhawu, isifuthefuthe sentukuthelo, imibango” kubalwa phakathi kwemisebenzi engasivimbela ukuba ‘sizuze ifa loMbuso kaNkulunkulu.’ (Galathiya 5:19-21) Selulekwa ukuba sigweme ukufukamela intukuthelo ngisho nefanele. (Efesu 4:26, 27) Futhi ukungabi nesineke kungaholela enkulumweni yobuwula nasesenzweni esingazisola ngaso kamuva.
Ikhuluma ngemiphumela emibi engokwenyama yentukuthelo, inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Inhliziyo ezolile ingukuphila komzimba, kodwa umhawu ungukubola emathanjeni.” (IzAga 14:30) Izifo ezibangelwa intukuthelo nolaka zihlanganisa izinkinga zokuphefumula, umfutho ophakeme wegazi, izinkinga zesibindi nokulimala kwamanyikwe (pancreas). Odokotela babala intukuthelo nolaka njengemizwelo ekhulisa noma ngisho ebangela izifo ezinjengezilonda emathunjini, umqubuko, isifuba somoya, izifo zesikhumba nezinkinga zokugaya ukudla. Ngakolunye uhlangothi, “inhliziyo enokuthula inika umzimba impilo.” (IzAga 14:30, New International Version) Ngakho-ke, siyobe sihlakaniphile uma ‘siphishekela izinto ezibangela ukuthula nezinto ezakhayo komunye nomunye.’—Roma 14:19.
Ukwesaba UNkulunkulu Kusisiza Ukuba Singakhethi
“Ophamba ophansi uhlambalaze uMenzi wakhe,” kusho uSolomoni, “kodwa obonisa umusa kompofu uyamkhazimulisa [uMenzi wakhe].” (IzAga 14:31) Umuntu owesaba uNkulunkulu uyaqaphela ukuthi bonke abantu banoMenzi oyedwa, uJehova uNkulunkulu. Ngakho-ke, ophansi ungumuntu njengawe, futhi indlela aphathwa ngayo iyazwela kuMdali wesintu. Ukuze sikhazimulise uNkulunkulu, kumelwe singenzeleli futhi singakhethi lapho sisebenzelana nabanye. UmKristu ompofu kufanele athole ukunakwa okungokomoya angabandlululwa. Kumelwe siyise izindaba ezinhle zoMbuso kaNkulunkulu kwabampofu nakwabacebile ngendlela efanayo.
Ikhuluma ngenye futhi inzuzo yokwesaba uNkulunkulu, inkosi ehlakaniphile ithi: “Ngenxa yobubi bakhe omubi uyowiswa phansi, kodwa olungileyo uyothola isiphephelo ebuqothweni bakhe.” (IzAga 14:32) Omubi uwiswa kanjani phansi? Abanye baye basikisela ukuthi kusho ukuthi akabi nalo nhlobo ithuba lokululama lapho ehlelwa inhlekelele. Ngakolunye uhlangothi, lapho efikelwa ubunzima, umuntu owesaba uNkulunkulu uphephela ebuqothweni bakhe kuNkulunkulu. Njengoba ethembela ngokuphelele kuJehova kuze kube sekufeni, ubonisa ukuzimisela okufana nokukaJobe, owathi: “Ngeke ngiziphuce ubuqotho bami ngize ngiphangalale!”—Jobe 27:5.
Kudingeka ukwesaba uNkulunkulu nokuhlakanipha ukuze umuntu alondoloze ubuqotho. Kungatholakalaphi-ke ukuhlakanipha? IzAga 14:33 ziyaphendula: “Enhliziyweni yonokuqonda kuhlala ukuhlakanipha, abayiziphukuphuku benza kwaziwe.” Yebo, ukuhlakanipha kungatholakala enhliziyweni yomuntu onokuqonda. Nokho, abayiziphukuphuku bakwenza kanjani ukuba kwaziwe? Ngokwenye incwadi okubhekiselwa kuyo, “elangazelela ukubonakala ehlakaniphile, oyisiphukuphuku uphafuza lokho acabanga ukuthi kuwukuhlakanipha kodwa lapho enza lokhu uyakuguqula kube ubuwula.”
“Kuphakamisa Isizwe”
Isusa ukunaka kwethu endleleni ukwesaba uNkulunkulu okumthinta ngayo umuntu ikuphendulela endleleni okuthinta ngayo isizwe sisonke, inkosi yakwa-Israyeli ithi: “Ukulunga yikho okuphakamisa isizwe, kodwa isono siyinto eyichilo emaqenjini ezizwe.” (IzAga 14:34) Yeka ukuthi lesi simiso sabonakaliswa kanjani esizweni sakwa-Israyeli! Ukunamathela ezindinganisweni zikaNkulunkulu eziphakeme kwaholela ekuphakanyisweni kuka-Israyeli ngaphezu kwezizwe ezazimzungezile. Nokho, izenzo eziphindaphindiwe zokungalaleli zaholela ehlazweni futhi ekugcineni zaholela ekubeni uJehova amlahle u-Israyeli. Lesi simiso siyasebenza kubantu bakaNkulunkulu namuhla. Ibandla lobuKristu lihlukile ezweni ngoba linamathela ezimisweni zikaNkulunkulu zokulunga. Ukuze silondoloze lokho kuma okuphakeme, kumelwe thina ngabanye siphile ukuphila okumsulwa. Ukusenza umkhuba isono kumane kulethe ihlazo kithi ngabanye nesihlamba ebandleni nakuNkulunkulu.
Eveza ukuthi yini ethokozisa inkosi, uSolomoni uthi: “Inkosi ijabula ngenceku eyenza ngokuqondisisa, kodwa ukufutheka kwayo kuba kuleyo eyenza ngokuhlazisayo.” (IzAga 14:35) Futhi izAga 16:13 zithi: “Izindebe zokulunga ziyinjabulo enkosini enkulu; futhi iyamthanda okhuluma izinto eziqondile.” Yebo, uMholi wethu neNkosi yethu, uJesu Kristu, uyajabula kakhulu lapho senza ngokulunga nangokuqondisisa nalapho sisebenzisa izindebe zethu emsebenzini wokushumayela ngoMbuso nowokwenza abafundi. Ngakho-ke, masihlale simatasa kulowo msebenzi njengoba sijabulela izibusiso ezilethwa ukwesaba uNkulunkulu weqiniso.
[Umbhalo waphansi]
a Ukuze uthole ingxoxo yezAga 14:1-25, bheka INqabayokulinda ka-November 15, 2004, amakhasi 26-9, neka-July 15, 2005, amakhasi 17-20.
[Isithombe ekhasini 15]
Umuntu angafundiswa ukwesaba uNkulunkulu